zul63-0113m ukuyeka ingcindezi vgr - branhamdownload.branham.org/pdf/zul/zul63-0113m letting off...4...

31
UKUYEKA INGCINDEZI Sawubona ekuseni, mngani. Bengikhuluma nje nomelusi manje nje. Futhi kuyinhlanhla nje ukungena kulezizikhoselo ezincane zokuphumula njengalesi. Uzwa nje sengathi, awu, nje uhlezi phansi futhi ulalele izinkonzo. Futhi— futhi kunento ethize ngalendawana encane. Ngisho endodaneni yami, ngiza ngizungeza indlu emizuzwaneni emibalwa edlule, ukuthi nje ubona sengathi…Nginje—nginje ngithanda ukuza lapha bese ngihlala phansi bese nje ngilalela isikhashana, futhi ngilalele ukuthi abanye bazothini. Thina befundisi siyazi ukuthi lokho kuyisikhathi esikhulu sethu. Ngokwejwayelekile sihlala njalo kuyithina esifanele senze ukukhuluma, omunye esilalele. Kodwa siyathanda ukuhlala phansi futhi silalele nathi. 2 Ninomelusi okahle, nalelikhwaya elincane elithandekayo lapha, namaculo aseZiyoni. Indawo inhle nje futhi engalungisisiwe kakhulu, futhi nje—nje ebesingayibiza ngokuthi yikhaya elithokomele. Futhi ngakho ngi—ngiyakuthanda lokho, kahle ngempela. UNkulunkulu anibusise nonke kakhulu njalonjalo. Mm. 3 Bengi…ngicabange enhliziyweni yami, ukuzwa lodade omncane lapha, esikhashaneni esedlule, iminyaka engamashumi ayisithupha-nanhlanu yenkonzo yeNkosi. Bengicabanga ukuthi sengithi angibe mdala ngokwenele ukuba ngiyeke, kodwa ngiqagele anginjalo, emva kwalokhu. Nangu omunye okade eYikhonza iminyaka engamashumi ayisithupha- nanhlanu. Lokho bekungathi akube, awu, ngiqagele akube yishumi nambili, iminyaka eyishumi nane ngingakazalwa, wayeYikhonza. Ngakho, lokho kuyamangalisa. 4 Ngangikhuluma enkonzweni yomngcwabo, ngolunye usuku, wenenekazi elidadlana, elithi alibe neminyaka engamashumi ayisishiyagalombili-nanhlanu ubudala, elahamba ukuyohlangabezana neNkosi. Futhi—futhi lalingowesifazane omdadlana onomoya omnandi. 5 Nina enafunda umlando wempilo yami, u…lapho engacela khona umfana ukuthi wayengengibekele yini leyosudu, niyazi, ukuthi wayekade enale yalamasudu amancane amaVulandlela abaFana. Futhi ngangifuna njalo ukuba yisosha, ngakho ngamcela ukuthi angangibekela yini emva kokuba eseyigugisile, futhi wathembisa ukuthi uyongibekela. Futhi ngenkathi ngiyoyilanda, wayesesele negomazi elilodwa kuphela. Nalokho kwakuyi…Ngalifaka lelogomazi ngiya esikoleni. Futhi lali… 6 Lowo kwakungumama wakhe owashonayo nje, uNkk. Ford. Futhi baphakathi kwabantu abayizimpofana ezedlula impofana. ULloyd, umfana owangipha igomazi, kade singoshomi kusukela

Upload: others

Post on 24-Jun-2020

0 views

Category:

Documents


0 download

TRANSCRIPT

Page 1: ZUL63-0113M Ukuyeka Ingcindezi VGR - Branhamdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL63-0113M Letting Off...4 IZWIELIKHULUNYIWE 17 Ukuba-ke uhlanga oluncane lommbila belungathi, “Ngiyaxolisa.Akukholuthooluhlengami.Futhibengingenaju

UKUYEKA INGCINDEZI

Sawubona ekuseni, mngani. Bengikhuluma njenomelusi manje nje. Futhi kuyinhlanhla nje ukungena

kulezizikhoselo ezincane zokuphumula njengalesi. Uzwa njesengathi, awu, nje uhlezi phansi futhi ulalele izinkonzo. Futhi—futhi kunento ethize ngalendawana encane. Ngisho endodaneniyami, ngiza ngizungeza indlu emizuzwaneni emibalwa edlule,ukuthi nje ubona sengathi…Nginje—nginje ngithanda ukuzalapha bese ngihlala phansi bese nje ngilalela isikhashana, futhingilalele ukuthi abanye bazothini. Thina befundisi siyazi ukuthilokho kuyisikhathi esikhulu sethu. Ngokwejwayelekile sihlalanjalo kuyithina esifanele senze ukukhuluma, omunye esilalele.Kodwa siyathanda ukuhlala phansi futhi silalele nathi.2 Ninomelusi okahle, nalelikhwaya elincane elithandekayolapha, namaculo aseZiyoni. Indawo inhle nje futhiengalungisisiwe kakhulu, futhi nje—nje ebesingayibiza ngokuthiyikhaya elithokomele. Futhi ngakho ngi—ngiyakuthanda lokho,kahle ngempela. UNkulunkulu anibusise nonke kakhulunjalonjalo. Mm.3 Bengi…ngicabange enhliziyweni yami, ukuzwa lodadeomncane lapha, esikhashaneni esedlule, iminyaka engamashumiayisithupha-nanhlanu yenkonzo yeNkosi. Bengicabangaukuthi sengithi angibe mdala ngokwenele ukuba ngiyeke,kodwa ngiqagele anginjalo, emva kwalokhu. Nangu omunyeokade eYikhonza iminyaka engamashumi ayisithupha-nanhlanu. Lokho bekungathi akube, awu, ngiqagele akubeyishumi nambili, iminyaka eyishumi nane ngingakazalwa,wayeYikhonza. Ngakho, lokho kuyamangalisa.4 Ngangikhuluma enkonzweni yomngcwabo, ngolunyeusuku, wenenekazi elidadlana, elithi alibe neminyakaengamashumi ayisishiyagalombili-nanhlanu ubudala, elahambaukuyohlangabezana neNkosi. Futhi—futhi lalingowesifazaneomdadlana onomoya omnandi.5 Nina enafunda umlando wempilo yami, u…lapho engacelakhona umfana ukuthi wayengengibekele yini leyosudu, niyazi,ukuthi wayekade enale yalamasudu amancane amaVulandlelaabaFana. Futhi ngangifuna njalo ukuba yisosha, ngakhongamcela ukuthi angangibekela yini emva kokuba eseyigugisile,futhi wathembisa ukuthi uyongibekela. Futhi ngenkathingiyoyilanda, wayesesele negomazi elilodwa kuphela. Nalokhokwakuyi…Ngalifaka lelogomazi ngiya esikoleni. Futhi lali…6 Lowo kwakungumama wakhe owashonayo nje, uNkk. Ford.Futhi baphakathi kwabantu abayizimpofana ezedlula impofana.ULloyd, umfana owangipha igomazi, kade singoshomi kusukela

Page 2: ZUL63-0113M Ukuyeka Ingcindezi VGR - Branhamdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL63-0113M Letting Off...4 IZWIELIKHULUNYIWE 17 Ukuba-ke uhlanga oluncane lommbila belungathi, “Ngiyaxolisa.Akukholuthooluhlengami.Futhibengingenaju

2 IZWI ELIKHULUNYIWE

sisengabafanyana. Mdadlana nje kunami. Futhi ngathikuye, “Lloyd, ubungafuna ngiyithathele kuphi i—indikimbayomngcwabo na?”7 Wayesethi, “Mfowethu Billy,” wathi, “nje…bengi—bengingathanda ukuba wena ukhulume lokhu, uma kuyintandoyeNkosi, isiqiniseko esithize nje ukuthi umamauyobuya futhi.”

Ngathi, “Kuhle impela.”8 Ngakho ngathatha indikimba ngale kuJobe, “Umaumuntu efa, uyakubuye aphile na?” Futhi ngiyithathe ku…Ngiyakholwa, uJobe 14, ngicabanga ukuthi yikho. NokuthiuJobe uyibone kanjani i…Ukuthi ikanjani impilo yezimila, umasifa, sasibuye siphile. Ngakho ngathatha indaba ethi, “Nomayini ephilayo entandweni nenhloso kaNkulunkulu inokuvuka.”9 Futhi ngokuba yisithunywa senkolo, futhi ngihamba izwe,ngike ngaba nenhlanhla yokubona onkulunkulu abaninginokwabo…ukwazi ukudabuka kwezinto zokuphila, nokuthiabantu bakhonzani. Futhi kukho konke okwakho, kuthiakube yilokho kuphela ngakho, ukwazi ukudabuka kwezinto,ngaphandle kobuKristu. UbuKristu buneqiniso.10 Manje, siyazi ukuthi lelizwe lingokudaliweyo. Futhingaphambi kokuba kubekhona okudaliweyo, kuzofanele kubenoMdali walokho okudaliweyo. NaloMdali uZizwakalisakokudaliweyo. Ukuba sasingenalo ngisho neBhayibheli,sasiyolokhu sikwazi lokho—lokho—lokho, iqiniso, njengoba njesazi. LeliBhayibheli likubeka kuphela ngokuhlelekile.11 Manje, uNkulunkulu, edala okudaliweyo, ubuyeaZizwakalise kokudaliweyo. Futhi Akasuye uNkulunkulu njeweSears neRoebuck Harmony House. U—U—UnguNkulunkuluwezinhlobonhlobo. Wenza amagquma amakhulu, namagqumaamancane; futhi Wenza izingwadule, futhi—futhi Wenzaamachibikazi; futhi Wenza izihlahla ezincane, nezihlahlaezinkulu; nezimbali ezimhlophe, nezimbali ezibomvu; futhiwenza amadoda amancane, namadoda amakhulu; nabesifazaneabanamakhanda abomvu, nabesifazane abanamakhandaamnyama. Futhi U—Usenza sehluke, ingoba Usifunasibe ngaleyondlela. UnguNkulunkulu wezinhlobonhlobo.Futhi Wenza abanye bacebe, nabanye babempofu, abanyebabephakathi nendawo. Kodwa sinendawo yokukhonzauNkulunkulu, naleyo yindawo Asifake kuyo, uma nje sizohlalakuleyondawo.12 Ngathi, “Manje, uma ubhekisisa imbali encane.” Lokhukwakuthi ukuba lapha kuOktoba. Ngathi, “Izimbewu…Kadesinesithwathwa manje, futhi—futhi zishaye izimbewu ezincanezazikhipha. Nembali yafa, nezimbewu ezincane zajika zabuyelaemhlabathini. NoNkulunkulu unenkonzo yomngcwabo,kulezizimvula zasekwindla, lamathonsi amakhulukaziezinyembezi ziqathaka zivela ezibhakabhakeni, zizingcwaba.

Page 3: ZUL63-0113M Ukuyeka Ingcindezi VGR - Branhamdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL63-0113M Letting Off...4 IZWIELIKHULUNYIWE 17 Ukuba-ke uhlanga oluncane lommbila belungathi, “Ngiyaxolisa.Akukholuthooluhlengami.Futhibengingenaju

UKUYEKA INGCINDEZI 3

Futhi sikhuphuka ngeKentucky,” ngathi, “Ngoluny’usuku,phezu kwesifuba esikhulu sezintaba, Ubeka phandle imiquluyakhe yezimbali emhlabeni wonke, amaqabunga abomvu,ansundu, aphuzi.” Niyabo?13 Futhi Usekushonelweni ngoba izimbewu ezincane zifile,futhi Uzingcwabe ngaphansi komhlabathi. Futhi Uyazi,ngokuqiniseke impela nje njengoba lowomhlaba ubuyauzungeza nomugqa welanga futhi, zonke zizovuka futhi. Kodwanje yimidanti yomsebenzi ngokulandelana kwayo Edlula kuyo,ukukhuluma kithi, ukuthi kukhona ukuvuka.14 Manje siqaphela ilanga. Lizalwa ekuseni, futhi liyinganeencane uma lizalwa. Lifanele lifudumeze umhlaba futhilivuse izimbewu ezisemhlabathini. Futhi lokho, cishengelesishiyagalombili nqo, lisuka liqale liye esikolenisokubhalwa kolimi nokukhulunywa kwalo. Futhi cishengeleshumi noma eleshumi nanye nqo, seliphumile. Seliyitholileimfundo yalo. Ngesikhathi sasemini seliseminyakeni yaloephakathi nendima yempilo. Ngelesibili nqo ntambama,selishaya iminyaka yami. Ngelesihlanu nqo, selingunyakakababa wami, nodade emuva lapho. Futhi emva kwesikhashana,leyonto enhle kakhulu eyakhanyisa umhlaba, ifeze inhlosokaNkulunkulu, ifela ngaphandle ngaleya eNtshonalanga. Ngabelokho ngukuphela kwayo na? Izalwa ngokusha, iyaphumangokusa okulandelayo futhi. Niyabo? UNkulunkulu, kuyo yonkeimikhakha!

Ngathatha cishe imizuzu engamashumi amabili, ngichazanje ukuthi kwakuyini konke lokho.15 Manje, niyabo, manje-ke. Ngathi, “Ngani na?”Kunesidingakalo esisodwa. Futhi ngiyathanda ukusho lokhuebandleni elinjengaleli. Kunesidingakalo esisodwa esidingekalapho. Akunandaba ukuthi imbewu inhle kanjani, ifaneleiqhunyiswe. Izofanele iqhunyiswe. Futhi uma ifeza inhlosokaNkulunkulu, iyaqhuma, ngoba inyosi ithwala impova,kanjalonjalo.16 Manje siyathola, ukuba-ke umnduze omncane, uma u…muhle, wakhandleka imini nobusuku, uvule ubuwona obuncane,nenyosi idlule yase ivele nje ithatha uju lwayo, nje ukhululeke njenjenganoma yini. Awuzange uthi vu ngakho. Futhi wakhandlekanje ukuba ukhiphe uju lwawo. Bese kuthi-ke odlulayo aboneubuhle bawo. Futhi nje uzigcina wona umuhle, ngakhoodlulayo angawubona, uthanda ubuhle. Lo ofisa amakha awouwahogela ngesihle, nomnduze omncane uyakhandleka njeukuba uzenzele inzuzo emhlabeni, niyabo, ukuba uveze uju,ubuhle, nembali yomngcwabo, noma ngabe usetshenziselwaini, imbali yomshado, noma yini. Uvele nje unikeze ubuwonaobuncane ngesihle. Futhi uma ufa, uyavuka futhi ngonyakaozayo. Niyabo? Yonke into.

Page 4: ZUL63-0113M Ukuyeka Ingcindezi VGR - Branhamdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL63-0113M Letting Off...4 IZWIELIKHULUNYIWE 17 Ukuba-ke uhlanga oluncane lommbila belungathi, “Ngiyaxolisa.Akukholuthooluhlengami.Futhibengingenaju

4 IZWI ELIKHULUNYIWE

17 Ukuba-ke uhlanga oluncane lommbila belungathi,“Ngiyaxolisa. Akukho lutho oluhle ngami. Futhi bengingenajuukuphana ngalo. Bengingenakho lokhu, lokho, noma okunye.”18 Kodwa manje-ke uMnikazi wakho konke okwaso uthi,“Yebo, kodwa umnduze omncane ubungekwazi ukwenzaamakhonfleks nawo.” Niyabo? Sonke—sonke sine—nentoesiyenzayo. Sikhonza uNkulunkulu ngesigaba esifakwa kuso,futhi kubuya ngokufanayo nje.19 Manje, ebusweni bakho konke lokho, ngathi, “NanguuMama Ford omncane, njengoba ngimazi. Wayegeza ubusobami obungcolile ngisengumntwanyana, isikhathi esiningi.Babempofu ukuba mpofu. Kodwa wazalwa eyisifazane,intombazane ethandekayo. Futhi uma azalwa eyisifazane,lokho kwakungokwenhloso, ukuba abe nomata, isilisa. Futhiwaba naso. Umata othembekile ayenguye. Wahlala nomyeniwakhe iminyaka engamashumi ayisithupha, noma ngaphezulu,nowesifazane othembekile akazalwanga, njengoba ngazingakho, inenekazi langempela. Ngokuthi laliyilokho ebunyeni,babefanele babe nabantwana.20 “Nampa abakhe abahle, abantwana abakahle behlezi lapha,bethandeka impela nje. Nina bantwana beningeke neze nafunaumama ongcono. Noma, beniyomfuna na? Niyabo? Qhabo.Umyeni wakhe ubengefune unkosikazi ongcono.”21 Ngathi, “Ubempofu ukuba mpofu, kodwa akukho muntuobengake ake eze emnyango wakhe, noma edinga, angabanikikhona. Omakhelwane, akunandaba ukuthi nkathazoniababekuyo, uNkk. Ford, noma yiliphi ihora lobusuku, wayelaphoukuba abasize, enze noma yini ayengayenza, ngalokhoayengenza ngakho.”22 Ngase ngithi, “Phezu kwakho konke lokho, ngakengaba nenhlanhla yokubona leyombewu iqhuma ngoMoyaoNgcwele.Wazalwa ngokusha ngoMoya kaNkulunkulu.”Ngathi,“Manje sizomtshala, kancanyana, emhlabathini. Futhi ubaningobuhlakani obengasukuma futhi athi akayikuvuka futhi na?”23 “Uma nithi akayikuvuka futhi, iqabunga alishonangaphansi ekugcineni komuthi ngaphambi kokuba kwehleisithwathwa, ukuba licashe, ukuba libuye ngonyaka ozayoneqabunga elisha. Uma lokho kulala, lawomanzi esihlahlaahlala phezulu kulowomuthi isithwathwa neqeqeba lamakhazalaze lashaya lokho, bekuyobulala leyombewana yokuphilaekulawomanzi esihlahla, nomuthi ubuzokufa. Kodwaubuhlakani obuthize…Awunabo obungowawo. Lokhongukuphila kwezimila. Akunabuhlakani. Kodwa into ethizeiyakulawula. Ngaphambi kokuba sibe nesithwathwa kumbenoma yini, kulelozwe, le kuAgasti, lawomaqabunga ayasukaemthini ngoba amanzi esihlahla ayasuka emthini bese ebuyelaemuva phansi ezimpandeni, le ngaphansi komhlabathi, ukufihla

Page 5: ZUL63-0113M Ukuyeka Ingcindezi VGR - Branhamdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL63-0113M Letting Off...4 IZWIELIKHULUNYIWE 17 Ukuba-ke uhlanga oluncane lommbila belungathi, “Ngiyaxolisa.Akukholuthooluhlengami.Futhibengingenaju

UKUYEKA INGCINDEZI 5

leyombewu yokuphila, ukuba ubuye uyibuyise ngonyaka ozayousunesinye futhi isithelo.”24 Yini eyenza lokho na? Buhlakani buni na? Lobobuhlakani obufanayo bulawula ukuphila kwethu. Kunjalo.Futhi ngaphambi kokuba besingathi akukho kuvukakongcwele omncane onjengalowo ohlezi lapho, owakhonzauNkulunkulu iminyaka engamashumi ayisithupha-nanhlanu…Bengicabanga ngaye elele lapho kulelothende leoksijini,nokuphefumula kwakhe kuza nje. He, uyovuka futhingoluny’usuku. Ufanele nje. Yilokho kuphela.”25 Ngaphambi kokuba ubungathi akayikuvuka, ubuzofaneleuthi asikho isikhathi sasentwasahlobo, akukho kuvukakwezimbewu, akukho hlobo nobusika, akukho kuphumanokushona kwelanga, ayikho into okuthiwa yiZwilikaNkulunkulu. Ngani, bekuzoba ngubuhlanya ukushointo enjengaleyo. Kukhona ukuvuka. Futhi ngokuqinisekileimpela nje njengoba lelozwe lihamba lintanta, lizungezaebusweni balelilanga futhi, lelolanga liyo…linika ukuthunywanguNkulunkulu, ukuba liphume linemisebe yalo efudumele,lokho kuphila kwezimila.26 Futhi kuthi nje isikhathi singahamba sintanta, kuze kuseiPhakade futhi, naleyo iN-d-o-d-a-n-a iphuma lapho, kukhonainto ezokwenzeka. Zonke lezozimpilo eqhuma kuYe ziyovukafuthi. Ifanele nje. Ayikho indlela yanoma iyiphi indlela.Niyambona uMdali eZizwakalisa kokudaliweyo kwaKhe na?Niyabo? Yilokho uNkulunkulu akwenzayo. Futhi besingabukaphandle, noma ubani o—onobuhlakani uhhafu, ubengabukaphandle futhi abone ukuthi uNkulunkulu, ukuthi ubuKristubesekeleke phezu kokuvuka.27 Manje, uma ngiwisa lophisi kwiphansi lendlu, manje,uye phansi. Bese ngiza ngapha bese ngicosha into ethizeefananayo. Manje, lokho akusikho ukuvuka. Lokho ngukubekaokunye esikhundleni sokunye. Kodwa, ukuvuka, ngukwenyusalo ofanayo. Futhi siyabuya futhi. Nje…Utshala uhlamvulommbila ophuzi, luyoveza olunye uhlamvu lommbilaophuzi. Niyabo? Futhi sishona phansi, singofayo, sivukesingongasayikufa. Futhi sijabula kakhulu ngalokho namhlanje.Nalokho yi…Lonke ithemba lethu lamaKristu lakhelwe laphongqo, lapho ngqo, kuphela.28 Ngakho, ukuba sibe ndawonye futhi sihlale ezindawenizaseZulwini kanje kuKristu Jesu, inhlanhla enje pho kithi sonke,abancane nabadala, sibheke lesosikhathi lapho uJesu ezofika.29 Manje, nenhlangano yebandla enje, noMoya kaNkulunkuluphakathi lapha indlela Oyiyo, bengingakhuluma ngiqhubekekuze kushaye elesishiyagalolunye nqo kulobubusuku, nomaelesishiyagalombili nqo, isikhathi sokwenza phansi ukuyaebandleni iFoursquare, futhi ngibe ngisalokhu ngizizwa

Page 6: ZUL63-0113M Ukuyeka Ingcindezi VGR - Branhamdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL63-0113M Letting Off...4 IZWIELIKHULUNYIWE 17 Ukuba-ke uhlanga oluncane lommbila belungathi, “Ngiyaxolisa.Akukholuthooluhlengami.Futhibengingenaju

6 IZWI ELIKHULUNYIWE

ngikahle. Kodwa sifanele sidede. Abafuni ubhontshisi ukubaushe, kanjalonjalo, niyazi. Ngakho singenela nje isikhathiesincane senhlanganyelo, futhi sibe lapha. Lomfowethuothandekayo nomhlambi wakhe omncane, enigogobele lapha.Futhi singenela ukwabelana phansi kwesihlahla senu, ukuhlalaphansi futhi sibe nenhlanganyelo encane.30 Ngakho asifunde elinye iZwi eBhayibhelini likaNkulunkulu,futhi sithathe nje indikimba encane futhi—futhi sikhulumeimizuzwana embalwa. Singakakwenzi lokho, asikhothamiseamakhanda ethu nje futhi sikhulume kuMqalisi waLokhu,singakasondeli eZwini laKhe.

Angazi noma ngabe manje, namakhanda ethu ekhotheme,ukuthi singabakhona yini isicelo ndawondawo endlini,obungafuna sibalulwe, phambi kukaNkulunkulu na? Sigcineenhliziyweni yakho, futhi nje uphakamise izandla zakho,umzuzwana nje. UNkulunkulu anibusise.31 BabawethuwaseZulwini, impela singabantu abanenhlanhlakulokhu ukusa, ebusweni balelizwe eliguqukayo. Futhisibambe isandla sikaNkulunkulu ongaguqulekiyo. Izikhathizingashintsha, kodwa UPhakade. NeZwi laKhe lisenhliziyweniyethu. LiyisiGcino semicabango yethu—yethu. Ihlala njaloishushumba ibuyele kuleloZwi. Akunandaba ukuthi sidukelakuphi, ubuyela eZwini. Uyisigxobo sokubophela enhliziyweniyethu. Sinokubonga ngalokho.32 NgiyaKubonga, Nkosi, ngalendawana encane phandlelapha eMgwaqeni uForty-Fourth, lapho iVangeli lishunyayelwakhona nendawo enikelwe, nabantu bazehlukanisele Wena.Futhi ngikhulekela ukuthi izibusiso zaKho ziyohlala zinabonjalonjalo. Bandise ekwazini kweZwi laKho nokomusa waKho,futhi ubaphe izinto ezinhle zokuphila, nokuPhila okuPhakade,ukuze sonke size endaweni eyodwa, leloZulu elikhulu, sukulumbe lapho uJesu efika.33 Sibusise, ndawonye. Bese ubuka lezozandla, Baba,esiphakanyisiwe emizuzwaneni embalwa edlule. Phansingaphansi kwalesosandla bekuyi—yisizathu sokubasiphakanyiswe. Ngiyakhuleka, Nkulunkulu, ukuthi Wena Owaziizimfihlo zenhliziyo uzopha lesosicelo. Nginikela umkhulekowami nowabo, phezu kwe altare laKho namuhla. Phendula,Baba. Ngikhuleka eGameni likaJesu.34 Busisa amaZwi kulokhu ukusa. “Umzindlo wezinhliziyozethu wemukeleke kuWe.” Busisa iZwi laKho njengobasiLifunda. Namanothi amancane ezingqikithi, esizoLichaza.Wena yiba nathi futhi usisize. Ukuthi, uma sesisuka lapha,singahamba futhi sithi, “Izinhliziyo zethu bezivutha phakathikwethu, ngoba siwezwile amaculo aseZiyoni, ubufakazibenhliziyo, neZwi lafakaza enhliziyweni yethu.” EGamenilikaJesu. Amen.

Page 7: ZUL63-0113M Ukuyeka Ingcindezi VGR - Branhamdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL63-0113M Letting Off...4 IZWIELIKHULUNYIWE 17 Ukuba-ke uhlanga oluncane lommbila belungathi, “Ngiyaxolisa.Akukholuthooluhlengami.Futhibengingenaju

UKUYEKA INGCINDEZI 7

35 Manje, izikhathi eziningi, ngiyakuthanda nje ukuxoxa.Futhi angikwazi ukwenza okuningi kakhulu kwakho, lokhusekucishe impela kube eleshumi nambili manje. Futhi ngakhosizonicela, mhlawumbe, ukuba niphenye emiBhalweni, umaningathanda uku—ukufunda imiBhalo nathi, noma niwumakephansi.36 Kuqala, ngifuna ukufunda eNcwadini yeZaga. Ngikholwaukuthi ngiphenye kulokho kulokhu ukusa, ngenkathibengihamba ngihlola. IZaga, isahluko 18 nevesi 10.

Igama leNKOSI lingumbhoshongo onamandla:olungileyo ugijimela kuwo, alondeke.

37 Bese kuthi-ke kuIsaya 32:2, ngifuna ukufunda lokhu, 32:1nele 2.

Bheka, kuyakuba-khona inkosi ebusa ngokulunga,isikhulu zibuse ngokwahlulela.Umuntu uyakuba yindawo yokucashela umoya,

nesivikelo esivunguvungwini; njengemifula yamanziendaweni eyomileyo, njengomthunzi wedwala elikhuluezweni eliyethileyo.

38 Lokhu kungahle kubonakale njengendikimba eyinqabakakhulu, ukudonsa lesisiphetho kuyo, kodwa ngifunaukuthatha indaba kulokhu ukusa yokuthi: Ukuyeka Ingcindezi.Kubonakala kufanelana impela kulolusuku. Futhi ngivukesekuleyithi izolo ebusuku, futhi—futhi sekuthi akube, lapha,phakathi kweleshumi nambili nelokuqala nqo, bengi—ngizamaukucabanga, “Manje, ngiyaphi ekuseni na?”39 Futhi bangitshele ukuthi, “Enhla kuleyoChurch of Godencane obucabanga ukuthi ibiyinhle kakhulu, enhla laphoeMgwaqeni uForty-Fourth noma uMgwaqo ophahlwe yizihlahla,noma ngabe uyini.”40 Ngase ngithi, “O, ngiyayikhumbula leyo.” Ngasengicabanga, “Ngizothini na?” Ngathi, “Awu, manje,ngiyakhumbula ngigcina lapho, ngazizwa nje kanjalongisekhaya, ngaziphumuza nje.” Ngase ngicabanga, “Leyokungaba yindikimba enhle, nje, ‘Ukuyeka ingcindezi.’ Leyoyinto enhle ukukhuluma ngayo, ngikulelobandla elincane,ekuseni.” Futhi manje…Ngase ngibhalabhala phansi amanothiamancane ambalwa lapha, engingahle ngiphawule ngawoimizuzwana embalwa.41 Futhi siphila osukwini lwengcindezi enkulu. Ndawo zonke,wonke umuntu unobuphakuphaku kakhulu. Futhi ezansiemgwaqeni ngemoto enejubane elikhulu, futhi abakwaziukulindela isitobhu layithi, futhi, niyazi, futhi bakugayise. I…Abayi ndawo, lutho nhlobo, abahambi. Bagijima kakhulu njesengathi bayajaha, kodwa bajaha nje babheke ngasePhakadeni,yilokho kuphela engikwaziyo. Futhi ba…Futhi ufanele

Page 8: ZUL63-0113M Ukuyeka Ingcindezi VGR - Branhamdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL63-0113M Letting Off...4 IZWIELIKHULUNYIWE 17 Ukuba-ke uhlanga oluncane lommbila belungathi, “Ngiyaxolisa.Akukholuthooluhlengami.Futhibengingenaju

8 IZWI ELIKHULUNYIWE

ubhekisise ngapha nangapho. Futhi—futhi—futhi manje-ke yi…Ngathi, “Kunezigaba nje ezimbili zabantu eziphilaezansi lapho, nalowo ngabasheshayo nabafileyo. Nalaboabangasheshiyo, bafa ngokushesha.” Futhi ngi—ngi…He!Kuyingozi ukuphepha, ngalezizinsuku, ngukushesha, ukujaha.

42 Ulaka? O, he! Inenekazi elincane bandla, izolo, ngi…UMfowethu Williams, ngiqagele, ubengakuqapheli. Kodwabesizojika. Besihambe ukuyobona indodana yakhe, futhiibingekho ekhaya. Futhi besijika. Nelinye inenekazi elincane,besifanele silandelele lokho, lithe ukwenza okusabhola elincaneelinewuli. Futhi, ngani, noma ubani ubefanele abe nakho, abengumnumzane ohlonipheke ngokwenele ukuba athi, “Kulungile,medemu. Qhubeka. Kulungile.”

43 Kodwa kwenzekile lajikela ngakwesokunxele, lajika phambikomunye umfo, futhi, o, he. Ubuso bakhe bebuklwele babomvu,futhi ubehlise ifastela, futhi nje esho yonk’into. Kusobala,inenekazi elincane beliziphushela izinwele zalo nje futhiliqhubeka. Li…Niyabo? Futhi wama ngqo emgwaqeni, futhiubecishe asimise impela, niyabo, ukuba nje alibhavumulele.

44 O, yisikhathi esesabekayo! Akusiso na? Siyaphi na? Yiniukujaha na? Sasivame ukuhamba ngehhashi elidala sijikangekhona, sithathe isikhathi sethu, siphila isikhathi esideesiningi kakhulu. Futhi siluhlobo olufanayo lwabantu. Futhinakho lapho esikhona, o, wonk’umuntu ebhema usikilidi, nje—nje ewuphafuza.

45 Ezansi eTucson, ngeviki eledlule, ngaqaphela abantwanabemi. Intombazanyana, into encane enhle, yayithi ayibeneminyaka eyishumi ubudala. Futhi yona, izihlathi zayoezincane, konke kwakuboqokile. Nezayo ezincane, izinweleezimnyama, umfo omncane obukeka ethandeka. Futhi wayemingakhona, ebhema usikilidi ngaphambi kokuba angene.Manje, lowomntwana mhlawumpe wayene TB, mhlawumbenje eguliswa yimizwa. Manje, mhlampe isizathu sokuthiwayebhema, unina wabhema phambi kwakhe.

46 NgangiseWorld’s Fair ngalonyaka, futhi ngiqagele abaningibenu babekhona. Futhi ngathokozela into eyodwa, lelokwakuyiGumbi lokweLaphela. Futhi ngenkathi belapho,befakazisa ukuthi ukubhema kwenzani, babenaloYul Brynner,futhi—futhi nanikhona, nakuqaphela. Futhi bathatha usikilidi,base bewubeka phezu kwe—kwento, base behosha intuthu,base beyisakaza ivundla ocezwini olumhlophe lwemabula,base besula leyonjimbilili ngophisi wokotini, base beyibekaemhlane wegundwane. Futhi ezinsukwini eziyisikhombisakwase kukhona omningi kakhulu umdlavuza, igundwanelalingasakwazi ngisho nokuhamba, osuka enjimbililini yosikilidiowodwa.

Page 9: ZUL63-0113M Ukuyeka Ingcindezi VGR - Branhamdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL63-0113M Letting Off...4 IZWIELIKHULUNYIWE 17 Ukuba-ke uhlanga oluncane lommbila belungathi, “Ngiyaxolisa.Akukholuthooluhlengami.Futhibengingenaju

UKUYEKA INGCINDEZI 9

47 Wayesethi-ke udokotela, “Nibezwile abantu bethi…”Wayeseyiphendula, wayeseyifaka phansi kweshubhu,wayesededela lentuthu ifuqelwe phezulu yedlule kolunye uhlobolwesithako ikhemikhali, phansi kwalapho kwakungumushweomhlophe. Wathi, “Nanko umdlavuza.”48 Wayesethi-ke, “Nibezwile abantu bethi, ‘Angiyigwinyi.’”Ngakho wayihoshela emlonyeni wakhe kanjalo, wayiphafuzelaphakathi, wayesebeka umlomo wakhe kulelishubhuwayeseyifutha, futhi yayingasekho cishe yonke kulo, nhlobo.Wathi, “Uphi umdlavuza na? Emlonyeni wami. Ngiyawugwinyawehle ngomphimbo wami. Uyawucosha, umphimbo wami,bese ungena esiswini.” Futhi manje-ke lokho kwakungokuhleokudlula konke kwezwe, khumbulani.

Futhi manje-ke uyaqhubeka futhi uthi, “Abantu bathi,‘Sebenzisa isihloko sehluzo.’”49 Nikuzwile lokho, “Ukubhemakwendoda ecabangayo,” nomaolunye uhlobo lwesiqubulo. Uma indoda icabanga, nhlobo,ingeke ibheme, nhlobo. Hhe-e. Akusiyo indoda ecabangayo;yindoda engacabangi, eyobhema owodwa.50 Kodwa, wadonsa logwayi. Wathi, “Manje, niyabo, intokuphela okuyiyo, ngumphakathi awuhlakaniphile ngokweneleukuba ubambe lokhu, futhi nokho sifanele ukuba ngabantuabanobuhlakani.” Wathi, “Uma ungatholi ntuthu, awutholimiphumela. Futhi uma uthola intuthu, uzofanele ube netiyelaukuba uthole intuthu. Netiyela yilapho umdlavuza ulelekhona. Kuthatha itiyela ukwenza intuthu.” Wayesethi, “Intokuphela, ukubabhema benezihloko kubo, ubhema cisheabathathu, ukuthola ukweneliseka kowodwa ngesinye isikhathi.Unolinganayo ofanayo kuwe, impela.” Niyabo? NomphakathiwaseMelika ufuna unogwaja esigqokweni. Banawo. Kunjalo.Nakho lapho okhona. Niyabo?51 Kwase kuthi-ke ngenkathi sebekhipha lelogundwane.Babekhiphe elilodwa, njalo ezinsukwini eziyisikhombisa.Kwakuyinto ebonakala yesabeka kakhulu kakhulu kwengakengayibona. Kwakukhona umfo omkhulukazi ehlezi ecelenikwami, wathi, “Whewu,” umjuluko wehla kuye. Wathi,“Kwethusa ngempela!”

Ngathi, “Uyabhema?”Wathi, “Yebo.”

52 Nakho lapho okhona, kodwa nokho, siqhubeka ngqosikwenza. Ngani na? Sizama ukuthola into ethize ukuthulisa,isidikizisa-mizwa esithize. Kubonakala sengathi izwelisejubaneni elephula intamo, futhi angazi ukuthi—ukuthibachaza ukuthini.53 Kodwa kunesidikizisa-mizwa samaKristu. Kukhona i—isidambisi-zinhlungu esithize, sivela kumnduze. Nebandla

Page 10: ZUL63-0113M Ukuyeka Ingcindezi VGR - Branhamdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL63-0113M Letting Off...4 IZWIELIKHULUNYIWE 17 Ukuba-ke uhlanga oluncane lommbila belungathi, “Ngiyaxolisa.Akukholuthooluhlengami.Futhibengingenaju

10 IZWI ELIKHULUNYIWE

lamaKristu linaso isidambisi-zinhlungu, futhi sivela kuMnduzewesiGodi. Ehhe. Sidambisa zonke izinhlungu. Futhisekuphele konke-ke ngaleyonkathi, uma uthola lesisidambisi-zinhlungu samaKristu. LeliWayini elisha ababenalo ngoSukulwePhentekoste, niyabo, sidambisa ubuhlungu.54 Abantu, ngokuzidla kakhulu, futhi benza izintoabangafanele bazenze. Esikhundleni sokuzama ukuyekaimbangela, babeka nje enye imbangela nayo. Awusoze watholaikhambi uze uyeke imbangela.55 Umuntu uzama ukuthola into ethize yokwenelisa, futhiuyoma. Futhi uNkulunkulu wamenza ukuba ome. Lokho,wakhiwa ngaleyondlela, kodwa uNkulunkulu wamakhangaleyondlela ukuze omele Yena. Kodwa uzama ukukwenelisa,futhi athulise lolobizo olungcwele olukuye, ngezinto zezwe.Futhi asinalungelo lokwenza lokho. Manje, kodwa abantubenza okungalungile, njalonjalo. Esikhundleni sokuyaendaweni ukuba bayeke imbangela, sizama ukuyithulisangezidikizisa-mizwa, nophuzo, nokubhema, futhi sibekaokuningi ngokwedlulele kukho, sikunqwabela, ngasosonkeisikhathi, sikwenza kube kubi kakhulu. Futhi konke lokhukuphela kwakha ingcindezi. Kukwenza nje kube kubi kakhulu,ngasosonke isikhathi. Kungekudala…56 Nina, no—nonke mhlampe niyazi ukuthi ngenzaokuninginingi kokudubula inkololo nokuzingela. Yilokhoenginakho njengomsebenzi wokuzilibazisa. Omunye umfowethuwayethumele ngale e—eNkampanini iWeatherby futhiwayethathe i—imodeli 70 Winchester, njengoba abanyebophathini bami abazingelayo phakathi lapha bezokwazi. Futhiyaphinde yabholelwa kwiWeatherby yezinhlamvu ezinkulueziyizimbumbulu i.257. UArt Wilson upha uBilly Paul isibhamuingebe, futhi uyinxele. Futhi sasinebhawodi, futhi nje ungiphasona.57 Omunye umfo uyangena, wathi, “Awuna Weatherby, ngakhongizophinde ngikubholele yona.”58 Futhi ekuphindeni ibholwe, babengafuni ukukuvuma,kodwa abaphindanga bayibhola kahle. Futhi abakwenza,emuva…Nina enihlohla ngesandla niyazi, lokho, emuvangemuva kweringi yayithola ingcindezi. Futhi ngenkathingidubula ukudubula okumbalwa kwezinhlamvu phakathikuyo, ngaqaphela isivalo sasihlehla, futhi kwakukhonaingcindezi. Awu, ngangazi ukuthi inhlamvu ngokoqoboyayihlohlwe phansi kokuhlohlwa osekufike ekugcineni,ngakho yayingakwazi ukuthola ingcindezi kulokho. Kodwayayingabholiwe kahle.59 Nenhlamvu elandelayo eyayilele phezulu, ukubakwakungenganxa kaNkulunkulu, ngangiyolahlekelwa yimpiloyami. Savele nje, sonke isibhamu ingebe, saqhuma futhi

Page 11: ZUL63-0113M Ukuyeka Ingcindezi VGR - Branhamdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL63-0113M Letting Off...4 IZWIELIKHULUNYIWE 17 Ukuba-ke uhlanga oluncane lommbila belungathi, “Ngiyaxolisa.Akukholuthooluhlengami.Futhibengingenaju

UKUYEKA INGCINDEZI 11

sasakaza izihlahla zaphuma ngakimi, kanjalo. Cishe ophakemenjengalendlu, umlilo obomvu waqhuma. Nombhobhowesibhamu esikhulu waphuma endaweni engamayadiangamashumi amahlanu, nebhawodi ladlula phezu kwekhandalami ngemuva, ngapha. Isibuko esandisayo saqhuma, sisondelekangako emehlweni ami. Futhi—futhi ngangingenaluthoesandleni sami; sasakazeka nje.60 Igazi litsaza ndlela zonke, ukusukela ngakimi, futhi sasikudele nodokotela. Futhi bangibona. Futhi angikhulumanga kumbenoma yini. Futhi ngangibambe igazi phakathi, kanje. Ngalisusa,futhi latsaza nje konke phezu komfowethu emi lapho, ngasengikubuyisela emuva.61 Ngathi, “Nkosi Jesu,” enhliziyweni yami, “UnguMphilisiwami.” Ngehlisa isandla sami. Layeka.62 Ngakho kwakuyini indaba na? Isibhamu ingebe sasizamaukudubula inhlamvu ngempela eyayingenzelwe isibhamuingebe. Ukuba isibhamu ingebe sasakhiwe kusukela ekuqaleni,siyisibhamu iWeatherby Magnum, sasingeke sisakazeke. Kodwasasizama ukufaka inhlamvu yeWeatherby esibhanyini esikhuluiWinchester, futhi ngeke kusebenze.

Futhi niyazibona izibazi ngapha naphezu kwamehlo ami,nezingcezu eziyishumi nanhlanu zahamba nje ngaphansikokubona. Ngenkathi udokotela ebuka esweni lami, wabhalelaumfowethu emphendula, udokotela. Wathi, “Into kuphelaengiyaziyo, ukuthi uNkulunkulu ubehlezi kulelobhentshinenceku yaKhe. Leyondoda yayinaye, phandle e…ibizaimijovo, okwakufanele nje ikuthole kusukela okhalwenilwayo kwehle.” Wathi, “UNkulunkulu ubenayo.” Futhiwathi, “Ukudubula, i—izingcezu zesivalo, sabeka izingcezueziyishumi nanhlanu zayothi ngqi emva kwembulunga yeso,ngaphansi kokubona nje.” Akuzange kungihluphe nakancane.Izinsuku ezimbili noma ezintathu kamuva, ubuso babubukekanjengehembeka, kwase kome konke futhi kungasekho.63 Kodwa kwakuyini na? Kwakungenxa yokuthikwakuyinhlamvu esibhanyini ingebe eyayingenzelwe sona.Yayenze ingcindezi. Manje, uma isibhamu ingebe sasenziwe,futhi kulesisibambi lapho inhlamvu yashelelela khonakusuka kumagazini kuya embhobhweni, lapho kuhlohlwakhona inhlamvu, uma lapho kuhlohlwa khona inhlamvukwakwenziwe kahle, kwakuyobamba ingcindezi. Nengcindeziiphuma ngalendlela. Kodwa esikhundleni, kwakungabambekile.Naleyongcindezi, inhlamvu ibuthakathaka kunombhobho,kusobala, yaqhuma ngalendlela, futhi kwaqhumisa isibhamuingebe emuva ngalendlela.64 Umbhobho awulimalanga; wavele nje wakuqhumisa.Kusobala, ngokuphelele kwadlavaza yonke into kusukangakuwo. Awubanga usasetshenziswa. Kodwa igobolondo

Page 12: ZUL63-0113M Ukuyeka Ingcindezi VGR - Branhamdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL63-0113M Letting Off...4 IZWIELIKHULUNYIWE 17 Ukuba-ke uhlanga oluncane lommbila belungathi, “Ngiyaxolisa.Akukholuthooluhlengami.Futhibengingenaju

12 IZWI ELIKHULUNYIWE

lalisalokhu linamathele embhobhweni. Niyabo, lalinga…Manje, ukuba kwakukade kuyizinhlamvu ezihlohlwengokweqile, kwakuyoqhumisa umbhobho. Kodwa, niyabo,phakathi lapha, ingxenye ewugqinsi olukhulu kunalolonkeyesibhamu ingebe, yaqhuma ngemuva ngalendlela yase ishayaisikhiye saxega. Manje, ukuba sasikade sakhiwe, iWeatherbymagnum, sasingeke neze siqhume. Sasizama ukufaka into ethizeentweni ethize eyayingesiyo eyalapho.65 Yileyondlela yesehlakalo somKristu, uma abantu bezamaukufaka okubandayo, ukuvuma ngamehlo nje eBandlenielinamandla lephentekoste, noma isehlakalo, ngaphandleuma lowomuntu akhiwe kusukela emhlabathini kwenyuke,akhiwe kwenyuka, wazalwa ngokusha, waphinda ukuzalwa.Abazifanisa nabanye abantu banamahlanje, behambahamba,bezama ukuzifanisa nokukhuluma ngezilimi, bezamaukuzifanisa nalokhu futhi bezifanisa nalokho, iziphiwo, umabengazelwe ngokusha.66 Futhi uma bezelwe ngokusha, bangeke bazifanise nomunyeumuntu, ngoba bakhelwa lezozinto. Bazelwe, baphinde bazalwa,baphinde babunjwa; hhayi nje into ethize epheshiwe, futhibaxhawulana, futhi wathola amadlingozi, futhi wasina ngasealtare izikhathi ezimbalwa, futhi athi, “Senginakho.” Kuyintoephinde yabunjwa, futhi yaphinde yazalwa, futhi iba isidalwaesisha. Khona-ke ingayimela ingcindezi yokuhlushwa nezintoelandela impilo yokomoya. Ufanele wenziwe futhi wakhiweukuba umele ingcindezi. Futhi yinye kuphela into engakwenza.Kungalenkathi ungena endlini kaNkulunkulu yokubumba,futhi ubhidlizwe futhi uphinde wakhiwe, isidalwa esishakuKristu uJesu.67 Ngangiphandle esibhedlela lapha, kungekudala, futhinga—ngangizokhulekela inenekazi. Futhi kwakukhona elinyeinenekazi lilele eduze kwalo. Futhi ngalibona linokwethukakonke, futhi ngangiqala ukukhuluma ngomkhuleko. Futhingathi, “Awu, sizokhothamisa amakhanda ethu senzeleumkhuleko,” ngasho.68 Lathi, “Awume kancane! Awume kancane! Awume kancane!Donsa lelokhethini.”

Ngathi, “Yebo,memu.”Ngathi, “Bengizokhuleka kuphela.”

Lase lithi, “Donsa lelokhethini.”

Ngathi, “Yebo, memu. Awusilo ikholwa na?”

Lase lithi, “SingamaMethodisti.”69 Ngathi, “Awu, lokho impela kuzwakalisa lokhuengikubuzile.” Niyabo? Ya. Ya. Ya. Niyabo? Ya. Angizangengilibuze ukuthi dlangala lini elalikhonza kulo. Ngalibuzaukuthi laliyikholwa yini. Niyabo?

Page 13: ZUL63-0113M Ukuyeka Ingcindezi VGR - Branhamdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL63-0113M Letting Off...4 IZWIELIKHULUNYIWE 17 Ukuba-ke uhlanga oluncane lommbila belungathi, “Ngiyaxolisa.Akukholuthooluhlengami.Futhibengingenaju

UKUYEKA INGCINDEZI 13

70 Onke lamadlangala asixova sonke. Ungeke walijoyinaibandla. Ayikho into enjengaleyo. Ungalijoyina idlangala.Ungalijoyina idlangala leMethodisti, idlangala leBaptisti,idlangala lePresbyterian, noma idlangala lePhentekoste. Kodwaungeke walijoyina iBandla. Ufanele uzalwe. Yingalesosizathu,sinokuningi kakhulu ukuqhuma. Niyabo? Ingcindezi iyakha,futhi uya lapho-ke. Uthi, “Awu, ngikhonza kuleli.” Kodwa lokhoakusho ukuthi…71 Ufanele wenyuke usuka emhlabathini, wenyuke, ukumelaingcindezi yalolusuku. Uma uNkulunkulu efaka ukuvuselelaamandla kwaKhe okukhulu kukaMoya oNgcwele lapho,kungconowazi ukuthi wenzani. Kungcono ukulungele.72 Manje, uma u—uma uthi ukuphinde ubholele ngaphandleinto ethize, uthi, “Ngisilindele ubusuku bonke isiphiwo,”kungcono uqaphele. Singahle siqhume, uyabo, futhi kubuyakuwe.73 Ngiza esibhedlela, ngacabanga, ngangiza neno ngehlangobunye ubusuku, futhi—futhi ngathunyelelwa…KwakunguMfowethu Neville, ucingo lomelusi, futhi nga—nga—ngaluthatha, ngoba ngangivela eLouisville. Futhi lwathiinenekazi laligula kakhulu. Ngase ngiphumela esibhedlela laphoeJeffersonville, futhi kwakukhona inenekazi lapho. Futhi ngi…Bangitshela, “Yana egumbini 322. Inenekazi lalilapho.”74 Ngangena. Ngathi, “Ngabe likhona elemibhede ‘emine,’iwadi na?” Ngathi, “Ngabe likhona inenekazi, u S’bani-bani,lapha na?”

“Qhabo, mnumzane. Alikho lapha.”

Ngathi, “Mhlawumbe ngenze iphutha. Ngiyaxolisa.”75 Ngase ngibuyela emuva ngiphuma. Nonesi wayezaehla ehholo, futhi wayethe ukujaha. Ngathi, “Nenekazi,ubungangitshela ukuthi ngabe inenekazi elithize liphezululapha kuleliwadi, noma likuphi na?”76 Lathi, “Anginasikhathi sokuba ngenze izintoezinjengalokho. Futhi awuboni yini ukuthi ngijahile na?”

Ngathi, “Ngiyaxolisa.”77 Ngenyukela edeskini, ne—nenenekazi lalihlezi laphoedeskini, unesi. Ngase ngithi…Lalibhala into ethize.Ngangilokhu ngilindile. Langibuka; laqhubeka nokubhala nje.Awu, ngalinda lapha emzuzwini embalwa. Ngathi, “Sawubonakusihlwa.” Alizange lithi vu. Ngase ngicabanga, “Awu?”Ngathi, “Ubungangitshela ukuthi likuphi inenekazi elithize na?Ku…Ngingumfundisi. Ngithunyelwe lapha endaweni ethize,egumbini 322, bangitshelile.”

Lase lithi, “Awu, hamba-ke uye egumbini 322.”

Page 14: ZUL63-0113M Ukuyeka Ingcindezi VGR - Branhamdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL63-0113M Letting Off...4 IZWIELIKHULUNYIWE 17 Ukuba-ke uhlanga oluncane lommbila belungathi, “Ngiyaxolisa.Akukholuthooluhlengami.Futhibengingenaju

14 IZWI ELIKHULUNYIWE

Ngase ngithi, “Nenekazi, kade ngisegumbinilesithathu-…”

Lathi, “Ungibuzelani, pho? Hamba edeskini elisesiteziesiphansi.”

Ngathi, “Awu, ngiyabonga.”78 Ngaqala ukuya esitezi esiphansi, ngase ngifika phansi lapho.Ngase ngibuza unesi phansi.Wayengazi lutho ngakho.79 Nakhu kuza udokotela omncane, phansi edlula phansi,nemishini yakhe isteriyoskopu esandleni sakhe, ehambaeyishwiba shwiba kanje. Okuncane…Angikaze ngiyiboneindoda ekhuluphele kangaka! Yayi—yayi…Qiniso, ngikholwaukuthi yayibanzi kakhulu kunoma yayiyinde. Yayihamba…noma, “yayiphakeme, njalo.” Ngakho yayehla, ishwibalamasteriyoskopu ngezandla zayo. Ngase ngithi, “Uxolo,dokotela. Ubungangitshela ukuthi kukuphi…”

Wathi, “Yebo, yebo, kungemuva, ngapho,” washo.“Ngiyabonga, mnumzane.”

80 Ngehla ngenye indlela. Ngacabanga, “Awu, manje,ngizokwenzenjani na?”81 Wayesehla, wahlala phansi emva kwedeski. Futhiangibonanga muntu omunye. Ngacabanga ukuthi kungconongihambe ngenyuke bese ngimcela futhi. Ngathi, “Ngiyaxolisa,mnumzane.” Wayelokhu ebuka enye into nje, niyazi. Ngasengithi, “Ngabe i…Ngifuna ukwazi ukuthi likuphi igumbi…”

Wathi, “Lingemuva ngapho.”Ngathi, “Igumbi 222, angitholi ukuthi iyiphi indlela

yokuhamba.”Wathi, “Hamba ngapha nje, nangapho. Uzolithola.”

82 Kuyini na? Ingcindezi, niyabo, ingcindezi yakheka.Angahle ukuba uvela esejari. Angahle ukuba wacabangaukuthi wayene…ukuthi ngangingafanele ngimbuzelokho. Kwakungaphandle kwamahora okuvakasha, qiniso.Wayesecabanga-ke, “Omunye umshumayeli nje. Makahambe.”Niyabo?83 Izwe lakhelwe phezu kwengcindezi nje. Lizoqhuma,ngolunye lwalezizinsuku. Izwe, lakhiwe ligcwele ingcindezi,nodokotela abazi ukuthi bazokwenzenjani ngakho. Izazizokusebenza kwengqondo sinezazi zokusebenza kwengqondoezizinyangayo. Kunjalo. Abanayo impendulo, kodwauNkulunkulu unayo. UNkulunkulu unempendulo kukho konkelokhu.84 ETestamenteni eLidala, uma umuntu wayenze intoengalungile, manje, kwakuyizinyo ngezinyo, neso ngeso.Futhi uma lomuntu wayenze into engalungile, wayenendawoyokuphunyuka. Ngikholwa ukuthi uJoshuwa wayakhe izindlu

Page 15: ZUL63-0113M Ukuyeka Ingcindezi VGR - Branhamdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL63-0113M Letting Off...4 IZWIELIKHULUNYIWE 17 Ukuba-ke uhlanga oluncane lommbila belungathi, “Ngiyaxolisa.Akukholuthooluhlengami.Futhibengingenaju

UKUYEKA INGCINDEZI 15

zokuphephela. Futhi uma abantu babenze into engalungile,futhi babefanele ukuthi babulawe, kodwa babenendawoyokuphephela lapho lomuntu ayengabalekela khona, lomuziwokuphephela. Futhi wayelondekile uma abaxoshi bakhebengamficanga ngaphambi kokuba afike lapho. Yena…Kodwauma abaxoshi babemficile, ba—babembulala, endleleni.85 Kodwa uma efike lapho, futhi uma wayenze lobubugebenguhhayi ngamabomu futhi akwazi ukudlulisa icala lakhe, futhiakhombise ukuthi wa—wayezisola ngokuthi wayekwenzile,khona-ke wayelethwa kulomuzi wokuphephela, nabaxoshibabengenakungena emzini. Qhabo. Wa—wayelondekile.Kufanele ukuthi lokhu kwakungukuzwa okunjani, ukwaziukuthi wenze into ethize e—eyayingalungile, futhi uyazi ukuthiyayingalungile, kodwa kunendawo lapho ongeke usadingekakhona ukuba ubuye ukhathazeke, ningene kulendawo futhinilondeke.86 Manje, uma umuntu ekwenze ngamabomu, awu, khona-kewayedingeka a…Yena, wayengenakungena. Uma wayebulalengamabomu, icala lakhe lalithethwa esangweni. Nalokhoyi…Kodwa umuntu owaye funa, futhi engakwenzangangamabomu…87 Njengoba nje benginganikeza isifanekiso sakho. Umaumuntu enze okungalungile, futhi ngempela efuna…yena,uyazisola ukuthi wonile, kunendawo yokuphephela. Kodwauma engenandaba nje, khona-ke akunandawo yakhe, ngobaakazukukwamukela. Usevele ukushilo, futhi wayefuna,akunathuba labo. Futhi lokho kuyafana njengoba kunjalonamhlanje.88 Bese kuthi-ke, into kwakungukuthi, uma wayenzeokungalungile ufanele afune indawo yokuphephela. Ufaneleafune ukuba lapho.89 Naleso yisifanekiso esihle kakhulu sebandla namhlanjenabantu. Umuntu uzofanele afune indawo yokuphephela.Ufanele usizwe isidingo sakho. Kodwa uma ucabanga ukuthiufuna ukulwa izimpi okungezakho, qhubeka. Niyabo? Kodwauqinisekile ukuthi uzobanjwa ngabaxoshi bakho. Kodwa sukulumbe kuzokubamba. Kodwa uma ufuna indawo…90 Bese kuthi-ke uma umuntu efuna indawo, futhi wayitholaindawo, ufanele avume ukuhlala lapho. Awube usaphuma.Uhlala lapho, khona-ke ulondekile uselapho. O, kufanele ukuthilokho kwakungukukhululeka okukhulu, ukuthola indawo. Uthiungangena nje emasangweni, namasango avaleke emva kwakho,ngizokweneliseka. Yebo, mnumzane.91 Ufanele afune ukuhlala lapho, akukho kukhononda;ahambahambe futhi athi, “O, ngize ngangena kanjani laphana?”

Page 16: ZUL63-0113M Ukuyeka Ingcindezi VGR - Branhamdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL63-0113M Letting Off...4 IZWIELIKHULUNYIWE 17 Ukuba-ke uhlanga oluncane lommbila belungathi, “Ngiyaxolisa.Akukholuthooluhlengami.Futhibengingenaju

16 IZWI ELIKHULUNYIWE

92 Manje, yileyondlela nje abantu enza ngayo namhlanje. Bathibafuna ukukhululeka eminakweni yezwe, bese-ke bengenae…phakathi kwamakholwa, bese bethi-ke, “Manje, umangizodingeka ngiyeke lokhu, uma ngizodingeka ngenze lokho,uma ngizodingeka ngikhokhe okweshumi, uma ngizodingekangenze lezi, nale ezinye izinto, kanjani, o, he! Ini na?” Niyabo?Khona-ke lowomuntu, ekhononda, wayebuye akhishwe futhi,uzigudluze wena. Kodwa uma waye…Ufanele eneliseke, futhiengakhonondi.93 O, ngithanda kanjani ukusho lokhu! Angikaze ngifuneukuba ngibuye ngiphume. O, kuyiZulu, kimi, ukuhlalaezindaweni zaseZulwini kuKristu Jesu, nabesilisa nabesifazaneobalekele impilo yabo, ezintweni zezwe, futhi bagxiliseokwehange umphefumulo wabo esikhoselweni sokuphumula.O, inhlanganyelo enje pho! O, injabulo yobuNkulunkulu enjepho! Ngencike eNgalweni yaKhe yangunaphakade, ingcindeziyonke ingasekho. Kungekho kwesaba lutho, amen, ngokubangilondekile kuKristu.94 “UnguMbhoshongo onamandla, olungileyo ugijimelakuYe balondeke. UyiDalwa ezweni eliyethileyo, uMphemengesikhathi sesiphepho.” Indawo enje pho ukuba kuyo! A—angiboni lutho engingalukhonondela. Ukukhononda kuphelaenginakho, angikwenzanga ngani kudala ngaphambi kokuthingikwenze na? Ngalinda ngaze ngathi angibe neshuminesishiyagalolunye, iminyaka engamashumi amabili ubudala.Ngangifanele uku…95 Omunye umfo wahlangana nami ngelinye ilanga,umfo osemncane. Futhi ngangikhuluma ngalezi, lelihlazolalamanenekazi phandle emgwaqeni, egqoke lezizingubo,ebukeka efana nabesilisa. Futhi ngangikubeka kanzima impela.Umfo osemncane wahlangana nami ngaphandle emnyango.Wathi, “Umzuzu nje.”96 Futhi kwenziwa lephathi lapha, niyazi, ukutshikiza, ephulaimilenze yawo, nayo yonke into. Ngathi, “Ubuhlanya.” Ngasengithi, “UmKristu wangempela, uma lokho kusezinhliziywenizawo, futhi ezisho ukuthi angumKristu, izithelo zawo—zawozikhombisa ukuthi ayini.” Kukhombisa ukungabi nalutho,kunoma yimuphi owesilisa noma owesifazane ukuzama ukubabazenelise ngento ye—yezwe, isibhucu sezwe; bezama ukubabazenelise, ngenkathi iZiyoni igcwele ubuhle namandla.Yenelisa, ukuyeka ingcindezi, kungani nishintsha ukudlakweziNgelosi ngogaliga baseGibhithe, njengoba uIsrayeliwayefuna na? O, kunendawo yokuyeka ingcindezi! Woza kuyo,futhi uyolondeka uma ungena phakathi lapho. Into enhle kanjeukuyazi! Kulungile. Akukho kukhononda.97 Lensizwa yathi kimi, yathi, “Buka, Mnu. Branham.” Yathi,“Uyindoda, enamashumi amahlanu ubudala.” Yathi, “Awubazisi

Page 17: ZUL63-0113M Ukuyeka Ingcindezi VGR - Branhamdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL63-0113M Letting Off...4 IZWIELIKHULUNYIWE 17 Ukuba-ke uhlanga oluncane lommbila belungathi, “Ngiyaxolisa.Akukholuthooluhlengami.Futhibengingenaju

UKUYEKA INGCINDEZI 17

ubuhle kwabesifazane njengoba ubabona behamba.” Ngathi…Yathi, “Ukuba ubunguntanga yethu…” Yayithi ayibenamashumi amabili-nanhlanu. Yathi, “Ukuba ubunguntangayethu, ubuzokubona ukwehluka.”98 Ngathi, “Mnumzane, ngangishumayela leliVangelielifanayo, iminyaka ngisemncane kunoma unjalo wena manje.Ngathola into ethize nje eyenelisa, into ethize eyiyo ngempela,into ethize, ukuthi yonke enye into iphuphuthekile.”99 Ngingaphakathi koMbhoshongo. Anginazifiso ngishonezokubuka ngaphandle. “Obeka izandla zakhe egejeni,futhi ajike ngisho ukuba abuke emuva, akakufanele ukulimangegeja.” Indawo enje pho ukuza kuyo! Yebo. Ngaphandleuyafa; ngaphakathi ulondekile. Ngena nje futhi uyekeleingcindezi. Yileyonto yokwenziwa. NoKristu unguMbhoshongowethu, yebo, indawo ehlinzekwe nguNkulunkulu yokulondeka.UJoshuwa wakha lezozindlu naleyomizi yokuphephela,noNkulunkulu wasakhela umuzi wokuphephela, lowouseNdodaneni yaKhe, uKristu uJesu. “IGama leNkosilinguMbhoshongo onamandla. Olungileyo ugijimela kuwo futhibalondeke.”

Manje wena uthi, “Uma uthola ukugula ke phakathilapho na?”100 Wathwala ukugula kwethu, kuloMbhoshongo esikuwo.Wathwala ukugula kwethu, emzimbeni waKhe. Sine…101 “Awu,” wena uthi, “uma ke uyetha ngenkathi uphakathilapho, yonke iminako nezinto na?”102 Phosa izinkathazo zakho phezu kwaKhe. Kulotshwe kuzozonke izindonga, konke macala onke, yonke iminyango. “Phosaizinkathazo zakho phezu kwaKhe, ngobaUyakunakekela.”103 Thembela eZwini laKhe elithenjisiwe. AmaZwiaKhe alotshwe enhliziyweni yethu. Izinhliziyo zethuziyizibhebhe zeZwi laKhe, njengoMarta noMariya, nabo bonkengokuhambisana. Niyabo?104 Ngisho nokufa qobo lwakho akukukhathazi phakathi lapha,uma useNkosini. Ngani?Wavuka kwabafile. Asinakukhathazekangalokho. Ukufa kuyafika, njengodade omncane ebesikhulumangaye lapho. Uma sekuyisikhathi sokuhamba, asihambe.Kunjalo. Wenzani na? “Ushintsha lesisidumbu esibi esidalaesinaso, sibe ngumzimba ongafi owenziwe njengomzimbawaKhe uqobo okhazimulisiweyo.” Ubani obengeke ayishintshelendlu yezifo ngento enjengaleyo na? Ngitshele umuntu mumbeobengeke akwenza. Umuntu osemdala, umuntu osemncane,akunandaba uma uneminyaka eyishumi nanhlanu kuphelaubudala, noma ishumi nambili, kumbe noma ngabe kuyini,ukufa kulele emnyango wakho. Awazi ukuthi sikhathisini. Leyonhliziyo yobuntu eshaya kanje, izofanele ime,ngoluny’usuku. Futhi ingahle ime useneminyaka eyishumi

Page 18: ZUL63-0113M Ukuyeka Ingcindezi VGR - Branhamdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL63-0113M Letting Off...4 IZWIELIKHULUNYIWE 17 Ukuba-ke uhlanga oluncane lommbila belungathi, “Ngiyaxolisa.Akukholuthooluhlengami.Futhibengingenaju

18 IZWI ELIKHULUNYIWE

ubudala, iminyaka eyishumi nambili ubudala. Iyakwenza,ngezinkulungwane, nsuku zonke. Kodwa phakathi lapha, e…Lomzimba esizowushintshanisa, igazi aliwushayi mthambo.UMoya oNgcwele uyakwenza. Futhi ungeke wafa. Awufi,uPhakade, futhi ungeke wafa. Isithembiso esinje pho! Yebo,ngisho nokufa, kuyabamba.105 Bukani uIsrayeli. Manje, kwakuza isihlambi sokufakwiGibhithe lonke, noNkulunkulu wenza ukuhlinzeka.Wabenzela isiphephelo. Futhi Wathi, “Nithathe iwundlu futhinilibulale, bese nibeka igazi ekhothamo nasemnyango. Futhinxa Ngibona igazi, Ngodlula kini.” IGibhithe lakuhleka,kodwa kwakuyindlela ehlinzekwe nguNkulunkulu ekufeni.Futhi manje, lapho lawo maphiko okufa amnyama amakhulueshwibeka phansi edabula u—umuzi, futhi umuzi nomuzi, phezukweGibhithe lonke, nalokho kufa kwaqala ukunyakaza kungenakuzozonke izindlu, nokudazuluka kwenyuka; sengiyambonauIsrayeli, eziphumulele nje, eyeka ingcindezi.106 Umfana omncane angahle ukuba wenyukela kuyise,wayesethi, “Babayi, uyazi, ngimzwile nje lowomgijimi ehambaedabula emgwaqeni. UJohnny omncane ebengidlala naye ezansilapho, usefile. Futhi, babayi, ngiyizibulo lakho.”107 Ngibona ubaba omdala esukuma, ekhumula izibuko zakhe,njengoba kwakunjalo, ebeka iBhayibheli lakhe phansi, ethi,“Woza lapha, ndodana.”

“Babayi, kuyeza kwehla ngomgwaqo.”“Yeka ingcindezi, ndodana. Woza lapha umzuzu. Uyalibona

lelogazi?”“Ya, ngiyalibona, babayi.”“Awu, yeka ingcindezi.”

108 Junior, awudingi ukuba usubathe ngejubane udabuleumgwaqo ngemoto yakho enejubane elikhulu. Awudingi ukubawenze lezizinto. Hlola nje bese ubona ukuthi ngabe igazilikhona yini lapho. Yeka ingcindezi. Uma ukufa kungqongqothaemnyango, ngeke kwenza lutho.109 Akukho ngcindezi ngoIsrayeli. Babengayeka ingcindezi,ngoba babelondekile phansi kwegazi. O, he! Lobo busukuobukhulu bephasika, bafanele ukuthi babekade bezithulele,bayeka ingcindezi, ngoba babengahlola futhi babone ukuthibabenegazi. Futhi sebebone igazi, bazi ukuthi Wethembisaukuthi Uyodlula. O, emva kokuba sebelandele zonke iziyalozikaNkulunkulu, uNkulunkuluwethembisa ukudlula kubo.110 Manje, isithombe esinje pho sebandla namhlanje! Manjengizoshesha, kodwa nje ngifanele ngikubeke phansi lokhu lapha,umzuzu nje. Namhlanje njalonjalo sishiya inhlangano yebandlaelilodwa siye kwelinye, sisuse amaphepha ethu ebandlenielilodwa, izincwadi zethu amaletha, siye kwelinye. Uma

Page 19: ZUL63-0113M Ukuyeka Ingcindezi VGR - Branhamdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL63-0113M Letting Off...4 IZWIELIKHULUNYIWE 17 Ukuba-ke uhlanga oluncane lommbila belungathi, “Ngiyaxolisa.Akukholuthooluhlengami.Futhibengingenaju

UKUYEKA INGCINDEZI 19

iMethodisti ingenzi into ocabanga ukuthi ibingafanele yenziwe,uzoyiyisa kumaBaptisti; usuke kwiBaptisti uye kwiPresbyterian;usuke kwelinye uye kwelinye. Niyabo? Yini indaba na?Kukhombisa nje ukuthi awukaze ufike kuleyondawananamanje. Awukaze ufike lapho lapho ongayekela khonaingcindezi. Niyabo? Ubhekisisa into ethize obungafeneleuyibhekisise. AmaKristu, ukuba asuke kwelinye ihlelo ayekwelinye, kukhombisa ukuthi awakaze afike kulesosiphephelo.Niyabo?111 Bayahamba ngesinye isikhathi baye emakholiji. Lokhokulungile. Futhi bafunda iZwi nje ngokusondele njengobabengenza. Bafika ekhaya, futhi bazama ukukhuluma leloZwingokusondele nje njengoba ihlelo labo libavumela bakwenze.Futhi lokho kuhle. Kodwa akusikho. Akusikho ukwazi iZwilaKhe, kodwa ukwazi Yena. Yena! Ngani, impela! Akusikhoukuthi wazi okungakanani kweZwi, ukuthi sinebandlaelihle kanjani, ukuthi lisho ukuthini ihlelo lethu ezweni,ukuthi ukukhululeka okunganani esinakho ngalokhu, nokuthiinhlanganyelo engakanani esinayo nezwe, ukuthi hlobo lunilwesixuku esinalo oluzayo. Nguwe. Uphansi kweGazi na? Umauphansi kwalo, njengomuntu ngamunye, angikhathali umawonke umuntu wenhlangano yebandla enephutha, usalokhuuphephile. Uphansi kweGazi.112 Ngezinye izikhathi uNkulunkulu wakufaka enhlanganweniyebandla engalungile, ukuba usabalalise ukuKhanya.Ungagxumi uyephezulu, ulokhu nje ugxuma usuka endaweniuya endaweni, usuka kwenye into uya kwenye. Hlala nje phansikweGazi. Uhambe ugijimele phandle, khona-ke ukuphephakwakho sekuhambile. Hlala phansi kweGazi.113 “Igama lingumboshongo onamandla. Olungileyo ugijimelakulo, futhi balondekile.” Yeka ingcindezi. Bona Yena emahoreniesaziyo ukuthi kukhona abantu ophansi kwaleloGazi.Siyalibona liqinisekiswa. Sibona uNkulunkulu, Akwenzayoukuqinisekisa iBandla laKhe.114 Wethembisa noma yini uma sikuloMbhoshongo. “Nomayini eniyicela eGameni laMi, Ngiyoyenza. Uma nihlala kiMi,namaZwi aMi ekini, celani enikuthandayo, niyakwenzelwakhona.” Indawo enje pho! Kulotshiwe, “Kwenzeni konke, nomangabe yini eniyenzayo, yenzeni eGameni laMi,” ningakwenziegameni lebandla.115 Wena uthi, “Awu, nginikeza ubufakazi ngobanginokubonga kulobubusuku ngiyiPresbyterian. NginokubongangiyiPhentekoste. Nginokubonga ngiyi…”116 Nginokubonga ngingokaKristu. Niyabo? “IGamaleNkosi lingumbhoshongo onamandla.” Niyabo? “Olungileyougijimela kuwo futhi balondeke.” Manje-ke, eGameni laKhesinenhlanganyelo.

Page 20: ZUL63-0113M Ukuyeka Ingcindezi VGR - Branhamdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL63-0113M Letting Off...4 IZWIELIKHULUNYIWE 17 Ukuba-ke uhlanga oluncane lommbila belungathi, “Ngiyaxolisa.Akukholuthooluhlengami.Futhibengingenaju

20 IZWI ELIKHULUNYIWE

117 Manje, uma siphuma lapha, nomunye athi, “Ngikhonzaebandleni likaNkulunkulu.” Ngikholwa ukuthi leli yibandlalikaNkulunkulu. Nomunye athi, “Ngikhonza eAssemblies,”awu, lokho kungahle kwenze ukushayisana. Omunye athi,“Ngikhonza eUnited.” Omunye athi, “Ngikhonza kwenyeinto ethize, iOneness,” kumbe noma ngabe yiliphi. Umanizoqophisana ngaleyondlela, nizoqophisana.118 Kodwa uma empeleni ufinyelele kulowoMbhoshongo,akunandaba ukuthi unaliphi iqembu, uphansi kweGazi. Futhiyileyondawo kuphela ongaba nenhlanganyelo, ngenkathiiGazi likaJesu Kristu, iNdodana kaNkulunkulu, lisihlanzakuso sonke isono. Sinenhlanganyelo-ke, omunye nomunye.Kuyinhlanganyelo enje pho! Singafinyelela ngale, bese sithathaibandla likaNkulunkulu, iAssemblies of God, iOnenesskaNkulunkulu, futhi noma ngahle kube yiliphi, akunandabaukuthi liyini. Lapho sinokuhlanganyela izinto. SinoKristu,noKristu uyisiPhephelo sethu. Sonke, uma eyiBaptisti,iPresbyterian, iLuthela, iKatolika, noma ngabe uyini, umaephansi kwaleloGazi, ungahlanganyela naye ngoba nimunye.Nikulenhlanganyelo kaKristu yobuNkulunkulu. O, into enkulukanje pho!

UIsayawakuchaza, “Uyidwala ezweni eliyethileyo.”119 Lolu yilolohlobo lwezwe, lapho ekhathazeke kakhulu,abantu abazi ukuthi benzenjani. Bathi, “Awu, lokhu kuqinisilena? Lokho kuqinisile na?” UKristu uqinisile. “Yile indlela na?Yileyo indlela na?”

Wathi, “NgiyiNdlela.”“Yiliphi iQiniso, leli noma lelo na?”UJesu wathi, “NgiyiQiniso. NgiyiNdlela, iQiniso, ukuPhila.”

Niyabo?120 Siyekile ukukhathazeka ngalokho. Leyondlela yakhaingcindezi. Wena uthi, “Ngabe iMethodisti iqinisile na? NgabeiPresbyterian na? Umama wayeyi lokhu. Nokwami…” KodwauKristu wayeyiNkosi yakho. Niyabo? Akunandaba ukuthikuyini, wakha ingcindezi, nalokho kunenza niqophisane.Niyabo? Uma nje wethembele enhlanganweni yakho, lokhokwakha ukuqophisana. Uzama ukwakha inhlangano yakho.Kodwa uma ukuKristu, uvele uyeke ingcindezi. Amen.Kunokudla nje kwethu sonke. He!121 UJakobe wamba umthombo, namaFilisti ambalekela.Ngikholwa ukuthi wakubiza ngokuthi “umbango.”Ngiyalikhohlwa igama. Kwakuyilokho na? Futhi wambaomunye, futhi awususa kuye, futhi lokho wakubiza nge“nzondo,” noma okuthize. Wase-ke emba omunye umthombo.Wathi, “Kunendawo yethu sonke. Asingene sonke.” Ngakhongicabanga ukuthi sidinga ukuba ngakulowomthombowesithathu. Ngakho e…

Page 21: ZUL63-0113M Ukuyeka Ingcindezi VGR - Branhamdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL63-0113M Letting Off...4 IZWIELIKHULUNYIWE 17 Ukuba-ke uhlanga oluncane lommbila belungathi, “Ngiyaxolisa.Akukholuthooluhlengami.Futhibengingenaju

UKUYEKA INGCINDEZI 21

122 Indlela kuphela esingenza ngayo, lokho kungaphasikweGazi, khona-ke iMethodisti ingangena khona lapha futhiizizwe nje isekhaya njengoba iPhentekoste ibingazizwa. Yebo,mnumzane. Umelusi oyiMethodisti, egcwaliswe ngoMoyaoNgcwele, ubengathatha onke amaPhentekoste ezweni,phakathi ngqo lapho, futhi abe sekhaya ngqo. Futhi singabasekhaya nomunye nomunye, hhayi ngoba, sithi, manje, “Nonkenina maMethodisti, nonke nina maPhentekoste.” Uma uthi,“Nonke nina maKristu.” Amen! O, lokho kufaka into enkulu.Khona-ke sinenhlanganyelo, futhi nje siyekele ingcindezi.Ngiyakuthanda lokho. Akukho ngcindezi ke eyakhekayongaleyonkathi. Asikhathali ukuthi ukhonzaphi, ukuthi hloboluni lophawu olufakayo.123 Ngangivamise ukwelusa izinkomo. [Akuqoshwangaeteyipini—Umhl.]…iTroublesome River Valley. Futhi manje-ke uma ubungavusa amathani amabili efolishi, nakulelipulazilezinkomo, ngani, wawungabeka inkomazi edlelweni. Futhiamanye alawomadoda inenkulungwane, ezimbili, umhlambiwezinkomo. AmaGrimes yayiphezulu lapho, iba, iDiamondBar, ezethu kwakuyi Turkey Track endala. Ngani, bona,babenezinhlobo eziningi, mhlawumbe amashumi amabilinoma izinhlobo ezingamashumi amathathu, phansi phezululokho, leyonhlangano eyayinazo kulo. Manje-ke, kunothangolokushushumbisa olugcina izinkomo zisemuva enhla ehlathinilikazwelonke, laphowenyuka ngomgede, futhi zigcinwe lapho.124 Bese kuthi-ke abagibeli bagibele ihlobo lonke futhi babekeizinkunzi ezingaka, amankomazi amangaka, kanjalonjalo.Khona-ke thina…Babenothango lokushushumbisa, nomqaphiuma lapho ukuhlola lezozinkomo lapho zihamba zedlula.Ngezinye izikhathi sonke isixuku sethu sasibuthana ndawonyeuma senyusa lezo zinkomo, entwasahlobo. Futhi kukhonangempela izinkulungwane zomhlambi wezinkomo phansinaphezulu kulesosigodi. Futhi kube yizikhathi ezingakingihlale lapho nemilenze yami igoqiwe ngokuzungeza uphondolwesihlalo sehhashi, ngibhekisisa loyomqaphi emi lapho. Uhlolalezozinkomo lapho zihamba zedlula.125 Manje, ngaqaphela kwakukhona cishe…izinhlobo eziningiezehlukene zezinhlobo ezazingena lapho, kodwa umqaphiwayengaqapheli uhlobo. Wayebhekisisa icici elichaza uhlobolwegazi, ngoba akukho lutho olungeza kulelohlathi kodwauhlobo lwangempela lweHereford. Ngakho-ke, lokho kugcinaukukhwelisa kwakho phezulu ngqo. Niyabo?126 Ngicabanga ukuthi yileyondlela okuzoba ngayongoSuku lokwaHlulelwa. UNkulunkulu akazukuthi, “Ngabewawukhonza eAssemblies, ibandla likaNkulunkulu na?”Uzobhekisisa lelocici elichaza uhlobo lweGazi. “Nxa NgibonaiGazi, Ngodlula kini.” Kungakhathaleki ukuthi hlobo luniesinalo, lokho akusho lutho.

Page 22: ZUL63-0113M Ukuyeka Ingcindezi VGR - Branhamdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL63-0113M Letting Off...4 IZWIELIKHULUNYIWE 17 Ukuba-ke uhlanga oluncane lommbila belungathi, “Ngiyaxolisa.Akukholuthooluhlengami.Futhibengingenaju

22 IZWI ELIKHULUNYIWE

127 UyiHereford na? Urejistiwe na? UngumKristu ozelwengokusha, wagcwaliswa ngoMoya oNgcwele, wagezwa eGazinilaKhe na? Yilokho uNkulunkulu azokubheka phambili,loloSuku, abone lelocici elichaza uhlobo lweGazi. “NxaNgibona…Hhayi nxa Ngibona uhlobo. Nxa Ngibona icicielichaza uhlobo lweGazi, ungadlulela phakathi.” Amen.128 Ngiqala ukuzizwa nginokholo. Lapha sekucishe impelakube eleshumi nambili ligamenxe, futhi bengifanele ngabesengiqedile emizuzwini engamashumi amabili edlule, futhi njengithola ukuzizwa nginokholo kahle kakhulu. O, akadunyisweuNkulunkulu! “NxaNgibona iGazi, Ngodlula kini.”

Manje, okomunye umzuzu noma emibili, uma nithanda.129 Ngitshelwa ukuthi kunohlobo oluthize lokhozi. Abaningibenu madoda eteyipu ninawo umlayezo wami othi UKhoziLuhlakaza IsiDleke Salo. Futhi ngangitadisha izinkozi.Ngiyazithanda izinkozi. Ngiyazi bacabanga ukuthi luyishingaelidala, kodwa lwalulapha ngenhloso. Njengokuthi uma ngi…Ngasho kumkami, oluny’usuku…130 Manje-ke, nonke nibonile, kwiphephabhuku iLife, laphobabulala khona leyonkulungwane engamkhulu amane nentoyezilwane ezisampisi amakoyote ngonyaka odlule, njebezithatha futhi bazidubula bazilahle phansi. Banesigejanesezingulube ezifuywayo ezadlebelekayo ezansi lapha.Bazothatha nje, bangene lapho ngamabhanoyi, futhi bazilahlephansi ngomshini-gani. Lokho kungukubulala ngamabomu.Lokho akulungile. Akulungile. Leyokoyote akukho engakwenzangaphandle kokuba yikoyote. Ifanele ibulale, ukuba idle.131 Izikhathi eziningi bathi ibhuqabhuqa amazinyane ezimvunezinto, kanjalo. Uma leso sigejane esivilaphayo sabelusiabanabo phezulu lapho…Ngenkathi lezozimvukazi zizalaamazinyane, ukuba babephumele lapho futhi banakekelalezozimvukazi, esikhundleni sokulala kuze kuyoshaya eleshuminoma eleshumi nanye nqo, ikoyote anegama elingcono. Kunjalo.Ayisuye uDon El, i—isifihla buso phezu kobuso bayo. Iyikoyote.Impela. Ngizibonile izidalwa ezingabantu ezimbi ukwedlulayona. Kodwa…132 Nebhere, bahlala njalo bekhuluma ngebhere,“Lingumbulali. Libulala amankonyane.” Ngizingelile kusukelangisengumfanyana, futhi angikaze ngilibone ibhere libulalainkonyane. Kusobala, belingakwenza, uma libulawa yindlala.Ubungenza into efanayo.133 Khumbulani, ufanele ubulale, ukuba udle. Futhi nsukuzonke, namhlanje, uma uphila, kuzofanele kube khona intoefayo ukuze ukwazi ukuphila. Ubulala inkomazi; yafa. Ubulalaimvu; yafa. Uthi, “Angiyidli inyama.” Awu, ikhona into eyafa,noma kanjani. Uma udla izambane, lafa. Ngukuphila. Uma

Page 23: ZUL63-0113M Ukuyeka Ingcindezi VGR - Branhamdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL63-0113M Letting Off...4 IZWIELIKHULUNYIWE 17 Ukuba-ke uhlanga oluncane lommbila belungathi, “Ngiyaxolisa.Akukholuthooluhlengami.Futhibengingenaju

UKUYEKA INGCINDEZI 23

udla imifino, wafa. Ngukuphila. Nomuntu angaphila kuphelangento efile.134 Manje, kutholeni. Futhi uma into ethize yadingeka ife, ukuzewena uphile ngokomzimba, akusikho yini okungumqondo osilekuphela ukuthi Into ethize yadingeka ife ukuze wena uphilengokomoya na? UKristu wafa, hhayi isivumokholo, kodwaukuphila okuvela kuKristu. Siphila Phakade, ngoKristu.135 Lolukhozi, luyinyoni enkulu. Angina…Anginasikhathisokukusombulula, olukwenzayo, nokuthi lusenza kanjaniisidleke salo, nalapho olungafani khona nomfowabo wehlelo,inkukhu, umqhwandi wesibuya. Luzoqiniseka ukuthi akukholutho oluzohlupha abantwana balo. Luya phezulu le. Akukhochakide ozoluthola noma abantwana balo.136 Awu, akumangalisi uNkulunkulu wafanisa ifa laKhenokhozi! Niyazi, Uzibiza Yena uqobo ngokhozi. Futhi thinasingamachwane okhozi. Futhi ukhozi alusuye umthuthambi.Luthola inyama esentsha nsuku zonke. Amen. UkuDla kokhozi,yilokho iBandla elizofanele libe nakho, hhayi ngesehlakaloseminyaka engamashumi amane edlula. Isehlakalo enginasokhona manje, into esentsha evela eZulwini.137 Ukhozi oludala lwakha isidleke salo phezulu le emaweni,ukuze ochakide nezinto bengezukuluthola. Umfowabo wehlelo,inkukhu, ubeka esakhe kunoma yimuphi umfantu omdalaothangweni phansi lapho, uqhwanda esibuyeni, nayo yonke enyeinto. Kodwa hhayi ukhozi, belungeke lukudle lokho. Niyabo?Seluhambile. Lokho akulutho kulo.138 Lolukhozi, uma lufika endaweni ethize, iBhayibheli lathi,“Sibuyise ubusha bethu njengokhozi.” Bengihlala ngimangala,“ukubuyisa ubusha,” lokho kwakungenzeka kanjani na?139 Ngiyakhumbula. Lokhu kuzwakala…Sengithathe inqwabayesikhathi senu. Kodwa, iqembu lokuqala lephentekosteesengake ngatholana nalo, kwakuyizinhlangano ezimbiliezehlukene zawo, ndawonye. Futhi ngangiza ngehla ngivela—ngivela enhla ohambweni lokuyodoba, ngase ngingena. Ngabonalamagama phezu kwakho konke lokhu. Ngangena. Ngezwaumsindo osabeka kabi kabi, nalababantu phakathi lapho,begxuma, futhi begijima, futhi besina, bezungeza phezukwendawo. Ngacabanga, “Yini le?”140 Ngakho wathi, “Bonke abefundisi abaye emsamokulobubusuku.” Futhi kwakukhona cishe amakhulu amathathuethu, sase senyuka. Ngenyuka ngase ngihlala phansi. Wathi,“Manje, asinaso isikhathi senu nonke ukuba nishumayele.”Wathi, “Sifuna nje wena nje usho igama lakho, ukuthiongowakuphi.”141 Sekufika kimi, ngathi, “William Branham, umvangeli;eJeffersonville, eIndiana,” ngahlala phansi.

Page 24: ZUL63-0113M Ukuyeka Ingcindezi VGR - Branhamdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL63-0113M Letting Off...4 IZWIELIKHULUNYIWE 17 Ukuba-ke uhlanga oluncane lommbila belungathi, “Ngiyaxolisa.Akukholuthooluhlengami.Futhibengingenaju

24 IZWI ELIKHULUNYIWE

142 Ngakho ngangizizwile ezinye izikhulumi ezikahlengalolosuku. Futhi into yokuqala niyazi…Babefanelebabenayo eNyakatho, ukuze amakhaladi ezokwazi ukuza kuyo.Kwakuyingqungquthela kazwelonke, futhi babefanele babenayoeNyakatho, ngalezozinsuku. Lokho sekuthi akube iminyakaengamashumi amabili-nanhlanu eyedlule, ngiqagele, nomangaphezulu, babefanele babenayo enhla lapho ukuze abantuabangamakhaladi bakwazi ukwethamela.

143 Ngakho ngalobobusuku ngacabanga, “He, lengqungquthelaenkulu, lomhlangano wasebusuku, bazoba nesinye sezikhulumizabo esiphambi kwazo zonke esikhulu kakhulu ukuba size.”Kusobala, thinamaBaptisti, niyazi, yileyondlela esasenza ngayo.Ngakho bathola…

144 Emva kwesikhashana, osukuma ekhoneni, kwakuyindodaeyikhaladi endala, umuntu omnyama omdala, lalinezinweleezincane ezimhlophe—ezimhlophe eziyindingilizanangasentanyeni yalo. Futhi ngangithi angibe, ngiqagele, angibeneminyaka engamashumi amabili-nambili ubudala, amashumiamabili-nantathu. Futhi babegqoke lamabhantshi amadalaabashumayeli, elinye lalomsila osikiwe oyifeshini endala, niyazi,emuva ngemuva, niyazi, njengenkonjane. Nomfo omdala uzaeqhuga ephuma kanje, ethi akabe neminyaka engamashumiayisishiyagalombili ubudala. Waphumela e…Ngacabanga,“Yini bakhiphe indoda enjalo, engqungqutheleni lapha, laphookuthi akube abantu abangamakhulu ayishumi nanhlanubehlezi lapha, futhi, lapho, esinye sezikhulumi zabo ukubasiphume kanjalo na?”

145 Umfo omdala uyaphuma. Wathi, “Awu,” uthi,“ngizonitshela.” Uthi, “Ngifuna ukuthatha indikimba yamikusukela ngale kuJobe, kulobubusuku. ‘Wawukuphi laphoNgibeka isisekelo somhlaba, lapho izinkanyezi zokusazahlabelela kanyekanye namadodana kaNkulunkulu ajabulangokuhlokoma na?’”

146 Ngalalela bonke labo befundisi ngalolosuku, ukuthibabekubeka kanjani ukuphila kukaKristu emBhalweni, ukuthikwakukuhle kanjani. Ngacabanga ukuthi ezinye izikhulumizangempela zazikhulumile ngalolosuku. Ngacabanga, “Lomfoomdala okhubazeke konke ozihluphekelayo.”

147 Awu, akakhulumanga neze ngokuthi kwenzekaniemhlabeni. Wakhuluma ngokuthi kwenzekani eZulwini.Futhi waMthatha phezulu ngaleya cishe iminyaka eyizigidieyizishumi ngaphambi kokusekelwa kwezwe, futhi waMehliselaothingweni lwenkosikazi oluvundlile, nokuFika kwesibili.Akabanga cishe nemizuzu emibili enza lokho. Futhingenkathi enza, uMoya watheleka kuye. Wagxumela emoyeni,wayeseqhwabazisa izithende zakhe ndawonye, wathi, “Udumo

Page 25: ZUL63-0113M Ukuyeka Ingcindezi VGR - Branhamdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL63-0113M Letting Off...4 IZWIELIKHULUNYIWE 17 Ukuba-ke uhlanga oluncane lommbila belungathi, “Ngiyaxolisa.Akukholuthooluhlengami.Futhibengingenaju

UKUYEKA INGCINDEZI 25

kuNkulunkulu!” Wathi, “Aninayo indawo eyenele lapha yamiukuba ngishumayele,”wahamba edledlezela esuka emsamo.148 Ngacabanga, “Yilokho engikufunayo. Uma lokhokuyokwenza ikhehla liziphathe kanjalo, kuyokwenzani kimina?” Libuyisa ubusha balo! Ngani, lalinendawo eningikunoma sinayo phezulu lapha, ikhwaya nabobonke, futhinokho babengenayo indawo eyenele ukulibamba ngenkathiuMoya utheleka kulo. Ngathi, “Yilokho engikufunayo. Yilokhoengikufunayo.”149 Lolukhozi oludala, luthola uqweqwe phezu kobuso balonekhanda uma seligugile. Sekulukhuni ukuthi ludle. Lubayintekenteke; umlomo walo awube usavuleka kahle. Lubangoluphuphuthekile cishe impela. Futhi uma loloqweqwe lufikaendawaneni ethize phezu kwekhanda lalo, bathi lundizelaphezulu le emoyeni, futhi luhlale lapho, bese luzishayangekhanda lalo kulelodwala, lushaya loloqweqwe lulususe, umalungaphumelela. Futhi lukweqa amehlo alo bese lubuka emuva.Lushaya uqweqwe. O, lufanele luphume. Luzofanele luphume.Uma lungakwenzi, luzofa. Luzofanele lususe loloqweqweebusweni balo nomlomo walo. Futhi luyozishaya ngekhandalalo ngapha, bese-ke kuba ngapha. Lushaya luze lushayeloloqweqwe lusuke. Futhi uma lulushaya kulelodwala kuzekusuke uqweqwe, khona-ke luyadazuluka, bese luphosaamaphiko alo emuva naphambili, futhi lujabule ngoba luyaziukuthi luzothola izimpiko ezintsha; luzodla amavithaminialo futhi; luzobuyisa ubusha balo. Ngase ngicabanga, “Intoemangalisa kanje lokho eyikho yokhozi. Lokho kuhle.”150 Kodwa ngazi iDwala umuntu angeza kulo, futhi angashaya,futhi ashaywe, kuze kuhambe konke ukungabaza, kuze kuthiukukhathazeka neminako yezwe kuhambe. Futhi uma eshayauqweqwe lwesono olungakuye, kuze kuthi iGazi selingcweliseumphefumulo wakhe, khona-ke ukuPhila okuPhakadekuqinisekile ukuba kufike. Angahlala nje aqhiyame futhi ayekeingcindezi, ngoba ukuPhila okuPhakade kuqinisekile.151 O, zinkozi, namhlanje, yingakho nilapha. Ningamachwaneokhozi. Kodwa uma uqweqwe seluqale ukuphuphuthekisaamehlo enu, iminako yezwe, noma anisakwazi nje ukugwinyakonke uKudla kukaNkulunkulu, asize kuleloDwala ezwenieliyethileyo. Asize Lapho futhi sishaye phezu kwealtareuqweqwe luze lwephuke, namehlo ethu akwazi ukubonangokucacile, uJesu futhi, neminako yalelizwe usudlulile. Khona-ke ingcindezi izosuka. “UyiDwala ezweni eliyethileyo, uMphemengesikhathi sesiphepho,” isiPhephelo, isiKhoselo sokuphumula,sabayethileyo. Asize kuleyoNdawo.

Asikhothamise amakhanda ethu umzuzwana nje.152 Ngiyaxolisa ukunihlalisa isikhathi eside. Bekusenamanyecishe amakhasi ayisithupha alamanothi abekwe lapha,

Page 26: ZUL63-0113M Ukuyeka Ingcindezi VGR - Branhamdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL63-0113M Letting Off...4 IZWIELIKHULUNYIWE 17 Ukuba-ke uhlanga oluncane lommbila belungathi, “Ngiyaxolisa.Akukholuthooluhlengami.Futhibengingenaju

26 IZWI ELIKHULUNYIWE

imicabango emincane nemiBhalo ebengizoyisebenzisa. Kodwasekuyisikhathi. O, chwane elincane lokhozi, mhlawumbeintombazanyana ethize, umfanyana othize, noma mhlawumbeumuntu omdala othize, noma ophakathi nendima yempilo,kungani nilapha kulokhu ukusa na? Ngoba lokho, nina,nilukhozi ngempela. Kodwa mhlawumbe iminako yokuphilaithe ukuhamba ilwa nani, ngendluzula. Nilahlekelwe ukubona.Anisaqinisekile kakhulu, lapho enibeka khona unyawo lwenu.Asikhuphuke nje sibhekane neDwala manje. “O, ngiholelekuleloDwala eliphakeme kunami.” Mangilale kuleliDwala.“UnguMpheme ngesikhathi sesiphepho.”153 Qala ukuzishaya emnyango khona manje, uzishayeemnyango waleliDwala. Uzovula nje. Uqweqwe luzosukalubhuze. Khona-ke ingcindezi izosuka kuwe, futhi ungaphindaube sekuphumuleni, ingcindezi yonke ingasekho. Ungezaebandleni. Kungenandaba ukuthi umelusi ushumayela ngani.Inqobo nje uma ehlala kuleloZwi likaNkulunkulu, akusozekwakulahla ngecala. Usuvele ugxilise okwehange phakathiLapho. Usukahle manje.

Asikhuleke.154 Nkosi Jesu, ngifuna ukuzwakalisa futhi, Nkosi, ngokubongaukuthi kunendawo encane lapha ePhoenix, nasemacalenionke ezindawo ezehlukene. Nalena ngenye yazo ukuthi,mina—mina qobo lwami, engi—ngingeza futhi ngingazizwelangisekuphumuleni. Ayikho into engibophayo. Ngi—ngivele njengisho amaZwi. Indawo enje pho leyo; ekhululekile, yonkeingcindezi ingasekho. Nginokubonga kakhulu ngakho, Nkosi.155 O Nkosi, kwangathi leloDwala elikhulu lingahlalanjalonjalo kuleli altare, lapho amachwane amancaneezinkozi ephiyaza, ngapha phezu kwedolobha, angangenafuthi ethulwe endaweni, ukushaya uqweqwe lwezwelusuke kuwo, ukuze akwazi ukujabulela lenhlanganyelo,ngokuyeka ingcindezi, ngalolusuku lonyaka we atom laphoizwe lesaba. Isizwe ngasinye siqhaqhazela. Izibhakabhakaziyathuthumela. Yonke imvelo iyakhala. Izwe uqobo lwaloliyathuthumela ngoba lingaqhunyiswa libe yizingcezu. KodwasinoMbuso ongayikuzanyazanyiswa. SinoMuzi wokuphephela.SineGosheni, lapho ilanga lingasoze lashona khona. Siphekhona, Nkosi. Masize kuleliDwala manje.156 Njengonogwaja omncane, indaba yawo, izinja ezinkuluyayisemva kwawo ngqo. Wawuwuzwa umoya wazo oshisayophezu kwezinyawo zawo. Isikhashanyana nje, okunyeukugxuma noma okubili, nenja enkulu yayizomthola umfoomncane. Wawuzogwinywa lombolozi, ngomzuzwana nje.Kodwa emva kwesikhashanyana wabona imbobo edwaleni.Wawusucabanga, “Uma kuphela ngingafinyelela kulelodwala,khona-ke ngilondekile.” Lapho nje inja seyenze ukuwugxumela

Page 27: ZUL63-0113M Ukuyeka Ingcindezi VGR - Branhamdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL63-0113M Letting Off...4 IZWIELIKHULUNYIWE 17 Ukuba-ke uhlanga oluncane lommbila belungathi, “Ngiyaxolisa.Akukholuthooluhlengami.Futhibengingenaju

UKUYEKA INGCINDEZI 27

kokugcina, wezwa umoya oshisayo wayo usezithendeni zawo,kodwa wagijimela phansi kwedwala. Khona-ke wakwaziukuhlala phansi futhi wayeka ingcindezi. Inja enkuluayikwazanga ukuphanda yedlule kulelodwala.157 Nkosi Jesu, ngikhuleka kuWe kulokhu ukusa, Nkosi,ukuthi uma ezinye zalezizidalwa zaKho ezincane, esizulazulilesasuka kuleyondawo elondekile; zingawuzwa u—umoya wezinjaezinkulu zasesihogweni, izintombi, izinsizwa, zizijaha ngqoemva kwazo, zibona ukuphila kwazo kuhlakazekela kwelinyeicala. Kwangathi zingashesha kulokhu ukusa ziye kulomfantueDwaleni. Ukhona owodwa. Olungileyo ugijimela kuwo, futhibalondeke. Siphe khona, Baba, ngoJesu, iNdodana yaKho.158 Sisakhothamise amakhanda ethu, nezinhliziyo zenuzikhotheme, nazo, ninga, uma ningekho kuleloDwala kulokhuukusa, ungasiphakamisela isandla sakho kuNkulunkulu na?Futhi uthi, “Nkulunkulu, mangize kuleyondawo elondekilemanje, ukuthi lapho ngingavele nje ngiyeke ingcindezi.Kade ngiyethile kancane. Ngiqala ukuzibona ngishushumba.Ngizizwile ngideda. Anginaso esehlakalo engangivame ukubanaso. Ngibuyisele eDwaleni ngokukhulu ukushesha, Nkosi.”Ungasiphakamisa nje isandla sakho, uthi, “Ngikhulekele,Mfowethu Branham”? UNkulunkulu anibusise. Lokho kuhle,macala onke ndawo zonke. A, lokho kuhle. UNkulunkuluanibusise.159 “Ngibuyisele eDwaleni, Nkosi. Ngibuyisele.Ngiyashushumba. O, ungangivumeli ngishushumbe ngisukekulo. Mangi…Uma ngizodla, mangidlele ngaseweni.Mangihlale ngisondele lapho iMana iwela khona. Angidingiukuba ngizulazule phandle. IMana ibekwe emnyango ngqo.”160 Baba waseZulwini, Wena ulibonile leliqembu lezandla.Ngikhulekela ukuthi Uzobapha isifiso sabo. Kwangathi lonkeuqweqwe oluqala ukubaphuphuthekisa manje, Nkosi, njengobaizinhliziyo zabo zishaya, nenhliziyo yabo yokomoya ishaya,hlakaza konke ukungabaza, konke ukungakholwa, konkeukudideka, konke ukwethuka, no—nokumangala ukuthi kuyinilokhu noma lokho, zonke izinkathazo. Kwangathi njengamanjengobumnandi bangathola ukuthi uqweqwe luyephulwa, laphobeshaya ngesando umkhuleko wabo eDwaleni. KwangathiuKristu angabenyusela phezulu manje futhi ababeke phezuluesiqongweni. Futhi bangabhakuzisa amaphiko abo amancaneokomoya, bathi, “Sengikhululekile. Sengikhululekile.” Siphekhona, Baba, eGameni likaJesu.161 Futhi manje ngabe bakhona labo lapha kulokhu ukusaabakulesosiphephelo, futhi niyagula, futhi anazi nje ukuthikuzoba mphumela muni, futhi nifuna ukugxilisa okwehangeentweni ethize ezoninika ukuvikeleka, ezophilisa umzimbawenu, futhi nifuna ukhunjulwa emkhulekweni na?

Page 28: ZUL63-0113M Ukuyeka Ingcindezi VGR - Branhamdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL63-0113M Letting Off...4 IZWIELIKHULUNYIWE 17 Ukuba-ke uhlanga oluncane lommbila belungathi, “Ngiyaxolisa.Akukholuthooluhlengami.Futhibengingenaju

28 IZWI ELIKHULUNYIWE

162 Khumbulani nje, izwi nje lomkhuleko; yilokho kuphela.Bethelani phansi isigxobo esincane lapho lapho enihlezi khona,futhi nithi, “Namuhla, namuhla, umkhuleko wokukholwaukhulekelwe mina. Futhi ngaso sonke isikhathi uma ngingenakulendlu yokukhonzela, ngiyokhumbula lapho engangihlezikhona kulokhu ukusa. Lapho umkhuleko wokukholwawakhulekwa yiyo yonke inhlangano yebandla, kwenzelwa mina.Ngizosinda manje. Yikho lokhu. Ngiyakuxazulula.” Manje,phakamisa isandla sakho, uthi, “Ngisibethela phansi isigxobosami, khonamanje.” UNkulunkulu anibusise.163 Manje, khumbulani, ngokukholwa, bethelani phansiisigxobo, khona manje, khona lapho enihlezi khona.Namuhla, ngeSonto, ziyishumi, ngikholwa ukuthi ziyilo,noma zili 13. “Lolusuku lwe 13 lukaJanuwari, kulelibandlalikaNkulunkulu elincane, kulesisihlalo esithize, ngikhulekaumkhuleko wokukholwa, nomfundisi, nanomvangeli,nanenhlangano yebandla; omunye ekhulekela omunye. Loluwusuku lokuphiliswa kwami, khona lapha. Ngiyakuxazulula,khona lapha, Nkosi. Ngilukhozi lwaKho. Ngisendaweniyokuphephela. Nginelungelo kunoma yisiphi isibusisosokuhlenga Angithengela khona. Nangu mina, khona laphamanje.”164 Baba waseZulwini, ngibaletha kuWe. Ngibeka umkhulekowami nowabo. Futhi manje, ngokukholwa siyaphakamasisuka kulelibandla, siqhubekele phezulu ngaphezulukwezimbulunga zemihlaba, nezimo zemimoya esizungezile,nezimbulunga zemihlaba, nezimbulunga zemihlaba, siqhubekesedlule izinkanyezi, inyanga, senyukele eMthaleni oMhlopheWendlela yezinkanyezi phezulu, siyofika esihlalweni sobukhosisikaNkulunkulu uBaba wethu, uthingo lwenkosikazi olukhululinqamula lelo altare elihle lamazinyo endlovu. Nakho kulelekulelo altare uMhlatshelo owophayo. Futhi sibuka phezukomhlane waKhe, njengoba umprofethi wasiyala ukubasikwenze, futhi wathi, “Ngemivimbo yaKhe siphilisiwe thina.”Baba, ngibaletha bonke kuWe. Futhi Washo, Yena uqobo, “Umaniyocela uBaba noma yini eGameni laMi, Ngiyolwenza.”165 Manje, Baba, Nkulunkulu, ngikhulekela lababantuabagulayo. Babethele phansi isigxobo, kulokhu ukusa.Ngiyakukholwa ngayo yonke inhliziyo yami. Leli yihoralomkhuleko wokukholwa. Futhi ngiyakholwa, njengobangiKucela ukuba ubaphilise bonke. Bayakwemukela.Futhi lapha sibethela isigxobo, njengesikhumbuzo ukuthibesisesihlalweni sobukhosi sikaNkulunkulu kulokhu ukusa.Kuyaxazululwa. UNkulunkulu wenza isithembiso.166 Manje, Nkosi, kulotshiwe kuMarku oNgcwele, isahluko11 nevesi 22, elama 23, “Uma uthi kulentaba, ‘Nqukuleka,’ungangabazi enhliziyweni yakho, kodwa ukholwe ukuthiokushilo kuzofezeka, ungabanakho lokho okushilo.” Nkosi,

Page 29: ZUL63-0113M Ukuyeka Ingcindezi VGR - Branhamdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL63-0113M Letting Off...4 IZWIELIKHULUNYIWE 17 Ukuba-ke uhlanga oluncane lommbila belungathi, “Ngiyaxolisa.Akukholuthooluhlengami.Futhibengingenaju

UKUYEKA INGCINDEZI 29

kushiwo, manje makwenziwe. EGameni leNkosi uJesu Kristu,ngikwamukelela ngamunye, nangenkazimulo yaKho.167 Manje, kholwani ngayo yonke inhliziyo yenu. Futhinamakhanda ethu ekhotheme, asicule lelihubo elidala lebandla,Ng’yaMthanda. “Ng’yaMthanda ngoba Wang’thanda kuqala,futhi Wang’thengela insindiso eKalvari.” Uyakwemukelalokho kuphiliswa kwakho, insindiso yakho, umoya wakhoowenziwe kabusha, uza endlini yesiphephelo na?Uyakwemukelana? Phakamisa isandla sakho, uthi, “Ngiyakwemukela.Ngiyakukholwa. Khona manje ngiyakwemukela.” Kulungile,sonke kanyekanye manje.

Ng’yaMthanda,AsiMkhonze manje.

Ngiyathanda…NgiyaKubonga,Nkosi, ngokususa inkwethu emehlweni ami.

Ngoba, Wa…thanda kuqala.Konke ukubanda kwami sekushabalele manje. Ukugula

kwami sekuhambile.Ngithengela insindisoEKalvari.

168 Manje, sisacula lelo futhi, ngifuna nje ni—nibambanengesandla nomunye umuntu, phambi kwakho, emva kwakho,eceleni kwakho. Uthi, “UNkulunkulu akubusise, mhambi,mfowethu, dadewethu. Ngiyajabula ukuba nelenhlanganyelonawe.” Qhubekani ningikhulekele ngenkathi nenza lokhomanje,sisacula futhi manje.

Ngi…Ngoba Wang’thanda kuqala;Wangithengela insi-…

169 Ngingakabuyiseli inkonzo kumelusi, asiphakamise izandlazethu nje manje, nangayo yonke inhliziyo yethu siliculengezinjulo zomphefumulo wethu. NiyaMthanda na? Thanini,“Amen.” [Ibandla lithi, “Amen.”—Umhl.] Asikusho futhi,“Amen.” [“Amen.”] Lokho kusho ukuthi “Makube njalo.”NgiyaMthanda. Sonke kanyekanye manje, asilicule, ngawo onkeamaphimbo ethu.

Ngi…Ngi…170 Melusi. UNkulunkulu akubusise. Ngiyaxolisa ukunihlalisaisikhathi eside, nokho. [Umelusi uthi, “Kulungile.”—Umhl.]Ngiyabonga.

Page 30: ZUL63-0113M Ukuyeka Ingcindezi VGR - Branhamdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL63-0113M Letting Off...4 IZWIELIKHULUNYIWE 17 Ukuba-ke uhlanga oluncane lommbila belungathi, “Ngiyaxolisa.Akukholuthooluhlengami.Futhibengingenaju

UKUYEKA INGCINDEZI ZUL63-0113M(Letting Off Pressure)

LomMlayezo ngo Mfowethu William Marrion Branham, okokuqala wethulwangesiNgisi ngeSonto ekuseni, ngoJanuwari 13, ngo 1963, eChurch Of GodePhoenix, eArizona, U.S.A., uthathelwe ekuqopheni kweteyipu enozibuthefuthi washicilelwa ungafinqiwe ngesiNgisi. Lokhu ukuhunyushwa ngesiZulukwashicilelwa futhi kwakhishwa yiVoice Of God Recordings.

ZULU

©2015 VGR, ALL RIGHTS RESERVED

VOICE OF GOD RECORDINGS, SOUTH AFRICA OFFICE

58 DISA ROAD, ADMIRAL’S PARK, GORDON’S BAY 7140 WESTERN CAPE

REPUBLIC OF SOUTH AFRICA

VOICE OF GOD RECORDINGS

P.O. BOX 950, JEFFERSONVILLE, INDIANA 47131 U.S.A.www.branham.org

Page 31: ZUL63-0113M Ukuyeka Ingcindezi VGR - Branhamdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL63-0113M Letting Off...4 IZWIELIKHULUNYIWE 17 Ukuba-ke uhlanga oluncane lommbila belungathi, “Ngiyaxolisa.Akukholuthooluhlengami.Futhibengingenaju

Inothisi yelungelo langokomthetho

Onke amalungelo agodliwe. Lencwadi ingaprintwa kwiprinta yasekhaya yenzelwe okuqondene nomuntu noma inikezelwe, ngesihle, njengethuluzi ukusabalalisa iVangeli likaJesu Kristu. Lencwadi ingethengiswe, iphinde ikhiqizwe zibe ningi, iposwe kwiwebsayiti, igcinwe ngohlelo lokuthi iphinde itholakale, ihunyushelwe kwezinye izilwimi, noma isetshenziselwe ukuzicelela izimali ngaphandle kwemvume ebhaliwe eshiwoyo ye Voice Of God Recordings®.

Ngolwazi olwengeziwe noma olwenye impahla ekhona, siza uxhumane ne:

Voice of God RecoRdinGsP.o. Box 950, JeffeRsonVille, indiana 47131 U.s.a.

www.branham.org