uzibandlela hamba kahle tata - kznhealth.gov.zaikhumbule ukuthi ukwenza ucansi olungaphephile...
TRANSCRIPT
mahhala
uZibandlela • 2013
Fighting Disease, Fighting Poverty, Giving Hope
Nelson Rolihlahla Mandela
1918 – 2013
Hamba Kahle Tata
Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba
HAMBA UYOHLOLA. ISIZWE ESING-ENANGCULAZI SISEZANDLENI ZETHU.
Lo nyaka kube ngonezinselelo kanye nezithinta umphefumulo. Njengoba
sesiwuphetha kumele sibheke konke esikuzuzile kanye nalokho okusamele
sikuzuze. Unakekelo lwezempilo luseqhulwini e-KZN ekuhlinzekeni ngezidingo
kepha siyaqhubeka nokusebenza nakuba zikhona izingqinamba.
Njengoba silila futhi sikhumbula impilo kaTata uMadiba kuhle siqhubeke lapho
egcine khona ngalesi sikhathi sonyaka. Ukuhlonipha abanye, ukubekezela kanye
nokuziphatha kahle. Masibe nonembeza bokuthi akulungile ukuphuza utshwala
bese ushayela. Akulungile ukugijima ngesivinini esiphezulu. Masingawulibali umvuzo
esiyowuthola uma singaziphathi kahle ngalesi sikhathi ngoba sithi sisenjabulweni.
Masikhumbule ukuthi ukwenza ucansi olungaphephile kuyingozi kuwena kanye
nomlingani wakho. Masikwazi ukuthi ubugebengu kanye ukudlwengula kubulala
umphakathi wethu. UTata uMadiba usifundise Ubuntu, uthando, ukuzehlisa, ukungaziqhayisi,
inhlonipho, ukuxolela kanye nokunye okuningi. Lezi yizinto eziqinisa ukuba
nonembeza emphakathini kanye nomsebenzi wethu thina basebenzi bezempilo.
Lesi yisikhathi sethu sokuqhubeka nokulwa nokungenzi ngendlela, ububha, izifo
kanye nezimo ezimbi emphakathini. Sengathi lesi sikhathi singaba esokukhumbula
iqhawe langempela elinjengoTata kuthi konke akulwela kungabi yize leze.
Nginifisela lesi sikhathi sonyaka esiphephile.
Mawuphile inguna-
phakade umoya kaNelson Rolihlahla
Mandela!
Umkhankaso wokulwa nengculazi owethu sonke
– abadala nabancane, uhulumeni nezinhlangano zomphakathi, amabandla
nabezomdabu, imikhandlu yezemidlalo neyamasiko.
Ingculazi ayinasiko. Ayinabala. Ayinamingcele.
Kumele sibambisane ekuvikeleni isizwe sethu,
umhlaba wethu kanye nobuntu bethu.
Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba
Umyalezo ovela kuDkt Sibongiseni Dhlomo,
u-MEC WezeMpilo e-KZN
okuqukethweuZ
iban
dlel
a 20
13
ukukhulelwa kwentsha Kungagwenywa kanjani
sinGaba khOna isiZukulwane esinGenanGCulaZi Yenza kwenzeke
iZindaba Zase-kZn Izimoto ezintsha, ukulungela amaholide kanye nokunye okuningi
uMFanekisO Kugxilwa ekuvikelekeni ocansini
nGeMbObO kakhiYe Sithi halala esibhedlela iBethesda kanye noDkt Kelly Gates!
iZinGane eZidla iMishanGuZO YenGCulaZi Ungayitshela kanjani ingane yakho iqiniso ngokwelashwa kwayo
iZinsuku ZOkuQwashisa kulO Zibandlela
IZINGANE EZIDLA IMISHANGUZO YENGCULAZI
UKUvIMbA UKULIMALA
Ngemva komdanso, Unga-lokothi udlale ngengozi
Zisuka nje, kumele uhlakaniphe
Sebenzisa ikhondomu njalo
sebenzisa ikhondomu njalo
Yithi cha ekukhulelweni kwentshaUNGALUTHWA ONTANGAKunani uma abangani bethu beqomile, bethandana nobaba abadala futhi benza ucansi! Akulungile. Intsha eningi ekhulelwayo iba nokuzisola ngokwenza ucansi bese izinikela emasokeni. Ungahuhwa yizethembiso ezinjengo “Ngizokunakekela kanye nengane”. Umuntu oyedwa oyokunakekela UWENA ngokufunda kwakho. Owesilisa ophilayo yilowo oyokugqugquzela ukuba uqede izifundo zakho futhi NGEKE akuphoqe ukuba wenze ucansi olungaphephile.
YIBA NOLWAZIZiningi izinto ezishiwo abantu ngocansi kanye nokugwema ukukhulelwa. Okuyiyona ndlela eyokuzifundisa ukuze uwazi amaqiniso. Yazi ukuthi:
Ucansi olungaphephile luholela ekukhulelweni. Lubuye luholele ezifweni zocansi (STI) kanye nezifo, ezibandakanya i-HIV/AIDS.
Ucansi olwenziwa ngomlomo angeke luholele ekukhulelweni kepha ungazithola izifo zocansi.
UNGATHATHI AMASHANSIUma wenze ucansi olungavikelekile noma isivikelo sakho singasebenzanga (isb. ukuqhuma kwekhondomu) vakashela umtholampilo ukuze uthole iphilisi elibulala iqanda eselichanyiselwe. Khumbula ukuthi alisona isivikelinzalo kepha lisiza ezimweni eziphuthumayo. La maphilisi akuwona awokukhipha isisu kepha enza iqanda elichanyiselwe lingaholeli ekukhulelweni – elezimo eziphuthumayo!
GWEMA UTSHWALA Isikhathi samaholidi siza nemicimbi kanye nobumnandi obuningi. Lokho kusho nokuphuza kakhulu utshwala. Zama ukungabuphuzi utshwala ukuze ukwazi ukulawula ukuziphatha kwakho. Uma kwenzeka uphuza yazi ukuthi utshwala bungaholela ekungaziphathini kahle kwezocansi bese ugcina ngokuzisola. Ungavumeli muntu akuthelele utshwala ungaboni – maningi amantombazane asemancane adlwengulwa ngamaholidi emva kokuba iziphuzo zawo zifakwe izidakamizwa.
Ukukhulelwa okuningi kwentsha kwenzeka ngamaholidi. Zivikele, gwema ukukhulelwa okungadingekile. Sebenzisa lokhu okulandelayo ukuzisiza wena bese wedlulisela nabanye
cha
FUNDA UKUTHI ‘CHA’Lokhu kubandakanya ukwenqaba nanoma yini ongathandi ukuyenza. Noma ngabe ukwenqaba ukuqoma (ukuthi bonke abangani bakho baqomile, akusho ukuthi nawe qoma!), ukuthintana ngokomzimba, noma ucansi olungaphephile, akukho okubi uma uthi CHA.
SEBENZISA IKHONDOMU NGENDLELA EFANELEUngamvumeli owesilisa ukuba athi “Angiyifuni ikhondomu, angihambe ngibhabhalala mina.” Esikhundleni salokho, gcizelela ekusetshenzisweni kwekhondomu uma nenza ucansi. Phendula ngokuthi “Kuyezwakala kepha mina angilwenzi ucansi ngaphandle kwekhondomu!” Khumbula ukuthi uma owesilisa ozokwenza naye ucansi engazikhathazi ngokuvikela impilo yakhe kanye neyakho, akumele uqale wenze ucansi nalowo muntu! Amakhondomu ayindlela eyodwa yokuzivikela ezifweni zocansi.
QEDA UKUKHULELwA
KwENtSHA HIv/AIDS
Sinike uvo lwakho, noma usitshele ukuthi ucabangani ngalo magazini! P O Box 25439, Gateway, 4321, UCINGO-031 825 6790. I-EMAIL: [email protected] ILUNGELO LOBUNIKAZI
Konke okushicilelwe kulo magazini kuyilungelo le-Ezempilo… Health Matters futhi kungase kuphinde kukhiqizwe futhi kusakazwe mahhala ngezinjongo zokufundisa kuphela.
Zonke izikhangiso ezikulo magazini akukona ukuthi zisekelwa ngokusemthethweni uMnyango Wezempilo Wase-KZN, uMasipala WasEthekwini noma Ezempilo Health Matters
Siyababonga laba abalandelayo ababe neqhaza:UMNYANGO WEZEMPILO E-KZN: UPHIKO
LWEZOKUXHUMANA
U-ZOHRA MOHAMED TEKE (UMHLELI)
COLIWE ZULU
THANDI ZULU
DERICK MATSENGARWODZI
THEMBA MNGOMEZULU
SARA AULD
DR GUGU MAZIBUKO
Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba
KULUNGILE
AKULUNGILE
“Ingculazi iyinkinga okumele isukunyelwe umhlaba wonke. Akukho nelilodwa izwe elingakwazi ukulwa nayo lilodwa kepha
kumele amazwe abambisane” – Nelson Mandela
EminyakEni Engamashumi amabili eyedlule akekho owayecabanga ukuthi abantu abanengculazi bayophila. Sibonga imithi esebenzayo namuhla, imishanguzo kanye nokuziphatha kahle kwezocansi, abantu abanegciwane lesandulela ngculazi kanye nengculazi sebengaphila impilo ende nenhle.
Nakuba kukuningi okwenziwayo ukuze kuphephe abantu kepha siyanda isibalo sabantu abasha abasathola igciwane lesandulela ngculazi – kumele sisebenze ngokubambisana ukwehlisa lezi zibalo ukuze sibone isizwe esingenangculazi.
Akekho oyobandlululwa ngoba enegciwane lesandulela ngculazi noma ingculazi.
Banelungelo lokwelashwa ezikhungweni zezempilo.
Zivumelekile izingane ezinegciwane lesandulela ngculazi ukuba ziye esikoleni.
Akekho oyoxoshwa emsebenzini ngoba enegciwane lesandulela ngculazi.
Akekho oyophoqwa ngaphambi kokuthola umsebenzi ukuba ahlolelwe igciwane lesandulela ngculazi.
Imiphumela yokuhlolwa ngeke ikhonjiswe muntu ngaphandle kwemvume.
Abesifazane abakhulelwe benegciwane lesandulela ngculazi banelungelo lokuzikhethela ngokukhulelwa kwabo.
YenZa Okuthile ukwehlisa ukusabalala kwe-hiV/aidsHamba uyosokaAkukuvimbi ukusabalala kwegciwane lesandulela ngculazi kanye nezifo zocansi kepha kuyakwehlisa – yenza ucansi oluphephile uqhubeke nokusebenzisa amakhondomu! Indoda yangempela ibhekelela ukuphepha kwayo nokomlingani wayo uma kunobungozi bo-kutheleleka noma i-HIV. Mhloniphe owesifazane uma engafuni nenze ucansi ngaphandle kwekhondomu.
Abesifazane abakhulelwe kumele basheshe babike emtholampiloHalala bantu besifazane abakhulelwe base-KZN! Nikwazile ukwehlisa ukwedluliseleka kwegciwane lisuka kumama liya enganeni ngama-2%! Masiqhubeke nalokhu ukuze sakhe isizwe esingenayo ingculazi. Khumbula Bonke abesifazane abakhulelwe abanegciwane lesandulela ngculazi bayonikwa imishanguzo amasonto ayi-14. Kuyenzeka ukuba umama onegciwane lesandulela ngculazi abelethe ingane engenalo igciwane – kepha kumele usheshe ubike ukukhulelwa kwakho emtholampilo.
Isisombululo silula. KUMELE siqinisekise ukuthi SIVIMBA ukusabalala kwalo ukuze sehlise izibalo zababulawa yingculazi.
Khumbula Uma uhlola uthola ungenalo igciwane kepha kube kungenzeka ukuthi likhona, usuke usesikhathini sokuhla-wumbisela – Kungenzeka ukuthi umzimba wakho usuke ungakawenzi ama-antibodies enele. Lokhu kuthatha amasonto ayi-12 ukwenzeka, phindela uye kohlola emva kwamasonto ayi-12 kade uhlolile ukuze ube neqiniso lokuthi imiphumela yakho iyiqiniso.
Bashayeli bamaloli! Vikelani impilo yenu emgwaqeni!
I-KZN inemitholampilo eyisikhombisa yabashayeli bamaloli, ekulezi zindawo: iMarian Hill neCato Ridge, iMarburg, Ogwini, iPongola, eZululand, iMooi River, eMgungundlovu, iKokstad, eSisonke kanye neTugela, oTthukela. Le mitholampilo ingasiza abashayeli bamaloli ngalokhu okulandelayo:
Ukwelulekelwa nokuhlolelwa igciwane lesandulela ngculazi (HCT)
Imithi yezifo zabo eziyisimbelambela Amakhondomu abesilisa nawabesifazane Iseluleko sokuhlelwa komndeni Iphalishi elinamaphrotheyini labanegciwane lesandulela ngculazi
Ukwedluliselwa esibhedlela noma kudokotela uma kunesidingo
Ukuqwashiswa kanye nokuhlolelwa izifo zocansi.
Hamba uyohlolaYiyona KUPHELA indlela yokwazi. Ukuyohlolwa kusho ukuzibambela mathupha impilo yakho kanye nokwenza okuthile – kungcono ukuphuthuma kusenesikhathi. Uma usunalo igciwane kungcono ukwazi ngoba usuzokwazi ukuqaphela lokho okudlayo kanye nokuziphatha kwezocansi. Uma ungenalo, zihlelele ukuhlala ungenalo.
Sisengaba khona isizukulwane es-ingenangculazi
Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba
kwengezwe izimoto kwezempiloEmva kokulungisa ama-ambulensi kanye nezimoto zezimo eziphuthumayo, uMnyango WezeMpilo e-KZN uthenge ezinye izimoto ezintsha, ukuze wehlise izindleko wabuye walungisa amabhasi kanye nezimoto zezimo eziphuthumayo.
Ayishumi nambili amabhasi amasha azosetshenziselwa ukuthutha iziguli ezisuka kwezinye izibhedlela ziya kwezinye, emitholampilo kanye nasezikhungweni zezempilo esifundazweni sonke. Lokhu kwenzelwe lezo ziguli ezingenazo izinto zokuhamba. Amahlanu kula mabhasi alungiswe ngendlela yokuthi angakwazi ukufaka izitileshi, kube sekwenziwa indawo yokukhuphula izitileshi uma zingeniswa ebhasini ngemuva.
Ziyishumi nanhlanu izimoto zezimo eziphuthumayo ezilungiselwe ukuba zikwazi ukuthwala impahla ebalulekile enjengezindlawu zokukhipha ababhajwe ezimotweni kanye nezikhanyisi ezisetshenziswa ezimweni eziphuthumayo.
“La mabhasi kanye nezimoto zezimo eziphuthumayo kuzoba usizo olukhulu kwa-KZN EMS kanye nakulabo abadinga usizo lwethu, zizosetshenziswa ngalesi
sikhathi samaholidi,” kusho umkhulumeli wabeZimo Eziphuthumayo Zezempilo kanye Nosizo e-KZN , uRobert McKenzie.
u-mEC WEzEmpilo E-kzn, uDkt sibongisEni Dhlomo uhalalisele abesifazane basendaweni yakwaNzimakwe enyakatho yaKwaZulu-Natali ngemizamo yabo yokulwa nobubha emphakathini. UDhlomo ehamba nobuholi bendawo bavakashele iphrojekthi esandakuzuza umklomelo wezolimo ebizwa ngokuthi Igugulamakhosikazi Community Garden lapho abesifazane betshale khona izingadi ezibangenisela imali. UDhlomo uncome labo mama wabe esegqugquzela nabanye
ukuba babonele kubo. Kade evakashele umtholampilo omusha
waseBaremar, uDhlomo utshele abasebenzi bezempilo okubandakanya nabahlengikazi ukuba basebenze ngokuzinikela uma benakekela iziguli. “Umsebenzi wenu owobizo ngakho-ke kumele nibe nesineke. Khumbulani ukulandela imigomo emihlanu yezempilo, inhlanzeko, ukugwema izifo, ukunciphisa olayini, ukuphepha kweziguli nabasebenzi kanye nokuziphatha okuhle nokunakekela iziguli. Asibathandi abahlengikazi abaphatha kabi iziguli, ngicela ukuba silandele le migomo bese siyisebenzisa njengezosihola kwezempilo,” kusho uDhlomo.
umnyango WEzEmpilo e-KZN umatasa ekubhekaneni nezinselelo zalesi sikhathi sonyaka emigwaqeni nangaphandle kwemigwaqo. Kuhanjiswe abasebenzi bokwengeza kanye nezinsizakusebenza kwabezimo eziphuthumayo ukuze kubhekwane nezinselelo zangalesi sikhathi.
Kwengezwe ama-ambulensi, izimoto zezimo esiphuthumayo kanye nezokutakula ezindaweni eziningi, emigwaqeni emikhulu esifundazweni nasemingceleni yayo ukuze kuthuthukiswe isikhathi sokuthunyelwa ngokushesha kosizo oluphuthumayo.
Amaphuzu okumele uwakhumbule uma ushayela abezimo eziphuthumayo Sebenzisa izinombolo zezimo eziphuthumayo kuphela uma kunesimo
esiphuthumayo Phendula yonke imibuzo ebuzwa ngobamba ucingo Nika imininingwane ecacile bese usho nezindawo ezaziwayo eziseduze nawe
uma kufanele. Iyodingeka inombolo oyoshayelwa kuyo.
Umnyango usakhathazekile ngezingcingo ezingamanga ezifika ngesikhathi samaholidi. Ufisa ukucela abazali kanye nomphakathi ukuba ukhulume nezingane ngobungozi bokuqamba amanga kanye nokuzazisa ukuthi owenza lokho ufana nowenze ubugebengu.
shayela ku 112 kumaselula noma u
10177 ezingcingweni zasemakhaya
ukuze uthole usizo uma kunengozi
noma ezimweni eziphuthumayo
iZinombolo eZisemqokaKZN HEALtH EMS .........................................................10177POLICE FLYING SQUAD .................................................10111DUrbAN MEtrO FIrE........................................ 031-361 000SEA rESCUE SErvICES .................................. 031-361 8567NSrI, DUrbAN (StAtION 5) .............................082 990 5948tHE OPEN DOOr CrISIS CENtrE .....................084 409 2679 GOODFELLAS ....................................................0861 433 552
u-MeC ehalalisela umphakathi wasendaweni
u-alPha OPs ubhekana nesikhathi saMahOlidi
Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba
Uma uphendule ngo YEBO kukho
konke okungenhla kusho ukuthi
usuyakwazi ukubaluleka KOKUSOKA!
Wazi kangakanani ngokusokwa?
Yikuphi kulokhu okuyiqiniso ngokusokwa?
Lumnandi ucansi: Ukusoka
akunamthelela ekufiseni
ucansi, ekulenzeni
nasekwenelisekeni
YIQINISO AKULONA
IQINISO
Kulula ukugcina isitho
sowesilisa sangasese
sihlanzekile
YIQINISO AKULONA
IQINISO
Ukusoka kwehlisa ubungozi
bokutheleleka ngegciwane
lesandulela ngculazi
YIQINISO AKULONA
IQINISO
Mancane amathuba okuba
owesifazane athole isifo
socansi esihlangene
nomdlavuza wesibeletho
uma umlingani wakhe
esokile
YIQINISO AKULONA
IQINISO
UMnyango WezeMpilo e-KZN kanye nezinhlangano
ezingekho ngaphansi kukahulumeni ezixhaswe yi-PEPFAR
zihlinzeka ngokusokwa kwamahhala kuzo zonke
izikhungozezempilo zikahulumeni. Ukuthola ulwazi lokuthi
yikuphi lapho ongaya khona uma ufisa ukusokwa e-KZN,
thumela umqhafazo wamahhala wokucela ukufonelwa
ongu-Please Call Me kule nombolo ethi 082 371 7775.
uDkt Kelly Gates, iMenenja Yezokwelapha esibhedlela ibethesda
Ngikholelwa embonweni kaMadiba wokubeka
abanye abantu phambili
Halala Dkt Gate nethimba lakho esibhedlela ibethesda!
Wahlala iminyaka emibili njengodokotela eYurophu kepha
kwakukhona okushodayo. Lokho okwakushoda kwakuwukusiza abantu abadingayo kanye nabampofu. Wabuya uDkt Gates wazoba iMenenja Yezokwelapha esiBhedlela iBethesda esisendaweni yasObonjeni eziNtabeni zObombo eNyakatho yeMaputaland lapho aqala khona ukusebenza ngenkathi enza umsebenzi womphakathi emva kokuphothula ezobudokotela ePitoli.
Akazisoli ngalokho. Nakuba azuza umklomelo wezwe wokuba uMholi ophuma phambili kanye nokuzuza umklomelo weBatho Pele, uDkt Gates akafuni kunconywe yena yedwa. “Selapha abantu abayi-100 ngelanga kepha lokho sikwenza njengethimba. Sesifana nomndeni kanti nabantu bayakuthokozela esikwenzayo,” kusho udokotela oneminyaka engama-35 oziqhenyayo ngokusiza umphakathi asebenza kuwo abuye ahlale nawo kanye nomkakhe.
Ukunqoba izinseleloUyasebenza umngenelelo kaDkt Gates esibhedlela nakuba zikhona izingqinamba zesabelomali kanye nezinsizakusebenza, siyaphumelela isibhedlela kokuningi. Ngokusebenza kukaDkt Gates sekuneziguli eziyizi-7 500 ze-HIV ezithola imishanguzo osekwenze kwehla izinga lokudluliseleka kwalo
lisuka komama liya ezinganeni kwaba ngaphansi kwama-2.5%. “Kuyintokozo ukwazi ukuthi senza umehluko. Ukuzibophezela kwethu eBethesda kuyasabalala, siyazi ukuthi unakekelo lwezempilo luyilungelo lawo wonke umuntu. Simelwe ukuhlonipha abanye abantu. Kumele siqwashise sibuye sifundise umphakathi. Lokho kuyoziqeda izifo ezinjenge-HIV,” echaza.
Ugqugquzelwa Uthando Lokwelapha AbanyeKwesinye isikhathi uDkt Gates usebenza amahora engeziwe esesebenza ngesikhathi somndeni wakhe. Kepha uthi nomkakhe usebenza esibhedlela njengomeluleki kwezokudla okwenza naye amlekelele ekusizeni umphakathi osufana nomndeni kuye. “Iningi lodokotela balapha likhetha ukuhlala lisebenze ngisho seliqede unyaka wokwenza umsebenzi womphakathi. Bakhona nabanye odokotela abaqhamuka eNgilandi abaye bamangazwe yizinselelo esinazo zokwelapha. Siphilela ukunakekela abanye. Ngaphezu kweziguli ezingaphezu kwe-100 esizibona ngosuku esibhedlela sibuye selaphe iziguli ezingama-50 udokotela eyedwa nomhlengikazi emitholampilo yethu emincane esesifundeni,” kuchaza uDkt Gate.
ngembobo kakhiye
Ozuze umklomelo woMholi Ovelele Kuhulumeni kanye Nobaqwaqwade Bonke eMklomelweni weBatho Pele, uDkt Kelly Gates unothando lokusiza abantu kanti uhola asebenza nabo esiBhedlela iBethesda ekuqinisekiseni ukuthi wonke umuntu uthola unakekelo lwezempilo olumfanele.
® Registered trademark/*trademark of Kimberly-Clark Worldwide Inc. © 2011 KCWW
Ukuncelisa ingane kuyisona siqalo esingugo umama angasinikeza ingane yakhe. Lokhu kusho ukuthi omama bangahlangabezana ngisho nobuhlungu ngoba kwesinye isikhathi ukuncelisa ibele kungaholela ku-mastisis eyenzeka uma ibele liba nokugula ngesikhathi uncelisa. Funda kabanzi ngalokhu kule miyalelo yethu engezansi ukuze wena nengane yakho nizuze lukhulu ngokunceliswa kwebele.
iyini i-mastitis?I-mastitis iqala uma ubisi luvimbeka emithanjeni yengono ngesikhathi uncelisa. Yisimo esijwayele ukuhlupha omama abasebasha ezinyangeni ezintathu zokuqala bencelisa esingenza amabele abe buhlungu kakhulu uma uncelisa. Kumele uthole ukwelapheka ngokushesha uma amabele akho eqina ngesikhathi usancelisa kungaze kube namathumba, okumele ukwenze uku:
1 Qhubeka nokuncelisa, uqale ngalelo bele eliqinile – akukho bungozi enganeni ngoba amagciwane asobisini ayafa uma ubisi selugayeka enganeni.
2 Beka umlomo wengane endaweni ebomvana. Lokhu kumunca umthambo ovalekile.
3 Hlikihla ingono ngesikhathi uncelisa.
4 Khama lonke ubisi olusale emabeleni uma ingane isisuthi (cela usizo lokwenza lokhu)
• Isimila noma ukuqina ebeleni okulandelwa yibele elinobuthi eliba bomvu lishise
• Imfiva
• Ukukhathala nobuntekenteke
• Ubuhlungu bemisipha • Izimpawu zomkhuhlane• Ukuba nezinyembezi.
• Ama-antibiotics ashiwo ngudokotela. Uma uwasebenzisa kumele wazi ukuthi kungahle kuphume amaqhubu ezingonweni. Lezi zimpawu zifana nokuhlatshwa yizinalithi ikakhulu ngesikhathi nangemuva kokuncelisa. Xhumana nomtholampilo uma kwenzeka lokhu.
• Ungasebenzisa amaphilisi ezinhlungu okuyi-paracetamol kanye ne-ibuprofen.
• Shisisa ibele ngendwangu eshisayo
ngaphambi kokuncelisa. Qala uncelise ingane ebeleni elibuhlungu bese ubeka umlomo wayo kuleyo ndawo ebuhlungu.
• Uma uqeda ukuncelisa, yehlisa ukushisa ebeleni ngokubeka iqhwa elisongwe ngendwangu.
• Khama lonke ubisi olusebeleni uma uqeda ukuncelisa.
• Phuza iziphuzo kakhulu (hhayi utshwala) bese UPHUMULA, UPHUMULA, UPHUMULA!
Uma usukwenze konke lokhu okungenhla kepha ube nalezi zimpawu ezilandelayo, vakashela umtholampilo ngokushesha ukuze uthole ukwelashwa.
Ukwelashwa kwe-mastitis kubandakanya:
Gcina isikhumba sengane yakho sithambile futhi somile njengoba kuyinhloso kamama wemvelo.
Themba ama Huggies mama ukugcina ingane
yakho ithokomele, ijabule futhi yomile.
Uhlelo lokuvikela nokugcina ukoma enganeni luletha ukoma okuyisikhathi
esingamahora ayisi-9 bese kuthi ukwembozeka ngokusakotini
kuvumele isikhumba sengane ukuba sikwazi ukuphefumula, lokho kunikeze
nomama isikhathi sokuphefumula.
BABYCORNER
UMA INGANE YAKHO IDLA IMISHANGUZO YENGCULAZI
IMITHOLAMBILO IHLINZEKA NGAMAQEMBU OKWESEKANA KWEZINGANE EZINEGCIWANE LESANDULELA NGCULAZI
uDaba lukapumi alWEhlukilE kWEzinyE. Likhulu ithemba njengoba imitholampilo nezibhedlela kuqalisa amaqembu asekanayo abazali bezingane ezidla imishanguzo. “Sithola ukuthi abazali abaningi bayesaba ukutshela ingane enegciwane lesandulela ngculazi ukuthi idla imishanguzo yengculazi, bamane bakhulume iphutha. Sikhuthaza abazali ukuba baqale bavuleleke ezinganeni zabo ngesimo sabo segciwane lesandulela ngculazi: bazitshele ukuthi zinempilo noma zinegciwane lesandulela ngculazi bese ukhuluma iqiniso ngesimo sazo. Sesiqale iqembu lokwesekana, umzali kanye nengane bazothola ukwelulekwa yithimba lethu. Ngaleyo ndlela wonke umuntu uthola ukwesekwa ngalolu daba olubucayi. Kumele sikhuthaze imindeni ukuba iphumele obala ngalesi simo,” kuchaza uNonsikelelo Xulu ongowezokwazisa e-Inanda Health Centre.
Ukutshela ingane yakho iqinisoKuyinto enzima kakhulu kunoma yimuphi umzali noma umbheki wengane ukuyitshela ukuthi inegciwane lesandulela ngculazi. Ucwaningo luveza ukuthi uma izingane sezitsheliwe iqiniso, zi:
Yakuqonda ezikuzwayo bese zikwazi ukubhekana nomphumela wokugula okusemizimbeni yazo.
Liyehla izinga lengcindezi Ziba nokuzethemba bese lehla
izinga lokufuna ukuzibulala ngoba sezazisiwe
Kukhona ukwesekwa kwemizwa kanye nokwelashwa kwazo.
Uyitshela nini ingane ngesimo sayo?Ziningi izinto ezingonakala uma usutshela ingane yakho. Iminyaka yabo, ukukhula, imizwa, ukuthi wena nengane yakho ninakho yini ukwesekwa ekubhekaneni nalesi simo, nokunye. Khuluma nomtholampilo oseduzane ubacele ukuba bakutshele ngeqembu lokwesekana eliphathelene nalolu daba. Kunabasebenzi bezempilo nosonhlalakahle abaqeqeshiwe abazokweluleka ngokuthi ungaluxoxa kanjani lolu daba nengane yakho – bangaba khona ukuphendula yonke imibuzo ingane yakho engaba nayo. Usonhlalakahle oqeqeshiwe angakusiza ngokuba assize ingane ekubhekaneni nalesi simo ikakhulukazi ngesikhathi iqala ukuzwa. Usonhlalakahle nomsebenzi wezempilo bangeluleka ingane ngokuthi ukuba negciwane akulona iphutha layo nelomzali futhi akukona ukuphela komhlaba. Isipho esinganikwa ingane ekulesi simo esokuyigqugquzela ukuba ingalilahli ithemba.
KHUMBULA UKUTHI INGANE ENEGCIWANE LESANDULELA NGCULAZI NGEKE YABANDLULULWA ESIKOLENI NGENXA YESIMO SAYO! Khuluma nomsebenzi wezempilo wasendaweni ngamaqembu okwesekwa kwezingane ezidla imishanguzo.
Udaba lukaPumiIngane kaPumi yazalwa
inegciwane lesandulela ngculazi
kanti manje isineminyaka eyi-
12, idla imishanguzo. UPumi
akazange ayitshele ingane yakhe
ngesimo sayo kwaze kwaba
manje lapho ezwa khona ukuthi
lokho kungalimaza ikusasa
layo. “Ngangesaba ukumtshela
iqiniso ngiqamba amanga
ngithi amaphilisi awadlayo
awamavithamini. Ngangesaba
ukuthi kungenzeka angakwazi
ukumelana nesimo sakhe uma
ngimtshela noma avele enqabe
ukudla imishanguzo uma
esazi iqiniso. Emva kokuba
sengihlangane nabanye abazali
abanezingane ezithelelekile
ngezwa ukuthi kubalulekile
ukuba zisheshe zitshelwe iqiniso
ukuze zingabi yimpi esikhathini
esizayo ngoba zingatshelwanga
iqiniso, yingakho ngathatha
isinqumo sokutshela indodakazi
yami iqiniso. Waqale wethuka
kepha manje usesamukele
isimo sakhe emva kokuba
ngimchazelile ukuthi namuhla
abantu abane-HIV bangaphila
isikhathi eside.”
“Sikhuthaza abazali ukuba bavuleleke ezinganeni zabo ngesimo sabo segciwane lesandulela ngculazi”
Sifana nawo wonke umuntu. Sinezandla.
Sinezinyawo. Singa-hamba, singakhuluma,
sinezidingo njengabo bonke abantu – ungasesabi –
siyefana sonke!
– uNkosi Johnson oway-eyisishoshovu sengculazi owedlula emhlabeni ngo-nyaka wezi-2001 enemin-
yaka eyi-12.
Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba
UZIBANDLELA
Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba
inYanGa YOkuGweMa ukuliMalaAmaphesenti angaphezu kwama-80% okusha
okukhulu kakhulu enzeka emijondolo. Lokhu
kungagwenywa ngokuthi kwaziwe ukuthi
zingagwenywa kanjani izingozi zasekhaya bese
kuqinisekiswa ukuthi wonke umuntu emndenini
uyakuqonda lokhu. Lokhu kubandakanya ukukhunjuzwa
kwezingane ukuba zingasondeli ezitofini ezibasiwe, umlilo
kanye nekhandlela elivuthayo. Isibalo esikhulu sababulawa ukusha esezingane
ezineminyaka esuka e-0 iya e-14 bese kuthi abalimala kakhulu kube yilabo
abaneminyaka engaphezu kwama-55. Yisikhathi sokukuguqula lokhu!
khuluma nomtholampilo noma umkhandlu oseduzane
mayelana nezindlela eziphephile zokupheka kanye namasu
okugwema umlilo ekhaya. Fundisa nomakhelwane ngokugwema
ukubhebhetheka komlilo osuka kwamanye amakhaya.
Isuka kude iNingizimu Afrika nemizamo
yokulwa negciwane lesandulela ngculazi.
Abesifazane abakhulelwe bathola
imishanguzo, kwanda abantu abahlolela
igciwane, ukwenyuka kwesibalo sabasokayo
kanye nokuziphatha kahle kwezocansi,
singayinqoba ingculaza. Okuyiyona
ndlela eyokuqhubeka nokugWEma
ukubhebhetheka kwayo ukuze kwehle
isibalo sababulawa yiyo. Makuqhutshekwe
nokuyigwema. Konke kuqala kuwe!
usuku lomhlaba lokuphepha kweziguli
INhlangano YezeMpilo Emhlabeni yethula lolu
suku ukuqinisekisa ukuthi abantu bayawaqonda
amalungelo abo onakekelo oluphephile kuzo zonke
izibhedlela. Njengeziguli, amalungelo akho avikelwe
kumthethosisekelo kanye nakuCharter Yempilo
Yesiguli. Kumele kodwa sibuye sikhumbule ukuthi
naso isiguli kumele sibambe iqhaza ngempilo
yaso, kanye nangendlela iziguli eziphatha ngayo
abasebenzi – kuyabanjiswana.
usuku lomhlaba labantu
abaphila nokukhubazekaLolu suku olokuqwashisa ngamalungelo abantu abaphila nokukhubazeka.
Bajwayele ukubandlululwa emiphakathini ngakho-ke lolu suku
olokukhumbuza labo abaphila nokukhubazeka ukuthi basengabamba
iqhaza emphakathini. Baningi abafuna ithuba lokukuveza lokhu. Ukuphila
nokukhubazeka akumenzi umuntu angabaluleki kepha lokho kusho ukuthi
banendlela yabo yokwenza izinto okumele yamukelwe. Ukuhloniphana
nokubekezelelana kusenza sibe ngabaseNingizimu Afrika ngempela,
ngakho kuhle sikwenze lokhu.
usuku lomhlaba lamavolontiya
Lolu suku luhlonishwa umhlaba wonke njengosuku lokukhumbula
bonke labo abanikela ngesikhathi sabo, amakhono kanye nokunakekela
abanye mahhala. Ake ucabanje nje ukuthi ukuba sonke besikwenza lokhu
emiphakathini yethu? Ukusiza labo abadinga ukusizwa, ukwabelana
nokunikela ngalokho esinakho. AbaseNtshonalanga bakubiza
ngokuvolontiya kanti kithina Ubuntu – masikubuyise!
9uZibandlela
3uZibandlela
5uZibandlela
usuku lomhlaba lamalungelo abantu
INingizimu Afrika iyaziqhenya ngalokho esikuzuzile mayelana namalungelo abantu. Nakuba lolu suku silugubha ngoNdasa kepha lolu suku lugujwa njengosuku lomhlaba lokuhlonipha Ukumenyezelwa Kwamalungelo Abantu Emhlabeni Wonke. Leli yithuba lokufundisa izingane zethu, abaholi bakusasa nesizukulwane ngokuthi amalungelo alwelwa kanjani nokuthi kungani kumele ajatshulelwe, ahlonishwe bese kwenziwa izwe libe ngeliphuma phambili.
10uZibandlela
Uthi bewazi ukuthi ukulimala ngokusha
kwaseNingizimu Afrika kuphindwa kane
kunanoma yiliphi elinye izwe emhlabeni elinezimboni?
usuku lOMhlaba
lenGCulaZi
uzibandlela 1