usuku lukanelson mandela 18 julayi - kwazulu … lukanelson mandela 18 julayi “sidinga imikhankaso...

11
ISIQEPHU 6 FUNDISA || NIKEZA ULWAZI || NIKEZA AMANDLA MAHALA Usuku LukaNelson Mandela 18 Julayi “Sidinga imikhankaso enqala ukuze sivimbele ukutheleleka ngegciwane okusha entsheni, kanye nezinyathelo ezinkulu ukuze sivimbele ukutheleleka komntwana ngegciwane elisuka kumama, ... Njengoba sibhekene nosongo olukhulu lwengculaza negciwane layo, kufanele sikhohlwe ukungafani kwethu kodwa sihlanganise imizamo yethu ukuze sisindise abantu bakithi. Siyoba nomlando omubi uma sehluleka ukwenza lokho njemanje, hhayi kusasa “ – UNelson Mandela - UNelson Mandela

Upload: truongnhu

Post on 03-Apr-2018

403 views

Category:

Documents


7 download

TRANSCRIPT

Page 1: Usuku LukaNelson Mandela 18 Julayi - KwaZulu … LukaNelson Mandela 18 Julayi “Sidinga imikhankaso enqala ukuze sivimbele ukutheleleka ngegciwane okusha entsheni, kanye nezinyathelo

ISIQEPHU 6FUNDISA || NIKEZA ULWAZI || NIKEZA AMANDLA

MAHALA

Usuku LukaNelson Mandela18 Julayi

“Sidinga imikhankaso enqala ukuze sivimbele ukutheleleka ngegciwane okusha entsheni,

kanye nezinyathelo ezinkulu ukuze sivimbele ukutheleleka komntwana

ngegciwane elisuka kumama, ... Njengoba sibhekene nosongo olukhulu

lwengculaza negciwane layo, kufanele sikhohlwe ukungafani kwethu kodwa

sihlanganise imizamo yethu ukuze sisindise abantu bakithi. Siyoba

nomlando omubi uma sehluleka ukwenza lokho njemanje, hhayi

kusasa “ – UNelson Mandela- UNelson Mandela

Page 2: Usuku LukaNelson Mandela 18 Julayi - KwaZulu … LukaNelson Mandela 18 Julayi “Sidinga imikhankaso enqala ukuze sivimbele ukutheleleka ngegciwane okusha entsheni, kanye nezinyathelo

Ezempilo | Health Matters - Edition 7 1

KuNgqongqoshe Wezempilo Kazwelonke uDkt. Aaron Motsoaledi

Izwe lethu okwamanje linezinto ezenzekayo ezithakazelisayo kwezempilo. Akungabazeki ukuthi eminyakeni embalwa edlule kuye kwaba nezinselele eziningana kwezempilo, kusukela ekwandeni kwezifo, izimo zokusebenza ezingezinhle ezibhedlela zikahulumeni kanye nokushiya kwabasebenzi bezempilo abanekhono bayosebenza ezibhedlela ezizimele noma phesheya. Ngokungangabazeki, zonke lezi zimo ziye zalehlisa izinga lokunakekela ezikhungweni zethu eziningi.

Nokho, ngasohlangothini oluhle, manje sesibona izinto eziningi ezenzekayo ezinikeza ithemba mayelana nokusebenza kwezikhungo zezempilo zikahulumeni. Njengamanje kunomsebenzi oqhubekayo wokuthuthukisa izinga lokunakekela kuzo zonke izikhungo zethu kuhlanganise nemitholampilo. Muva nje, uMnyango ushicilele umthetho-sivivinyo ukuze kuphawulwe ngawo, ozoholela ekusungulweni kweHhovisi Lokuhambisana Nezindinganiso Zezempilo, ihhovisi elizosiqinisekisa ukuthi zonke izikhungo zezempilo zihambisana nezindinganiso ezibekiwe ezihlanganisa:

• Ukuphephakwesiguli• Ukubakhonakwemithi• Imigqaemide• Ukuvinjelwanokulawulwakokutheleleka.

Akungabazeki ukuthi zonke lezi zindinganiso zibaluleke kakhulu ekutheni kube nezinsizakalo ezikahle zokunakekelwa kwempilo. Silindele ukuthi leli hhovisi lisebenze kungekudala ukuze sikwazi ukuthuthukisa esikulindele ekuletheni izinsiza. Lizoba namandla okuyohlola izibhedlela futhi lithathe izinyathelo zokulungisa okungalungile ngaphambi kokuba kuvele izinkinga. Phela, wonke lomsebenzi ulungiselela uMshwalense Wezempilo Kazwelonke ozoqinisekisa ukuthi bonke abantu baseNingizimu Afrika bathola ukunakekelwa kwezempilo okusezingeni kungakhathaliseki isimo sabo kwezenhlalo noma kwezomnotho.

Okwesibili, manje sisebenza kanzima ekuvuseleleni izikhungo zezempilo okuyinto ebalulekile. Okwamanje, uhlelolwezempilolulindaukubaizifozivelebeseziyelashwa.Ngekesikwaziukuqhubekasenzakanje.Uhleloesilwethulayo manje yilolo olukhuthaza ukuphila okunempilo nokuvinjelwa kwezifo ngaphambi kokuba zibe khona. Nginxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi baphile ukuphila okunempilo okuhlanganisa ukuzilolonga njalo, indlela yokudla elungile, ukungabhemi nokuphuza ngokulinganisela.

Sengiphetha, ngikhathazeke kakhulu ngenani eliphezulu lokufa kwezinsana nomama ezweni lethu. Ngalolu hlelo lokunakekelwa kwempilo esilwethulayo, Ngiyaqiniseka ukuthi sizokwazi ukwehlisa izinga lezinsana nomama abashona bebeletha. Lezi zinselele esibhekene nazo zidinga ukuthi sisebenze ngokushesha ukuze kufezeke umbono wethu wokuba abantu baseNingizimu Afrika baphile isikhathi eside beyimiqemane nokuqinisekisa ukuthi bathola ukunakekelwa kwezempilo okusezingeni njengoba kusho uMthetho-sisekelo. Masikwenze kwenzeke!

Umlayezo ovela...

© U

NIC

EF

So

uth

Afr

ica/

2008

/Sch

erm

bru

cker

Nqanda udlamekhulumaUdlame lungaba ngokomzimba, ngokocansi noma ngokomzwelo. Lungenzeka noma kuphi – ekhaya, emsebenzini, esikoleni noma emphakathini. Labo abenza udlame kungase kube abantu izisulu ezingabazi noma ezibaziyo – amalungu omkhaya noma abangane.

Izingane nabesifazane yibo abavame kakhulu ukuba yizisulu zodlame ngenxa yesimo esiphansi nokungabi namandla emphakathini.

Udlame luyicala. Uma wena, umngane noma othile omaziyo ebhekene nodlame, khuluma.

South African Police Service 08600 10 111

Kukhona nolayini okhethekile wokusiza izisulu ezingabesifazane.

Ulayini Wokunqanda Udlame Olubhekiswe Kwabesifazane0800 150 150

www.unicef.org/southafricawww.facebook.com/unicefsouthafrica

Page 3: Usuku LukaNelson Mandela 18 Julayi - KwaZulu … LukaNelson Mandela 18 Julayi “Sidinga imikhankaso enqala ukuze sivimbele ukutheleleka ngegciwane okusha entsheni, kanye nezinyathelo

Ezempilo | Health Matters - Edition 72

I - B i p o l a r ukuphazamiseka kwengqondoUmlandowesifosengqondosikaJoseph,kuchaza uListon, uqale eminyakeni emibili edlule lapho eqala ukwenza izinto ngendlela engajwayelekile. Walaliswa esibhedlela kwatholakala ukuthi une-“bipolar disorder” futhi uphethwe yi-schizophrenia. “Isifo sengqondo kaningi akukhulunywa ngaso emiphakathini yakithi,” kusho uListon. “Angikaze ngizwe ngalokhu ngaphambili. Yima ngiqala ukuqonda ukuthi izifo zengqondo zimbi kangakanani nokuthi abantu abanazo bangaba yingozi kanganani uma bengayithathi imithi yabo.”

Amaphupho ashabaleleEzama ukulawula imizwa yakhe, uListon uyakhumbula ukuthi wayeziqhenya kanjani ngesikhathi indodana yakhe ikhethwa ukuba iyodlalela iqembu lombhoxo lama-Blue Bulls. “Wayengumdlali oqavile kodwa lapho

eba nemali eningi w a z e h l u k a n i s a nomkhaya wakhe. Asibange sisakwazi ukuqinisekisa ukuthi indlela yokuziphatha ayifunda eseyingane akayilahli. Njengoba

sasingasaxhumani naye, sazizwa sisodwa futhi

singakwazi ukumsiza.”

Yini evuse isifo sengqondo sikaJoseph?

UListon unikina ikhandangokungakholwa. “Ngifisa sengathi ngabe siyazi. Ngesinye isikhathi ngivuka nginethemba lokuthi bekuyiphupho nje nokuthi ukuphila kwethu kuzobuyela esimweni esijwayelekile futhi,” esho. “Kunzima ukwamukela lokhu, noma ukwazi okufanele ukwenze. Sithandazela bonke abahilelekile kulokhu. Akukho okungavusa labo abashonile. Usizinokudabuka kuzohlala kukhona. Ithemba lami ukuthi singafunda kulezehlakalo ezenzekile siqiniseke ukuthi akwenzeki kweminye imindeni, esho ngokudabuka. Kudingeka sifunde okwengeziwe ngesifo sengqondo nokuthi s i n g a b h e k a n a kanjani nalesi

simo uma omunye emkhayeni eba nalesi sifo.

Ukufunda ngesifo sengqondoUListonuthiisifundoesisodwaokufanelesisifunde esehlakalweni sendodana yakhe ukuthi imiphakathi idinga ukufundiswa ngesifo sengqondo, indlela yokusibona nokuthi ungabhekana kanjani nesimo lapho ilungu lomndeni liphethwe isifo sengqondo. “Kubalulekile ukwazi izimpawu okufanele uziqaphele ikakhulukazi uma imithi ingathathwa ngendlela. Ngicabanga ukuthi njengathi, imindeni eminingi ayinalwazi lokubhekana nezinkinga zengqondo ezinzima. Kudingeka abantu abaqeqeshiwe kulezi zinto”,

esho ngokudabuka – ubaba okhungathek iswe

y i z e n z o z e n d o d a n a

yakhe.

Umdlali webhola lombhoxo osemusha

onamathuba amahle uJoseph Ntshongwana ubhekana necala

lokubulala ngemva kokubulala abantu abathathu. Uyise, uListon Ntshongwana,

ongumeluleki kahulumeni nosomabhizinisi, uthi indodana yakhe iphethwe i-Bipolar disorder. UListon ukhuluma nEzempilo

ngethemba lokuthi nabanye bangafunda kule nhlekelele futhi bafune usizo ngalesifo sengqondo

kungakephuzi.

Ukugxila Esifweni Sengqondo- SINGATHINTA NOMA UBANI

Siyababonga laba abalandelayo ababe neqhaza:

EZempilo E-KZNUphiko LweZempilo KuMasipala WaseThekwini

Zohra Mohamed Teke (Editor)Coliwe ZuluDerick MatsengarwodziElmarie KrugerThemba MngomezuluPriya ShuklaNonhlanhla F VeziDudley Viall

ILUNGELO LOBUNIKAZI & NOKUKHANGISAKonke okushicilelwe kulo magazini kuyilungelo le-Ezempilo, Health Matters futhi kungase kuphinde kukhiqizwe mahhala ngezinjongo zokufundisa kuphela, uma kutholakale imvume. EZempilo E-KZN, uMasipala WaseThekwini nEzempilo Health Matters abahlangene nganoma iyiphi indlela nabakhangisi abakulo magazini.

Write to us...P O Box 25439Gateway 4321

EMAIL:[email protected]

OKUPHAKATHI • UKUGXILA ESIFWENI SENGQONDO- SINGATHINTA NOMA UBANI

• UKUDALULA AMANGA MAYELANA NOKUGULA NGENGQONDO

• NJENGOBA WENZE UCANSI OLUNGAPHEPHILE…

UZOKWENZENJANI MANJE?

• UKUHLOLWA - INGANEKWANE

• SIYA NGOKUYA SIKHULUPHALA NJENGESIZWE

• UKUNAKEKELWA KWEZEMPILO - SESIHAMBE IBANGA

ELINGAKANANI

• EKUKUTHUTHUKISENI?

• UKUBAMBA IQHAZA EMPHAKATHINI

• ISIQONDISO SANYANGA ZONKE

• AKE SITHI NHLA

Page 4: Usuku LukaNelson Mandela 18 Julayi - KwaZulu … LukaNelson Mandela 18 Julayi “Sidinga imikhankaso enqala ukuze sivimbele ukutheleleka ngegciwane okusha entsheni, kanye nezinyathelo

Amanga 1: Ukugula ngengqondokuyafana nokukhubazeka emqondweni

Iqiniso: Lezi izimo ezihlukene. Ukukhubazeka emqondweningokuvamile kusho ukuthi ukusebenza kwengqondo okulinganiselwe kanye nobunzima beminye imisebenzi yansuku zonke. Isifo sengqondo singathikameza ukuziphatha komuntu kanye nokusebenza kwengqondo.

Amanga 2:Ukugulangengqondoyintoecatshangelwayo.

Iqiniso: Isifo sengqondo yinto engokoqobo futhi singabangela inhlupho,

ukukhubazeka kanti singanciphisa nokuphila (isib. ukucindezeleka ngemva kokuhlaselwa isifo senhliziyo, isifo sesibindi ngenxa yokuphuza ngokweqile nokuzama ukuzibulala). Isifo sengqondo singatholakala futhi selashwe kungakephuzi. Izinkomba ziwuphawu lokugula okungokoqobo.

Amanga 3: Isifo sengqondo sibangelwa ukuba buthaka komuntu.

Iqiniso: Isifo sengqondo sibangelwa izakhi ezingokomzimba, ezingokwengqondo nezingokwenhlalo, isib. ukuphelelwa umsebenzi noma ukushonelwa othandekayo.

Amanga 4: Angeke ululame uma unesifo sengqondo.

Iqiniso: Abantu abanesifo sengqondo bangasinda futhi bathuthuke ngemva kwesikhathi baphile impilo elawulekayo. Ziningi izindlela zokwelapha ezikhona njengemithi, ukwelashwa ngezindlela ezithile nokuhlunyeleliswa.

Amanga 5: Isifo sengqondo sithinta kuphela abantu abasemazweni adla izambane likapondo.

Iqiniso: Isifo sengqondo nobuchopho kubakhathaza abantu abasemazweni asethuthukile nasathuthuka.

Amanga 6: Abantu abagula ngengqondo bonke bayingozi futhi banobudlame.

Iqiniso: Iningi labantu abanesifo sengqondo abanabo ubungozi noma ubudlova. Abantu abanesifo sengqondo njenge-schizophrenia bahlala bethukile futhi bedidekile, abanalo udlame.

Amanga 7: Ischizophrenia siyisifo okuthi i-multiple personality disorder

Iqiniso : I-schizophrenia isifo sengqondo esibucayi, esivame ukudidaniswa ne-multiple personality disorder. I-schizophrenia siqeda ikhono lomuntu lokucabanga kahle nangokucacile Abantu abane-schizophrenia banezimpawu ezisukela ekuzehlukaniseni nabantu kuye ekuboneni izintoe ezingekho kodwa bavame ukusizwa yimithi. Imithi isisize iningi lalaba bantu ukuba baphile ukuphila okungcono nokwanelisayo.

Amanga 8: Abantu abaningi a b a n o k u c i n d e z e l e k a okushintshashintshayo bayingozi futhi abalawuleki kaningi abamukeleki emphakathini.

Iqiniso: Ukucindezelekaokushintshashintshayo - noma i-bipolar disorder – ingezinye zezifo zengqondo ezibucayi, esibangela ukucindezeleka okukhulu futhi sonakalise ubudlelwane babantu. Noma kunjalo abantu abaningi abane-bipolar disorder bangaphila impilo engcono.

Amanga 9: Isifo sengqondo ngeke singithinte mina.

Iqiniso : Izifo zengqondo kuyamangaza ukuthi zivamile futhi zingathinta noma ubani. Okungenani umuntu oye-1 kwaba-5 eNingizimu Afrika uyagula aphathwe isifo sengqondo noma isimo esiyingozi ngokwanele ukuphazamisa impilo yakhe. Abantu namuhla abangaba yizigidi ezigu-400 baphethwe yisifo sengqondo noma izifo zesimiso sezinzwa noma izinkinga zengqondo nobudlelwane nabantu njengalezo ezihlobene notshwala kanye nokudla izidakamizwa.

Amanga 10: Ukucindezelekakuwumphumela osukela ebuthakathakeni bomuntu siqu noma ukungazethembi, abantu abacindezelekile bangagqashula kukho uma bezama ngamandla.

Iqiniso: Ukucindezelekaakunahlangenenokuvilapha noma ukuba buthaka. Kuwumphumela woshintsho ebuchosheni noma ekusebenzeni kobuchopho futhi imithi kanye/noma ukwelashwa kwengqondo kuvame ukusiza abantu balulame.

Amanga 11: Ukucindezelekakuyingxenye yokuguga.

Iqiniso : Kujwayelekile ngabantu abadala ukuba bacindezeleke. Izimpawu zokucindezeleka kubantu abadala zihlanganisa ukungabi nesithakazelo ekwenzeni izinto, ukuphazamiseka kokulala nokungabi namandla. Ukucindezeleka kubantu abadalakaningi akuxilongwa, kanti kubalulekile ngabantu abadala namalungu emindeni yabo ukuthola inkinga futhi bafune usizo lochwepheshe.

Amanga 12: Ukucindezeleka kanyenezinye izifo, ezinjenge-anxiety disorders, azizithinti izingane noma abasha. Noma iziphi izinkinga abanazo ziyingxenye yokukhula.

Iqiniso : Abantwana nabasha bangathola isifo sengqondo esiyingozi. Umasiyekwasingelashwa,lezizinkingazingakhula.

Amanga 13: Abantu abanesifo sengqondo bayahlupheka futhi/noma abahlakaniphile kahle.

Iqiniso : Iningi labantu abagula ngengqondo bangabantu abahlakaniphe ngendlela evamile noma engaphezu kwevamile. Isifo sengqondo, njengokugula komzimba, kungathinta noma ubani kungakhathaliseki izinga lokuhlakanipha, ikilasi emphakathini noma imali ayitholayo.

Ukudalula Amanga

Mayelana Nokugula

NgengqondoLUKHONA USIZO NGAPHANDLE, SITHINTE, AWUWEDWA

EZEMPILO E-KZN ZISIZA NGESIFO SENGQONDO KANYE NOKUDLA IZIDAKAMIZWA 033 846 7529

Inkinga Yokuzibulala 0800 567 567Ezempilo eThekwini 031 311 3508

Page 5: Usuku LukaNelson Mandela 18 Julayi - KwaZulu … LukaNelson Mandela 18 Julayi “Sidinga imikhankaso enqala ukuze sivimbele ukutheleleka ngegciwane okusha entsheni, kanye nezinyathelo

Njengoba Wenze Ucansi

Olungaphephile…Uzokwenzenjani

Manje?E-Clicks siyaqonda ukuthi ukuba umama kungaba yinto emnandi, kodwa futhi kungaba nzima, ikakhulukazi uma udonsa kanzima ngokwezimali.

Sinqume ukuthi sisize omama abaphila ngaphansi kwezimo ezinzima nabangakwazi ukuthola izinsizakalo zezempilo nemfundo eyisisekelo. Manje nawe ungafaka isandla.

Njalo uma uthenga imikhiqizo yezingane yakwa-Clicks enalolu phawu , u - 5% wemali ok u thengwe nga yo uzoya kwi-Clicks Helping Hand Moms & Babies Trust. Lesi sikhwama siye saqalwa ukuze sisekele izinsizakalo ZAMAHHALA emitholampilo ekhethiwe yakwa-Clicks kuzwelonke enikezwa omama bezingane ezizalelwe ezikhungweni zikahulumeni futhi abangenayo i-medical aid.

Lezi zinsizakalo zamahhala manje ziyatholakala kule Mitholampilo yakwa-Clicks elandelayo Kwazulu Natal:

Amajuba Mall Shop 17, Amajuba Mall, ekhoneni lemgwaqo; Allen & Victoria, eNewcastle

EPinetown, Shop 243, Pinecrest Centre, 17 Kings Road, ePinetown

ESouthway Mall, Shop 24, Southway Mall, 27 Titren Road, Seaview, eDurban

Helping HandMoms & Babies

Ukunikezela ngosizo komama

nabantwana

Beyo

nd

the

Blu

e C

3627

7

Ukuze uthole olunye ulwazi mayelana nale phrojekthi, fonela u-0860 CLICKS / 254257 noma uvakashele lapha www.clicks.co.za

Helping Hands_297x210_Zulu.indd 1 2011/07/06 3:40 PM

Uma uye wenza ucansi olungaphephile, kungenzeka awuzizwa kahle futhi ukhathazekile ukuthi kungenzeka uthole isifo socansi noma ngisho negciwane lengculaza. Kodwa uyesaba ukutshela noma ubani.

Naphezu kokwesaba kwakho, kudingeka uqine futhi ukhulume nomsebenzi wezempilo oseduze nawe ukuze uhlolwe wazi isimo sakho, ukuze wenze okuthile ngakho.

Ungahlolwa niniNgokushesha ngangokunokwenzeka nje lapho uba nezimpawu zanoma yikuphi ukutheleleka ngegciwane. Nokho, khumbula ukuthi kuthatha isikhathi ukuthi izimpawu zokutheleleka ngegciwane okuthile zibonakale egazini lakho. Isikhathi esiphakathi kokutheleleka nesokuba kubonakale egazini sibizwa ngokuthi i-‘window period.’ Ngokuvamile i-window period yokutheleleka nge-HIV iba amaviki amane kuya kwayisithupha. Kodwa, kwabanye abantu le nkathi iba yinde: izinyanga eziningana.

Ngenxa yalokhu, ngisho noma uhlolwa imiphumela ithi awunayo i-HIV lapho uqala ukuhlolwa, kufanele uphinde uyohlolwa futhi ngemva kwezinyanga ezintathu futhi uze uyohlolwa ngisho nokwesithathu ukuze uthole imiphumela ethe ngqó.

Ikuphi okufanele ukubheke:

• Umsebenzi wakho wezempilo kuzodingeka abheke lokhu okulandelayo:

• Ukukhulelwa – ngokukuhlola ukuthi awukhulelwe yini

• Izifo Ezithathelwana Ngocansi (ama-STI), futhi uyonikezwa okuthile ukuze welashwe.

Ingculaza negciwane layoNgingaphinde ngiye nini ocansini? Ungaya ocansini ngesikhathiusalindele ukuba kudlule i-window period, nangesikhathi usalindele imiphumela yokuhlolwa kwakho. Kodwa, ngalesikhathi kufanele uqikelele ukuthi wenza ucansi oluphephile; futhi kufanele nixoxe ngokuthi isimo sakho se-HIV asikaqinisekiswa nanoma imuphi

uphathini wezocansi.

Khumbula: uyokwazi ngokuqiniseka isimo sakho se-HIV ngemva kokubuyela okwesibili uyokwenza ukuhlolwa kokulandelela ezinyangeni ezintathu.

Kuthiwani ngokuthatha imithi uma ngiye ocansi olungaphephile?Uma usengcupheni ephezulu kakhulu,ngokwesibonelo uma uye ocansini olungavikelekile nomuntu omaziyo (noma onesizathu sokusola) ukuthi unegciwane lengculaza, kufanele uthintane nomsebenzi wezempilo noma nomtholampilo ngokushesha ngangokunokwenzeka mayelana nokuthatha imithi yokukusiza unciphise ingcuphe yokuba igciwane lengculaza lihlale, ngokwesibonelo uma umuntu edlwenguliwe, kwenziwa ukuhlolwa kwegciwane lengculaza okuyisisekelo. Uma lokuhlola kubonisa ukuthi umuntuunegciwane lengculaza, kusho ukuthi ubenalo leli gciwane ngaphambi kokuba adlwengulwe. Lokhu kubalulekile ukuba udokotela akwazi ngoba indlela yokwelapha ihlukile kumuntu okwaziwayo ukuthi usethelelekile kakade.

Page 6: Usuku LukaNelson Mandela 18 Julayi - KwaZulu … LukaNelson Mandela 18 Julayi “Sidinga imikhankaso enqala ukuze sivimbele ukutheleleka ngegciwane okusha entsheni, kanye nezinyathelo
Page 7: Usuku LukaNelson Mandela 18 Julayi - KwaZulu … LukaNelson Mandela 18 Julayi “Sidinga imikhankaso enqala ukuze sivimbele ukutheleleka ngegciwane okusha entsheni, kanye nezinyathelo

Ezempilo | Health Matters - Edition 710

Ukuphela kwenyanga kuhlale kuyisikhathi sokuzikhipha kuJudith Mkhize, umama ongayedwa wasemakhaya onengane eyodwa. Ngemva kokuthola imali yakhe eyisibonelelo sikahulumeni, uchitha lonke usuku ezitolo. Ntambama uthatha indodakazi yakhe eneminyaka eyisi-6 ubudala uZinzi bese bezikhipha bobabili bayokudla

esitolo sokudla okusheshayo.

“Ngiyathanda ukuzizwisa mina nengane yami ngokuthi sidle ngaphandle noma yinini uma ngikwazi ukukwenza, ukuze sijabule futhi sizipholele. Lokhu kwenza uZinzi azizwe ekhethekile kanti nami

ngiyajabula ngokumkhipha.”

Namuhla unquma ukuzizwisa futhi ukhetha ibhega kanye namazambane athosiwe – intandokazi yendodakazi yakhe ngoba ithola ithoyizi lamahhala eliza naloku kudla. Kakade indodakazi yakhe isibonisa izimpawu zokukhuluphala ngokweqile. Ayizilolongi okutheni, kunalokho ikhetha ukuhlala endlini ibukele umabonakude, okuyilapho yezwa khona ukuthi uma ithenga ibhega namazambane athosiwe izothola ithoyizi lamahhala. Manje uZinzi osemncane useyazifela ngokudla okusheshayo kwasesitolo.

U-17% wezingane zaseNingizimu Afrika eziphakathi konyaka owo-

1 neyisi-9 ubudala kanye no-52% wenani labantu baseThekwini bakhuluphele ngokweqile.

Kodwa,uJudithakakholelwaukuthiyenanoma indodakazi yakhe bakhuluphele ngokweqile. “Angikholelwa ukuthi sikhuluphele ngokweqile. Kungenzeka ukuthi sibakhulu kodwa lokho kubonisa ukuthi asiguli nokuthi umkhaya wakithi ungakwazi ukuphila impilo engcono,” esho.

Baningi abaphika njengaye kuleli zwe. Ngeshwa, abaningi abakholelwa ukuthi ukukhuluphala ngokweqile kungaba yingozi ezimpilweni zabo. Kaningi senza iphutha sithi uma ukhuluphele kusho ukuthi

usuphumelele, nokuthi uyakwazi ukuthola ukudla okuphambili. Isimo sempilo yamanje yokuphila nokungabi nesikhathi sokupheka kusho ukuthi izingane eziningi zizoba nenkinga yempilo esikhathini esizayo efana nesifo senhliziyo, isifo sikashukela, umfutho wegazi ophakeme ngisho nezinye izinhlobo zomdlavuza. “Kaningi ngithenga ukudla osekuphekiwe esitolo esiseduze kube ukudla kwakusihlwa, nakuba ngingakuthandi lokhu kodwa akukho engingakwenza, anginaso isikhathi sokupheka, ngiphuma endlini ngehora lesithupha ekuseni ngibuye ngehora lesikhombisa kusihlwa. Uma ngithenga, ngithengaizinto ezizohlala inyanga yonke,” kusho uJudith, obe esenezela ukuthi umndeniwakhe uthanda inyama yenkukhu ethosiwe kanye namazambane athosiwe. “Indodakazi yami ithanda lokhu ngoba ikubona njalo kumabonakude. Uma ngingeke ngikwaziukukuthenga, kungaba ngcono ukwenza kona ekhaya.”

Indaba kaJudithivamile. Baningi abantu baseNingizimu Afrika asebekhetha ukudla kwasesitolo namuhla, futhi ukudla okukahle okuphekwe ekhaya sekuya kuba yisidala, kuyilapho umthelela wemikhiqizo nendlela yokwenza yasentshonalanga kuya kukhula e-Afrika. Njengoba bebaningi abantu abanomabonakude, lo mthombo wezindaba usetshenziselwa ukukhangisa ukudla okusheshayo okungenamsoco, ngaphandle kokukhathalela umthelela okunawo ezinganeni zethu. Izitolo eziningi zokudla okusheshayo zakwamanye amazwe zithengisa ukudla

okungenamsoco ngemali ephansi ngoba zifuna ukukhulisa amabhizinisi azo lapha e-Afrika, okusekuyimakethe yazo enkulu. Njengoba abantu abaningi basentshonalanga sebekuqapha lokho abakudlayo benakekela impilo yabo, futhi abantu lapho sebekudla kancane ukudla okungenamsoco, i-Afrika isivele yaphenduka indawo yokulahla uxhaxha wezitolo zokudla. Iningi lethu libanjwe yilolu gibe, kaningi sicabanga ukuthi umuntu ‘usezintweni’ uma enjengamaMelika, edla lokho akudlayo – kodwa siyakhohlwa, ukuthi amaMelika angu-79% akhuluphele ngenxa yokudla okungenamsoco akudlayo!

Yisikhathi sokuba silawule indlela esidla ngayo – ngenxa yezingane zethu, izizukulwane zalelizwe zesikhathi esizayo. Khohlwa amathoyizi amahhala; khohlwa ukunambitheka kwesikhashana, cabanga ngomphumela wesikhathi eside, cabanga

ngokuthi kuzokwenzani empilweni yengane yakho!

Khuthaza indlela yokudla enempilo ezinganeni zakho ngokwenza lokhu:

• Mayidle ukudla ibuye ilolonge nomzimba

njengokuthi igijime noma idlale eminye

imidlalo

• Khetha ukudla okunemikhiqizo

kakolweni, amaveji nezithelo

• Khetha ukudla okunezinga eliphansi

lamafutha, amafutha angagayeki kahle

emzimbeni, nekholesteroli

• Gwema ukudla okunoshukela omningi

owenezelwe nokudla okunosawoti

omningi

• Khetha ukudla okunika ikhalsiyamu

nokusansimbi okwanele ukuthi

kuhlangabezane nezidingo

zokukhula komzimba

• Gwema ukudla okuningi

kwasesitolo okusheshayo,

ikhafeyini, ijuzi nesoda

• Gwema ukudla okuthosiwe

– inkukhu ethosiwe,

amazambane athosiwe, njll.

Uma ukudla, nciphisa inani

lako futhi kancane kancane

unciphise izikhathi oya ngazo

ezitolo zokudla okusheshayo.

• Ukudla okuphekwe ekhaya

kungcono kakhulu. Yenza isikhathi udle

ukudla okunempilo kanye nengane yakho.

Khumbula, izingane kaningi azifundi ngalokho esikushoyo, zifunda ngalokho ezikubonayo. Yiba isibonelo esihle ngokuphila impilo enempilo wena ngokwakho.

Yisikhathi sokwenza okuthile!

Siya ngokuya SIKHULUPHALAnjengesizwe

Page 8: Usuku LukaNelson Mandela 18 Julayi - KwaZulu … LukaNelson Mandela 18 Julayi “Sidinga imikhankaso enqala ukuze sivimbele ukutheleleka ngegciwane okusha entsheni, kanye nezinyathelo

Sesihambe ibanga elingakanani ekukuthuthukiseni?Ukunakekelwa Kwezempilo

Sihlale sizwa abaholi bethu bekhuluma ngokuletha intuthuko, futhi njengoba ukhetho seludlulile, sonke silinde ngokuthakasela sifuna ukubona ukuthi lezi zithembiso zoshintsho zizokwenziwa kanjani. Kwezempilo e-KZN, ushintsho ekuthuthukiseni ukunakekelwa kwezempilo lwaqala esikhathini eside ngaphambi kokhetho. UNgqongqoshe Wezempilo e-KZN uDkt. Sibongiseni Dhlomo weneka intuthuko umnyango wakhe osuyenzile, noqhubeka uyenza, ukuqinisekisa ukuthi ukunakekela kwezempilo kufinyelela umphakathi ngamunye esifundazweni:

UKUVIMBELA UKUTHELELEKA OKUSUKA KUMAMA KUYE ENGANENIIzingane ezingengaphansi kuka-20,000 e-KZN iyodwa zitheleleka nge-HIV isuka kumama. Ukutheleleka okusukakumama kuye enganeni kwenzeka uma i-HIV, igciwane elibangela ingculaza, lidluliselwa kusukela kumama kuye kumntanakhe ongakazalwa ngesikhathi esakhulelwe, ezalwa noma encelisa. Nokho, ezempilo e-KZN sezihambe ibanga elide kusukela lapho zazikhona. Ngo-2008, izinga lomama abathelela izinsana zabo lalingu-21%. Namuhla, selehlile lafika ku-3% - konke kwenzeke ngeminyakaengu-3!Ukuqinisekisaukuthiziningi nakakhulu izingane ezivikelwa ekutholeni igciwane lengculaza konina, uDkt. Dhlomo uqalise izinhlelo eziningana ezikhuthaza abesifazane abengeziwe ukuba baye emtholampilo kusukela

ngesikhathi bekhulelwe kuze kube okungenani izinsuku ezingu-40 ngemva kokubeletha.Umaowesifazaneokhulelweeshesha ukuya emtholampilo, kuba namathuba angcono okuthi umntanakhe azalwe engenayo i-HIV. Ngakho, ezempilo e-KZN, emzamweni wokwehlisa izinga lokuthi omama bathelele izingane, zigxile kulokhu okulandelayo:

• Ukuvimbela okuyinhloko kwe-HIV

kubo bonke abesifazane abasethubeni

lokuzala;

• Ukuvimbela ukukhulelwa okungafuneki

noma okungahleliwe kwabesifazane

abaphila ne-HIV;

• Ukugqugquzela ukubekisa indawo

kusenesikhathi kubo bonke abesifazane

abakhulelwe nokunikeza ukunakekela

kokwelashwa,

• Ukusekela omama abaphila ne-HIV,

izingane zabo nemindeni.

UMKHANKASO WOKWELULEKA NOKUHLOLELA I-HIVIzwe lethu liyathuthuka ekulweni nengculaza, noma kunezinselele esibhekene nazo. Kuningi esingakwenza ngabanye ukuba silwe nalesi sifo, futhi isikhali esibaluleke kakhulu sonke esinaso ulwazi lokwazi isimo sethu. “Kuze kube manje, bangaphezu kwezigidi ezingu-12 nakuba bekuhloswe izigidi ezingu-15, abantu asebehlolelwe isimo sabo, futhi lapha e-KZN sesihlole abantu abayizigidi ezingu-2,3 kwabayizigidi ezi-3 abebehlosiwe,” kusho uDkt. Dhlomo.

Lezi zibalo ziyathembisa futhi zibonisa ukuthi singenza okwengeziwe uma sisebenza ngokubambisana. Ngemizamo yethu sonke njengemiphakathi, othisha, abasebenzi bezempilo, abaholi, omama, abakhuthaza abanye ukuba bazi isimo sabo futhi benze okuthile ngempilo yabo, sithatha igxathu lokusondela ekubeni isifundazwe esinempilo kakhudlwana.

Izifunda ezintathu ezisasalele emuva ngenane labantu okuhloswe ukuba bahlolelwe i-HIV iseThekwini (58%), iLembe (68%) kanye noMgungundlovu (66%). UDkt. Dhlomo uthe miningiimizamo ezokwenziwa kulezi zifunda ukuze kukhuthazwe abantu abengeziwe ukuba bahlolwe futhi bazi isimo sabo.

UKUSOKWA KWABESILISAEkuqaleni kwalonyaka, uMnyango Wezempilo e-KZN uye waqala umkhankaso omkhulu wokwehlisa ukutheleleka nge-HIV, futhi kakade usuqalile ukubona izinzuzo. Amaphesenti angaphezu kuka-99 eqembu lamadoda angaphezu kuka-17,000 asokiwe KwaZulu-Natal ahlolwa atholakala engenayo i-HIV, okubonisa ukuthi ukusoka kuyayehlisa ingcuphe ye-HIV – kodwa, oyi-HOD kweZempilo e-KZN, uDkt. Sibongile Zungu uxwayisa ngokuthi kubalulekile ukuphawula ukuthi ukusoka akuyivimbeli i-HIV.

“Sitshelwa ukuthi angaphezu kuka-140 120 amadoda nabafana abaye basokwa kulo lonke elaseNingizimu Afrika kanti abangu-35 688 kulaba basokwa kulesi sifundazwe. Sizoba nezinkambu kuyo yonke i-KZN ukuze siqhubeke nalolu hlelo lokusoka,” kusho uDkt. Dhlomo. Kalula nje, ukusoka kuyinto elungile ukuyenza!

Inqubekela phambili ekuthuthukiseni izibhedlela:UDkt. Dhlomo waqalisa uhlelo olubizwangokuthi ‘ngenze ngifane nesibhedlela’. Inhloso kwakuwukuzama ukwenza izibhedlela zibe nobungane ezigulini, zihlanzeke, zenzekahle, nokuzikhuthaza ukuba zenze isibhedlela sibe yindawo iziguli nezivakashi ezingaziqhenya ngokuba kuyo. Äsiceli u-CEO wesibhedlela sethu izinto ezingaphezu kwezivamile, sicela ushintsho olulula

nje,”kushouDkt.Dhlomo.Unxusebonkeabaphathi bezibhedlela ukuba benze lokhu okulandelayo ukuze bathuthukise izimo:

• Ukunciphisa isikhathi sokulinda

• Ukwenza isibhedlela sihlanzeke

• Ukwenza ukuthi imithi ibe khona

• Ukushintsha isimo sengqondo

sabasebenzi

• Ukwenza izibhedlela ziphephe zingabi

yingozi kubasebenzi neziguli

• Abaphathi kufanele bahambahambe

ukuze bahlonze izinkinga futhi

zixazululwe ngesikhathi ezivela ngaso

nalapho ezivela khona.

Ngokuqhubeka ezovakasha ezibhedlela nasemtholampilo engashongo nsukuzonke, uDkt. Dhlomo esekelwa u-HOD wakhe uDkt. Sibongile Zungu nethimba lakhe, usendleleni yokushintsha lezo zikhungo zokunakekela impilo ezihlulekayo ukwenza okulindelekile. “Umthelela owehlisa isithunzi sabantuwezindawo ezingcolile nokungabi bikho kwezinto eziyisisekelo ezidingekayo njengamashidi ahlanzekile kaningi kubangele abantu bethu ukuba babhikishe bathi ‘singabantu nathi!’ kusho uDkt. Dhlomo.

OKUSHA EKULWISANENI NENKOHLAKALO Embikweni wakhe wentuthuko, uDkt.

Dhlomo uthe ‘inkohlakalo kubasebenzi bakahulumeni ivele njengento elokhu ikhathaza lohulumeni ozimisele ukuyiqeda’. UDkt.Dhlomowenekelempumeleloelandelayo ekulwisaneni nenkohlakalo nokungaziphathi kahle kulomkhakha kulonyaka:

• UMeyi 2011: UMnyango

Wezempilo e-KZN uye wamisa

izikhulu ezingu-20 njengoba

kusenophenyo nezigcawu

zokuqondisa izigwegwe

ngaphakathi mayelana nezinsolo

zenkohlakalo nokungaziphathi

kahle.

• Okwamanje, izikhulu ezingu-47

kungenzeka ziyekile ukusebenza,

noma zixoshiwe kanye/noma

Izithombe uNgqongqoshe wezempilo uDkt. Aaron Motseledi kanye no-MEC wase-KZN

uDkt. Sibongiseni Dhlomo no-HOD uDkt. Sibongile Zungu eSibhedlela i-King Edward.

Page 9: Usuku LukaNelson Mandela 18 Julayi - KwaZulu … LukaNelson Mandela 18 Julayi “Sidinga imikhankaso enqala ukuze sivimbele ukutheleleka ngegciwane okusha entsheni, kanye nezinyathelo

Zonke izinhlelo ziyalungiswa eSibhedlela i-King Edward!

U-HOD Wezempilo uDkt. Sibongile Zungu eno-MEC uDhlomo kanye nethimba lakhe baxwayisa ngezingozi zemitholampilo yokukhipha izisu engemthetho

U-MEC uhlola isiguli ngesikhathi evakashele eSibhedlela i-King Edward

U-MEC Wezempilo e-KZN uDkt. Dhlomo kanye nethimba lakhe bamashela impilo

Nakho-ke, manje usubona kahle!

Ezempilo eThekwini nekhandlela lokusekela izisulu zengculaza

UKUBAMBA IQHAZA Emphakathinizivela ezinkantolo ezihlukahlukene

ngezenzo zokungaziphathi kahle kanye

nenkohlakalo eMnyangweni Wezempilo.

UDkt.Dhlomoothukutheleuthilezizikhulukusolwa ukuthi zikhwabanisele umnyango izigidi zamarandi – imali yomphakathi obekufanele isetshenziswe kangcono ezindaweni edingeka kuzo ukuze ithuthukise ukunikezwa kwezinsizakalo zezempilo.

ABASEBENZI ABENGEZIWE ABAZONIKEZA UKUNAKEKELA KWEZEMPILONaphezu kwezinselele zezimali, Ezempilo e-KZN ziye zaqhubeka ziqasha abasebenzi abengeziwe lapho kungenzeka khona, kusho uDkt. Dhlomo. Kuze kube manje, lo mnyango uqashe laba abalandelayo kulonyaka:

• NgoJanuwari nangoFebhuwari 2011:

Kuqashwe aBasizi Bamanesi abangu-759

o-Staff Nurse abangu-626 kuzo zonke

izifunda.

• Ngesikhathi esifanayo, oNesi

Abaqeqeshwe ngokuphelele abangu-183

baye bayiswa ezindaweni lapho

bedingeka khona kakhulu.

• Kuqashwe aBanakekeli Bomphakathi

abangu-2567, kuhlanganise Nabaphathi

Babanakekeli Bomphakathi.

• Abafundi abangu-58 bathweswa iziqu

zobuDokotela kusukela ekuqaleni kohlelo

lweCuba neNingizimu Afrika oluthumela

abafundi abaphuma emiphakathini

entulayo ukuba bayofundela ubudokotela

eCuba.

• Imifundaze inikezwe onesi abasafunda

abangu-283 abaphuma emiphakathini

empofu.

• Kuqashwe abasizi baseKhemisi

abangu-24

• Abafundi abasha abangu-256

abaqeqeshwa iminyaka emine ohlelweni

lokufundela ubunesi

• Onesi abaqeqeshwe ngokuphelele

abangu-342 baqale ukuqeqeshelwa

Ukusebenzela Umphakathi\

• Abafundi abangu-26 bafundela

i-Clinical Associates

• Iqembu labangu-51 abaqeqeshelwa

i-Occupational Therapy Technician

iminyaka emibili eYunivesithi yase-KZN.

• UMnyango unezikhala ezingu-313

zomsebenzi we-Basic Ambulance

Assistants, ezizokhangiswa ekupheleni

kuka-Agasti.

• Umnyango ubekele eceleni izigidi

ezingu-R82 zezinye izikhala zemisebenzi

engu-583 ye-Basic Life Support.

Ekuphetheni, uthi uDkt. Dhlomo uthe: ‘Kusukelamhlaka-1Januwarikuzekubemanje, uMnyango usuqashe abasebenzi abangu-5122. Lokhu kuhlanganisa abangu-1566 abanamakhono ayivelakancane, abasebenzi bezempilo abangu-3556 abahlanganisa aBanakekeli Bomphakathi abangu-2567, nama-intern angu-363, ama-Medical Officer angu-330 nabathole iMifundaze abangu-269.

Izifo eziningi zingase zivinjelwe, kodwa asizisebenzisi ngokugcwele izinto ezikhona ukuze sisekele le nqubo. Kaningi, abanakekeli bezempilo bayehluleka ukusiza ngokushesha isiguli.

Page 10: Usuku LukaNelson Mandela 18 Julayi - KwaZulu … LukaNelson Mandela 18 Julayi “Sidinga imikhankaso enqala ukuze sivimbele ukutheleleka ngegciwane okusha entsheni, kanye nezinyathelo

Ezempilo | Health Matters - Edition 7 17

ZIGEZE NJALO IZANDLAAbezempilo bathi izindlela ezihamba phambili zokugwema ukuthola umkhuhlane ukugeza izandla zakho njalo ngensipho namanzi, futhi ungabuthinti ubuso. Ukugeza izandla kunganciphisaamathuba okuthola umkhuhlane

n g a m a p h e s e n t i angu-80! Izingane ezigeza izandla njalo azilovi izinsuku eziningi esikoleni njengezinye izingane esikoleni, ngakho khuthaza ingane yakho ukuba igeze izandla ngensipho namanzi – lokho k u n g a s i n d i s a ukuphila kwayo.

PHUZA AMANZI AMANINGIUmzimba wethu ufana nemoto, futhiamanzi anjengophethiloli odingwa yimoto. Uma umzimba untula amanzianele, ngeke usebenze ngendlela efanele. Ukuphuza amanzi kusiza

umzimba wakho ukuba usebenze kahlefuthi ungashodi ngamanzi, ukuze ungabi buthaka bese uhluleka ukusebenza.

Khumbula, uma umchamo wakho ungenawo umbala ophuzi kakhulu, kusho ukuthi uphuza amanzi anele.

YEKA UKUBHEMAAbantu ababhemayo babanjwa umkhuhlane kakhulu kunabanye abantu ngoba imizimba yabo ibuthaka futhi ayikwazi ukulwa nezifo, kodwa bewazi yini ukuthi ababhemayo bayaphuza ukululama futhi maningi amathuba okuthi uma bephethwe umkhuhlane ujike ube yi-pneumonia? Zama ukungahlali eduze komuntu obhemayo ngisho noma wena ungabhemi ukuze unciphise izingozi – khumbula ukuthi ukuma eduze komuntu

obhemayo kubi empilweni yakho, kufana nako ukubhema.

UGOGO UQINISILE – YIDLA ISOBHO LENKUKHU UKUZE UBE NGCONO!Sekuyizinkulungwane zeminyaka lisetshenziswa, futhi abantu abadala bafunga bagomele ngalo. Futhi kuyiqiniso; abacwaningi bathole ukuthi isobho lenkukhu ngempela lenza umuntu abe ngcono, ikakhulu uma ufaka ugalikhi omningana. Isobho lenkukhu lehlisa izimpawu zomkhuhlane futhi lilekelela umzimba wakho ukuba ulwe namagciwane.

PHUZA OKUSHISAYOItiye elimnyama noma itiye elifakwe uju lingasiza ekuvuleni amakhala acinene futhi lithobe umphimbo obuhlungu.

UNGALUTHATHI KANCANE UJUKutholakale ukuthi uju lusebenza kahle njengomuthi wokukhwehlela, lusiza ekudambiseni ukukhwehlela futhi luthoba umphimbo obuhlungu. Kodwa khumbula ukuthi akufanele lunikwe izingane ezingaphansi konyaka owodwa.

YIDLA IZITHELO NEMIFINO EMININGISekukaningi sitshelwa ukuthi izithelo nemifino kusiza umzimba ukuba uhlale unempilo, ikakhulu imifino enombala oluhlaza ojiyile, ebomvu kanye nephuzi. Ukudla isigaxana sikagalikhi nsukuzonke kungasiza nasekunciphiseni amathuba okungenwa umdlavuza, ulwe namagciwane futhi wakhe amasosha omzimba (indlela yomzimba yokulwa nezifo). Kodwa khumbula ukuthi abanye abantu ubanukela kabi ugalikhi emlonyeni! Yidla neyogathi eningana ngoba inezakhi ezisiza umzimba wakho ukuba ulwe nezifo.

THIMULELA EPHEPHENI LOKUFINYAAmagciwane omkhuhlane ahamba nomoya, ngakho suka eduze komuntu othimula noma akhwehlele ebheke ngakuwe!

Isiqondiso sanyanga zonke:

Ukuhlala ufudumele, KuxoshA umkhuhlane

Kuyiqiniso ukuthi isifundazwe sethu sifudumele, kodwa lokho akusho ukuthi amakhaza awasitholi!

Njengoba kusebusika sonke sibanjwa umkhuhlane futhi sigule ngenxa yamakhaza. Kodwa siyazama ukuwuziba siqhubeke sisebenza – sithi phela izikweletu kumelwe zikhokhwe!

Nazi izeluleko ezinhle zendlela yokuhlala unempilo futhi ufudumale ngaphandle kokusebenzisa imali eningi ngokungenasidingo phakathi nobusika.

Itiye elimnyama noma itiye elifakwe uju

lingasiza ekuvuleni amakhala acinene futhi lithobe umphimbo obuhlungu.

... KuthiwaAMANGA: Ukuphumelaphandlenezinweleezimanzikuzokugulisa.

IQINISO: Umkhuhlaneubangwaamagciwane.Akhonalamagciwanengezinyangaezimakhaza kodwa cishe umkhuhlane uwuthola kaningi endaweni evalekile engangeni umoya owanele kunokuba uwuthole ngaphandle.

AMANGA: Ungadlikakhuluumaunomkhuhlane.

IQINISO: Uma unomkhuhlane, kudingeka uthole okuningi okuphuzwayo, hhayiokuncane.Umaungadlingokwanelengekeubengcono.

AMANGA: Ukuvocavocaumzimbakuzokusiza‘ujuluke’ukhipheumkhuhlane.

IQINISO:Ukugijima,ukuyaejimininomaukuzivocavocakakhulunganomaiyiphiindlela cishe kuyokwenza umkhuhlane ungasheshi ukuphela noma uwenze ube mubi kakhulu. Kubalulekile ukuba uphumule. Empeleni, ukuvocavoca umzimba uma unomkhuhlane kungaba yingozi uma izicubu zenhliziyo zilinyazwe igciwane lomkhuhlane.

AMANGA: I-Whisky noma i-brandy iwushaya iwulahle lé umkhuhlane futhi iyafudumeza.

IQINISO: Utshwalabungakufudumeza,kodwaeqiniswenibehlisaizingalokushisalomzimba.Utshwalaabuwuqediumkhuhlane, futhi okubinakakhuluukuthiumauhlala endaweni emakhaza bungase busheshise i-hypothermia (ukwehla kakhulu kwezinga lokushisa komzimba).

Page 11: Usuku LukaNelson Mandela 18 Julayi - KwaZulu … LukaNelson Mandela 18 Julayi “Sidinga imikhankaso enqala ukuze sivimbele ukutheleleka ngegciwane okusha entsheni, kanye nezinyathelo

“Lamazwi angikhuthaza ukuba ngisebenze kanzima”, kusho uThoko Ngwenya oneminyaka engu-57 ubudala, ongumxhumanisi wophiko lwe-HIV/Aids kweZempilo eKZN, eThekwini. Umnyangowezempilo,nakubaubhekanenezinselele ezinkulu futhi uhlale ugxekwa, unabo abantu abanakekelayo, abanikela ukuphila kwabo ekuthuthukiseni impilo yabanye. UThoko ungomunye wabantuabanjalo, indaba yakhe iyakhuthaza, inike umdlandla futhi sonke singafunda isifundo kuye.

UThoko wazalelwa eDundee,ungumfelokazi futhi ukufika kuqala njalo emsebenzini ekuseni. Usebenzeisikhathi eside engunesi oqeqeshiwe ngaphambi kokuba aqale ukusebenza njengomxhumanisi ophikweni lwe-HIV/Aids kulesi sifunda ngonyaka odlule – futhi akeve esenze umehluko!

Ezinyangeni ezimbalwa ngemva kokuqokelwa lesi sikhundla waqala ukuhlela ukuthi iMitholampilo Eyinhloko (ama-PHC) ikwazi ukunikezela ngama-ARV, kanti esikhathini esidlule ayikho neyodwa i-PHC ebiyenza kanjalo. Namuhla, lesi sifunda sinama-PHC angu-53 anikezela ngale nsizakalo. Kodwa, akulona lodwa lolu ushintsho olwenziwe uThoko, obukeka esemusha ngendlela eyisimanga futhi obusiswe ngobuhle bemvelo. Uye wahlela ukuthi onesiabangu-36 bayoqeqeshwa ohlelweni lwe-Nurse Initiated Managed of Art training (NIMART), futhi lokhu kunciphise umthwalo ezibhedlela. Umphumelawalokhu ukuthi iziguli akusadingeki zime olayini abade futhi zihambe amabanga amade ziye esibhedlela, ikakhulukazi ukuze zithole ama-ARV ngoba manje sezingaya kuma-PHC anikeza le nsizakalo, zonge imali nesikhathi. Enye inzuzo ibe ukuthi aqondise UkusokwaKwabesilisa Kwezokwelapha (MMC) uhlelo oselwenze ukuba kusokwe abesilisa abangu-10 448 eThekwini kuphela ezinyangeni eziyi-10 ezedlule. Kodwa naphezu kwalezi zinto azifezile,

uThoko uthobekile, futhi uyenqaba ukwamukela udumo ngempumelelo yezinhlelo aziqalile. “Ngisebenza nethimba elikahle kakhulu, futhi ngizama ukuqina kodwa ngibe neqiniso lapho ngisebenzelana nabo. Ngikholelwa ukuthi njengomholi kufanele ngilalele izinkinga zenhlala-kahle yabasebenzi abangaphansi kwami ngoba zikhinyabeza indlela abasebenza ngayo. Futhi ngizama ukuqalisa uhlelo olubasiza ekuxazululeni izingxabano, nokubakhuthaza ukuba bangazifukameli izinto ezibakhathazayo, kodwa ukuthi kufanele sikhululeke sikhulume singabambelani amagqubu, futhi okubaluleke kakhulu ukuthi bonke abantu kufanele baphathwe ngokulingana, kungakhathaliseki ukuthi ukusiphi isikhundla esiphezulu, phatha bonke abantu ngokulingana, uma senze njalo singaqala ukusebenza ndawonye ukuze senze umehluko emphakathini,” kusho uThoko.

Amazwi anobuhlakani ngempela, Ngiyabonga Thoko!

THOKO NGWENYA

Ukwenza umehluko, kancane kancane.

AKE SITHI NHLA:

‘Abanye abantu baphupha ngempumelelo, kanti abanye bavuka njalo bayisebenzele kanzima’.