umlobi nomthengisi wezincwadi ujoyce meyer, kufi kela ......ngokudideka. ngafunda kakhulu ngoku...

31
JOYCE MEYER Yini, Nkulunkulu, Yini? Yini, Nkulunkulu, Yini? Ungakhululwa Kanjani Ekudidekeni

Upload: others

Post on 28-Jan-2020

6 views

Category:

Documents


0 download

TRANSCRIPT

Page 1: umlobi nomthengisi wezincwadi uJOYCE MEYER, kufi kela ......ngokudideka. Ngafunda kakhulu ngoku zihlukanisela ngesikhati esindlulile, futhi ngazi ukuthi ukudideka kubacindezela kanjani

JOYCEMEYER

Yini,Nkulunkulu,

Yini?

Yini,Nkulunkulu,

Yini?

Valelisa

Ekudidekeni...

Ubulise Kunjabulo!

Ingaba udidekile? Ikhona yini na okwenzakayo empilweni yakho ongakuqondi? Ingaba uyazibuza ukuthi kangani impilo yakho ingendlela ingayo na? Ingaba uzithola uzibuza, “Yini, Nkulunkulu, Yini?” Wona lombuzo ukhe wahlupha umlobi nomthengisi wezincwadi uJOYCE MEYER, kufi kela athole ukuthi ukumela impendulo kuntshontshe ukuthula kwakhe kanye nenjabulo yakhe. Nawe ungakuphelisa ukudideka… ulethe ukujabula empilweni yakho. Ithi uJOYCE MEYER akubonise njani na:

• Phelisa ubugqili bokuzama ukuzenzela izinto • Zifundise ukuthembela kuNkulnkulu othembekile• Yekela ukuzikhathaza ngezolo noma ikusasa• Khulula ingqondo yakho kwimigibe yenyama futhi uyifundise

ukucabanga ngokukamoya.

Uma ubuza “Yini, Nkulunkulu, Yini?” ubuza umbuzo ongenguwo. Lencawdi ibalulekileyo izokunceda ukuthi ufumane indlela eya kuNkulunkulu… futhi ujabulele impilo ukudlula ngaphambili!

Ungakhululwa Kanjani Ekudidekeni

Page 2: umlobi nomthengisi wezincwadi uJOYCE MEYER, kufi kela ......ngokudideka. Ngafunda kakhulu ngoku zihlukanisela ngesikhati esindlulile, futhi ngazi ukuthi ukudideka kubacindezela kanjani

Unless otherwise indicated, all Scripture quotations are taken from THE AMPLIFIED BIBLE: Old Testament.

Copyright © 1962, 1964 by Zondervan Publishing House (used by permission); THE KING JAMES VERSION; and from

THE AMPLIFIED NEW TESTAMENT Copyright © 1958 by the Lockman Foundation

(used by permission).

Copyright © 2014 by Joyce Meyer Ministries – South Africa

All rights reserved. No part of this publication may be reproduced, distributed, or transmitted in any form or by any means, or stored in a database or retrieval system, without the prior written

permission of Joyce Meyer Ministries – South Africa.

Joyce Meyer Ministries – South AfricaPO Box 5, Cape Town, 8000

Phone: +27 (0) 21 701 1056Website: www.joycemeyer.org

Go to tv.joycemeyer.org to watch Joyce’s messages in a variety of languages

Why God Why? - ZuluNot For Resale

Page 3: umlobi nomthengisi wezincwadi uJOYCE MEYER, kufi kela ......ngokudideka. Ngafunda kakhulu ngoku zihlukanisela ngesikhati esindlulile, futhi ngazi ukuthi ukudideka kubacindezela kanjani

Okuqukethwe

Isingeniso 4

1. Kubangwa Yini Ukudideka? 5

2. Ukukhululeka “Emqondweni” 8

3. Injongo Yo Kholo 10

4. Umusa Uza Ngesikhathi Sinye Osukwini 12

5. Uma Kuphela 15

6. Uzothini Uma 18

7. Ungaholwa Yikhanda Lakho 21

8. “Ukucabanga” Kubanga Ukukhohliseka 25

9. Ukudideka Kuntshontsha Ukujabula Kwakho 28

Umkhuleko Wensindiso 30

Ngoko Mlobi 31

Page 4: umlobi nomthengisi wezincwadi uJOYCE MEYER, kufi kela ......ngokudideka. Ngafunda kakhulu ngoku zihlukanisela ngesikhati esindlulile, futhi ngazi ukuthi ukudideka kubacindezela kanjani

4

IsIngenIsO

uJohane 10:10 uthi, isela lizele, kweba, nokubulala kanye nokubhubhisa, Mina ngizele ukuthi nibe nokuphila okuchichimayo.

uSathane angathanda ukuthi akukhohlise ukuthi ungajabuli futhi ke, akuvimbele ukuthi ungajabuleli impilo. Kodwa ngikhulekela ukuthi lencwadi ize ikusize ufunde ukuthi “uvumele uNkulunkulu abe nguNkulunkulu” empilweni yakho, ukuthi ujabulele ukuthula nenjabulo oechichimayo lelo uJesu owafa ukuthi ube nako konke.

Page 5: umlobi nomthengisi wezincwadi uJOYCE MEYER, kufi kela ......ngokudideka. Ngafunda kakhulu ngoku zihlukanisela ngesikhati esindlulile, futhi ngazi ukuthi ukudideka kubacindezela kanjani

5

1

kubangwa YInI ukudIdeka?Ingabe wena udidekile na? Kukhona okuthize okwenzekayo empilweni yakho okwamanje ongaku tholisisi kahle? Mhlawumbe kungaba ngokwendlulele, ongakuzwisisi yini indaba impilo yakho injenge yowebe injabulo. Ungasho ukuthi “Yini indaba Nkulunkulu ngami? Yini izinto zingimele kanjena na? Yinindaba zingifulathele ziphume endleleni njengoba ziphumile na? Angizwisisi!”

Ngaqala ukuqonda ukuthi abantu abaningi bahlupheka kakhulu ngokudideka. Ngafunda kakhulu ngoku zihlukanisela ngesikhati esindlulile, futhi ngazi ukuthi ukudideka kubacindezela kanjani abantu, ngacabanga ukuthi abantu badideka kanjani nokuthi bangenze njani ukuvikela loko.

Ngobusuku obubodwa mgangibambe umhlangano e-Kansas City, abantu babelinganiselelwa emakhulwini amthathu labo babeze kulomthandazo. Ngazizwa ngiholeleka ukuthi ngibabuze ukuthi ngabangaki abadidekile na okwamanje ngezizathu ezithile ezimpilweni zabo. Ngokuthuka kwami ngabona ngabona abntu ababili kuphela abangaphakamisanga izandla zabo futhi omunye wabo bekuyindoda yami.

Uma ngabe ngibone kahle, okusho ukuthi 298 ku 300 wabantu babedidekile. Lokho kuyi 99.3 percent. Njengoba ngiqala ukubheka izixuku ezehlukene zabantu ngakuthola kuyicala lokhu noma yikuphi.

Page 6: umlobi nomthengisi wezincwadi uJOYCE MEYER, kufi kela ......ngokudideka. Ngafunda kakhulu ngoku zihlukanisela ngesikhati esindlulile, futhi ngazi ukuthi ukudideka kubacindezela kanjani

6

Inzuzo ngekhulu babengafani noma izinhlobonhlobo ngempela kodwa bebephezulu njalo.

Njengoba bengicabanga ngaze ngacela uNkulnkulu ukuthi angikhombise okwenza abantu badideke, wathi, “Batshele bayekele ukulingisela yonke into ngaphandle, ngalokho bayophuma ekudidekeni kwabo.” Manje ngabona ngempela ukuthi yini ngingasadideki futhi. Ngisenezinto eziningi empilweni yami lezo engingazizwisisi, kodw kukhona umehluko omekhulu manje. uNkulunklu wangikhulula ekuzameni ikulinganisela zonke izinto ngendlela yami. uNkulunkulu wangikhulula ekuphikisaneni nengqondo yesibili “ingqondo yesibili” leyo KwabaseKorinte II 10:5 akhuluma ngayo, ngako-ke angeke ngisaphinda ukuzama ukufananisa izinto empilweni yami lezo engingazibonisisi kahle.

Kucishe kwazakala kulual kakhulu, angithi? Kodwa kukhona inkululeko enkulu ukusukela encindezelweni yokudideka ngokwala ukulingwa ngokulinganisa izinto. Uma wungema ucabange kahle ngayo, ingaba konke okwenzayo endaweni kubizwa ngokuthiwa ngumqondo omuhle. Ingqondo ingukuhlupheka kwabasehlathini lapho impi yethu naSathane ingokuqonda ukunqoba. “U-Nkulunkulu akuyena umlobi wokudideka” (1 Cor. 14:33) kodwa uSathane huyena owenza lokho. Usathane usinikeza umqondo wokuthi singaboni ukuthi akekho endleleni nezwi lika-Nkulunkulu. Kwabase Korinte 2 10:4-5 uthi, kunezinto ezingasicabangisa ukuthi sidinga ukukhipha ngendlela efanele ukuze sinqobe impi esiyicabangayo. Isahluko sithi:

“Ngokuba izikhali zethu akusizona zokulwa nenyama negazi, Kodwa zinamandla phambi koNkulunkulu ukuchitha izido nako konke okudelileyo. Noku bona inkulumo ezingezizo nokwazi kanye nokuqonda nakho konke ukuziphakamisayo nokwazi kukaNkulunkulu; futhi siholela yonke imicamango ekuzithobeni kukuKristu.” Kwabasekorinte II 10:4, 5.

Uma iZwi lisifundisa ukuthi singazami ukulinganisa izinto, ngakhoke sidinga ukuba sihloniphe. Futhi uma ukuphikisana kuza ngakithi, kumele silethe imiqondo yethu ukulalela uKristu. Lombhalo uthi sisempini, futhi impi isengqondweni yethu. uSathane uhlasela iziqondo zethu.

Page 7: umlobi nomthengisi wezincwadi uJOYCE MEYER, kufi kela ......ngokudideka. Ngafunda kakhulu ngoku zihlukanisela ngesikhati esindlulile, futhi ngazi ukuthi ukudideka kubacindezela kanjani

7

Ngokusho kwezibhalo, kufanele silwisana naye nomcabango. Wakhe wacabanga yini ngokungelona iqiniso nanoma ukubona imifanekiso noma izinto ezithile esibukweni somqondo wakho lokho bewazi ukuthi akuyiqiniso? Isiboniso esibonwa ngenhlobonhlobo zamacebo, noma imibono ngokulungisa izinkinga zakho, ingqondo ihlolisisa jikelele ukuzama ukuthola impendulo leyo eshiwoyo uNkulunkulu kuphela.

Ukuphinda asitheni ukudideka kubanga ukubalisa ngokufuna iziimpendulo esimeni ezibonwa nguNkulunkulu kuphela futhi akazitsheli muntu.

Page 8: umlobi nomthengisi wezincwadi uJOYCE MEYER, kufi kela ......ngokudideka. Ngafunda kakhulu ngoku zihlukanisela ngesikhati esindlulile, futhi ngazi ukuthi ukudideka kubacindezela kanjani

8

2

ukukhululeka “emqOndwenI” Okokuqala, kufanele uzwisise uhlobo lwengqondo obewunalo ngaphambilini ungajabula ngempela ngokukhululwa kwakho empikiswaneni.

Ngaphambili empilweni ngacabanga ukuthi akekho noyedwa ozokumela futhi nozokunakekela omunye, futhi bekungu vikeleka kanye nokuhlakanipha okuhle. Ngahlanganisa leso sibalo esincane engazicelela okuhle, ebengikufuna ngoba bengingafuni ukukoloda noma yini komunye. Ngacabanga ukuthi ngosizo oluncane engilucelayo, lwalungcono ngoba angekhe ngikolode muntu lutho. Besengikhathele ngokulimala futhi ngicabanga ukuthi lenhlobo yokusondezwa ingangivikela ezinhlungwini.

Yebo, ngempela, bengingenzanga kahle; kodwa lokho kwangithatha isikhathi eside ukuthi ngikubone nokuthi ngiphinde ngivumelane nakho. Ngaqeda lominyaka ngikhathazekile, ngisempikisanweni, ngizama, ngibona emqondweni, ngicabanga, ngikhathazeka, ngithukuthele njalo njalo iqubela phambili. Uma sizimela thina ngokwethu kubanzima ukuthi sithembe uNkulunkulu nanoma ngubani na.

uNkulunkulu ufuna sithembele kuYena, hayi sithembele ngaYe nokuthi sithembe thina. Ngokuthembela kuJesu Kristu, kulapho uzokwazi ukukhulula izinto ongazizwisisi kuyena, wazi ukuthi uyazi, uma isikhathi silungile, uzokubonisa zona.

Page 9: umlobi nomthengisi wezincwadi uJOYCE MEYER, kufi kela ......ngokudideka. Ngafunda kakhulu ngoku zihlukanisela ngesikhati esindlulile, futhi ngazi ukuthi ukudideka kubacindezela kanjani

9

1 uJoyce unencwadi ekhoyo kwisikhathi sikaNkukunkulu ebizwa Nini, Nkulunkulu, Nini?

Ungadidi lesimo ngokuvuma iznto ungangabazi.

Akufuneki ukuthi singabaze, kakhulu uma sikhuluma ngezenkolo. Uma kunento enzekayo empilweni yakho kuwe noma kumngani ongayizwisisi ngempela ukuthi kwenzenjani nokuthi kungani, kufuneka uqale ngomthandazo. Cela umoya oyingcwele akunikeze inhlakanipho, akufundise, akuphe ukukhanya akulethele neyiboniso, Linda aze enze njalo, wazi ukuthi ngesikhathi sikaNkulunkulu uzokunikeza ukudonda.¹ Nangabe imibuzo ivela enhliziyweni yakho, ungacabanga ngayo okwesikhashana, kodwa emva kwesikhathi uzizwa udidekile, bonga uNkulunkulu ngokuthi unempendulo, mtshele ukuthi wanelisekile ngokwazi ukthi uyayazi impendulo, phinda umtshele ukuthi uyamethemba gokuthi uzokutshela uma isikhathi sakhe sesifikile.

Angekhe ukhululeke ekudidekeni –uma ungathathi ngokwakho loku ngikutshela khona. Loku ngikushoyo, uma ungazi, ukukholwa.

Page 10: umlobi nomthengisi wezincwadi uJOYCE MEYER, kufi kela ......ngokudideka. Ngafunda kakhulu ngoku zihlukanisela ngesikhati esindlulile, futhi ngazi ukuthi ukudideka kubacindezela kanjani

10

3

InjOngO YO khOlO

Singathi Singathi inkolo yimfundiso noma indlela esiyifumana ku Nkulunkulu. Kwabase-Efisi 2:8, 9 siyabona ukhuthi kungomusa nenkolo ukuthi sisindisiwe. kumaHebheru 11:1 ithi, “Inkolo kukwethemba... okwezinto esizithembele, iyibufakazi bezinto esingaziboni.” Singachaza inkolo ngendlela ezihlukene, kodwa ngikholelwa endleleni elula yokujonga inkolo, noma siyivavanya nokusebenza ngokwenkolo, “kukuthi inkolo inesimo.”

Ukukholelwa enkolweni kusilethela ukukhululeka. Aba-Hebheru 4:3 ithi labo abakholelwe ku Nkulunkulu bayangena embusweni wakhe. kumaHebheru 4 lowo ongenile embusweni kaNkulunkulu (khumbula, inkolo humnyango wokungena ekuphumleni) ukuphumzile emkhathalweni nentlungu kanye nasemisebenzi yabantu.” (Ivesi 10). Ukuchaza humsebenzi futhi kukukhokhela ekudidekeni, hayi ekukhululekeni.

Imisebenzi yenkolo ithi ngizomkhathalela ngoba uyangikhathalela. (Petro I 5:7) ithi, angifanelanga ukwazi nokuzwisisa yonke into eyenzekayo. Nginelisekile ukwazi Yena loyo owaziyo! (Imizwa yombhali).

Chitha isikhathi sakho ngokumazi kunukuba uzame ukwazi ukthi wenzani na.

Imisebenzi yenkolo ayikhathazi, noma ukuzikhathaz ngekusasa ngoba inkolo yona iyazwisisa ukuthi fanele iye kuphi, nakulezo esingazazi

Page 11: umlobi nomthengisi wezincwadi uJOYCE MEYER, kufi kela ......ngokudideka. Ngafunda kakhulu ngoku zihlukanisela ngesikhati esindlulile, futhi ngazi ukuthi ukudideka kubacindezela kanjani

11

zekusasa, ukuthi uJesu sekafikile lapho. Khumbula, Bekuhuyena, Huyena futhi kusazobz Huyena lo oseza. Ube lapho phambi kokusungulwa kwehlabathi. Usizile ekwakheni. Ukwaze phambi kokuzalwa kwakho. Ukwakhe ngezandla zakhe esiswini sikamama wakho. Bekangekho phela ekuqale kepha Uyisiqalo, Isiqalo.

Kuthiwani ngesiphelo? Wenza izinto bese uyaziyekela kanjalo? Cha! Uzokuqeda lokho akuqalile. (Hebheru 12:2, Filipi 1:6). Uzobakhona esiphelweni. Uyisiphelo, Isiphelo. Ngithanda ukuyibeka ngalendlela, “Akasona iSiqalo neSiphelo kuphela, iSiqalo neSiphelo, kodwa uyinto yonke ngaphakathi.”

Hasithi uJesu uzohlala isikhathi eside, nginekusasa eliningi elisele, nawe kanjalo, ngiyajabula futhi ngiyakhululeka ukuthi noma ikusasa lingiphatheleni, Ubamba ikusasa nami esandleni Sakhe. (Isaya 49:16).

Inkolo iphila kanye ngosuku.

Page 12: umlobi nomthengisi wezincwadi uJOYCE MEYER, kufi kela ......ngokudideka. Ngafunda kakhulu ngoku zihlukanisela ngesikhati esindlulile, futhi ngazi ukuthi ukudideka kubacindezela kanjani

12

4

umusa uza ngesIkhathI sInYe OsukwInI

“Ukuphikisana” kukubophela esikhathini esidlule noma kuzame ukukusunduzela kwisikhathi esizayo. Khumbula, Ibhayibheli lithi, “Manje inkolo yiyo” (Kumahebheru 11:1). Uma uzama ukuphila esikhathini esadlula, impilo izoba nzima. Akazibizanga “Omkhululu engangihu Yena.” Uma uzama ukuphila kwisikhathi esiseza noma uzama ukwazi ukuthi kuzokwenzekani kusasa, impilo izoba nzima. Akazibizanga “Omkhulu engizoba huYena.” Kodwa uma uzophila kanye ngosuku, lelilanga, ilanga okulo manje, impilo izoba lula kakhulu. Ukushilo lokhu “NGIHU YENA” (Eksodus 3:14). Manje inkolo yiyo. Wathi kubafundi bakhe kwimvula enkulu, “Kungani nithukile? Yibani nesibindi. NGIHU YENA!” (Mathewu. 14:27, imizwa yombhali.) Uyayithola? uJesu bekathi “NGIHU YENA” ngizele wena khona manje, uma “NGIHU YENA,” yonke into izolunga. Phila namuhla! Ukukhathazeka ngelanga elidlule noma elizayo kutshontsha ilanga lanamuhla. Unikezwe umusa namuhla. Umusa wakusasa ngeke ufike kufikela kusasa, futhi umusa welanga elidlule usebenze wonke. Umhawu wukuvumela, umusa wamandla woMoya oyiNgcwele ukuthi akusize ukwenza noma yini ofuna ukuyenza. Kodwa ngekhe sithole umhawu phambi kwesikhati bese siyawubeka, ukusho kanjalo.

Khumbula uIsayeli lapho esehlane na? Lapho uNkulunkulu wabanikeza

Page 13: umlobi nomthengisi wezincwadi uJOYCE MEYER, kufi kela ......ngokudideka. Ngafunda kakhulu ngoku zihlukanisela ngesikhati esindlulile, futhi ngazi ukuthi ukudideka kubacindezela kanjani

13

ukudla kwabo ngosuku okuvela ezulwini. Bebekubiza ukuthi “imana.” Njengathi, babefuna ukwenza isiqiniseko sokuthi banakho okwanele kwanamuhhla nakusasa. Babefuna ikusasa linakekelwe makungenzeka ukuthi uNkulunkulu abakhohlwe kusasa, kodwa uNkulunkulu wabanqabela ukuthi bathathe okuningi okudlula loko bakudingayo ngosuku olunye, ngaphandle kosuku lweSabatha. Futhi uma bethathe okuningi okudlula lokho bakudingayo ukuphila ngako ngosuku olulodwa, loko okudluliseleyo bekubola.

Yema ucabange okwesikhashana. Unamandla lomboniso ukuthi singawenza namuhla. Uma uphikisana, ukhathezeka futhi ubonisa ukukhathezeka, uzama ukuzibekela imana yakusasa? uBaba wakho osezulwini ufuna ukuthi uthebe Yena ngekusasa. Izaga 3:5 ithi themba eNkosini ngenhliziyo yakho yonke nenqondo (imicabango) futhi ungaciki kokwakho ukuqonda.

Ngike ngafunda lomfanekiso. Amadoda abbili abesejele ngokufakaza ngoJesu Kristu. Bekumele ukuthi bashiswe ekuseni okulandelayo. Omunye wabo ibiyiNdoda ekhulile elungileyo ebine ulwazi malunga nezindlela zokaNkulunkulu. Omenya ibingu mfana omcinane naye ethanda iNkosi kakhulu kanti engenalo ulwazi ngezindlela zikaNkulunkulu.

uMfanyana waliyita umeshisi ukuthi akhanyise ikhandlela njengoba bekuba sebusuku, ikamula lona beseliba mnyama. Ekuhambeni, washisa umunwe wakhe. Waqala ukuthukuthela wakhala ethi, “Uma ukushisa umunwe wami kubuhlungu kangaka, engeke ngikwazi ukumelana nokutsha esigxotsheni.” Omdala waduduza omncinane ngalamazwi, “Ndodana, uNkulunkulu azange akucele ukuthi ushise umunwe wakho, akazange akunike umusa. Ukucela ukuthi unikele impilo yakho, futhi ungathembela ukuthi uma ikusasa lisiza, umusa uyokubakhona ukuthi wenze lokho ofuna ukukwenza.” Uyabona, omdala yena, onolwazi ukusuka eminyakeni eminingi ehamba neNkosi ngaphandle kuko ngabaza uma ikusasa lisiza, umusa kaNkulunkulu uzoba khona. Ngoko ke, waduduzeka kumanje, ngoba ebenikholo ku manje, ukuthi kusasa amandla (umusa) uzobakhona.

Page 14: umlobi nomthengisi wezincwadi uJOYCE MEYER, kufi kela ......ngokudideka. Ngafunda kakhulu ngoku zihlukanisela ngesikhati esindlulile, futhi ngazi ukuthi ukudideka kubacindezela kanjani

14

Ungabona ukuvela kulomzekelo ukuthi ukholo luyasikhulula “ekuphikisaneni.” Ukholo alifuneki ukuzama ngekusasa. Ukholo luyaphumula ngoba liyazi ukuthi uNkulunkulu uzokuletha imana yakusasa kusasa. Ngiyakukhuthaza ukuthi ungamoshi inamuhla uzama ukwenza okudlulileyo noma okuseza kwezeka kwisikhathi esizayo. Njengoba ngafunda: izolo linje tsheki engasebenziyo, ikusasa linje ngesithembiso kanti inamuhla liyimali esele nginayo. Yisebenzise ngokuhlakanipha!

Page 15: umlobi nomthengisi wezincwadi uJOYCE MEYER, kufi kela ......ngokudideka. Ngafunda kakhulu ngoku zihlukanisela ngesikhati esindlulile, futhi ngazi ukuthi ukudideka kubacindezela kanjani

15

5

uma kuphela

Umpostile Paula uyafundisa kwabaseFiliphu ukuthi simele siyekele lokho okusalele emuva futhi sibhekane nokuphambili kwethu. (kwabaseFilipi 3:13).

Singabambelela kanjani okungasemva umakungasiko ngokuqonda kwethu na? Ngiyathemba ukuthi singajikisa amasondo okuphila okuphila kwethu ngokucabanga kwethu okudlulile, futhi masisebenzise lomandla namhlanje.

Ukhe waphila ngamaphutha akho adlulileyo njalo njalo? Unokucabanga, “Kungani ngikwenze lokhu? Awu, uma kuphela angishongo noma angikwenzanga loko.” Noma, “Uma kuphela ngenze loku nalokuya.” Ubolumkela la mazwi athi “Uma kuphela.”

Mhlawumbe wena bewucanga ukuthi zonke izinto bewuzenza ngendlela efaneleyo kodwa zingakulungeli. Ungamangala, “Kungani kubengalendlela? Yini, Nkulunkulu, Yini? Angizwisisi. Ngimele kukuukwazi loku! Angikwazi ukumelana nokungazi! Awu, angididekanga mina!”

Ingabe imicabango yakho iyafana na nale? Ngingaba buthuntu? Uzizwisa kabuhlungu wena! Ngachitha iminyaka ngenza loko. Akusebenzi! Bekukhona futhi kukhona izinto eziningi kwisikhathinsami esidlulileyo lezo bengi ngazizwisisi namanje angizizwisisi. Kodwa ngibonga

Page 16: umlobi nomthengisi wezincwadi uJOYCE MEYER, kufi kela ......ngokudideka. Ngafunda kakhulu ngoku zihlukanisela ngesikhati esindlulile, futhi ngazi ukuthi ukudideka kubacindezela kanjani

16

uNkulunkulu owangazisa ukuthi ngimele ukushiya emuva loko selekudlulile ngebheke loko okuphambili kwami. Manje ngijabulela ukuba nokuthula.

iZwi lithi kuIsaya 26:3, uNkulunkulu uyo “kumngcina ekuthuleni okugqibelele, yena ingqondo yakhe ihlala” kuYena. Ayisho lowo ingqondo yakhe eshayanayo izama ukufuna iyokuba nokuthula okugqibelele.

Kunezinto eziningi lezo ezingalungile, ezenzekayo. Kwisikhathi sami esidlulile, mhlawumbi nakuwena, izinto eziningi zenzekile lezo bezingalunganga - izinto lezo zingilethele iinkinga eziningi, izilonda nentlungu lezo ngithathe isikhathi ukuzikhohlwa.

Ngithathe iminyaka ngizizwela ubuhlungu nginolaka ngizama ukuzibuza ukuthi kungani kwezeke kimi. Kungani uNkulunku angandisizanga na? kungani kungena muntu ongisizile na?

Ekugcineni ngaqonda ukuthi bengizizwela. Bengichitha inamuhla lami ngizama ukwazi ngezolo lami. uNkulunkulu wakhuluma nami ngelinye ilanga. “Joyce, ungazizwela ubuhlungu noma ube namandla. Ufuna okuphi na wena?”¹

Ngesinye isikhathi ungaphila ekuhluleni kwayizolo kwakho. Ungabanjwa ekuzameni ukwazi ukuthi wenzeni na ukuthi ube nempumelelo, ukuthi ukwenze futhi. Bengidla ngokucabanga ekunqobeni kwami okudlulileyo. Nako loko kungakuvimbela ukuthi uye phambili. Okudlulile kudlulile. Noma okudlulileyo bekunokwehlula okanye ukwehlulwa, kusedlulile. Kudlulile. Phila namuhla!

Akukho okubi ngemicamango ejabulisayo, kodwa kuyimposo, enkulu kakhulu, ukuhlala ekwahluleni okudlulileyo. Emva kokuhlula okunye nokunye ekuphileni, yekela ikhethini yehlele ezithendeni zakho njengoba ushiya loko uya kwenye uNkulunkulu anayo ngawe. KwabaseFilipi 3:13 ithi, “...ulibala loko ukusalele ngasemuva ujongane naloko

1. uJoyce unekhasethi kulemfundiso “guqula ukuzizwela ubuhlungu kube ngamandla.”

Page 17: umlobi nomthengisi wezincwadi uJOYCE MEYER, kufi kela ......ngokudideka. Ngafunda kakhulu ngoku zihlukanisela ngesikhati esindlulile, futhi ngazi ukuthi ukudideka kubacindezela kanjani

17

ukungaphambili.”

Ngithanda ukukuphinda futhi loku “Uma kuphela.” Uma okubi kwenzeka, singacabanga “Uma kuphela.” Bengizange ngenze ngalendlela. Uma okuhle kwenzeka, singathola sicabanga “Uma kuphela.” Bengi ngakwenza futhi.

Khohlwa okudlulile! Yekela ukuzama ukucabanga ngaloko. Yenza isigqibo manje ukuya phambili.

Page 18: umlobi nomthengisi wezincwadi uJOYCE MEYER, kufi kela ......ngokudideka. Ngafunda kakhulu ngoku zihlukanisela ngesikhati esindlulile, futhi ngazi ukuthi ukudideka kubacindezela kanjani

18

6

uzOthInI uma

Omunye umcibisholo womqondo (iBhayibhile kwabase Efesu 6:16 iwubiza “Imicibisholo evuthayo”) usathane ayilahlela kuwe kukwesaba ukuletha inkulumo, uzothini!

Uzothini uma imali engezi? Uzothini uma ulimala? Uzothini uma ugula ngempela? Uzothini uma ulahlekelwa ngumsebenzi? Uzothini uma uzoba wedwa impilo yakho yonke? Noma, kunjani ngaloku, uzothini uma ungezwa uNkulunkulu? Uzothini uma wenza iphutha? Uzothini uma uhluleka? Uzothini uma bekuhleka? Uzothini uma uluhlwa? Njalo njalo. Ingaba uyakuthola na lomcabango?

Uzothini uma yenye indlela yokuzama “ukuphikisana.” Uzothini uma uyeza ikaningi kulandelwa yimincabango eminingi ekunika ufanekiso ongabonakaliyo. Uzothini kusiletha kwingomso futhi lisenze thina ezithusayo izinto lezo ezingaka yenzeki futhi ezingasoze zenzeke ngaphandle kokuthi sizenze ngokwesaba.

Uzothini uma kuletha ukuphikisana njengo Uma kuphela, zombili zindlela zokucabanga lezo singekho kuzona. Zombili zikhona kwaseKorinthe II 10 phansi “kokwazi nokuphikisana” kanye “imicabango” yonke leyo kumele ilahlwe phansi.

Banginiki isiboniso saloko ngikushoyo. Ngesinye isikhathi, iministri yethu ibidinga isakhiwo sokubambela khona imihlangano yamaviki.

Page 19: umlobi nomthengisi wezincwadi uJOYCE MEYER, kufi kela ......ngokudideka. Ngafunda kakhulu ngoku zihlukanisela ngesikhati esindlulile, futhi ngazi ukuthi ukudideka kubacindezela kanjani

19

Leso sakhiwo besivame ukuhlanganela kusona iminyaka engaphezulu kwemihlanu yawiswa eminyakeni emibili, kwaba indawo yezakhiwo zezitolo zakhiwa esikhudleni salo. Besifuna indawo lapho siyokuba namahovisi ethu nendawo yokubambela imihlangano yamaviki nendawo ebanzi ukuze sakhe nendawo yezingane abancane, nenkonzo yezingane nendawo yokukhulela, njalo njalo. Besifuna nendawo yokubeka izimoto zethu.

Manje, omunye angacabanga ukuthi loko akukho nzima ukukuthola; noma kunjalo, bekungekho lula njeba ucabanga. Besilokhu sifuna iminyaka emibili. Besikhathele ngaloku ukufunana nendlu. Bekubukeke ingathi sifice esiphelweni.

Usathane waphonsa imicibisholo efana ne: “Uzothini uma iminyaka emibili idlula, futhi ungenayo indawo?” Noma Imicibisholo ephethe umlayezo: “Uma kuphela bewuthathe leyandawo ngale sasikhathi ibifumaneka shipi, ngeba awukho kulesisimo. Uzothini uma uphose uNkulunkulu? Uma kuphela ubuwazi ngalokhu, ubuzowazi loko omele ukukwenze. Uzothini uma uthenga indawo futhi ungatholi imvume oyifunayo? Uzothini uma ubhadala imali eningi ube sothola indawo engcono ngemali engcono?”

Ngihlala ngibonga uNkulunkulu ukuthi ngakhululwa mina kumakhamandela okudideka phambi kokuthi loludaba lokufuna indlu lufike. Uma udaba olufana nalolu belenzekile eminyakeni emabla, ngeba ngazidabukela, ngadideka futhi ngesaba ngokuzama ukuzifunela izinto.

Manje, ngiyakwazi ukukholwa ukuthi ukuhamba kwethu kuqondiswa nguJehova. (Amahubo 37:23). Siyakhuleka futhi sithembe uNkulunkulu, futhi sifuna intando Yakhe. Noma kunjalo, uyosiholela endaweni elungile ngesikhathi esilungileyo. uNkulunkulu akekho phambi kwesikhathi, futhi akashiywa yisikhathi.

Bekunezinto eziningi ezahlukene lezo besizama zama ukuzenza lezo zingazange zaphumelela, noma besizama kangakanani na. Noma kunjalo, ngesikhathi esilungile, uNkulunkulu wasinikela ndendawo enkulu, waqhubeka nokusinikela inyathelo elinye nelinye.

Page 20: umlobi nomthengisi wezincwadi uJOYCE MEYER, kufi kela ......ngokudideka. Ngafunda kakhulu ngoku zihlukanisela ngesikhati esindlulile, futhi ngazi ukuthi ukudideka kubacindezela kanjani

20

Manje sengi ngabuka izimo ezahlukile ngibona ukuthi kungani bezingalungile. Kodwa ngesikhathi, bekubonakala ngathi bengizama ngamandla ukuthola indawo futhi bekungena lutho elisebenzayo. Akunalutho eliyokusebenzela uma singekho esikhathini sikaNkulunkulu sizama ukwenza izinto zenzeke.

uNkulunkulu uyakwazi ngempela loko akwenzayo. Uyabusa Yena. Ngingahlala ngikhululeke futhi ngazi ukuthi noma ngingazi loko ngiyakukwenza, ngazi Yena loyo owaziyo.

Kunjani ngawe? Ingaba uyamazi uJesu? Kusho ukuthi uyamazi Onamandla onke, Owazi konke, Okhoyo ezindaweni zonke uNkulunkulu - Yena Onamandla onke, Owazi konke, Okhoyo ezindaweni zonke ngezikhathi zonke.

Khululeka, uzothini uma uhlala uphikisana njalo, ekugcineni ucabanga kuyazeka konke, futhi uNkulunkulu uyakumangaza ukwenza ngendlela ehlukile? Sonke loso sikhathi ngebe simoshiwe. Awumoshanga isikhathi esonele na ekuphikisaneni nasekudidekeni?

Nali icebo: uzothini uma ukhululeka uvumele uNkulunkulu abe nguNkulunkulu?

Page 21: umlobi nomthengisi wezincwadi uJOYCE MEYER, kufi kela ......ngokudideka. Ngafunda kakhulu ngoku zihlukanisela ngesikhati esindlulile, futhi ngazi ukuthi ukudideka kubacindezela kanjani

21

7

ungahOlwa YIkhanda lakhO

Bengikhulekela ukwehlulela imimoya ukuthi kusebenze empilweni yami ngesilinganiselo esikhulu. Kahle, bengikade ngikhuleka ngako okwesikhashana uma uMoya oyiNgcwele wathi kimi, “Angeke ukwazi ukusebenza ekwahlulaneni imimoya, Joyce, kufikela ubekela ukuphikisana ecaleni.”

KwabaseKorinte I 2:14-16 usitshela sobala ukuthi umuntu wenyama akaqondi umuntu kamoya. iNkosi yasebenzisa lesiBhalo ukuthi asiqondise. Uma umoya wami uletha ukwehlulela imimoya ikhanda lami bese liqala ukuphikisana nokuthi kulungile noma cha, angeke ngiqhubekele phambili. Kungani? Ngoba loko ekushiwo kwabaseKorinte I 2:14 ithi: umuntu wenyama akuqondini izinto zika. Moya ngoba zihlulelwe ngokukamoya. Umoya wakho uyazi izinto lezo zingaziwa yikhanda lakho.

Uma uzelwe kabusha ungumtwana kaNukulunkulu, uMoya oyiNgcwele uhlala emoyini wakho. Ngiyakholwa ukuthi uMoya oyiNgcwele uzama ukushintsha izinto eziningi kuthina lezo singazinakiyo ngoba thina sisebenza kakhulu enyameni.

Ngizokunika lomboniso. Ngelinye ilanga ekuseni bengigcokela ukuya kwenye intlangano yamaviki ebizwa ukuthi “Impilo eZwini,” ngaqala ukucabanga ngomunye wesifazana ebesisiza ngenkonzo yosizo kuyo leyontlangano nokuthi ebethembeke kangakanani na. Inkanuko iye

Page 22: umlobi nomthengisi wezincwadi uJOYCE MEYER, kufi kela ......ngokudideka. Ngafunda kakhulu ngoku zihlukanisela ngesikhati esindlulile, futhi ngazi ukuthi ukudideka kubacindezela kanjani

22

yavuka enhliziyweni yami ukuthi ngimenzele okuthile okuzokumbusisa ngenye indlela.

Ngathi, “Nkosi, ngingamenzelini uRuth Ann?” ngezwa intshisakalo, noma ungath, ngivele ngazi ukuthi kumele ngimnikele ngelokhwe ebovu leyo ibilapho ngibeka khona izimpahla. Ngayithenga yona irokhwe kwizinyanga ezintathu ezidlulileyo. Noma nje bengiyithandile, ngazo zonke izikhathi bengicabanga ngokuyigcoka, bengingenayo isifiso sokugcoka. Ibisoloko ihenga futhi ineprayisi yakhona. uRuth Ann bekemokhulu kunami, kodwa okumangazayo, ngithenge irokhwe elinkudlwana kancane kunami ngoba bengenayo engilinganayo.

Ngoba ngendlela ibiyakhiwe ngayo ilokhwe, bengingacabangi ukuthi kunomuntu oyongibona ukuthi likhulu irokhwe.

Yebo, uma lokufisa kukhula emoyeni wami ukuthi nginikele ngerokhwe, ikanda lami lathi, “Kodwa Nkosi, lelirokhwe liselisha.” Qaphela ukuthi ikhanda lami, nenyama yami, ziphikisana nomoya wami, ukuphikisana akuphuni ngengqondo konke konke. Ngasengithi, “Ngeqiniso awutsheli mina ukuthi nginikele ngerokhwe elisha.” Kahle kahle, uma bengikhe ngacabanga ngobume bukaNkulunkulu, ububele Bakhe nokugqibelela Kwakhe, bengiyo kwazi ukuthi uNkulunkulu ungitshela ukuthi nginikele ngerokhwelelo ilisha kunele igugile.

Inkosi uDavide wathi kuSamuweli II 24:24 mayelana nokwakha itempeli, “Angekhe nginikele ngeminikelo yokushiswa kuJehova ensho lutho kumina.” Uyabona, inyama yethu ayinaki ukuhlanganyela naloko okungasho “lutho” kuthina. Noma kunjalo, irokhwe elisha elibumvu kuyibali elohlukileyo. Ukuthi unikele ngaloko, kumele uzinikele.

Ukuphikisana kwami kokugcina bekuhlekisa. Ngathi, “Nkosi, ngithenge labacici abomvu anobusiliva ukuthi ahambiselane kanye nerokhwe.” Ngakusho ngenkulumo yokuzidabukela, nokuzizwela kabuhlungu. Ngiyacabanga ukuthi bengifuna iNkosi uzongizwela ubuhlungu. Impendulo Yakhe beyithulile ekuphikisaneni kwami kokuqala nokwesibili futhi. Okwesithahtu ukuphikisana kwami malunga namacici. Wangitshela

Page 23: umlobi nomthengisi wezincwadi uJOYCE MEYER, kufi kela ......ngokudideka. Ngafunda kakhulu ngoku zihlukanisela ngesikhati esindlulile, futhi ngazi ukuthi ukudideka kubacindezela kanjani

23

ukuthi nginikele nangamacici ukubangaba ukuwagcina ngaphandle kwerokhwe kuyinkinga.

uNkulunkulu akaphikisani kanye nathi. Usitshela ngentshisakalo, ngokwazi emoyeni wethu, ngephimbo elincane, ngesinye isikhathi ngephimbo elizwakalayo noma iziBhalo lezo ezicazayo kuthina. Khumbula, uNkulunkulu angeke akuholele ukuthi wenze okuthile okungekho entandweni Yakhe, okuyiZwi Lakhe. Futhi, lumkela ukuthi uholwe ngamaphimbo. Kunamaphimbo amaningi. Qiniseka ukuthi umoya wakho ufakazelana noMoya oyiNgcwele.

Umoya wami wafakazelana noRuth Ann ukuthi nginike irokhwe, kodwa inyama yami ibingafuni ukunikela. Ngaqhubeka ukunika uNkulunkulu amabanga ukuthi kungani kungena ngqondo loku. Kepha uNkulunkulu akazange aphikisane nami. Wakusho loko ebefuna ukukusho. Uma ukhumbula kahle loko bekwenzeka ekuqaleni, bengicabanga ngoRuth Ann nokuthi bekeyisibusiso njani, ngabuza uNkulunkulu ukuthi ngingamezela ini. Wangitshela, kodwa ikhanda “amabanga” belingathandi noma umoya wami bewuwazi ukuthi kulungile. Manje bekuphuma kimi ukuthi ngenze isigqibo.

Yebo, ngangasenzi isigqibo. Lokhu kuyindlela esiyithandayo yokuzikhipha kuloko uNkulunkulu athi sikwenze ngaphandle nje kokungathobeli, noma sicabanga. Kahle kahle uku-Hlehlisa kukungathobeli. Iminqweno emihle asikuko ukuhlonela. Amanyathelo athathwe ukusuka iZwini likaNkulunkulu kuyiko ukuhlonela.

Amaviki ambalwa adlula, ngakhohlwa yilosehlakalo, kepha uNkulunkulu akazange akhohlwe. Bengikhulekela uRuth Ann, ngakhusho ngokuphinda phinda ukuthile kuYena. “Nkulunkulu, ngingambusisa njani uRuth Ann?” Kwabuya futhi. Lona lelorokhwe elibomvu lavelela phakathi kwami. Ekugcineni ngabona bengingahloneli nokunikela yena irokhwe elibomvu.Kahle kahle ngabona sengiqedile ukuthi ngiqhubeke ngimnike nokuthi bengiyithengele yena kusuka ekuqaleni, yingako beyisoloko ijanga inyanga ezintathu, intsha, ngaphandle ngiyikhiphe ebhegini. iNkosi, yebo, iyazazi zonke lezizinto ngaphambi kwesikhathi, kodwa singenza

Page 24: umlobi nomthengisi wezincwadi uJOYCE MEYER, kufi kela ......ngokudideka. Ngafunda kakhulu ngoku zihlukanisela ngesikhati esindlulile, futhi ngazi ukuthi ukudideka kubacindezela kanjani

24

ubunzima ekuhloneleni. Konke loku kubangwe ngumuntu wenyama ngokuqondi umuntu kamoya loko kwabaseKorinte I 2 akhuluma ngako.

“Yini, Nkulunkulu,Yini?” umuntu wenyama uthi. “Yini na ufuna ukuthi nginikele? Yini kungekho lula? Yini kumele kubenzima?” kwabaseRoma 8:6 itthi inqondo yenyama kuyi qonda nokuphikisa ngaphandle kokaMoya oyiNgcwele. Kuyasiqondisa ukuthi loluhlobo lokuziphatha lintshontsha ukuthula kwethu.

Uma kungenzeka ukuthi ulahlekelwe yinjongo kulencwadi, mangiku khumbuze ukuthi ngizama ukuqala ukuphikisana “Yini, Nkulunkulu,Yini?” kuyinto eyodwa ebanga ukudideka, intshontsha ukuthula kwethu futhi, kakhulu injabulo yethu.

Ingaba ufuna ukujabulela impilo yakho? “Ukuphikisana” komele kuhambe!

Page 25: umlobi nomthengisi wezincwadi uJOYCE MEYER, kufi kela ......ngokudideka. Ngafunda kakhulu ngoku zihlukanisela ngesikhati esindlulile, futhi ngazi ukuthi ukudideka kubacindezela kanjani

25

8

“ukucabanga” kubanga ukukhOhlIseka

Ithemba elilodwa lokunga lahlekiswa kulemihla kukufunda ukuhamba ngokukaMoya - ukuholwa nguMoya, hayi yinyama. Usathana ufunana namaKristu labo abaholwa ngakhanda abo, imizwa yabo futhi nayintando yabo kunothi baholwe yiZwi kanye noMoya. Angeke sihtathe amanyathelo ngoba sizizwa kanjalo noma cha. Simele, ngenxa yoMbuso kanye nokuvikeleka, sithathe amanyathelo aholelwa nguMoya.

Ingqondo ithanda ukubeka konke. Ifuna ukuthola indawo yokubeka konke ukuze kubukeke ngathi kunengqondo noma kunakekelwe. Asithndi imibuzo angena zimpendulo. Uma thina singazi Impenulo, simele ukuthemba uNkulunkulu, noma sizifunele.

uMoya oyiNgcwele unomsebenzi wokuletha ikholwa kwindawo yokukhula emuva kokuthi uJesu amsindisile. Ikholwa lelo elingathemba uBaba uma izinto zibonakala zingalungile lelo likholwa ilikhulile. Manje ke, uNkulunkulu akahlali njalo esinika izimpendulo kuyo yonke imibuzo esinayo ngoba uyasilolonga ekuthembeni. Kuze kunjalo, kumele ukhumbule, ingqondo yakho imelene necebo likaNkulunkulu. Ingqondo yakho ngeyemvelo futhi ibonakala iyinxenye yenyama kufikela yeziwa ntsha futhi ifunde ukucabanga ngezikamoya.

KwaseRoma 8 ukhuluma ngengqondo yenyama nengqondo kamoya.

Page 26: umlobi nomthengisi wezincwadi uJOYCE MEYER, kufi kela ......ngokudideka. Ngafunda kakhulu ngoku zihlukanisela ngesikhati esindlulile, futhi ngazi ukuthi ukudideka kubacindezela kanjani

26

kumaGalati 5:17 inyama iyaphikisana kanye noMoya, futhi noMoya uyaphikisana kanye nyama nokuthi lezinto zombili ziyizitha.

Masibuyele emuva ekuqaleni kwalesahluko. Ingqondo yemvelo ifuna ukubeka yonke into kwenye indawo futhi iyibeke endaweni enhle lapho ilinganela khona futhi ayisishiyi singazi.

Besine bhokisi lapho sibeka khona imilayezo ngesinye isikhathi. Enye nenye ibinegama lesisebenzi kuyona. Uma bengifuna ukuthumela uyalelo noma umlayezo kumunye umsebenzi, bengifaka incwadi kulolibhokisi. Ngesikhathi esithile, okunye bengicele umsebenzi okwenze akuzange kwenziwe, ngafunisa, ngathola ukuthi ngabeka loncwadi kubhokisi elingelona. Ngezinye izikhathi bengibeka lapho kungekho igama lomuntu khona.

iNkosi yasebenzisa lomabhokisi ukundifundisa lesi sifundo engizama ukufundisa sona. Wazama ukungibonisa njengoba ngibeka izinto kwindowa angeyiyo e ovisi, futhi ngibeka izinto endaweni engasiyiyo ekhandeni lami. Ngisoloko njalo ngibeka zonke izinto kwenye indawo emcabangweni wami nginendowo enhle nokuthi bengingathembi uNkulunkulu ngako. Bengine inkinga enkulu “ngokuphikisana.” Bengihlala ngibuza, Yini, Nkulunkulu, Yini? Manje ke, benginokudideka okukhulu nokujabha nokungabi nokuthula kanye nenjabulo.

Ngazitshela amanga futhi, iNkosi yangibonisa, ngoba ngesinye isikhathi bengicabanga ukuthi konke kulungile, nokuthi ngiyothatha inyathelo noma cha mayelana naloko bengikucabangile. Bengiyo kuthola muva, uma sengimoshile, noma bengicabanga ukuthi ngiyazi okanye nginako konke, kanti konke kuyindawo engeyiyo konke konke.

uNkulunkulu wasebenzisa Izaga 3:7 ukuletha iqiniso kumina: “Ungehlakaniphi phambi kwamehlo akho.” iNkosi yangazisa ukuthi bengimuhle njengoba bengicabanga. Angithethi ngokuhlakanipha kwengqondo. Ngikhuluma ngokubona kwethu - sinako konke.Izaga 3:5, 6 ithi:“Themba kuJehova ngehliziyo yakho yonke nangengqondo yakho yonke, ungaciki kokwakho ukuqonda. Mazise Yena ezindleleni zakho

Page 27: umlobi nomthengisi wezincwadi uJOYCE MEYER, kufi kela ......ngokudideka. Ngafunda kakhulu ngoku zihlukanisela ngesikhati esindlulile, futhi ngazi ukuthi ukudideka kubacindezela kanjani

27

zonke, ngokuba uyokukuqondisa imikhondo yakho yonke.”

Uma uNkulunkulu eyiqondisa, awuna kudideka noma ukungabaza, kodwa uma uzama ukuphikisana nokuzenzela, uyokujikeleza ungalazi iqiniso. Ivesi ka7 ithi, “Ungehlakaniphi phambi kwamehlo akho.”

Nazi izindlela ezimbili zokubhekena nalesisimo: enye yelungile, kanti enye ayilungile; enye yekamoya, kanti enye yona yeyenyama. Makhesithi omunye unginika isiprofedi leso ngi ngasiqondiyo, noma athi iphupho likamoya engingaliqondiya. Ngiye kuBaba ngithi, “Baba, angikuqondi lokhu,. Ngingathanda ukukuqonda, ngicela Wena unginike isambulo. Nginike ukuqonda.”

Manje ngibeka loko engikwaziyo eshelefini. Ngamanye amazwi, angsaicabangi ngayo. Ngiyibeka ezandleni zikaNkulunkulu. Uma futhi elungele ukungipha ukuqonda, uyokuyisusa eshelefini ayibusele ekukhumbuleni kwami. uJohana 14:26 uthi uMoya oyiNgcwele oyokusikhumbuza. Uyongeza ngesambulo ngazi loko bengingeke ngakwazi.

Enye indlela ebengiphatha ngayo lesisimo, uma benginephupho noma isiprofide leso ngingasiqondi, ibiyo kukuzama ukuzitholele. Ngingakhuluma nabantu abaningi ngayo ngifumane ukuthi bathini. Ngingathi uningi labo bangakhuluma ngokungafani, loko kuyokongezelela ekudidekeni kwami. Bese, mangithola konke okuthile, ngiqale ngithathe inyathelo. Kodwa empeleni, uma ngikhuluma iqiniso nami, bengiyokuthi bengingenakuthula phakathi kwami. Uma ngiqhubeka ngokuzama ukwenza okuthile ukuya ngaloko “bengikucabanga” malunga neliphupho, isiprofedi noma umbono, ngiyogcina ngenza iphutha enkulu kakhulu. Khumbula, “ukuphikisana” kuletha ukudideka. Angi sho ukuthi asimele ukucabanga nazinkinga, kepha kunomahluko ekucabangeni ngento isikhathi eside ude ubone ukuthi uhtola ukuqonda nokuzama kanzima ude udideke.

Uma uzizwa udidekile, loko makube yisikhombiso kuwena sokothi loku okubambile asiyiko.

Page 28: umlobi nomthengisi wezincwadi uJOYCE MEYER, kufi kela ......ngokudideka. Ngafunda kakhulu ngoku zihlukanisela ngesikhati esindlulile, futhi ngazi ukuthi ukudideka kubacindezela kanjani

28

9

ukudIdeka kuntshOntsha ukujabula kwakhO

Ekugcineni kwalesisahluko, makhe ngikusho futhi ukuthi ukudideka akubuyi kuNkulunkulu. kwabaseKorinte I 14:33 ithi, “uNkulunkulu asinguye umqali wokudideka.” kwabaseKolose 3:15 ithi ukuthula kube “ngumhluleli” owenza izigqibo ezimpilweni zethu. Ukuthula, njengonhluleli, kusho okumele ukungena noma ukuphuma.

Ukudideka kuchasene nokuthula. “Ukudideka” kusho ukudibadibana, ukuncola, dibadibene, ukufanisa izinto noma ukungacaci. Ukuthula kusho ukubakahle, ukungaphazamiswa, ukonela okungaphakathi, ukuba nokuthula. Uma umuntu engena kuthula, yena angeke abe nokujabula. uJesu wathi kuJohana 10:10 isela lizela ukuntshontsha, ukubulala noku tshabalalisa, kepha Mina, Jesu, ngize ukuthi “ube nokujabulela impilo.” Ngenza isiqibo eminyakeni embalwa edlulile ukuthi ngifuna ukujabulela uNkulunkulu Nokujabulela impilo. Uma uJesu wangifela mina ukuthi ngingabi nempilo nempilo kuphela futhi ngiyijabulele, manje kumele ngilinge ukuyijabulela.

KuJohana 15 kushiwo ngoJesu wafundisa njani ngempilo yokuhlala, loko okusho ukungena ekuphumleni kukaNkulunkulu. Kuvesi 1-10, ukuluma ngempilo yokuhlala. Kuvesi 11, Uthi: “Nginitshelile lezi zinto, ukuthi

Page 29: umlobi nomthengisi wezincwadi uJOYCE MEYER, kufi kela ......ngokudideka. Ngafunda kakhulu ngoku zihlukanisela ngesikhati esindlulile, futhi ngazi ukuthi ukudideka kubacindezela kanjani

29

ukujabula. Kwami kanye nokujabula kubekuni, ukuthi ukujabula kwenu kugcwaliswe futhi kuphuphume.”

Loku kuzwakala ngathi Ufuna thina sijabulele impilo ngempela. Ukudideka koyokuvimbela loko ukuthi kwenzeke.

Uma ngivalelisa ngifuna ukukukhuthaza ukuthi wenze isigqibo sokuthi uphile ngokujabula, hayi ngokudideka noku ngabi nokuthula. Kuyomele unikele “ukuphikisana.” Ngaso sonke isikhathi sifumana ukuhlula emoyeni sinyanzeleka ukuthi nikikela ngokuthile okwenyama. Okwenyama kukulinga “ukuzenzela.” okukaMuya kuku “themba uNkulunkulu ukuthoi embule impindulo ngesikhathi Sakhe.”

Uma unikela “ukuphikisana,” ngiyakholwa ngempela uzovuna ukuthula kanye nenjabulo.

Page 30: umlobi nomthengisi wezincwadi uJOYCE MEYER, kufi kela ......ngokudideka. Ngafunda kakhulu ngoku zihlukanisela ngesikhati esindlulile, futhi ngazi ukuthi ukudideka kubacindezela kanjani

30

umkhulekO wensIndIsO

UNkulunkulu uyakuthanda ufuna ukuba nobuhlobo kanye nawe. Uma ungamamukelile uJesu Krestu njengo Msindisi wakho, lokhu ungakwenza manje. Vulela uJesu inhliziyo yakho ube se usho lomkhuleko...

“Baba, ngiyazi ukuthi ngonile kuwena. Ngicela ungithethelele. Ngigeze ngibe mhlophe. Ngiyathembisa ukuthi ngizothembela kuJesu, iNdodana yakho. Ngiyakholwa ukuthi wafa endaweni yami-wathabathela emahlombeni akhe isono sami ngesikhathi efa esiphambanweni. Ngiyakholwa ukuthi wavuswa kwelabafileyo. Ngiyayinikela impilo yami kuJesu manje.

Ngiyabonga, Baba, ngesipho sakho soxolo nokuphila okuphakade. Ngicela ungisize ngiphilele wena. Egameni likaJesu, Amen”

Njengalokhu okukhulekile enhliziyweni yakho, uNkulunkulu usekwamukele, ukugezile wakukhulula kumaketanga okufa emoyeni. Thatha isikhathi ufunde lemiBhalo, umnxuse uNkulunkulu akhulume nawe usahamba kanye naye kuloluhambo olusha.

NgokukaJohane 3:16 1 KwabaseKorinte 15:3-4 Kwabase-Efesu 1:4 Kwabase-Efesu 2:8-9 1 KaJohane 1:9 1 KaJohane 4:14-15 1 KaJohane 5:1 1 KaJohane 5:12-13

Khuleka kuNkulunkulu akusize uthole isonto elikholwa iBhayibheli lapho uzosizwa ukuthi ukhule kubuhlobo bakho noKrestu. UNkulunkulu uhlala njalo enawe sikhathi sonke. UNkulunkulu uzokuhola nsuku zonke akubonise ukuthi ungakuphila njani lokhu kukuphila obuchichimayo akuphe kona.

Page 31: umlobi nomthengisi wezincwadi uJOYCE MEYER, kufi kela ......ngokudideka. Ngafunda kakhulu ngoku zihlukanisela ngesikhati esindlulile, futhi ngazi ukuthi ukudideka kubacindezela kanjani

31

ngOkO mlObI

JOYCE MEYER wafundisa ngeZwi likaJehova ngo 1976 ngesikhathi sonke, wafundisa nango 1980. Ungumthengisi omuhle futhi ungumbhali, owabhala izincwadi ezingamashumi ayisithupha (60) kuyizincwadi ezingcwele umhlaba wonke, Ukulwela Ukuthula, Ungamuzwa kanjani uJehova, Ukwazi ukuhlangana noJehova, Indawo yokulwela emqondweni. Wenza namakhasethi ayinkulungwane okufundisa nendawo epheleleyo yamaVideo. uJoyce une izinhlelo radio kanye televion ezibizwa Enjoying Everyday Life ezisakazwa kumhlaba wonke, futhi uhamba kakhulu uphatha nemihlangano. uJoyce nomyeni wakhe, uDave, bangabazali babantwana abane (4) abakhulileyo futhi bahlala e St. Louis, Missouri.