unhlangulana yinyanga yempilo yabesilisa · unhlangulana yinyanga yempilo yabesilisa izindlala...
TRANSCRIPT
UNhlangulana Yinyanga Yempilo YabesilisaIzindlala zakho Umdlavuza wamasende Ukuwa kwenduku
UNhlaNgUlaNa • 2016
mahala
Nokunye ngapha-
kathi!
Uhlelo olUsha lUsho UkUthI aYIsezUkUbakhoNa ImIgqa emIde YokUlaNda ImIthI!
Silwa Nezifo, Silwa Nobubha, SiNika ithemba
Kunemicimbi emibili ebaluleke kakhulu
ezobe yenzeka ngoNhlangulana nango
Ntulikazi; yiNyanga Yabasha ngokunjalo
neNgqungquthela i-21st International Aids
Conference ezoba seThekwini kusukela mhla ziyi-18
kuya mhla zingama-22 kuNtulikazi 2016.
ngenkathi inyanga yabasha kanye noSuku
Lwabasha (Nhlangulana 16) luhlonipha bonke abantu
abasha abalwa kanye nabanye abakhokha kanzima –
ngokufa, belwa nobandlululo kanye nemfundo yabantu
eminyakeni engama-40 eyadlula ngowe-1976, abantu
abasha namhlanje babhekene nempi belwa umzabalazo
omusha – inqwaba yezifo ababhekene nazo.
sisabhekene nenselelo yokubhebhetheka
kwesandulela-ngculazi kanye nokuthelelana
ngengculazi, ukusetshenziswa kabi kwezidakamizwa
kanye notshwala, ukuhushulwa kwezisu okungekho
emthethweni kwezingane ezikhulelwe, kanye
nokuhlukumezeka ngenxa yodlame kanye nezingozi
zezimoto kubantu abasha. Ngokombiko ovela kwa-
Statistics SA, cishe bangamaphesenti angama-43,2
abantu besilisa abasebasha abafa ngenxa yezizathu
ezinjengobugebengu obunesihluku noma izingozi
zezimoto, ngenkathi abesifazane abasebasha
bethathwa izifo ezithelelwanayo njengesandulela-
ngculazi/ ingculazi kanye nesifo sofuba.
Okungaphezulu, iningi kakhulu intsha ephila impilo
yokuhlala ingenzi lutho, bengayivocavoci imizimba
yabo, okwenza babe sengozini yokukhuluphala kanye
nokungenwa izifo ezinjengoshukela kanye nomfutho
wegazi ophezulu.
uma abantu abasha bengathatha izikhali bese
beqala ukuguqula indlela yabo yokuphila namhlanje,
kungaba nomehluko obonakalayo emthwalweni wezifo
kusasa. Sisekhona isikhathi sokuphenduka, futhi thina
njengoMnyango Wezempilo – sisebenzisana nabo
bonke abantu baKwaZulu-Natali, sikhona ukubasiza.
umyalezo wethu kubantu abasha uthi
utshwala kanye nezidakamizwa akubalungele.
Ukusebenzisa izidakamizwa kukhuphula ingozi
yokuthi bazithole sebenza ucansi olungavikelekile
kanye nezifo ezithathelwana ngocansi, okuhlanganisa
nesandulelangculazi. Futhi baba sengozini
yokukhulelwa, bese bezala izingane ezingahlelelwe.
Okuhamba phambili kubantu abasha kufanele kube
ukuthola imfundo kanye namakhono adingekayo
ukwakha ikusasa labo kanye nelezwe.
izwe lidinga ochwepheshe bezempilo
abaphuma kubo laba bantu abasha abazohamba
bayonakekela imiphakathi yakubo. Uma
singakunaka lokhu, singasiza ukuthi sifinyelele
emgomeni weNyanga Yabasha, othi “Intsha
Ihambisa iNingizimu Afrika Phambili.” Njengabazali,
ababheke izingane, abaholi kanye nochwepheshe
kunoma yimuphi umkhakha, sinesibopho
sokungabahluleli abantu abasha. Siyaziqhenya
kakhulu ukuthi namhlanje sinabahlengikazi
abangama-358 abaqeqeshelwe i-Adolescent and
Youth-Friendly Services esisizile ukuthi siqale uhlelo
lwe “Happy Hour” ezikhungweni ezingamashumi
ayisikhombisa nesithupha (76) esifundazweni
sonke oluzosiza intsha. Lolu uhlelo lokuphucula
olusezingeni lokuhlinzeka ngezidingo ngezikhathi
ezivumelana nabantu abasha ukuze bakwazi
ukufinyelela ezinsizeni zezempilo, futhi kube
ngendlela ezobenza bazizwe bamukelekile ukuthi
bangafuna noma iluphi uhlobo lwensiza yezempilo.
umnyango unohla lwezinsiza zezempilo
olubekele ukusiza abantu abasha ukuze bakwazi
ukufeza lokho abangakwenza kanye nokufinyelela
kulokho abazibekele khona, okuhlanganisa:
Amakhondomu amahhala abesilisa nabesifazane
Ukusokwa Kwabesilisa Ngokwezempilo Kwamahhala
(okunciphisa ingozi yokuthelelana ngezocansi
kwabesifazane nabesilisa ngesandulela ngculazi cishe
ngamaphesenti angama- 60)
Ukwelulekwa kwamahhala kanye nosizo kulabo
abangene ophuzweni oludakayo kanye nezidakamizwa
Kanye nokuvikeleka okumbaxambili (ukusebenzisa
okokuvikela ukukhulelwa njenge-Implanon, umjovo
noma indlela ye-Loop kanye nekhondomu ngaso sonke
isikhathi kuhlanganwa ngocansi)
Kanye nokuhushula isisu okusemthethweni
nokuphephile.
UMnyango Wezempilo KwaZulu-Natali wethula i-Central Chronic Medicine Dispensing and Distribution (CCMD) esifundazweni sonke.
Akusekho ukuma kolayi-ni abade uyolanda imithi!
Iziguli sezizohlomula ngalokhu: Ukwehla kwezikhathi zokulinda Ukwenyuka kokufinyelela emithini kalula
Izindawo zokulanda imithi sezizoba seduze nasemakhaya Izikhungo zezempilo azisezukugcwala kakhulu Ukwehla komthwalo kwabahlinzeka ngezempilo Ukuphuculwa kokuhlinzekwayo okwenelisayo.
Silwa Nezifo, Silwa Nobubha, SiNika ithemba
INkosi Inibusise!
Umyalezo ovela ku
MEC WezeMpilo e-KZN,
uDkt Sibongiseni Dhlomo
IMIthI yEZIfo EZIyISIMbElaMbEla Landa imithi yakho eduze nasekhaya
IZINDaba ZEZEMpIlo E-KZN Ezakamuva ezivela eMnyangweni Wezempilo
IZINSUKU ZoKUqWaShISa Izinsuku zezempilo ngale nyanga
UMfaNEKISo Zazi isimo sakho
IMpIlo yabESIlISa: IZINDlala ZoWESIlISa Kungayiphephisa kanjani impilo yakho ukuhlola kusenesikhathi
UMDlavUZa WaMaSENDE Funda ukuzihlola
INKINga yoKUWa KWENDUKU? Konke mayelana nokuwa kwenduku
ISIfo SoKUWa Inkinga yempilo, AKUBONA ubuthakathi!
ISIlUMo? Usizo ngokuya esikhathini
UN
hla
Ng
Ula
Na
201
6
okuqukethwe
IMIthI yEZIfo EZIyISIMbEla-
MbElaNgEMpIlo yabESIlISa ISIlUMo
Silwa Nezifo, Silwa Nobubha, SiNika ithemba
IZINDlala ZoWESIlISa
IMIt
hI y
EZ
Ifo
EZ
IyIS
IMb
Ela
Mb
Ela
Ezempilo e-KZN zethula uhlelo lwezindawo zokulanda imithi
Akusezuku-hanjwa ama-banga amade kuyolandwa
imithi!
Uguquko ezikhathini zokulindaKuze kube manje uhlelo i-CCMDD lusahlolwe ukusebenza ezikhungweni zoMshuwalense Kazwelonke Wezempilo okunguMgungundlovu, Amajuba kanye noMzinyathi. Kulandela ukuqaliswa kohlelo ezifundeni zezempilo eziyi-11 esifundazweni, abantu abaningi abadla imithi yezifo eziyisimbelambela sebezoyi-landa ezindaweni zokulanda ezinjengas-emaHholo Omphakathi, amasonto, izikole kanye nezinkantolo zesizwe kuso sonke isiFundazwe saKwaZulu-Natal.
Lokhu kuzosusa ingcindezi kwabagu-layo kanye nokugcwala ezikhungweni zezempilo kanye nomsebenzi omningi wabasebenzi bezempilo. Kuchaza izikhathi ezincane zokuhamba kanye nokwehla kwezindleko kubantu abadla imithi yezifo eziyisimbelambela.
UNgqongqoshe uncoma uhlelo olushaUNgqongqoshe Wezempilo KwaZulu-Natal uSibongiseni Dhlomo uthi uhlelo i-CCMD lwenzelwa ukuqinisekisa ukwehla
kwezikhathi zokulinda; ukuphucula uku-finyeleleka kalula emithini yezifo eziyisimb-elambela ngenxa yokusondezwa eduzane kweziguli izindawo zokuyilanda nokonga emalini yokugibela.UNgqongqoshe uD-hlomo uthe isikhathi sokuqaliswa kwalolu hlelo sikahle kakhulu ngoba luqaliswe emva kwenyanga uNgqongqoshe Wezempilo kuzwelonke uDkt Aaron Motsoaledi kade ekhiphe isimemezelo sokuthi kusukela ngoMandulo wezi-2016, iNingizimu Afrika isizohlinzeka imishanguzo yegciwane lengculazi kubo bonke abantu uma nje betholakala benegciwane.
“Lokhu kuyigxathu elikhulu ngoba ngeke sisalinda i-CD4 count yomuntu yehle ize ibe ngama-500, kepha manje sesizohlola bese siyelapha. Ngaphandle kokungabaza, lokhu kusho uguquko empilweni yabantu baseNingizimu Afrika. Lokhu kubiza thina njengesifundazwe ukuba senze okukhulu ngoba yithina esinabantu abaningi abanegciwane lengculazi kanye nesifo sofuba ezweni.
NjengoMnyango, lokhu kusho ukuthi abahlengikazi abaqeqeshwe ku- Nurse-Initiated Management of Antiretroviral Treatment (NIMART) esinabo kabasenele. Kuzomele siphinde kabili izibalo ngokuqeqesha abanye. Kumele siqinisekise ukuthi labo asebeqeqeshiwe basebenza ngokudingekayo ukuze bakwazi uku-nakekela nezinye iziguli,” kusho uN-gqongqoshe uDhlomo.
Kepha ngeke kusenzeka lokho. UMnyango Wezempilo e-KZN wethule uhlelo i-Central Chronic Medication Dispensing and Distribution (CCMDD) okuchaza ukuthi labo bantu abadla imithi yezifo eziyisimbelambela sebezokwazi ukulanda imithi ezindaweni eziseduze namakhaya abo – njengoNks Mwaneni osezokwazi ukuthola imithi yakhe eSobantu Community Church okuthatha imizuzu eyisihlanu uma esuka kwakhe.
Ugogo onenkinga yokubona utryphina Mwaneni ukhumbula isikhathi lapho ayephoqeleka ukuba akhokhe ama-R40 njalo uma kumele ayolanda imithi yakhe eMtholampilo iNdaleni, KwaMagoda eRichmond.
Imifanekiso esetshenziswe kwEzEmpilo eyokucacisa kuphela, ayiqondile ukuveza abantu bangempela futhi ayimele lokho okuqukethwe ushicilelo.
Siyababonga laba abalandelayo ababe neqhaza:UMNYANGO WEZEMPILO E-KZN: UPHIKO LWEZOKUXHUMANA
U-ZOHRA MOHAMED TEKE (UMHLELI)
THANDI ZULU
THEMBA MNGOMEZULU
sARA AULD
DR GUGU MAZIBUKO
IZITHOMBE: shutterstock.com
Sinike uvo lwakho, noma usitshele ukuthi ucabangani ngalo magazini! P O Box 25439, Gateway, 4321, UCINGO-031 825 6790. I-EMAIL: [email protected] ILUNGELO LOBUNIKAZI
Konke okushicilelwe kulo magazini kuyilungelo le-Ezempilo… Health Matters futhi kungase kuphinde kukhiqizwe futhi kusakazwe mahhala ngezinjongo zokufundisa kuphela.
Zonke izikhangiso ezikulo magazini akukona ukuthi zisekelwa ngokusemthethweni uMnyango Wezempilo Wase-KZN, uMasipala WasEthekwini noma Ezempilo Health Matters
“Angiboni, ngakho
ngangingakwazi ukuzi-
landela mina imithi yami
ngoba kwakukude kakhulu.
Kwakubiza kakhulu. Umun-
tu owayengilandela imithi
wayegibela amatekisi ama-
bili uma eya noma esebuya,
okwakwenza ngikhokhe
ama-R40 njalo,” kusho ugo-
go oneminyaka engama-67.
IMIKLOMELO YOKUSEBENZA NGOKWEDLULELE KANGQONGQOSHE
Kubongwa abasebenzi bezempilo abedlulele
kwakuwusuku olwalubhEkiswE kubasebenzi kanye nabasebenzisana noMnyango Wezempilo KwaZulu-Natal ngesikhathi bebongwa ngomsebenzi wabo omuhle wokuphucula ezempilo.
Kulabo kwakukhona nabesilisa abathathu abasebenza kwabezimo eziphuthumayo abazama ukuphephisa usana oluyintombazane olwalusendlini yangasese ewumgodi ongamamitha ama-3 eSidakeni, eMsinga.
Ngesikhathi sebesiza usana, omunye wabezimo eziphuthumayo wangena ngekhanda emgodini, ozakwabo bebambe izinyawo zakhe. Amaqhawe angoMnu. Simphiwe Majola, uMnu. Vumelakhe Sokhela kanye noMnu. Mandlenkosi Nsele akwazi ukutakula ingane, ayihlanza abe eseyihambisa esibhedlela.
Kolunye udaba oluyimpumelelo, abanye abasebenzi esiBhedlela i-RK Khan eChatsworth, baphuthuma bezama ukuyotakula uzakwabo owayesebhilidini elishayo. Bakwazi ukukhahlela umnyango base bemphuthumisa esibhedlela, kepha ngeshwa wagcina eshonile.
lEzi ngEzinyE njE zEzindaba ezavela ngesikhathi kunemiKlomelo KaNgqongqoshe Wezempilo e-KZN Yaminyaka Yonke, eyayiseThekwini ngasekuqaleni kwale nyanga.
Sekungunyaka wesithathu le miklomelo yaqalwa ukuklomelisa labo bantu kanye namathimba asebenze ngokwedlulele emikhakheni ehlukene, ababambe iqhaza ekuhlinzekeni ngezempilo ezimweni ezibucayi.
Abanye abaklonyeliswa kwaba isiFunda Umzinyathi ngokuqokelwa ukuba ngowenza kahle ezweni lonke njengoba usohlelweni Lomshuwalense Wezempilo Kuzwelonke. Abanye abaklonyeliswa kwaba abasebenzi abayisihlanu abase besebenze iminyaka engama-45 engazange iphazamiseke. BangoMnu. M Ngcobo (Fort Napier), Nks. P Govender (Inkosi Albert Luthuli Hospital), Mnu. S Thusi (King Dinuzulu Hospital) , Nks. R Nair (King Edward VIII Hospital) kanye noNks. LM Abrahams (Wentworth Hospital).
UNgqongqoshe Wezempilo KwaZulu-Natal, uDkt. Sibongiseni Dhlomo, wahalalisela bonke ababeklonyeliswa, wabe esethi wethemba ukuthi lokho
abakwenzayo kuzokhuthaza nozakwabo ukuba nabo basebenze ngokuzikhandla.
Abathola imiklomelo ekhethekile kwaba yilaba
UNkosikazi kaMengameli uNkk. Thobeka Madiba-Zuma ngeqhaza lakhe ekuholeni izinhlelo zezempilo kanye nokuqalisa izinhlelo zempilo yabesifazane esifundazweni, ezweni kanye nasemhlabeni jikelele.
UDkt S’thembile Ngidi owaqopha umlando ngokuba udokotela wokuqala KwaZulu-Natal wesifazane omnyama ukuba uchwepheshe womdlavuza, nokuba owesibili ezweni.
IsiBhedlela iBethesda ngokuzinikela esakwenza kusukela zi-3-5 kuLwezi wezi-2015, ngesikhathi siqhubeka nokuhlinzeka ngezempilo nakuba kwakuneziteleka esiFundeni uMkhanyakude.
Owayedla izidakamizwa wabe eseshintsha, uMnu. Khayelihle Gumbi owathola umklomelo okhethekile wokuqalisa isiKhungo esiseNanda i-Ukukhanya Drug Rehabilitation esigxile ekuthatheni abantu abasha emigwaqeni. Lesi sikhungo sibhekelela abantu abasha abangama-30.
UDkt. Imtiaz Suleman we-Gift of the Givers Foundation, owathola Umklomelo Okhethekile wokwenza ngokwedlulele nokusiza abantu abasezinkingeni nasezinhlekeleleni emhlabeni wonke.
IsiKole Sesayensi Yezempilo eNyuvesi yaKwaZulu-Natal ngokubamba iqhaza ekufundiseni ngesayensi yezempilo, ikakhulu ngokugxila empilweni yasezindaweni ezisemakhaya.
I-South African National Blood Service ngokuzinikela kanye nokubamba iqhaza onakekelweni lwezempilo esifundazweni ngokuhlinzeka ngegazi kanye nemikhiqizo yegazi.
UDkt. P Naicker kanye nethimba lakhe lasesiBhedlela iNewcastle ngokuzinikela kwabo ekubelethiseni umama owayekhulelwe endaweni ebucayi nengajwayelekile.
Ithimba lezempilo esiBhedlela iBenedictine, elaliholwa uDkt. SR Sithole wasesiBhedlela iNkonjeni, ngokubelethisa ngempumelelo izingane ezintathu. Umama wezingane wayengayi koxukuzwa emtholampilo futhi engazi ukuthi uzothola izingane ezintathu kanyekanye.
UNgqongqoshe uDhlomo enenxusa lesifo sofuba uMntwana uNhlanganiso Zulu kanye neNhloko Yomnyango uDkt Sifiso Mtshali
UNhlaNgUlaNa
Silwa Nezifo, Silwa Nobubha, SiNika ithemba
Inyanga Yempilo YabesilisaIningi labantu besilisa aliyi kodokotela noma ku-
fanele, ikakhulu kumakhaya endabuko. Le nyanga
eyokufundisa abesilisa ngobungcuphe abazibeka
kubo kanye nokuthi bangazigwema kanjani
izifo ezibahaqayo. Izifo eziningi ziyagwemeka
kanti ukusoka kusengenye yezindlela ezihamba
phambili ekwehliseni ukusabalala kwegciwane
lengculazi kanye nezifo zocansi okuhaqe isifun-
dazwe sethu. Hamba njalo uyohlolwa umdlavuza
wezindlala zowesilisa, isifo sikashukela, umfutho
wegazi ophezulu kanye nomdlavuza wamasende
– ukutholakala kusenesikhathi kunga-
phephisa impilo yakho!
UNhlaNgUlaNa 3 - 9 Isonto lomhlaba lokushaya kwenhliziyo Leli sonto elokuqwashisa ngezithinta inhliziyo okungakusiza
ukuba uqonde kangcono ukushaya kwenhliziyo yakho.
Ukuqonda ukushaya kwenhliziyo yakho kubalulekile ngoba
kungenza usheshe uzwe uma inhliziyo yakho isishaya
ngokungajwayelekile. Inkinga enkulu yi-cardiac arrhythmia
ebanga ukuba inhliziyo ishaye ngamandla, kancane noma
ngokungeyikho okungadala inqwaba yezifo ezinjenge
Sudden Cardiac Death (SCD), i-syncope, kanye ne-atrial
fibrillation (eholela esifweni sohlangothi).
UNhlaNgUlaNa 16 - 24 Isonto likazwelonke lesifo sokuwa Oyedwa kwabayikhulu, unesifo sokuwa. Okubuhlungu
ukuthi abantu abaningi abazi ukuthi siyini isifo sokuwa
bese becabanga ubuthakathi noma ukugula ngengqondo
kanti nabantu ababa nokudlikiza bayesatshwa. Okunzima
kakhulu okubhekana nabantu abanesifo sokuwa ukucwaswa
ngabanye abantu. Lolu suku olokufunda ngesifo sokuwa
ukuthi siyini kanye nezindlela zokusiza labo abanaso.
Usuku lomhlaba lokuqwashisa Ngokuh-
lukunyezwa kwabadalaSebebaningi kakhulu abantu abadala kunakuqala,
ngalolu suku siyaqinisekisa ukuthi siyababheka
abantu abadala abaseduze nathi bese sibuza umbu-
zo othi – ngabe bayaluthola yini uthando nonakeke-
lo olubafanele? Ogogo abanakekela izingane zethu
namakhaya nabo bayaludinga unakekelo nothando.
Zinike ithuba ubakhumbuze ukuthi babalulekile
futhi bayathandwa.
Usuku lomhlaba lokunike-la Ngegazi Nsuku zonke iziguli ez-
ingama-3000 zinikwa igazi ukuze ziphile, kepha
alenele. Ngale nyanga abe-South African National Blood
Service bacela ukuba abantu banikele ngegazi. Igazi las-
eNingizimu Afrika lingelinye igazi eliphephile emhlabeni
ngoba uma umuntu enikela ngegazi lihlolelwa igciwane
lengculazi nengculazi, i-Hepatitis B, I-Hepatitis ne-syphilis.
LIPHEPHILE futhi LIPHEPHISA impilo – kunga-
ba impilo yakho!
15
Inyanga kazwelonke Yentsha/Youth health
IndabaUNhlangulana 16 ungumgubho obalulekile wabantu abasha
abalwa nobandlululo ngowe-1976. Uma sibheka emuva iqhaza
abalibamba kuyisikhumbuziso seqhaza okumele libanjwe
yintsha yanamuhla njengabaholi bakusasa. Ukunakekela impilo
yakho njengomuntu omusha kusho isizwe sakusasa esiphilile.
Zinike isikhathi ubheke impilo yakho bese uzibuza ukuthi
‘ngabe ngiyisibonelo esihle ngekusasa elinempilo lezwe lethu?’
Yisikhathi sokwenza uguquko.
1
Usuku lomhlaba lezinganeIsikhwama i-United Nations International Children’s Emergency Fund senza lolu suku lugxile emalungel-
weni, impilo kanye nonakekelo lwezingane. Yingxenye yomnyakazo wokugwema ukuba izingane zibe yizisulu zokuhlukunyezwa emakhaya. Khuthaza izingane uku-
ba zingesabi ukubika ngokuhlukunyezwa kwazo.
Iningi lithi indlela obuka ngayo izinto iyona engungqa pham-
bili ekubhekaneni nomdlavuza. Lolu suku lubhekiswe kulezo
ziguli ezinomdlavuza ezisiza ezinye ukuba zingalahli ithemba.
Ukudlondlobala kwezokwelashwa kanye nobuchwepheshe
banamuhla kusho ukuthi iningi lemidlavuza liyanqotshwa,
ngakho kubalulekile ukusheshe utholakale, ngakho qiniseka
ukuthi uhlala njalo uyohlolwa.
Usuku lomhlaba labasinde emdlavuzeni
5
Usuku lomhlaba lwemveloIndikimba yalo nyaka ihlose ukwenza thina
sonke ukuba sicabange ukuthi yini enye esin-
gayenza ukusiza izigidigidi zabantu eziphila
nobuphofu. Uma singasebenzisa ngendlela
izinsiza zemvelo, singabuqeda ubuphofu.
2
14UNhlaNgUlaNa 24 - 28
Isonto lika-saNCa lokuqwashisa NgezidakamizwaSiyanda isibalo sezingane ezidla izidakamizwa,
okuholela entsheni engasebenzi nengafundile. UM-
khandlu waseNingizimu Afrika Walabo Asebephila
Ngotshwala Nezidakamizwa ufisa ukuba abazali
kanye nemindeni bazi ukuthi bangakwelapha
babuye bakugweme ukusetshenziswa kwezidaka-
mizwa kanye notshwala. Lolu suku olokuqwashisa
ngalokhu. Lukhona usizo, cela umtholampilo
wakho ukuba ukwedlulisele kumuntu ongakusiza
kanye nomndeni wakho ukuze ninqobe lokhu.
UK
Uq
Wa
Sh
ISa
Ng
EM
pIl
o y
ab
ES
IlIS
a
Silwa Nezifo, Silwa Nobubha, SiNika ithemba
KhUlUMa NaboMtholaMpIlo WaKho bESE UbEKISEla UKUhlolWa KWaKho Njalo NgaphaMbI KoKUba UShIyWE ISIKhathI.
Impilo Yezindlala Zowesilisa
Ukushesha kutholakale futhi kulashwe umdlavuza
wezindlala zowesilisa kun-gangeza iminyaka empilweni
yowesilisa, njengo-archbishop Desmond tutu owatholakala ukuthi unomdlavuza wezind-klala zowesilisa ngowe-1997.
Ngokwe 2010 National Cancer Registry, oyedwa
kwabesilisa abangama-27 bas-eNingizimu afrika basengozini yokuthola umdlavuza wezind-
lala zowesilisa.
Ezinye izimpawu zomdlavuza wezindlala zowesilisa ezijwayelekileIzimpawu zezimila ze-prostate ziyafana, noma zingenawo umdlavuza noma zinawo umdlavuza futhi zingahlanganisa nalokhu;
Ukuchama njalo, ikakhulukazi ebusuku Umuzwa wokugcwala kwesinye bese
kudingeka ukuthi uphuthume endlini yangasese
Ukuba nenkinga yokuchama Ukuzwa sengathi akuphumanga konke
esinyeni.
Izimpawu ezithanda ukuba nzima zihlanganisa nalokhu:
Ubuhlungu uma uchama Igazi emchamweni
Kubalulekile ukuya kudokotela noma isimila singenawo umdla-vuza, ngoba singalapheka kalula.Uma indlala ye-prostate ilokhu ikhula kancane iminyaka ngeminyaka, izimpawu zokuqala zomdlavuza wezindlala zowesilisa zingabonakala uma sezisabalele – okusho ukuthi amaseli omdlavuza asesabalele nakwezinye izingxenye zomzimba, njengezindlala ze-lymph, isibindi kwesinye isikhathi nasemathanjeni, okungabangela ubuhlungu emhlane, emanyongeni, esineneni kanye nezinye izindawo ezinamathambo. Ezinye izimpawu zihlanganisa ukwehla emzimbeni kanye nezinkinga zokuvukelwa (uma kungakaze kube nezinkinga ngaphambilini.)
Ukuhlolwa kusenesikhathi kusindisa impiloKunokuhlolwa okulula kanye nokuh-lolwa kwe-Prostate Specific Antigen (PSA) okungaba nomphumela wokuthi kusheshe kutholakale futhi kulashwe umdlavuza wezindlala zowesilisa, njengoba amazinga aphezulu e-PSA engaveza ukuvuvukala noma amaseli anomdlavuza.
Ukuhlolelwa i-PSA njalo ngonyaka kufanele kwenziwe kubo bonke abesilisa abaneminyaka ephakathi kwama-40 kuya kwengama-45 abanamathuba amaningi oku-ba nomdlavuza wezindlala zowesilisa, lokhu kuhlanganisa nabesilisa abanesihlobo noma izihlobo ezisondelene nabo (ubaba, um-fowabo noma indodana) ababe nomdlavuza wezindlala zowesilisa ngaphambi kokuthi babe neminyaka engama-65 yobudala.
Abesilisa abaneminyaka engaphezu kwengama-50 kufanele bahlolwe njalo i-PSA kanye eminyakeni emibili. Abesilisa abaneminyaka engaphezu kwengama-40 abanomlando emndenini womdlavuza wezindlala zowesilisa, udokotela angafuna ukwenza ukuhlolwa okwaziwa nge-digital rectal examination minyaka yonke – ngo-kuthi enze ukuhlolwa kwe-prostate ngoku-faka umunwe ngemuva ukuze ahlole ukuthi akukho maguludla noma okuthile okungaj-wayelekile ku-prostate.
Ungavumeli umdlavuza wezindlala zowesilisa ukubulale. Uma usheshe utholakala, kuba lula ukuthi ul-apheke futhi kube yimpumelelo.
Ukushesha
kutholakale um-
dlavuza wezind-
lala zowesilisa
kungasindisa impilo yakho
UyiNi NgEmpEla UmdlavUza wEziNdlala zowEsilisa?Ake sibheke i-prostate kuqala. I-prostate iyindlala elingana ne-walnut ephakathi kwesinye kanye nobuntu bowesilisa. I-prostate ikhiqiza uketshezi oluvikela futhi lugcine isidoda siphilile.
Uma abesilisa bekhula izindlala zabo ze-prostate zivamisa ukuba nkundlwana, lokho kuyinto ejwayelekile. Ngesinye isikhathi indlala enkulu ye-prostate kungenzeka ibe namaseli omdlavuza, kodwa angavezi zimpawu – lokho ke okuyisizathu sokuthi abesilisa kufanele bahlolwe njalo.
U kwazi ukuthi yini okumele uyibheke kubalulekile, ngoba uma kusheshe kutholakale futhi
kulashwe, ngaphambi kokuthi umdlavuza wenabele nasezindlaleni ze-lymph, namaz-inga okulapheka aba makhulu.
Amanye amadoda asengozini enkulu yokuqalwa umdlavuza wamasende uma ebe nokukhula okungajwayelekile kwa-masende noma uma umndeni wabo unom-lando walesi sifo.
Amadoda amaningi athola ngengozi ukuthi anomdlavuza wamasende, uma bezwa kuneguludla noma ubuhlungu emasendeni. Ukuhlolwa okujwayelekile komzimba ngudokotela na-kho kungawuveza umdlavuza wamasende, kepha khululeka, ukwelashwa, noma umdlavuza wamasende usuhambe kakhulu kuyasebenza.
Ukushesha kutholakale kuba nomthelela ekutheni kungakanani ukwelashwa okudingekayo njengoba uma umdlavuza wamasende usuhambe kakhulu; kudingeka
ukulashwa ngokushiswa okuthe xaxa noma ukuhlinzwa kokungenelela.
Ngakho-ke kwenza umqondo ophusile ukuthi ukuzihlola njalo kungaba nom-phumela wokuthi kudingeke ukwelashwa okuncane kanye nokululama okusheshayo uma umuntu ethole okuthile okungajwayele-kile; njengamaguludla noma ubuhlungu obungachazeki emasendeni okungagcina kudale umdlavuza wamasende.
Uzihlola kanjani emasendeni (TsE)Kungcono ukuzihlola okungenani kanye ngenyanga ngemuva kokugeza eshaweni noma ebhavini ngenkathi isikhumba esim-boze amasende (isikhwama samasende) sisafudumele futhi sikhululekile.
Sukuma ume bese uhlola isende ngalinye ngezandla zombili, ulokhu uphenduphen-dula isende ngalinye usebenzise isithupha, umunwe wokukhomba kanye nomunwe ophakathi nendawo uzame ukuzwa ukuthi kukhona ukuvuvukala noma amaguludla angangophizi, noma kukhona ukushintsha
okukhona esikhunjeni noma emasendeni. Isende elijwayelekile kufanele lizwakale libushelelezi, liqinile futhi limise okweqanda.
Kwesinye isikhathi azikho izimpawu ezix-wayisayo noma izinkomba ezisobala, kodwa bonana nodokotela uma kunobuhlungu obungapheli emazansi omgogodla noma kule ndawo engaphansi ngasemasendeni, ukungazizwa kahle, ukuvuvukala kwesende noma uma kuvele kube noketshezi oluqo-qana esikhwameni samasende noma uma sizwakala sinokusinda.
Lezi zinkomba kungenzeka ukuthi zi-bangelwa yizinto eziningi kodwa kungcono ungazizibi, yiya kudokotela. Amadoda amaningi ayaziziba lezi zinkomba, ngoba ecabanga ukuthi uma kungekho ubuhlungu kusho ukuthi abukho ubungozi. Baye-saba futhi ukuthi kungenzeka baphelelwe amandla okwenza ucansi uma kungasuswa isende, kodwa ukulahlekelwa isende elilodwa akusho ukuthi ngeke usavukelwa. Uma kudingeka ukushiswa ngekhimo noma ngemisebe, odokotela bangacebisa ukuthi indoda izibekele isidoda uma ibin-gakawuqali umndeni wayo.
Kuyadingeka ukuthi kulandeliswe ngama x-ray, ama-scan kanye nokuhlolwa kwegazi ngemuva kokwelashwa, njengoba kuvamise ukuthi uphinde uvele ungakapheli unyaka wokuqala.
UK
Uq
Wa
Sh
ISa
Ng
EM
pIl
o y
ab
ES
IlIS
a
Silwa Nezifo, Silwa Nobubha, SiNika ithemba
Sibheka umdlavuza
wamasende
hlaKaNIpha bESE UZIhlola EMaSENDENI (tSE) Njalo UKUZE UNCIphISE INgoZI EhaMbISaNa NoMDlavUZa WaMaSENDE.
Umdlavuza wamasende ilona hlobo oluvamisile lomdlavuza kubantu besilisa abasebasha abaneminyaka ephakathi kw-eyi-15 kanye nama-39 ubudala, olunempumelelo engamaphe-senti angama-95 uma esheshe watholwa usaqala.
Ukushesha
utholakale kunga-
holela emathubeni
angama-95% ok-
welapheka ngem-
pumelelo!
Bamba isende elilodwa ngesikhathi usebenzisa
izandla zombili. Lokhu kwenzeka kahle uma uqeda ukugeza ngamanzi afudumele.
Hlola ngokubamba sakuqinisa isende ulifake
phakathi kwesithupha neminwe.
Zijwayeze i-spermatic cord kanye ne-
epididymis – Okusamibhoxwana okuxhuma engemuva lalelo nalelo sende.
Yizwa okusasimila, ukushintsha kobungako noma okungajwayelekile
–kujwayelekile ukuthi elinye isende libe likhulu
kunelinye.
1 42 3
Ungazishayi
indiva izinkomba
So
KU
Wa
Usizo lokUqalakwabanesifo sokuwa kanye nokudlikiza
U Kumele ngenzenjani uma umuntu omdala
eba nokudlikiza? Qiniseka ukuthi umuntu lowo akalele
phezu noma eduze kwento ecijile noma ifenisha.
Beka into ethofozelayo njengejakhethi noma ijezi ngaphansi kwekhanda lakhe.
Xegisa izingubo zakhe, uqaqe izinkinobho noma uxegise uthayi entanyeni yakhe.
Ungamcindezeli phansi lowo muntu ngenkathi eba nokudlikiza ngoba lokho kungenzeka kumlimaze.
Ungafaki lutho emlonyeni walowo muntu – noma kubukeka sengathi uyabindeka, thola omunye umuntu ukuthi akusize nimlalise ngohlangothi omunye umlenze
uqonde omunye ugobe kancane. Kungenzeka lowo umuntu abe noku-
dideka ngemuva kokudlikiza, kungcono ukuthi nimgcine elele ngohlangothi ukuze kungangeni lokho okuzobe kuphuma emlonyeni ngenkathi ephefumula.
Ningamshiyi yedwa lowo muntu – uma esephapheme shayelani umndeni wakhe noma umngani ongakwazi ukumthatha amuse ekhaya.
shayela i-ambulensi uma ukudlikiza kuthatha ngaphezu kwemizuzu emih-lanu, noma uma kuwukuthi ukudlikiza kuyaphindelela, noma uma lowo muntu engaziphaphameli kalula, noma uma usola ukuthi kungenzeka kube khona nokunye ukugula njengesifo sikashukela noma isifo senhliziyo.
U Kumele ngenzen-jani uma ingane iba
nokudlikiza? Landela izinyathelo ezifanayo nangenhla bese
uqinisekisa ukuthi ingane ilele ngohlangothi ukuze umgudu womoya uhlale uvulekile.
Qinisekisa ingane ukuthi konke kuzolunga uma isiphapheme. Ungayishiyi yodwa leyo ngane.
Ungayiniki lutho oluphuzwayo ingane ngenkathi noma ngemuva nje kancane kokuba nokudlikiza.
Uma ingane sekwake kwaqinisekiswa ukuthi inesifo sokuwa, akuvamile ukuthi kube nesidingo sokuyihambisa kodokotela uma ukudlikiza kwenzeka isikhathi esingaphansi kwemizuzu emihlanu, kodwa abomndeni wayo noma abayibhekile kufanele baziswe.
shesha ubize abezempilo uma kun-gokokuqala ukuthi ingane ibe nokudlikiza, noma uma ingane idlikiza kulandelana, noma uma ingaphaphami noma uma ilimele.
U Ungazisiza kanjani wena noma ilungu lomndeni
wakho elinesifo sokuwa? Ngaso sonke isikhathi kufanele uphathe
okuchaza ngesifo sakho kube negama lesib-hedlela noma udokotela kanye nenombolo yocingo, imininingwane ngesifo sakho kanye nokuthi kulashwa kanjani.
Qinisekisa ukuthi umndeni, abangani, esikoleni noma osebenza nabo bayazi ngokufa okukuphethe nokuthi iyiphi indlela efanele yokukulapha.
Qinisekisa ukuthi wena noma ilungu lomn-deni wakho elivame ukuba nokudlikiza ni-hambela kude nezindawo eziphakeme, noma imishini nezinto zokusebenza ezinyakazayo, lapho kungaba khona ukulimala uma uba nokudlikiza kungekho muntu ongasiza.
Hlala unyakazisa umzimba, ukhethe ezemidlalo ngobuhlakani futhi uqinise-kise ukuthi kunomngani owaziyo ngesifo sokuwa nokuthi kumele enze njani uma uqalwa ukudlikiza.
ISIFO SOKUWA
ASIBANGELWA
UBUTHAKATHI!
UK
UW
a K
WE
ND
UK
U
Uhlushwa ukuwa kwenduku?
Silwa Nezifo, Silwa Nobubha, SiNika ithemba
UNhlaNgUlaNa UYINYaNga YemPIlo Yamadoda
Kubangwa yini ukuwa kwenduku?Ukuwa kwenduku kunguk-wehluleka kwenduku ukuba ime ithi mpo ukuze ukwazi ukwenza ucansi. Kungaba yisexwayiso sesifo esithile, umphumela wesifo esithile, imithi noma ingcindezi, izinkinga zasemoyeni noma ezinye izinto ezithinta inhlalo.
Uma usunenkinga yokungami mpo kwenduku, kubalulekile ukuba ukhu-lume nabasebenzi bezempilo abayokwedlulisela kudokote-la noma uzihlole bese uqala ukwelashelwa leyo nkinga etholakalayo. Udokotela wakho angakunikeza imithi eyokusiza enkingeni onayo.
Nakhu okumele ukwazi...
1Thola ukwelulekwa udokotela
Ngaphambi kokushintsha indlela yokuphila thola ukwelulekwa kwezempilo ukuze kuhlolwe zonke izifo ezingadala ukuwa kwenduku. Udokotela angaveza ukuthi ingcindezi noma izinkinga ebudlelwaneni zingayenza induku ingavuki, bese encoma ushintsho endleleni yempilo.
3 zivocavoveOlunye uguquko
olungenzeka ukwe-lapha induku engavuki kungaba ukuzivocavoca ngoba kukhuphula uku-hamba kwegazi emzim-beni, okuyinto ebalulekile ekwenzeni ukuba induku ingawi. Ukuzivocavoca kusiza nasekukhululeni umzimba bese uzizwa ungcono.
2 yidla ngendlela efaneleYidla ukudla okunomsoco, ngoba
ukukhuluphala ngokweqile akudali kuphela inkinga yokuwa kwenduku kepha nezinye izifo. Yehlisa enyameni ebomvu nokudla okucoyisisekile bese udla kakhulu izithelo, imifino, ukolo, inhlanzi kanye nenkukhu.
5 lala ngokwaneleQiniseka ukuthi ulala
ngokwanele. Ukujwayela ukulala ngendlela efanele kusiza umzimba ukuba wazi ukuthi kunini lapho okumele ukhiqize amahomoni an-jengawabesilisa. Ukungalali ngok-wanele kusho ukuba namahomoni amancane kanye nokungaqini kwenduku. Ukubambelela ohlel-weni olufanayo lokulala kunganika umzimba isikhathi sokuphumula nesokwelulama.
4 Ungab-hemi bese
wehlisa otsh-waleniYeka ukubhema – enye inkinga edalwa ukubhe-ma, ukuvuleka kwemith-ambo yegazi. Utshwala kanye nezidakamizwa kulimaza imizwa kanye nokusebenza ngendlela komzimba.
Uwaqaphele amakhambiNakuba iminingi imithi yemvelo kanye namakhambi okukhona, ikakhulu edayiswa abantu emgwaqeni noma ezitolo, abaqinisekisa ukuse-benza kwayo kepha qaphela ikakhulu uma lokho kunga-gunyaziwe abezokwelapha. Ukusebenzisa imithi engekho emthethweni kungadala ezinye izinkinga zesikhathi eside.
abantu abanesifo sokuwa, noma ukugula okubangela ukudliki-za ngesinye isikhathi badlikiza ngesikhathi bebodwa endaweni yomphakathi. Kungenza kube khona abantu abangunge lowo muntu kanti ke into yokuqala okumele uyenze ukuqinisekisa isixuku leso ukuthi konke kuzolunga bese ubaqhelisa ukuze banike lowo muntu isikhala.
Silwa Nezifo, Silwa Nobubha, SiNika ithemba
Uma ungowesifazane osemusha noma ungasemncane ungase ube nezinhlungu njalo ngenyanga uma uya esikhathini kepha lokho kukumangaze. Ukuya esikhathini kuyimvelo kubo bonke abesi-fazane njalo kanye ngenyanga. Uhhafu wabantu besifazane uphathwa yisilumo.
ISIl
UM
o
UKopHa KaKHUlUKujwayelekile kubantu besifazane abasebasha ukuba bophe kakhulu. Ikakhulu ngez-insuku zokuqala besesikhathini. Kujwayelekile lokhu futhi kudalwa yizinguquko ezenzeka emzimbeni ngalesi sikhathi senyanga. Kwesinye isikhathi lezo zinhlungu zihambisana nokugula, ukuphalaza, uku-khishwa yisisu noma ukuqun-jelwa, ikhanda elibuhlungu, ubuzizizi kanye nokukhathala okudalwa ukuphuma kakhulu emzimbeni kwegazi kanye ne-ayoni ngalesi sikhathi. Uku-gwema nokwehlisa ubuhlungu, zama lokhu okulandelayo:
Isilumo
Ngaphezu kwakho konke, khumbula ukuthi lezi zinhlungu zizodlula ngakho musa ukuvuma ukuba izinhlungu zilawule impilo yakho.
Uma kungasabekezeleleki, khuluma nomsebenzi wezempilo oyokunika olunye ulwazi mayelana nokwehlisa izinhlungu.
2 Phuza amaphilisi ezinhlungu ngalesi
sikhathi ukuze ukwazi ukumelana nesikole noma umsebenzi
3 Ukuzivocavoca okunjengokuhamba
nje kuyasiza kwabanye abantu besifazane ngoba kwehlisa izinhlungu
7 Gwema ukubhema kanye notshwala
8 Hlikihla iqolo lakho
9 Yidla izitshalo ezinjengezaqathi
kanye nokhukhumba.
1 Phuza kakhulu amanzi ukugwema
ukuphelelwa amanzi okudala amajaqamba kanti amanzi ashisayo enza igazi lihambe
4 Ukusebenzisa amaphilisi okuhlela
kuyazehlisa izinhlungu kepha amanye aletha ez-inye izinkinga, kuhle uku-khuluma nomtholampilo wakho kuqala
5 Uma kudingeka zama ukuphumula
6 Gwema iziphuzo ezinjengekhofi
kanye nosawoti ngoba kuqhubezela inkinga phambili