ngabe unkulunkulu uke awuguqule yini umqondo wa …download.branham.org/pdf/zul/zul65-0418e does...

50
NGABE UNKULUNKULU UKE AWUGUQULE YINI UMQONDO WA KHE NGEZWI LA KHE NA? Asikhothamise amakhanda ethu. Nkosi Jesu ethandekayo, sibuthene futhi eGameni laKho, ngokuba magange okukhulu kokuthululwa kwaMandla kaNkulunkulu aphilisayo ukusiletha ekuqondeni kwesikhundla sethu nendawo, nezibopho zethu, njengabantu ababiziweyo, sahlukaniswa nezwe, sazinikela kuNkulunkulu. Siphe, Nkosi, kulobubusuku, ukuthi izibusiso zikaNkulunkulu zizosihola futhi zisiqondise ezintweni esizenzayo noma esizishoyo, ukuze kulethe ukuhlonishwa nodumo eGameni laKho. Amen. 2 Ngiyajabula ukubuyela ebandleni kulobubusuku nokuba nani bantu abathandekayo. Futhi ngiyazi ukuthi kufudumele, kodwa ngisanda kushayela unkosikazi wami, ngicabanga ukuthi kungamashumi ayisishiyagalolunye nento lapho, amashumi ayisishiyagalolunye-nanhlanu noma amashumi ayisishiyagalolunye-nesithupha noma okuthize, futhi kuthe ukufudumala kakhudlwana kunoma kunjalo lapha. Ngakho sengiyasejwayela isimo sezulu esifudumele manje. Ngakho, kodwa ngiyajabula kakhulu ukuba lapha etabernakele ngalesisikhathi sePhasika elimangalisayo. 3 Futhi ngeke ngasho ukuthi ngizoxolisa ngalowo omude, uMlayezo omude kulokhu ukusa, kodwa ngi…Ubumude, bengingafuni—funi ukukhandla ukubekezela kwenu bese- ke ngiza kukho futhi kulobubusuku. Kodwa bengi—ngifuna uku—kufinyelelisa lowoMlayezo kini, ukuthi niyingxenye yalokhu ukuvuka. Niyabo? Futhi ningakhathazeki ngaWo, nhlobo, niyabo. Nje Ujabuleleni! Akukho-lutho, ndawo, okunganehlukanisa naWo; lutho; niphephe Phakade eMbusweni kaNkulunkulu. Lapho uNkulunkulu eseshaye ngesitembu uPhawu lwaKhe phezu kwenu, ninjalo kuze kube sekupheleni kwesiphetho. 4 Uma uhulumeni ebeka uphawu phezu kwempahla, uloliwe ubeka isitembu emnyango, leyomoto ingeke yathikanyezwa ize ifike esiphethweni sayo. Uma uNkulunkulu ebeka uPhawu lwaKhe phezu komuntu. NoPhawu lunguMoya oNgcwele. Uma Ebeka uphawu kumuntu kanjalo, usehambe waya esiphethweni sakhe saPhakade. Akasobuye aphinde aze, aze abuyele emuva, nhlobo. Isizathu

Upload: others

Post on 08-Jul-2020

3 views

Category:

Documents


0 download

TRANSCRIPT

Page 1: NGABE UNKULUNKULU UKE AWUGUQULE YINI UMQONDO WA …download.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0418E Does God... · yini. Ngukukhetha kukaNkulunkulu. Kungebe lutho olunye. Ukukhetha! 11 Ngisho

NGABE UNKULUNKULU UKE

AWUGUQULE YINI UMQONDO

WAKHE NGEZWI LAKHE NA?

Asikhothamise amakhanda ethu. Nkosi Jesu ethandekayo,sibuthene futhi eGameni laKho, ngokuba magange

okukhulu kokuthululwa kwaMandla kaNkulunkulu aphilisayoukusiletha ekuqondeni kwesikhundla sethu nendawo,nezibopho zethu, njengabantu ababiziweyo, sahlukaniswanezwe, sazinikela kuNkulunkulu. Siphe, Nkosi, kulobubusuku,ukuthi izibusiso zikaNkulunkulu zizosihola futhi zisiqondiseezintweni esizenzayo noma esizishoyo, ukuze kuletheukuhlonishwa nodumo eGameni laKho. Amen.2 Ngiyajabula ukubuyela ebandleni kulobubusuku nokubanani bantu abathandekayo. Futhi ngiyazi ukuthi kufudumele,kodwa ngisanda kushayela unkosikazi wami, ngicabangaukuthi kungamashumi ayisishiyagalolunye nento lapho,amashumi ayisishiyagalolunye-nanhlanu noma amashumiayisishiyagalolunye-nesithupha noma okuthize, futhi kutheukufudumala kakhudlwana kunoma kunjalo lapha. Ngakhosengiyasejwayela isimo sezulu esifudumele manje. Ngakho,kodwa ngiyajabula kakhulu ukuba lapha etabernakelengalesisikhathi sePhasika elimangalisayo.3 Futhi ngeke ngasho ukuthi ngizoxolisa ngalowo omude,uMlayezo omude kulokhu ukusa, kodwa ngi…Ubumude,bengingafuni—funi ukukhandla ukubekezela kwenu bese-ke ngiza kukho futhi kulobubusuku. Kodwa bengi—ngifunauku—kufinyelelisa lowoMlayezo kini, ukuthi niyingxenyeyalokhu ukuvuka. Niyabo? Futhi ningakhathazeki ngaWo,nhlobo, niyabo. Nje Ujabuleleni! Akukho-lutho, ndawo,okunganehlukanisa naWo; lutho; niphephe Phakade eMbuswenikaNkulunkulu. Lapho uNkulunkulu eseshaye ngesitembuuPhawu lwaKhe phezu kwenu, ninjalo kuze kube sekuphelenikwesiphetho.4 Uma uhulumeni ebeka uphawu phezu kwempahla, uloliweubeka isitembu emnyango, leyomoto ingeke yathikanyezwa izeifike esiphethweni sayo.

Uma uNkulunkulu ebeka uPhawu lwaKhe phezu komuntu.NoPhawu lunguMoya oNgcwele. Uma Ebeka uphawu kumuntukanjalo, usehambe waya esiphethweni sakhe saPhakade.Akasobuye aphinde aze, aze abuyele emuva, nhlobo. Isizathu

Page 2: NGABE UNKULUNKULU UKE AWUGUQULE YINI UMQONDO WA …download.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0418E Does God... · yini. Ngukukhetha kukaNkulunkulu. Kungebe lutho olunye. Ukukhetha! 11 Ngisho

2 IZWI ELIKHULUNYIWE

khumbulani, abase-Efesu 4:30 kuthi, “Ningamdabukisi uMoyaoNgcwele kaNkulunkulu enibekwe ngaye uphawu ngazo zonkeizikhathi.” Niyabo, ubekwe uphawu kuze kube phakade.Ubekwe uphawu, Phakade, eMbusweni kaNkulunkulu,ngoMoya oNgcwele. Manje cabangani ngalokho!5 Manje-ke, nina, udeveli uyonishaya ngesibhakela, futhiuyosho yonke into kini, futhi animangalele, futhi—futhi azameukunenza nicabange ukuthi aninjalo. Kodwa ningamlaleli.6 Manje, niyazi nedlulile ekufeni nangena ekuPhileni.Niyazazi izinto enake nazithanda, anisazithandi. Niyaziukuthi nilikholwe lonke iZwi likaNkulunkulu. NimbonileuNkulunkulu esebenza phakathi kwethu ngqo, ngaphandle…Izifakaziso ezingenasiphosiso ukuthi Ungomkhulu u“NGINGUYE.” Niqaphelile ukuthi noma yini eke yashiwoeGameni laKhe, akukho neyodwa into eke yaprofethwaeGameni laKhe kepha yenzeke nje ncamashi ngendlelaeyenza ngayo. Ngisho nakwisayense, iphephandaba, isithombeamakhamera, ababhali, yonke enye into, idingeke ukuthiikuqonde. Niyabo, kungakhathaleki noma ngabe bayafunanoma qha, uNkulunkulu ubenza bakwenze, noma kanjani,niyabo, ukukwenza kwaziwe.7 Manje, njengoba kuyiqembu elincane. Khumbulani,akusilona iqembu elikhulu Alizelayo. “Ningesabi, mhlambiomncane; kuyintando kaYihlo enhle…”Niyabo?8 Ngifuna ukunishiya nezwi, elethusayo, ngaphambi njekokuba sibe nokugcotshwa komfundisi. Nalokhu kwethusakakhulu, kodwa ukuze nje nazi. Manje, angisho ukuthi lokhukuyiso qobo isibalo, kodwa ngithanda ukunishiya nalokhu.9 Angazi noma noma yibaphi abantu phakathi laphasewake wakubona ukubhasteliswa kwezinkomo. Okungukuthi,angikholelwa kukho, kodwa ngike ngakubhekisisa kwenziwa.Futhi ngibabonile bethatha isidoda senkunzi, ukuba senelenje ukuthintwa ensimbini encane, njengothi lokuvungulaoluncane, bese besibeka ocezwini lwemabula. Bese bephendulalezozingilazi ezenza into ibe nkulu, angazi ukuthi kukangaki,size sithi lesosidoda…Lapho obungebone lutho ngesolokwemvelo, noma yiyiphi ingilazi ejwayelekile. Kodwauma sesenziwa sibe sikhulu, ikhulu noma ngokuphindwengekhulu namashumi amahlanu, ungabona kuleloconsi elincaneelilodwa, lesidoda, mhlawumbe amashumi amahlanu kuyaekhulwini izimbewana ezincane ziqhashaqhasha. Futhi,ensikazini kuvela amaningi amaqanda, e—esidodeni. Manje,uma ku—kuhlanganiswa ndawonye, manje, okokuqala okubiliokuhlanganayo futhi kuxhumane…10 Yinye kuphela kulesosigidi ezophila. Senake nacabangangalokho na? Ziyimbewana efanayo, neqanda elifanayo,kokubili kuyafana nje, kodwa yinye kuphela ezophila.

Page 3: NGABE UNKULUNKULU UKE AWUGUQULE YINI UMQONDO WA …download.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0418E Does God... · yini. Ngukukhetha kukaNkulunkulu. Kungebe lutho olunye. Ukukhetha! 11 Ngisho

NGABE UNKULUNKULU UKE AWUGUQULE YINI UMQONDO WAKHE… 3

Futhi lokho akunqunywa ukuthi yiyiphi efinyelela laphokuqala. Ngoba, ngesinye isikhathi iqanda, emuva le ngemuva,nembewana ingahle ibe phezulu phakathi nesidoda, futhiziyochusha ngaphezu kwenye nenye. Kuthatha uBuhlakaniukwazi ukuthi ngabe kuzoba ngumfana noma intombazane,enekhanda elibomvu, noma ikhanda elimnyama, kumbe nomayini. Ngukukhetha kukaNkulunkulu. Kungebe lutho olunye.Ukukhetha!

11 Ngisho nasekuzalweni kwemvelo, ngukukhetha, nomangabe kuzoba ngumfana noma intombazane, kumbe nomangabe kuzoba yini. Futhi uma leyombewana iyaluzaingena kuleliqanda elincane, nemisidlana iqathaka, kuqalaumgogodla wengane wanoma yikuphi eyikho kamuva; isilwane,ingane, kumbe noma ngabe yini. Nezinye zalezozimbewanaeziyisigidi…Amaqanda ayisigidi, izimbewana eziyisigidi, futhiyinye kuphela ephilayo. Zonke ziyafana, kodwa uNkulunkuluukhetha ngokukhetha ukuthi yiyiphi ezophila, nazo zonkeezinye ziyabhubha. Eyodwa esigidini!

12 Ngenkathi uIsrayeli esuka eGibhithe, bonke babekholwangumlayezo owodwa womprofethi. Bazibona izibonakalisozikaNkulunkulu, ngoMose, Bonke bazibona. Futhi ngamunyebaphuma eGibhithe, futhi bahamba badabula oLwandleoluBomvu, futhi wabhaphathizwa kuMose. Ngamunyewawabona amandla kaNkulunkulu emshaya, ngenkathiehlabelela eseMoyeni; nangenkathi uMiriyamu eshaya isigujanaitamborini, egijima ehla enyuka nogu. Ngamunye wabo,bonke ubusuku, bedla esentsha, imana yasezulwini evelaezibhakabhakeni. Ngamunye walabo waphuza kuleloDwalalokomoya elashaywayo. Futhi kwakukhona abantu abayizigidiezimbili abasuka eGibhithe. Bangaki abafinyelela ezwenilesithembiso na? Babili. Oyedwa esigidini! Baphi bonkena? UJesu wathi babhubha. “Oyihlo badla imana ehlane,okwesikhathi esiyiminyaka engamashumi amathathu, futhiNgiyasho kini ukuthi bonke bafile.”

13 Manje kukhona cishe amaKristu ayizigidi ezingamakhuluamahlanu ezweni kulobubusuku, kubalwa iKatolika,iProtestane, nawo onke. Uma uJesu engahle afikekuloloHlwitho, ngokwalokho engisanda kukusho,bekungabakhona amakhulu amahlanu alahlekayo ezwenikulobubusuku, angene oHlwithweni. Futhi mhlawumbe anjalonsuku zonke, kubalwa onke amazwe, elingakaze abalwe.Ngakhokungaba nganoma yisiphi isikhathi, niyabo.

14 O, maKristu, masibophe ngeshaspele izikhalizikaNkulunkulu. Masenze konke lokho esaziyo ukuthi kanjani,ukuba siMkhonze, siMthande, futhi silinde lesosikhathiesikhulu.

Page 4: NGABE UNKULUNKULU UKE AWUGUQULE YINI UMQONDO WA …download.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0418E Does God... · yini. Ngukukhetha kukaNkulunkulu. Kungebe lutho olunye. Ukukhetha! 11 Ngisho

4 IZWI ELIKHULUNYIWE

15 Manje, akuzukubakhona izigidi ezinkulu nezixukueziphuma esizukulwaneni futhi zimashe zingene. Ngeke za—ngeke zabakhona.

Manje, khumbulani, usuku ngalunye luqeda isizukulwane,usuku ngalunye. “Njengoba kwenzeka emihleni kaNowa,kuyakuba-njalo ekufikeni kweNdodana yomuntu, laphookwasindiswa khona imiphefumulo eyisishiyagalombilingamanzi.” Kodwa usuku ngalunye luqeda isikhathi seminyakaengamashumi amane omunye umuntu, kwabanye. Niyabo?Futhi usuku ngalunye, abaningi kakhulu babekwa uphawueMbusweni. Ngoluny’usuku, usuku lokugcina luyofika.

Asiqiniseke manje, sisaphila engqondweni yethu.Nasebandleni, naphakathi kwabantu, lapho uMoya oNgcweleuzibandakanye Wona uqobo kakhulu nathi, asiqiniseke ukuthiyonke into ikahle, futhi sihlale kahle, phambi kwaKhe.16 Ningami. Ningaphumuli, imini nobusuku, aze lawoMandlaaphilisayo asenilethe nisuka kuzo zonke izinto zezwe, ningeneeMbusweni kaNkulunkulu. Nani ngokweqiniso enilethwaningeniswa eMbusweni kaNkulunkulu futhi naphiliswanguMoya kaNkulunkulu, nijabule kakhulu kanjani pho!Nezinyembezi zenjabulo sifanele ngabe siguqe ngamadolo ethu,imini nobusuku, sibonga uNkulunkulu ngalokhoAkwenzile.17 Kulobubusuku sinoguquko oluncane enkonzweni.Sinomfowethu okahle lapha, uMfowethu Capps. Uza kithievela ebandleni lamaNazarin. Futhi ngicabanga ukuthi kunjalo,Mfowethu Capps? Ufisa kulobubusuku ukugcotshwa yithina,ngokubekwa izandla.18 Asinamaphepha ukuwanika noma ubani, nokho siyaziwanjenge…Besingaba nawo amaphepha, kodwa sikholwaukuthi owangeqiniso, umfundisi ogcotshiwe, amaphepha akheaseZulwini. Niyabo? Futhi u—unamalungelo ukushumayelaiBhayibheli inqobo nje uma uNkulunkulu ebandakanya impiloyakhe neBhayibheli. Sikholwa ukuthi lokho yizincwadi zakheezimchazayo.19 Futhi, manje, uMfowethu Capps ugcotshwengokusemthethweni e—ebandleni lamaNazarin, kodwakulobubusuku ufuna amalunga, kanjalonjalo, ukuba abekeizandla phezu kwakhe ukuba agcotshwe, ukuba athwaleloMlayezo. Into ewubuqhawe kanje pho!20 Ngi—ngiyizwile imibiko selokhu ngibe seTucson, nemibikoemihle kabi, kaMfowethu Capps lapha osizweni lwakhekuMfowethu Neville, obambe ikhandlela lokuKhanyangobuqhawe nje njengoba lawa indoda amabili engalibamba.Sibeke izandla phezu kukaMfowethu Neville, kodwahhayi phezu kukaMfowethu Capps. Futhi ngifuna laboabangabefundisi, uMfowethu Jackson nabanye, uma bekhona,noMfowethu Ruddell namalunga ebandla lapha, uma

Page 5: NGABE UNKULUNKULU UKE AWUGUQULE YINI UMQONDO WA …download.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0418E Does God... · yini. Ngukukhetha kukaNkulunkulu. Kungebe lutho olunye. Ukukhetha! 11 Ngisho

NGABE UNKULUNKULU UKE AWUGUQULE YINI UMQONDO WAKHE… 5

bezokhuphukela lapha imizuzu embalwa nje manje, futhi sibekeizandla phezu kukaMfowethu Capps. Ne…21 Manje sithola ukuthi, eBhayibhelini, ukuthi leyoyindlela ababekwenza ngayo, babeka izandla phezu kwabobese bebehlukanisa-ke. Futhi yileyondlela abenza ngayouThimothewu. Bathi, “Ngalesisipho esasikuwe, kusukelakunyokokhulu uLowisi…” Babekuqaphelile, ukuthikwakukhona isipho endodeni, sasifike kuyo ngamagosa,ngokubeka izandla.22 Manje, abazalwane bamuva, abazalwane bemvula yamuva,bathola, nokho, lokho kuxutshanisiwe. Babecabanga ukuthibamupha isipho, ngokwenza lokho. Qhabo, isipho sasesivelesikuye, futhi babeka izandla zabo nje phezu kwakhenjengesivumo ukuthi babekholwa ukuthi uNkulunkuluwayesevele esifakile isipho kuye. Futhi basivuma, ngokubekaizandla.23 Nalamadoda lapha kulelibandla, engikholwa ukuthi lokhoanakho emphefumulweni wawo naMandla aKhe aphilisayo;uma nina bafowethu nizokhuphuka nje manje, uMfowethuRuddell nani nonke nina abanye olapha ebandleni, namalunganamabandla azalwa yileli azungezile, ukuba sibeke izandlaphezu kukaMfowethu Capps, ukuze agcotshwe ngesivumosethu, phambi kwalezizethameli, bese ethunyelwa ngaphandleukuba ashumayele iVangeli leNkosi uJesu, noma yikuphi laphouNkulunkulu angambizela khona. Uba…

Usevele ungomunye wethu, ngokuZalwa. Ungomunyewethu ngoba ukholwe nguMlayezo. Ungomunye wethu ngenxayokuthi—yokuthi umele iQiniso leZwi. Futhi sifuna uMfowethuCapps ukuba agcotshwe ngokusemthethweni, phambi kwenu,ngokubekwa izandla, ukuthi ungomunye wethu.

Kulungile, Mfowethu Ruddell, Mfowethu Capps, MfowethuNeville, Mfowethu Junior Jackson, noma yimuphi wabefundisilapha, angazi nje ukuthi bangaki okhona. Angi…Ngiqagelebanezinkonzo zabo uqobo kulobubusuku. Abanye khonaphezulu lapha, Mfowethu Capps.

Manje uphi uMfowethu Hunter nabanye abavela eNewYork, ngi…Mfowethu Anthony? Ngiqagele babuyele emuva.[UMfowethuNeville uthi, “Nanguya uMfowethuAnthony emuvalapho.”—Umhl.]

Noma yimuphi wabenu abanye olapha, onathi, ngani,singathanda ngani ukuba nenyukele lapha futhi nime nathimanje, njengokuvuma ukuthi siyamkholwa uMfowethu Cappsukuthi ungu…

Nibangaki enimaziyo uMfowethu Capps, phakamisaisandla sakho. Kulungile, yehlisa isandla sakho. Bangakiabakholwayo ukuthi uyinceku kaNkulunkulu, phakamisani

Page 6: NGABE UNKULUNKULU UKE AWUGUQULE YINI UMQONDO WA …download.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0418E Does God... · yini. Ngukukhetha kukaNkulunkulu. Kungebe lutho olunye. Ukukhetha! 11 Ngisho

6 IZWI ELIKHULUNYIWE

izandla zenu. [Ibandla lithi, “Amen.”—Umhl.] Siyamthanda,njengomfowethu.24 Manje lena akusiyona ncamashi indlela eyiyoyalokho ebesingakubiza ngokugcotshwa, kodwa ngifunalezizethameli…Angikwazi ukucula leliculo, kodwa ngifunaningisize ngilizame. Ukuthi…25 Ngolunye’usuku umprofethi wehlela ealtare, ethempelini.Futhi ngenkathi eselapho ethempelini…Wayekade engumuntuolungileyo, kodwa wayekade nje ecamele ezingalweni zikaUziyainkosi, futhi wayengu—wayengumuntu olungileyo. Kodwanokho, ngoluny’usuku, ethempelini, wabona into ethize,ngenkathi ehlelwa wumbono, ayengakaze ayibone ngaphambili.Wabona iziNgelosi, zinamaphiko, zindiza ziya emuvanaphambili, endlini, zimemeza, “Ingcwele, ingcwele, ingcwele,iNkosi uNkulunkulu uSomandla!” Wozani, bazalwane. Ya.Niyabo? “Ingcwele, ingcwele, ingcwele, iNkosi uNkulunkuluuSomandla!” Ben…Niyabo?26 Futhi ngenkathi ikwenza, izinsika zethempeli zagudluka.Futhi wathi, “Maye kimi! ngokuba ngingumuntu ozindebezakhe zingcolile.” EBukhoneni bukaNkulunkulu wavuma,ukuthi ngisho nakuba engumprofethi, wayekade enephutha.Wathi, “Ngingumuntu ozindebe zakhe zingcolile, futhi ngihleziphakathi kwabantu abazindebe zabo zingacolile.”27 Nenye yeziNgelosi yandiza, yase ithatha ilahle loMlilo yaseithinta izindebe zakhe, yase ithi, “Profetha, ndodana yomuntu!”

Ungasinika indlela kulelo, dadewethu, uma uthanda.Bangaki olaziyo leliculo na? Asithi, ivesi elilodwa.Kulungile.

Lapho ilahle loMlilo selithinte umprofethi,Limenza mhlophe qwa,Lapho iphimbo likaNkulunkulu lithi,“Ngubani oyakusiyela na?”

Khona waphendula, “Nangu mina, thumamina.”

[Akuqoshwanga eteyipini—Umhl.]…khuluma, Nkosi yami,

Khuluma, futhi ngiyoKuphendulangokushesha;

Khuluma, Nkosi yami, khuluma, Nkosi yami,Khuluma, futhi ngiyophendula, “Nkosi, thumamina.”

Izigidi manje zifela esonweni nasehlazweni;Lalela ukukhala kwabo okudabukileyonokumunyu;

Sheshani, bazalwane, sheshani nibophule;Ngokushesha phendula, “Nkosi, nangu mina.”

Page 7: NGABE UNKULUNKULU UKE AWUGUQULE YINI UMQONDO WA …download.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0418E Does God... · yini. Ngukukhetha kukaNkulunkulu. Kungebe lutho olunye. Ukukhetha! 11 Ngisho

NGABE UNKULUNKULU UKE AWUGUQULE YINI UMQONDO WAKHE… 7

Khuluma, Nkosi yami, khuluma, Nkosi yami,Khuluma, futhi ngiyoKuphendulangokushesha;

Khuluma, Nkosi yami, khuluma, Nkosi yami,Khuluma, futhi ngiyophendula, “Nkosi, thumamina.”

Amalunga awahambe azungeze manje futhi abeke izandlaphezu kukaMfowethu Capps. Sonke asikhothamise amakhandaethu.28 Nkulunkulu othandekayo, izinsika zethempelisezizamazamile futhi, futhi njengoba kubonakala uMoyawokuPhila okuphilisayo usebenza kumfowethu. Ngiyakhuleka,Nkulunkulu, njengoba ekuzwa lokhu kuvela Phezulu, okuthiufanele ahambe. Sibeka izandla phezu kwakhe, njengamalungaaKho, Nkosi, futhi simnika isandla sokunene senhlanganyelo;futhi sibeka izandla zethu phezu kwakhe, futhi sedlulisaizibusiso zikaNkulunkulu phezu kwakhe, ukuthi Uzogcobaizindebe zakhe, ukucabanga kwakhe, ubuyena bonke. Futhikwangathi angathatha loMlayezoweVangeli awuyise kuzo zonkeizimfa namakhona Ozombizela kukho. Siphe khona, Nkosi.SiKunika umfowethu, njengenceku yaKho, eGameni likaJesuKristu. Amen.29 “Shumayela iZwi,” mfowethu osemncane. “Kuyisikhathi,nalapho kungesikhathi, sola, ukhuze, ngakho konkeukubekezela neMfundiso.”UNkulunkulu akubusise,mfowethu.30 [UMfowethu Ben Bryant uthi, “Mfowethu Branham,ungangibeka izandla na? Bangangibeka izandla na? Ngithandaukugcotshwa.”—Umhl.] Ngabe u…Bengingazi ukuthiubungakagcotshwa.

UMfowethu Ben, lapha, ufike kithi. Ngicabanga ukuthisekunesikhathi eshumayela. Nokho, ngokomthetho ubengaka(bengicabanga ukuthi wayesegcotshiwe; yingalesosizathungimbizile ukuba enyuke) gcotshwa, noma izandla zabekwaphezu kwakhe.31 Manje, umkaMfowethu Ben ulapha ndawondawo, futhiungumuntu othandekayo. Wayengumshumayeli wesifazane.Futhi ngenkathi yena nomfowethu beshada, futhi wamlethaetabernakele, ngenkathi esebone futhi wezwa iZwi, nokhoinenekazi elincane elihle nobuntu obuhle, kodwa laphoselibonile ukuthi kwakuyiphutha ukuba abesifazane benzelokho, wakubeka eceleni; futhi kwabonakala kwehlela phezukwendoda yakhe. Lokho kuqinisile. Lobo ubuphostoli.Yileyondlela okufanele kube ngayo.32 UMfowethu Ben uthatha amateyipu, njengobangiqonda, nomkakhe. Bahamba bangene e re-…ezindaweniokungafinyeleleki kuzo, emuva le ezintabeni, emenweni, futhibadlala lamateyipu futhi baphawule ngamateyipu. Izikhathi

Page 8: NGABE UNKULUNKULU UKE AWUGUQULE YINI UMQONDO WA …download.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0418E Does God... · yini. Ngukukhetha kukaNkulunkulu. Kungebe lutho olunye. Ukukhetha! 11 Ngisho

8 IZWI ELIKHULUNYIWE

eziningi bayaxoshwa, balahlelwe ngaphandle, baphoselwengaphandle. Sikulindele lokho. “Ngokuba bonke labo abaphilangokumesaba uNkulunkulu kuKristu Jesu bayakuhlushwa.”33 Bangaki lapha omaziyo uMfowethu Ben na? Bangakiomkholwayo ukuthi uyinceku kaNkulunkulu, [Ibandla,“Amen.”—Umhl.] usifanele lesisibusiso esizomcelela sonakuNkulunkulu na? Niyabo, akasiso isihambi. Ube nathiiminyaka ngemimyaka. Ngimazi njengendoda ezithobile.Unjengami; wenza amaningi amaphutha. Sonke siyakwenzalokho. Engikuthandayo ngoMfowethu Ben, uyavuma ukugaqangamadolo akhe ukuba akulungise.

Futhi ngenkathi ezwa, ngeliny’ilanga, ngokuthiuMshado NesaHlukaniso, yena nomkakhe wayeselungiselelaukwehlukana, ngenxa yokuthi uyamthanda, naye uyamthanda,kodwa bafuna ukubambisana neZwi likaNkulunkulu. Nomayini okwakushiwo yiZwi, yilokho ababekufuna. Ngikhulekelaukuthi uNkulunkulu uzombusisa uBen nomkakhe, enkonzweniyaKhe.

Asibeke izandla zethu phezu kukamfowethu.34 Nkulunkulu othandekayo, sibeka izandla zethu phezukukaMfowethu Ben wakithi, ngesibonakaliso sokuthisiyamthanda. Futhi siyakholwa, Nkosi, ukuthi uyavumaukuKwenzela umsebenzi, ukuba athunyelwe nalamateyipu,ukuba awadlale phakathi kwabanye abantu basezintabeniendleleni ezindaweni eziqhelile lapho mhlawumbe abaningibethu abebengeke baze bafinyelele, kodwa nokho uMlayezoufanele uye ezweni lonke. Sikhulekela ukuthi Uzombusisaumfowethu, futhi umuphe uMoya waKho, futhi kwangathiUngehlela kuye. Futhi umhole, futhi umqondise nomkakhekulezozindawo lapho mhlawumbe lowomphefumulo owodwauphandle le lapho, neminyango ingeke yavalwa kuze ukubaleyomvu eyodwa isingenisiwe. Wena aweneliswa yizimvuezingamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye. I…Lonke igama eliseNcwadini lifanele lingeniswe. Basize, Nkosi,njengoba sibeka izandla phezu kwakhe, njengokumhlanganisanathi njengomfowethu. Nosizo lwethu nomkhuleko obhekiswekuye, uzohamba naye. Futhi sikhulekela ukuthi Uzombusisa,Nkosi, noma ngabe uyaphi. EGameni likaJesu. Amen.

Busiswa, Mfowethu Ben! Isandla sokunene senhlanganyelosisinika wena, njengabazalwane abangabefundisi.UNkulunkulu akubusise, mfowethu.35 [UMfowethu Earl Martin uthi, “Mfowethu Branham,ungangibeka izandla, ungigcobe ukuba ngisebenze njengomelusina?”—Umhl.] JohnMartin…[“Earl.”] Earl.

Bangaki omaziyo uEarl Martin na? Bangaki omkholwayoukuthi uyinceku kaKristu na? Uza kithi evela e…ngikholwaukuthi i, ngokwasekuqaleni, uvela eqenjini lamaPentecostal,

Page 9: NGABE UNKULUNKULU UKE AWUGUQULE YINI UMQONDO WA …download.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0418E Does God... · yini. Ngukukhetha kukaNkulunkulu. Kungebe lutho olunye. Ukukhetha! 11 Ngisho

NGABE UNKULUNKULU UKE AWUGUQULE YINI UMQONDO WAKHE… 9

futhi manje ngicabanga ukuthi uyelusa futhi wenza umsebenziwokuzimela.36 Ngimaze uEarl eyinceku yangempela kaKristu. Angisozengasikhohlwa isenzo esisodwa, eziningi sibekhona, kodwa isenzoesisodwa noEarl. Ngiyakhumbula ngobunye ubusuku bambizangenkathi ngiseDallas, eTexas; noma ngi—ngiyakholwa,qhabo, kwaku…[Udade uthi, “EBeaumont.”] EBeaumont,eTexas, uqinisile, dade. Futhi ba—ba…Ingane yakheyayilele, ifa, futhi babecabanga ukuthi yayisivele ifile.Yayingasaphefumuli. NoEarl wavula indlela ngasekamelwenilami, njengobaba, amahlombe agobayo, waqhotha phambikwami, njengoba ngangisembhedeni. Waqaqeka; wangigaxawayesethi, “Mfowethu, ngikholwa ukuthi ungumprofethikaNkulunkulu. Bengihlala njalo ngikukholwa lokho. Futhiuma nje uzokhuluma izwi, nakuba ingane yami isifile, nokhoizophila.” Nengane yakhe yabuye yaphila, iyaphila.37 Niyakholwa ukuthi usifanele isandla senhlanganyelosalamakholwa na? [Ibandla lithi, “Amen.”—Umhl.]

Asikhuleke, bafowethu, njengoba simbeka izandla.38 Baba waseZulwini onomusa, sibeka izandla, futhi, phezukukaMfowethuMartin. Siyamthuma, Nkosi, ezingxenyeni zonkeOzigcobile ukuthi ufanele aye kuzo; noma ngabe kukuphi,abaningi noma abambalwa, imivundlo, imigwaqo emikhulu,izintango, uma kuba yizo. Noma ngabe kukuphi, Nkosi,kwangathi izibusiso zaKho zingaba naye. Sibeka izandla zethuphezu kwakhe njengoba simfisela ukuphuthuma kwaKho futhiumuphe izibusiso zethu, ukuthi uMoya ophezu kwethu, Nkosi,kwangathi ungahamba naye, futhi uzomhola futhi umqondiseaye emiphefumulweni elahlekileyo ephandle ezintangweninasemigwaqeni emikhulu. Siyamthuma, eGameni likaJesuKristu. Amen

UNkulunkulu akubusise, Mfowethu Martin. Hamba manje,neNkosi ibe nawe.39 Ngenhloso efanayo na? [UMfowethuRichardBlair ukhulumakuMfowethu Branham—Umhl.] URichard yigama lakho na?[“Kunjalo. Richard Blair.”] Bangaki abamaziyo uRichard Blairna? Bangaki abamkholwayo ukuthi uyinceku kaNkulunkulu na?Uvela e—eqenjini lebandla leUnited Pentecostal.

Futhi mfowethu, uMfowethu Blair, ngiyalukhumbulaubizo olukhulu, lwakhe. Ngiyasikhumbula isikhathi laphouMfowethu Blair wayengafuni, wayengafuni ukungikholwa,ngenxa yokuthi kwakukhona umoya owawusebenza naye,umtshela ukuthi nganginamanga. Futhi kwathi ngenkathiesahlezi khona emhlanganweni, uMoya oNgcwele waguqukawase uwubiza. [UMfowethuBlair uthi, “Kunjalo.”—Umhl.] Futhinje wayeselungele u—ukuhlakazeka, futhi yilokho okwamtholaekulesosimo.

Page 10: NGABE UNKULUNKULU UKE AWUGUQULE YINI UMQONDO WA …download.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0418E Does God... · yini. Ngukukhetha kukaNkulunkulu. Kungebe lutho olunye. Ukukhetha! 11 Ngisho

10 IZWI ELIKHULUNYIWE

Futhi ngiyamkhumbula umkakhe othandekayo engibizangoluny’usuku. Wathi, “Mfowethu Branham, ngikholwa ukuthiuRichard uzofa.” Futhiwayene, ngiyakholwa, sikhafu.Wahambafuthi wasibeka kuye, njengoba ngangimcelile, futhi ngakhuleka.Nangu. [UMfowethu Blair uthi, “Amen.”—Umhl.]40 Ingane encane yayikade isengozini, noma…[UMfowethuBlair uthi, “Umfana wami.”—Umhl.] Umfana wakhe,engozini, ukuthi abayinikanga ithemba elingako, inokulimalakobuchopho ngenxa yokungqubuzeka. Futhi ngomkhuleko,nangefoni, ingane yasinda. [“Amen.”]

Niyakholwa ukuthi uMfowethu Blair ungufakazi oqinisilekaKristu na? [Ibandla lithi, “Amen.”—Umhl.] Nikhulekeleukuba izibusiso zihambe naye.

Bazalwane, mbekeni izandla zenu.41 Nkulunkulu othandekayo, ukubandakanya umfowethuonomusa nowaziwayo, inceku yaKho, ephume ngisho eqenjinilayo uqobo, ukuba ihambe ekuKhanyeni. Baba, sikhulekelaukuthi Uzobusisa uMfowethu Blair wakithi, njengoba simthumanezibusiso zethu nemvumelo yethu, ngezandla zethu phezukwakhe, kunoma yikuphi lapho Ongambizela khona, Nkosi,kunoma yimuphi umsebenzi ongahle ube yiwo. KwangathiuMoya waKho ungahamba noMfowethu Blair. Mhole futhiumqondise kwabalahlekile nabafayo balelizwe, ukuze asizeathole leyomvu elahlekile, ukuze ayibuyisele esibayeni. Nomangabe ikuphi, noma ngabe yini Onayo ngaye, Nkosi, sicela njeukuthi uMoya waKho umhole futhi umqondise ohambwenilwakhe lwempilo. Singabazalwane bakhe. Ekumnikeni isandlasokunene senhlanganyelo, sicela Wena ukuba uhambe naye,eGameni likaJesu Kristu. Amen.

Isandla sokunene senhlanganyelo! UNkulunkuluakubusise, Mfowethu Blair. Sinawe, ngekhulu lamapesente,siyakukhulekela futhi sizokwenza noma yini esingayenza ukubasikusize. UNkulunkulu akubusise.42 [UMfowethu Merlin Anthon uthi, “Kuyafana kimi,Mfowethu Branham, ekugcotshweni.”—Umhl.] Uthini?[“Ukugcotshwa.”] Ungubani? [“Merlin Anthon.”] MerlinAnthon. [“Ngisebandleni.”] Kuphi? [“Lapha ebandleni.”]Ebandleni. Ukhona omaziyo uMfowethuMerlin Anthon?Musha,kimi. [“NgineSalvation Army. Uyangikhumbula?”] O, yebo.Ngiyaxolisa, mfowethu.

Uvela eSalvation Army, kunjalo, ngiyamkhumbula. Impela,sengiyamazi manje. Ngivele nje…Ubuso bakhe bebungabukekibejwayelekile nje kimi ngaleyonkathi, ngalesisikhathi.Bangaki omaziyo ukuthi uyindoda kaNkulunkulu na? [Ibandlalithi, “Amen.”—Umhl.] Bangaki okholwayo ukuthi—ukuthiuNkulunkulu usebenza ngaye, phakamisa isandla sakho.[“Amen.”] Ningamkhulekela na? [“Amen.”]

Page 11: NGABE UNKULUNKULU UKE AWUGUQULE YINI UMQONDO WA …download.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0418E Does God... · yini. Ngukukhetha kukaNkulunkulu. Kungebe lutho olunye. Ukukhetha! 11 Ngisho

NGABE UNKULUNKULU UKE AWUGUQULE YINI UMQONDO WAKHE…11

43 Manje, mfowethu, siyazi ukuthi uvela eqenjini elikhululabantu, iSalvation Army, bangabantu abadumile. Kodwa,futhi, kodwa iSalvation Army yenza umsebenzi omkhuluphandle emgwaqeni. Ngeke sasho lutho olumelene neNazarene,ibandla lePentecostal, noma iSalvation Army, noma yiliphilawo; angabazalwane bethu. Kodwa, niyabo, sikholwa ukuthisingabathwali boMlayezo omkhuluwalo impela lelihora esiphilakulo. Uyafuna ukwenza lokho nathi na? [UMfowethu Anthonuthi, “Amen.”—Umhl.]

Asikhothamise amakhanda ethu sisabeka izandla zethuphezu kukamfowethu.44 Baba waseZulwini othandekayo, NguWe owenza ukubiza.NguWe ophilisa iZwi, ukuze bakwazi ukukholwa. Futhi sibekaizandla zethu phezu kukamfowethu oligugu, njengemvumeloukuthi siyakholwa ukuthi Unaye futhi uzomsiza. Sithumelaizibusiso zethu naye, ukuthi thina esikholwayo esedlulileekufeni sangena ekuPhileni futhi manje sibambe Amandlaaphilisayo ezinhliziyweni zethu, ngomusa kaNkulunkulu.Sibeka izandla phezu kukamfowethu wakithi futhi simthumelanezibusiso zethu, ukuthi Uzomhola futhi umphelekezele futhiumqondise kuyo yonke imifantu yomhlaba, Nkosi, Omgcobeleukuba aye kuzo. Kwangathi uMoya waKho ungahamba nayefuthi umuphe impilo, amandla, nempumelelo enkonzweni yakhe,ngokuba simthumela eGameni likaJesuKristu. Amen.45 UNkulunkulu akubusise, mfowethu. Leso yisandla sokunenesenhlanganyelo, uyazi, abafowethu bayamxhawula, abazalwaneabanjalo. Ngakho lokho ukuthi u…Kulungile, iNkosi inibusisenonke.46 [UMfowethu Carrell uthi, “A—angikaze ngenziwe,ngokusemthethweni. Ngifuna ningibeke izandla, njengalabo,eGameni likaJesu.”—Umhl.] Wena, noma yini oyifisayo.Nokwakho…[“Isikhathi okuyiso, nanjengabo.”] Manjeungubani igama lakho na? [“UMfowethu Carrell,waseCincinnati.”] Mfowethu Carrell.

[UMfowethu Carrell uthi, “Ngangingumfundisi ogcotshiwe,kodwa ngangingavumelani nomfowethu owayegcobaabesifazane njengabefundisi, futhi kwadingeka ngehlukanenakho.”—Umhl.]

Lona nguMfowethu Carrell waseCincinnati. Ukhona owaziumfowethu Carrell, phakamisa esakho…UngowaseCincinnati,ngiyakungabaza, ukuthi ukhona owaziyo. Uthi wayekanyeneqembu, neqembu lalifuna ukugcoba abefundisi besifazane.Akakumelanga, futhi kwadingeka ehlukane nabo.

Ngehlukana kanjalo impela-ke namaBaptisti ayiMishinari.Udokotela Roy E. Davis, bangaki abake bamuzwa na? Impela,namuzwa, niyabo. Wayefuna ukugcoba abanye abashumayelibesifazane, ngase ngithi, “Qha, mnumzane. Njengelunga,”

Page 12: NGABE UNKULUNKULU UKE AWUGUQULE YINI UMQONDO WA …download.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0418E Does God... · yini. Ngukukhetha kukaNkulunkulu. Kungebe lutho olunye. Ukukhetha! 11 Ngisho

12 IZWI ELIKHULUNYIWE

ngathi, “Ngeke ngakwenza lokho, ngokukanembeza.Kuphambene neZwi likaNkulunkulu.”47 Angikwazi, Mfowethu Carrell. Kodwa phezu kwezisekelozobufakazi bakho, naleloQiniso olimeleyo…Asiphambenengalutho nalabo besifazane. Bangodade. Siyabathanda. Kodwasikholwa ukuthi banendawo yabo, nokuthi bafanele bahlale.Niyabo? Futhi siyakholwa ukuthi bangabathandekayo endodeni,umsizi. Futhi ngeke nhlobo…Sicabanga ukuthi bayisiphiwoesikhulu ukwedlula zonke, ngaphandle kwensindiso,uNkulunkulu ake asiphe owesilisa. Kodwa akanandawoepulpiti, ngokweZwi likaNkulunkulu. Phezu kwalezozisekelo,nokukholwa kwakho kuNkulunkulu, sibeka izandla phezukwakho, njengenhlanganyelo, ukuba uze uhambe nathi.

Asibeke izandla zethu phezu kwakhe.48 Baba wethu waseZulwini othandekayo! Lensizwa, cishe njesengiyazi ukuthi izizwa injani. Ifuqelwe ngaphandle ngenxayamaQiniso angempela. Ukuthi, “Akusinkwa sodwa umuntuayakuphila ngaso, kepha ngawo onke amaZwi.” Ngakhosibeka izandla phezu kwayo, sibeka izibusiso zethu phezukwayo. Kwangathi uMoya waKho ungayihola, uyiphelekezele,futhi uyiqondise kulo lonke uhambo lwempilo iye laphoOngayithumela khona, Nkosi. Mayazi ukuthi siyayikhulekela,futhi sizokwazi ukuyisiza, futhi siyesekele inqobo nje umaizomela iQiniso. Siphe khona, Nkosi. Siyayithuma, eGamenilikaJesu Kristu. Amen.

UNkulunkulu akubusise, Mfowethu Carrell.Uthola nje ukubekwa lezozandla, ezehlukene. Nonke

nikezani uhlobo lwezandla zokunene zenhlanganyelo zalokho.49 UMfowethu Ruddell, lapha, akakaze ngokusemthethweniagcotshwe lapha ebandleni. Unga…Bangaki omaziyouMfowethu Ruddell na? [Ibandla lithi, “Amen.”—Umhl.] Sonkesiyamazi. Bangaki owaziyo ukuthi uyindoda kaNkulunkulu na?[“Amen.”]

Baba waseZulwini othandekayo, makube njengobaamalunga aKho ebeka izandla phezu kwalomfowethu odlulekwajulile, amanzi anodaka. Ulibonile ibandla lakhe liwelakuwo. Ubone yonke into yenzeka, kodwa nokho uyakholwa.Nakuba i…?…Sibeka izandla zethu phezu kwakhe, futhisedlulisela izibusiso zethu kuye…?…Mgcobe, Nkosi,ngokunamandla, ngeZwi, Nkosi, bese umthumela kuyo yonkeimifantu yomhlaba…?…kwangathi ungaba phezu kwakhefuthi umsize. Futhi umthume, eGameni likaJesuKristu. Amen.50 Mfowethu Ruddell, njalo unesandla sokunenesenhlanganyelo. Ngiyamazi uMfowethu Ruddell. Kubonakalasengathi—ngathi ungumfana wami uqobo. Uyise nami, umama,sekuyisikhathi eside sazana. Futhi ngimazi uMfowethu Ruddell

Page 13: NGABE UNKULUNKULU UKE AWUGUQULE YINI UMQONDO WA …download.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0418E Does God... · yini. Ngukukhetha kukaNkulunkulu. Kungebe lutho olunye. Ukukhetha! 11 Ngisho

NGABE UNKULUNKULU UKE AWUGUQULE YINI UMQONDO WAKHE…13

eyinceku kaNkulunkulu. Ngikhonzile naYe. UNkulunkuluakubusise, Mfowethu Ruddell.51 Ubani igama lakhe na? Ungubani, mfowethu na? [Omunyeuthi, “Us’bali kaMfowethu Martin.”—Umhl.] Mfowethu Martin,uyamazi, uMfowethu Martin na?

Ungubani igama lakho na? [Umfowethu uthi, “UMfu.McComas.”—Umhl.] Mfowethu McComas. Ngiqagele akukho-muntu lapha omaziyo, kodwa uyi…Yebo, lendoda laphaiyamazi, uMfowethu Tyler. Futhi ufika ukuba abe…izandlazibekwe phezu kwakhe, ukuthi uzoba ngumthwali weVangeli.Mfowethu McComas, ungowaphi, Mfowethu McComas na?[“ERockford, Illinois.”] Rockford, Illinois. [“Washayela ikhayalami, ngeviki eledlule, noma ngoMsombuluko odlule ebusuku,futhi wakhulekela umkami.”] O, ngabe kunjalo na? UvelaeTucson. [“ETucson, eArizona.”] O, sengiyalukhumbula ucingomanje. [“Wasukuma ngakusasa.”] Ayibongwe iNkosi!

[UMfowethu Martin usho okuthize kuMfowethuBranham—Umhl.] Uthini? [“Udadewethu omncane kunabobonke.”] Udadewenu. [“Ulapha manje. Wayekhubazekile.”]Ngakho, ulapha manje, wayekhubazekile, ngobunyeubusuku, eTucson, ngotelefoni. [“Ekhubazekile.”] Par-…[“Wayekhubazekile, futhi ulapha manje.”] Wayekhubazekile,ebusukwini obumbalwa obedlule, futhi ulapha manje.UMfowethu Martin ngaleyonkathi wayekukhulekela.Akumangalisi efuna ukuthatha uMlayezo!

Asibeke izandla, bazalwane.52 Nkulunkulu othandekayo, ngibeka izandla, nalaba abanye,phezu kwenceku yaKho, futhi siyinika isandla sokunenesenhlanganyelo, sikhulekela ukuthi izibusiso zikaNkulunkuluzizo…?…[Imibiko kaMfowethu Branham ayizwakalikahle—Umhl.]…?…ukuthi Umgcobele ukuba abenjalo.Izibusiso zaKho phezu kwakhe, futhi umhole futhi umqondise,eGameni likaJesu Kristu. Amen.

Isandla sokunene senhlanganyelo, mfowethu, nalezo zibenawe. UNkulunkulu abe nawe.53 [Omunye uthi, “Mfowethu Branham?”—Umhl.] Yebo,mfowethu? [“Ngisenomunye futhi ofuna lokhu futhi.”]Kulungile, mnumzane. Ngikholwa ukuthi lona ngu…[“Mfowethu Darris.”] Mfowethu Darris. Angi…[“NgiyamaziuMfowethu Earl noMfowethu Brewer.”] Lendoda nguMfowethuDarris. Ungowaphi, mfowethu? [“Black Rock, eArkansas.”]Black Rock, eArkansas. Mfowethu…[“Ngiyamazi,mfowethu.”]…yamazi. Omunye futhi, ngiyakholwa, lapha,uthe…uMfowethu Brewer. Ngikholwa ukuthi ngibonane nabo,kulokhu ukusa. No—noDadewethu Vayle, ngiqagele, uMfowethuVayle, nabo abamaziyo, futhi abamazi eyindoda kaNkulunkulu,inceku kaNkulunkulu. Kuyamangalisa!

Page 14: NGABE UNKULUNKULU UKE AWUGUQULE YINI UMQONDO WA …download.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0418E Does God... · yini. Ngukukhetha kukaNkulunkulu. Kungebe lutho olunye. Ukukhetha! 11 Ngisho

14 IZWI ELIKHULUNYIWE

54 Awu,manje, mfowethu othandekayo, ukuba ube ngumthwaliwoMlayezo, sifuna wazi ukuthi sizoma emva kwakho, senzekonke esingakwenza. Sizobe sikukhulekela, ukuthi naweuzothwala loMlayezo uye kuzo zonke izingxenye zalaphouNkulunkulu ekugcobele ukuba uye kuzo.

Asibeke izandla zethu phezu koMfowethuDarris.Nkulunkulu othandekayo, manje sibeka izandla zethu

phezu komfowethu, simnika isandla sokunene senhlanganyelo,futhi simthuma ngeGama likaJesu Kristu, ukuthi Uzomgcoba.Futhi…?…mnike isandla sokudla senhlanganyelo!…?…NoMoya waKho uhambe naYe, futhi umhole futhi umqondise,eGameni likaJesu Kristu. Amen.

UNkulunkulu akubusise, mfowethu.55 Ngi—ngiyakholwa, uMfowethu Anthony. Abaningi benubayamazi uMfowethu Anthony. Sekuyisikhathi eside enathilapha. Ngimazi eyinceku kaKristu, uqobo lwami. Ngikholwaukuthi uyinsizwa ezinikele. Akakaze ngokomthetho abekweizandla. Ubengazi ukuthi lokhu bekuza, bangane. Niyabo?Kodwa khona manje ulunge njenganoma ubani. Ngakhosizobeka izandla phezu kukaMfowethu Anthony futhi njesimnike isandla sokunene senhlanganyelo. UNkulunkuluuzokwenza ukugcoba. Lokhu kungokokumazisa nje, futhiniyazi, ukuthi siyamkholwa lomfowethu futhi siyamthanda,futhi ungomunye wethu, eMlayezweni. Futhi sifuna abenezibusiso zikaNkulunkulu, futhi yilokho esikucela phezukwakhe. Asikhuleke, njengoba sibeka izandla zethu phezu,kukamfowethu.56 Nkulunkulu othandekayo, le encane ezithobile, incekuyakho yaseItaly, Nkosi, iza kulobubusuku, ukuthi ibe—ibekwe izandla, nesandla sokunene senhlanganyelo,ngokusemthethweni, selulelwa kuyo, esivela ebandleni.Nkosi, Amandla aKho amakhulu athumela lomfana omncanee…?…umhlaba nomfantu ombizele kuwo. Futhi kwangathiangahamba futhi akhulule labobantu esonweni nasekuguleni,nokukhonza Wena, Nkosi, zonke izinsuku zokuphila kwakhe.Kwangathi Ungamhola, umqondise. Kwangathi izibusiso zethuzingaba naye, njengoba simthuma, eGameni likaJesu Kristu.Amen.

UNkulunkulu akubusise.57 [Omunye ukhuluma kuMfowethu Branham—Umhl.] Hhe!O, angazi. Sixhumene ngotelefoni; osheleni abahlanu umzuzu.Ubekhona omunye futhi lapha obefuna…

Yenyukelani lapha bese nizisho amagama enu, ukuthiningobani, bazalwane, kwimayikrofoni khona phezulu lapha.Batsheleni nje. [Umfowethu ngamunye usho igama lakhe, “PatTyler,” “Claude Boggess,’ “Dale Potter,” “…?…Henasey,”

Page 15: NGABE UNKULUNKULU UKE AWUGUQULE YINI UMQONDO WA …download.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0418E Does God... · yini. Ngukukhetha kukaNkulunkulu. Kungebe lutho olunye. Ukukhetha! 11 Ngisho

NGABE UNKULUNKULU UKE AWUGUQULE YINI UMQONDO WAKHE…15

“James Humes,” “Earl Horner.”—Umhl.] Ngabe yibo na?[Omunye uthi, “Yebo.”] Abazalwane bethu.

Lamadoda, niyawukholwa loMlayezo ukuthi uyiQinisoelivela eZwini likaNkulunkulu na? [Abazalwane bathi,“Amen.”—Umhl.] Niyawukholwa lowo ngenhliziyo yenu yonkena? [“Amen.”] Kulungile. Futhi ninokufisa, futhi nicabangaukuthi uma sibeka izandla phezu kwenu…Sifuna nazi ukuthisinani, futhi sizokwenza noma yini esingayenza ukuba sinisize.

Futhi manje ngifuna nina bazalwane, ukuze ngibeke izandlaphezu kwabo ukuba, ukuba benyukele khona laphamanje. Futhisonke masikhothamise amakhanda ethu, lapho sibeka izandlaphezu kwabo.

Nkulunkulu othandekayo, nanti iqembu lesilisa. Ngibekaizandla zami phezu kwabo ngamunye, eGameni likaJesu Kristu,iNdodana kaNkulunkulu. Futhi kwangathi Wena, Obabizeukuba babengabefundisi, ukuthi kwangathi bangaLishumayela,Nkosi, zonke izinsuku zokuphila kwabo. Futhi…?…shumayela iVangeli kukho konke okudaliweyo. Sibanika isandlasokunene senhlanganyelo, futhi sikhulekela ukuthi izibusisozaKho zibe nabo, Nkosi, njengoba sibabusisa, sithumelaizibusiso zethu. Kwangathi lingaya kuzo zonke izimfa zomhlabaobabizele ukuba baye kuzo. Kwangathi bangasebenza futhibaKukhonze ngobubanzi obabizele kubo. Kwangathi bangabanobuqhawe nezinceku zangempela zikaNkulunkulu. Siphekhona, Nkosi. Futhi sikucela eGameni likaJesuKristu.58 UNkulunkulu anibusise, ngamunye, bafowethu,uNkulunkulu akubusise. UNkulunkulu akubusise, mfowethu.UNkulunkulu akubusise. UNkulunkulu akubusise, MfowethuHumes. INkosi ibe nani, ngamunye.

Libusisiwe igoda elibophayoIzinhliziyo zethu othandweni lukaKristu;Inhlanganyelo yomqondo ofanayoInjalo ngaPhezulu.

59 Akamangalisi na? Cabangani nje manje, ukuthi bangakiabefundisi olapha kulobubusuku ukuba abekwe izandla!60 Bengingazi ukuthi besikulokhu ukuxhumana ngotelefoni.Uma abantu phandle lapho bezongithethelela ngalokho;bengingazi. Niyabo? Bengingazi nje ukuthi bebezoxhumaloMlayezo omncane kulobubusuku. Kodwa si…61 Manje sizofunda iZwi bese sikhuleka, bese siqonda ngqokuloMlayezo engizwa ukuthi uMoya oNgcwele uzongenzanginethulele wona kulobubusuku.62 Futhi manje sisaphenya emuva e…okwendikimba,ngizoyimemezela emzuzwaneni. Asiphenye kuNumeri, isahluko22, ivesi 31. UNumeri 22:31, okwendikimba. Nisaphenya, umanithanda ukufunda, nikufunde noma nikumake.

Page 16: NGABE UNKULUNKULU UKE AWUGUQULE YINI UMQONDO WA …download.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0418E Does God... · yini. Ngukukhetha kukaNkulunkulu. Kungebe lutho olunye. Ukukhetha! 11 Ngisho

16 IZWI ELIKHULUNYIWE

63 Ngifuna nonke ningikhumbule manje, ngize ngitholeukunibona futhi, ngiyethemba, ngesinye isikhathi ngalelihlobo,iNkosi ithanda. Futhi uma kwenzeka noma yini, angikutholiukuya phesheya kwezilwandle, ngizobuya. Kodwa manjesiyakukholwa lokho, ukuthi konke kusebenze kanjani konkelapha, ukuthi uMoya oNgcwele uzosithuma manje endleleniAzikhethele Yena ukuba asithume. Futhi yileyondlela esifunaukuyenza. INkosi ibusise!64 Baba, sesizofunda iZwi laKho. UngeLibusise yini futhiuLigcobe ekuqondeni kwethu, sicela eGameni likaJesu Kristu.Amen.65 INcwadi kaNumeri, isahluko 22 nevesi 31.

NeNKOSI yase ivula-ke amehlo kaBalami, wayibonaingelosi yeNKOSI imi endleleni, inenkemba yayoehoshiweyo esandleni sayo: wagoba ikhanda, wawangobuso bakhe.

66 Manje, ekufundweni kwaleli, ukwakha ingqikithi ngakulo,ngifuna ukuthatha indaba:Ngabe uNkulunkulu Uke awuGuquleyini uMqondo waKhe NgeZwi laKhe na?67 Leyo yindikimba ngempela, futhi yiQiniso elikhulu esifanelesilazi. UNkulunkulu angasho yini noma yini bese-ke ethi,“Ngiyaxolisa ukuthi Ngikushilo”? UNkulunkulu angabuyealihoxise yini iZwi laKhe, emva kokuba ELishilo na?68 Manje, kulenkulumombiko lapha, isizathu sokuba ngikhethelenkulumombiko, kube yingoba ngenye yezinkulumombikozeBhayibheli umfundi, ezama ukubona, noma ezama ukuthiathi uNkulunkulu uyawuguqula umqondo waKhe; lokhubekungafana kakhulu nokungathi uNkulunkulu wawuguqulaumqondo waKhe kunanoma yiyiphi indawo eBhayibhelini,engazi ngayo, ngoba Watshela uBalami enye into wase ebuyeemtshela enye. Futhi manje, abantu abaningi uzame ukwenzauBalami nje i, o, isanusi noma enye into. Kodwa uBalamiwayengesiso isanusi. Wayengumprofethi weNkosi.69 Manje, sizothi ukuthola uhlaka loMlayezo, kuqala. UIsrayeliwayesohambweni lwakhe evela ePales-…eya ePalastine,evela eGibhithe. NeNkosi yayinabo, futhi babe…Sonkeisitha esasivuke phambi kukaIsrayeli sasuswa endleleni,ngokuba uNkulunkulu wathi Wayezothuma imivi phambikwabo futhi iyoxosha isitha, inqobo nje uma babehambangokuthobela umyalo waKhe. Umsebenzi wawungemkhulu nezekakhulu. Ama-Amaleki, iziqhwaga zosuku, zazingasho luthokuIsrayeli. Nakuba babeyindoda encane ngokomumo, kodwababehamba kuISHO KANJE INKOSI. Ngakho akunandabaukuthi impikiswano yayiyini, uNkulunkulu njalo wayebonileukuthi amaZwi aKhe esithembiso awehluleki neze kuIsrayeli.70 NoIsrayeli weTestamente eLidala uyisifanekiso soMlobokaziweTestamente eLisha, enyuka ephuma e—ezweni, emasha

Page 17: NGABE UNKULUNKULU UKE AWUGUQULE YINI UMQONDO WA …download.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0418E Does God... · yini. Ngukukhetha kukaNkulunkulu. Kungebe lutho olunye. Ukukhetha! 11 Ngisho

NGABE UNKULUNKULU UKE AWUGUQULE YINI UMQONDO WAKHE…17

endleleni eya eKhanani, noma iKhanani esiya kulo, isikhathiseminyaka eyiNkulungwane.71 Manje, manje, siqaphela uMowabi lapha uyisifanekisosebandla. Futhi uMowabi…Babesanda kubulala amakhosinje futhi babexoshe isitha, babulala nya yonke into,balidla izwe, futhi benyuka ngoMowabi. Manje, uMowabiwayengesiso nhlobo isizwe sabahedeni. UMowabi wayeyisizweesasikhonza uNkulunkulu ofanayo uIsrayeli ayemkhonza.Nezwe lakwaMowabi ekuqaleni laqala ngendodana kaLoti,ngendodakazi yakhe uqobo. Futhi yona, ingumsunguliwalesisizwe, futhi yayihlele abantu bayo abadumileyokanjalonjalo, futhi yenza isizwe esikhulu ngakho, futhibabandile futhi baqhubeka.72 Futhi, manje, uIsrayeli wayengowenzalo ka-Abrahama,hhayi ekaLoti. UIsrayeli uphuma kuIsaka, uJakobe. NoIsrayeliwavumbuka kulezozizwe eziyishumi nambili ezivela kuJakobe,okwathi kamuva sabizwa ngo “Israyeli,” ngoba wabambananeNkosi. NoMowabi lapha…73 Manje, kulokhu, nani bantu eniphandle ko—kotelefoni,ngifuna kuqala ukusho ukuthi a—angifisi ukuba ngogxekayo,futhi ngiyethemba angisuye. Kodwa, uMlayezo onikwe mina,ngifanele ngethembeke kulowoMlayezo, kungenjalo ngizobangumzenzisi. Niyabo? Nge—ngeke ngasho okungaphezukwalokho engithunyelwe ukuba ngikusho.

Futhi ngi—ngicabanga ukuthi isitha esikhulusomphakathi ongamaKristu namhlanje amabandla ahleliwe.Ngikholwa ngenhliziyo yami yonke ukuthi ekugcinenikuyobumbeka kungene ophawini lwesilo, enginga, ngicabangaukuthi ngingakufakazisa lokho ngeBhayibheli ngosizolukaNkulunkulu. Sengivele ngikwenzile. Ukuthi, kuyobumbekakungene ophawini lwesilo, kumfelandawonye wamabandla.Ngoba, uNkulunkulu akakaze akwenze, nangasiphi isikhathi,ake alivume ibandla eligcotshiwe, ibandla elihleliwe, lutho.Akazange akwenze.

Futhi ngaso sonke isikhathi indoda eyayenza ngasoinhlangano, uMoya kaNkulunkulu wawuyishiya futhiungaphinde ubuyele futhi. Buza noma yimuphi usomlando,noma ungahle ukuba ungumfundi uqobo lwakho.Lutho! Ngenkathi behlela, uNkulunkulu wayekubekaeshalofini, futhi yilapho okwaya khona; kwahlala, kusukelangaleyonkathi kuqhubeke. Babekhula ngamalunga, kodwa luthoukuphaphama kukaMoya; lutho, nhlobo.74 UMowabi, lapha, yisifanekiso sokunjalo, ngoba babeyi—yisizwe esihleliwe; ezweni labo uqobo, njengasehlelwenilabo. Futhi lapho babenezinkolo zabo uqobo, nenkolo yaboyayiyinkolo efanayo uIsrayeli ayenayo. BabengabakwaMowabi

Page 18: NGABE UNKULUNKULU UKE AWUGUQULE YINI UMQONDO WA …download.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0418E Does God... · yini. Ngukukhetha kukaNkulunkulu. Kungebe lutho olunye. Ukukhetha! 11 Ngisho

18 IZWI ELIKHULUNYIWE

futhi bekholelwa kuJehova uNkulunkulu, kodwa babeyiqembulabantu elihleliwe.75 Futhi, manje, njengoba bamele ibandla lemvelo, uIsrayeliumele ibandla lomoya ohambweni lwalo. Manje, uIsrayeliwayengesiso isizwe esihleliwe. Inqobo nje uma babelandelauNkulunkulu, babezimele. Bayakhuphuka, abagogobalayo,bengenandawo abangaya kuyo. Noma yikuphi lapho iNsikayoMlilo yayiya khona, babehamba naYo. Babengesiso isizweesihleliwe. Babenokuphilayo phakathi kwabo, ngoba ukusokakwabanika lokho phansi komyalo ngoNkulunkulu, kodwabengesiso neze isizwe esihleliwe ngalesisikhathi. Ngenkathiekugcineni beba yisizwe esihleliwe, yilapho abawa khona futhibenqaba uMesiya wabo.76 Futhi manje siyathola, njalo, ukuthi uma lena yemvelonekamoya, imimoya yamabandla nezinhlangano, kudibana,njalo kubakhona ukuxabana. Akukaze kwehluleke ukubakube njalo. Kuxabana njalo. Ngoba, sithola ukuthi phakathilapho ngumona. Futhi, kulomona, kubangela ukuqhathanisakwenyama, izilingiso. Futhi siyakuthola namhlanje, njengobakwakunjalo ngalesosikhathi. Uma uNkulunkulu enza okuthizekomuntu ngamunye, wonke umuntu uzama ukukopela njengobanje uNkulunkulu enza ngalowomuntu. Niyabo, kubangelaumqhudelwano, futhi kwenza okwenyama. Futhi-ke umabengenakukwenza, olunye uhlangothi, luthola imiphumelayokomoya, bese-ke bekuthatha ngamandla epolitiki, nomababambela into ethize, ukona imiqondo yabantu, ukubabazidonsele bona abafundi.77 Yilokho impela okwenzeka ekuqaleni impela; njengoKayininoAbela, bobabili abafana belapha emhlabeni. Futhi ngenkathiuAbela enikela kuNkulunkulu ngomhlatshelo omuhle kakhulukunoKayini, futhi uNkulunkulu waqinisekisa uAbela,ngokwehla wase emukela umhlatshelo; kwabangela umonakuKayini, ngoba waba nomona ngomfowabo, futhi wabulalaumfowabo.78 Kwaqala ekuqaleni, ukuthi ngenkathi owemvelo nokamoya,nokho uKayini noAbela bakhonza uNkulunkulu ofanayo.Bobabili bakha uhlobo olufanayo lwama altare. Futhibobabili bakhonza uNkulunkulu ofanayo, ebandleni elifanayo,ialtare elifanayo. Kodwa uKayini, ngokuzindla kwenyama,wangenisa izithelo zezwe wayesezibeka phezu kwe altarenjengomhlatshelo, ecabanga ukuthi impela ukuthi lokhukwakuzophendula kuNkulunkulu kube ukubuyisana. Ngakhokufanele ukuthi wangenisa, njengoba abantu becabanganamhlanje, “ama apula uAdamu noEva abawathathayo, lokhokwabangela isono.” Futhi, noma ngabe yini, ngicabanga ukuthimanje sebekwehlisele kwi “promegranate” noma okuthizemanje. Abanye babo bathi, esikhathini esingeside esedlule,kwakungenye into.

Page 19: NGABE UNKULUNKULU UKE AWUGUQULE YINI UMQONDO WA …download.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0418E Does God... · yini. Ngukukhetha kukaNkulunkulu. Kungebe lutho olunye. Ukukhetha! 11 Ngisho

NGABE UNKULUNKULU UKE AWUGUQULE YINI UMQONDO WAKHE…19

79 Futhi, kodwa uAbela wayenomhlatshelo ofaneleyo. Wayaziukuthi kwaba yigazi elakwenzayo, ngakho waletha iwundlu.Futhi ngenkathi uNkulunkulu emukela owakhe, manje,uAbela, ngokukholwa, ngesambulo, ingekho enye indlela.Kwakungekho-Bhayibheli elalilotshiwe. Ngakho, niyabo,ukuqala kokulunga yiQiniso elembuliwe likaNkulunkulu,neBandla lonke likaNkulunkulu ophilayo lakhelwe phezukwalokho.80 UJesu, ngoluny’usuku, eza ehla entabeni, wathi kubafundibaKhe, “Umuntu uthi Mina iNdodana yomuntu ngingubanina?”

“Omunye wathi Ungu ‘Mose,’ nomunye uthi Ungu ‘Eliyase,’futhi Ungu ‘Jeremiya, noma omunyewabaprofethi.’”

Wathi, “Kodwa nina nithi Ngingubani na?”81 Kungaleyonkathi umphostoli uPetru, ephefumulelwenguNkulunkulu, waphiliswa nguMoya, wenzaleyonkulumombiko enkulu kakhulu, “Wena unguKristu,iNdodana kaNkulunkulu ophilayo.”82 Qaphelani inkulumombiko. “Ubusisiwe wena, Simoni,ndodana kaJona, inyama negazi akukwambulelanga lokhu.UBaba waMi waseZulwini ukwambulele lokhu. WenaunguSimoni. Phezu kwalelidwala…”

Dwala lini na? Manje, iKatolika lithi, “Phezu kukaPetru,idwala, itshe elincane.” NeProtestane lithi, “Phezu kukaKristu,iDwala.”

Kungesikho ukwehluka; kodwa kwakuphezu kwesambulouPetru aba naso, ukuthi WayenguBani. “Akekho ongeza kiMi,”kwasho uJesu, “uma uBaba waMi engamdonsi. Nakho konkeuBaba aNgiphe khona kuyoza kimi.”

“Wena unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu ophilayo.”83 “Ubusisiwe wena, Simoni, ndodana kaJona; inyama negaziakukwembulelanga lokhu, kodwa uBaba waMi oseZulwini.Phezu kwalelidwala Ngiyakulakha iBandla laMi, namasangoehayidese angelehlule.” IZwi likaNkulunkulu elembulwengokukaMoya!84 Qaphelani, uAbela, ngokukholwa kuNkulunkulu, wanikelangomhlatshelo omuhle kakhulu. Nekholwa lokwenyamalacabanga ukuthi kwakuyimisebenzi yezandla zalo uqobo,ukuthi, nezithelo zalo nomnikelo walo omuhle elawulethayo,ukuthi uNkulunkuluwayezowuvuma, futhi kwenza ukuxabana.

Sithola ukuthi uAbrahama noLoti baze baxabana.85 Sithola ukuthi uMose no—noDathani, uKora,babenokuxabana okufanayo.

UMose, engumprofethi ogcotshiwe ngeZwi leNkosi,waqinisekisa ukuthi wayengokhethiwe ukuba abe ngumholi

Page 20: NGABE UNKULUNKULU UKE AWUGUQULE YINI UMQONDO WA …download.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0418E Does God... · yini. Ngukukhetha kukaNkulunkulu. Kungebe lutho olunye. Ukukhetha! 11 Ngisho

20 IZWI ELIKHULUNYIWE

wabo wehora, nokuthi uAbrahama wayethembise zonkelezizinto, futhi nakhu uMose wenza khona impela uNkulunkuluathi kuyoba yikho, kwenzeka.

NoKora, engowenyama, wayefuna ukuvusa inhlanganophakathi kwabo. Wayefuna ukwenza iqembu lomuntu. FuthiuNkulunkulu akasebenzi nabantu abanjalo. Kukhombisa khonalapho, kulowomBhalo, isifanekiso sohambo namhlanje, ukuthiinhlangano ayisikho lokho okugcotshwa nguNkulunkulu.Ngokuba, kuthe nje uKora angakwenza, wathi kuMose,“Uzethwesa kakhulu wena.” Ngamany’amazwi, “Lonke ibandlalingcwele! Ngani, uthi uwena kuphela umuntu ongcwele.Awunalungelo ukwenza noma yikuphi okunjengalokho. Uzamaukuzenza umuntu othize omkhulu. Sonke singcwele. Sonkesingabantwana bakaNkulunkulu.”86 NoMose wavele nje waphendula ikhanda lakhe wase esukaehamba.Wathi, “Nkosi, ngizokwenzenjani na?”87 UNkulunkulu wathi, “Zehlukanise naye. Sengenele yikho.”Futhi Wamgwinya nya emhlabathini.88 Niyabo, kwakukhona ukuxabana. Uma kudibana owemvelonokamoya, njalo kukhona ukuxabana. Ngenkathi uJudanoJesu bedibana, kwabakhona ukuxabana; Oyedwa, iNdodanakaNkulunkulu; omunye, indodana kaSathane. NjengoKayini njenoAbela, kwabakhona ukuxabana ngenkathi bedibana. Omunyewabo wayengumphathisikhwama webandla, noMunye umelusi.Futhi njengamanje, sifika kulolusuku, entweni efanayo futhi.Ihlelo lokwenyama kuMlobokazi kaKristuwomoya. UMlobokazikaKristu womoya wehluke kakhulu impela ezinhlanganwenizokwenyama, kuze kungabibikho kuqhathanisa kubo nhlobo.89 Manje qaphelani, owemvela njalo uzama ukufanekisaokamoya. Kodwa, njengakuJakobe noEsawu, ngekekusebenze. Kungeke. Manje, uma sekufika ekwenzeniimisebenzi emihle, ngi—ngikholwa ukuthi uEsawu empeleniwayengumuntu ongcono kunoJakobe, ngokubona komuntu.Wazama ukunakekela uyise; wayephuphuthekile, umprofethi.Nazozonke lezizinto azama ukuzenza, kodwa nokho uEsawuakacabanganga ngalokho kungumsebenzi wenyama nje.Wayecabanga ukuthi wayengangena ngalokho akwenzile, enzeokuthize okulungileyo komunye umuntu, okwabe kulungile.Kodwa uJakobe, umphefumulo wakhe wonke wawungukutholalelolungelo lobuzibulo, futhi yilokho uNkulunkulu amvumelakhona kokukamoya.90 Qaphelani, futhi njalo kubangele owemvelo ukuba azondeowomoya. Kwabangela uKayini ukuba azonde uAbela.Kwabangela uKora ukuba azonde uMose. Kwabangela uJudaukuba azonde uJesu. Futhi kuhamba kuqhubeke njalo njalo.Kubangela owemvelo azonde okamoya, njengoKayini nje

Page 21: NGABE UNKULUNKULU UKE AWUGUQULE YINI UMQONDO WA …download.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0418E Does God... · yini. Ngukukhetha kukaNkulunkulu. Kungebe lutho olunye. Ukukhetha! 11 Ngisho

NGABE UNKULUNKULU UKE AWUGUQULE YINI UMQONDO WAKHE…21

ekuqaleni wazonda uAbela, lo uNkulunkulu amukela kuyeumhlatshelo, futhi uzama ukubabhubhisa.

Bazama ngisho ukubhubhisa ukuthonya. Bazamaukubhubhisa yonke into, ngoba akulutho kepha umona.Kwaqala kuKayini futhi kwafakaziseka ukuthi kwakungumona,futhi kuseyinto efanayo namhlanje uma owemvelo,(owokwenyama) nowomoya bedibana ndawonye. Kuyafakazisaukuthi nguSathane, ayikho enye indlela, ngoba umona uvelakuSathane. Bese-ke kubangela ukulingiswa kweQiniso, umuntuothize azame ukulingisa into ethize engesiyo, abagcotshelweukwenza. Kuningi kangakanani okwalokho esikubonilengalezizinsuku zokugcina! O, he, kuningi kangakanani!91 Ngakho sibona uNkulunkulu wenzela-…akawuguqulinaphakade umqondo waKhe ngeZwi laKhe lasekuqaleni.Kodwa, Obizayo, yilowo Ogcobayo. Akekho omunye ongathathaleyondawo. Akekho owayengathatha indawo kaMose.Akunandaba ukuthi bangaki oKora abavusiwe, nokuthibangaki oDathani; kwakunguMose, uNkulunkulu wayebizile,kungakhathaleki.92 Kodwa, futhi uma abantu bengayikuhamba entandweniyaKhe ephelele, Unayo intando evumelayo Uyokudedelauhambe ngayo. Qaphelani, Uyayivumela, kulungile, kodwaUyoyenza isebenze enzele inkazimulo yaKhe, entandweni yaKheephelele. Manje uma nizothanda…93 Njenga nje, ekuqaleni, kwakungesiyo intando epheleleukuba abantwana bazalwe emhlabeni ngokocansi. Qhabo,mnumzane. UNkulunkulu wadala umuntu ngothulilomhlabathi, waphefumulela umoya wokuphila kuye, futhiuba ngumphefumulo ophilayo. Wakhipha kulowomuntu umsizi,wayesemenzela umfazi. Leyo kwakuyintando kaNkulunkuluyokuqala neyasekuqaleni. Kodwa ngenkathi kungena isonofuthi senza into esayenzayo, Wayesemvumela-ke umuntu ukubaaganwe ngumfazi, ngokomthetho, futhi abe nabantwana ngaye.“Nande nigcwalise umhlaba, ke, uma leyo kuyindlela ozokwenzangayo.” Kodwa, niyabo, kwakungesiyo neze intando yaKheephelele.94 Ngakho-ke, zonke lezizinto ezazinesiqalo izofanele ibenesiphelo. Sonke isono sizofanele sifike ekubeni siphelenya. Sonke isono sizofanele siqedwe. Ngakho-ke, esikhathiniesikhulu seminyaka eyiNkulungwane lapho kufika ukuvuka,ngeke sisadingeka ukuba siphinde sizalwe ngobaba bethunomama bethu, kodwa uNkulunkulu njengoba Enza ekuqaleniuyobiza umuntu evela othulini lomhlabathi, nomsizi wakhekanye naye. Kunjalo. Yileyondlela akwenza ngayo ekuqaleni.95 Kanjalo ngakho-ke, uNkulunkulu akawuguquli nezeumqondo waKhe nganoma yini, kodwa Uyokuvumela ukubauqhubeke. Manje, lokhu kuyizindlela ezinde ezijikelezayo

Page 22: NGABE UNKULUNKULU UKE AWUGUQULE YINI UMQONDO WA …download.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0418E Does God... · yini. Ngukukhetha kukaNkulunkulu. Kungebe lutho olunye. Ukukhetha! 11 Ngisho

22 IZWI ELIKHULUNYIWE

ukufinyelela kulokhu engifuna ukukusho lapha ngalokhu.Kodwa, futhi, kodwa, kungukuthi, nizo…ngifuna nikuqonde.Niyabo? UNkulunkulu uyokuvumela ukuba wenze into ethize,futhi aze akubusise ngisho ekukwenzeni, kodwa kusalokhukungesiyo intando yaKhe ephelele.96 UNkulunkulu wavumela uIsrayeli ukuba athathe umthetho,kuEksodusi isahluko 19. Kanti umusa wase uvele ubanikeumprofethi, iNsika yoMlilo, iwundlu lomhlatshelo, amandlaokukhulula, kodwa bakhalela uMthetho. Kwakungesiyo intandokaNkulunkulu, kodwa yajovelwa ngoba umuntu wayefuna.Futhi waqalekiswa yiwo impela umthetho ayewufuna.97 Kuhle ukwedlula konke ukuba nentando kaNkulunkulu.Yilokho Asifundisa khona. “Intando yaKho mayenziwe.UMbuso waKho mawufike. Intando yaKho mayenziwe.”Sifanele sizinikele thina entandweni yaKhe naseZwinilaKhe. UngaLibuzi. Likholwe. Ungazami ukuthola indawongokuLijikeleza. Nje Lithathe ngendlela eLiyiyo.

Abaningi kakhulu ufuna ukujikeleza, athole enye indlela.Futhi uma wenza, uzithola uqhubeka, uthola uNkulunkuluekubusisa, kodwa uhamba entandweni yaKhe evumelayo futhihhayi entandweni yaKhe ephelele, Intando yobuNkulunkulu.98 Uyayivumela, njengoba ngishilo, kodwa Akayiku—Akayikuyivumela ibe yintando yaKhe ephelele; kodwa uyoyenzaisebenze ukuhlonipha nokubusisa intando yaKhe ephelele.Nokuzala umntwana, ngokocansi, ngokunye kwalokho.99 Manje qaphelani, uMowabi, kwasekuqaleni nje, wayeyisizwesevezandlebe. Saqala ukuphuma, ivezandlebe, nokho ngobabao—oyikholwa nendodakazi eyikholwa.

Khona impela nje, uma uzofanekisa lokho bese usebenzisaumqondo kamoya, ungalibona lelohlelo limi lapho licace njebha njenganoma yini. Impela. Niyabo, yonke into ayilungilengakho konke. Futhi, bukani, uma lilethwa, laqala kanjalo,alisoze…Lilokhu, njengebhola leqhwa, lilokhu ligingqikakakhulu kakhulu kakhulu. Uthola ukweduka okukodwa, beseuqala kulokho kweduka okukodwa, futhi ulokhu nje ugingqainto eyodwa emva kwenye, nento eyodwa njengenye, konke emvakokunye.100 Futhi yileyondlela ibandla elaqala ngayo. Yileyondlelaelaqala ngayo eNayisiya, eRoma, ngenkathi ibandla eliRomaKatolika…Khona impela ekuqaleni, lapho livela khona,kwakuyiPentekoste. Kodwa ngenkathi behlela base bengenisaumuntu odumileyo, ebandleni, baqala ukwenza, benemikhuleko,futhi begijimisa ubuhlalu, futhi—futhi bekhulekela abafileyo,nazozonke lezi ezinye izinto. Kwase kuthi-ke kwaqalaukugingqika, kusuka ekwedukeni okukodwa kuya kokunye,ukweduka okukodwa kuya kokunye, kwaze kwathi bukaniukuthi sekuhambe kwayaphi. Akukho nokukodwa ukumelwa

Page 23: NGABE UNKULUNKULU UKE AWUGUQULE YINI UMQONDO WA …download.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0418E Does God... · yini. Ngukukhetha kukaNkulunkulu. Kungebe lutho olunye. Ukukhetha! 11 Ngisho

NGABE UNKULUNKULU UKE AWUGUQULE YINI UMQONDO WAKHE…23

kwepentekoste kukho, nhlobo. Niyabo? Ngukweduka okukodwakucosha okunye, kucosha okunye. Yinye kuphela into okufaneleyenziwe, kungukuthi, kuhlanzwe irekhode bese kubuyelwaekuqaleni.101 Ngenkathi, uMartin Luther waqala ngokulungisiswa.Lokhu kwakufanele kube ngeliqhubekele phambili, ibandlalamaLuthela. Niyabo? Uma…uLuther, ngenkathi ehlela,wayengethathe ukungcwelisa kukaWesley, ngoba wahlelwa;namadoda ayengeke akumele, ngakho uMoyawaphuma kulo.102 Manje, iqembu likaLoti lapha; noma, uMowabiwayengumntwana wendodakazi kaLoti, ivezandlebe okokuqalanje. Manje qaphelani, njengebandla lemvelo, uMowabi, umeleihlelo lemvelo.

UIsrayeli umele iBandla likamoya. UIsrayeli, kwakukhonaibandla leqiniso, kwakungumlobokazi wangalolosuku,owabizwa waphuma eGibhithe, futhi waqinisekiswa ukuthiuyiqiniso.103 Qaphelani ngenkathi bona, bona bobabili behlanganandawonye. Bobabili banikela ngomhlatshelo ofanayo, bobabilibakha, babona ama altare ayisikhombisa, bobabili banikelangomhlatshelo ohlanzekile, inkabi. Futhi banikela ngishonangezinqama, befakaza ukuthi kwakukhona uMesiya ozayo.Ngokusuka phansi esiqwini, bobabili babefana ncamashi.UIsrayeli, phansi lapha esigodini; uMowabi, phezulu egqumeni.NoMowabi nama altare ayisikhombisa; uIsrayeli namaaltare ayisikhombisa. UMowabi nenkabi eziyisikhombisa;uIsrayeli nenkabi eziyisikhombisa. UMowabi nezinqamaeziyisikhombisa, kukhuluma ngoMesiya ozayo; uIsrayelinezinqama eziyisikhombisa.

Kwakuyini umehluko kubo na? Ngokusuka phansiesiqwini, bobabili babeqinisile. Kodwa, niyabo, uMowabiwayengenakho ukuqinisekisa kukaNkulunkulu nabo;babeyisizwe kuphela, iqembu labantu abadumile. KodwauIsrayeli wayenomprofethi enabo. BabeneDwala elishayiwelinabo. BabeneNsika yoMlilo. Babenenyoka yethusi,yokuphilisa. Babenezibusiso zikaNkulunkulu zihambisana nabongqo, futhi babengabantwana bakaNkulunkulu ababizelwengaphandle.104 Manje sikuthola lokho kufanekiswe ngokuphelele kakhululapha kulawomabandla anamhlanje. Njengoba, uMowabiwangenjalo. UIsrayeli wayengogogobeleyo, esuka endawenieya endaweni; noma yikuphi lapho leyoNsika yoMlilo yayiyakhona, babehamba naYo. UMowabi, engenjalo; babezinzeehlelweni labo uqobo, phansi esizweni sakubo uqobo.Abanyakazanga, bahlala khona lapho. Babenabantu baboabadumileyo. Babegcoba izinto njengoba babefanele benze,

Page 24: NGABE UNKULUNKULU UKE AWUGUQULE YINI UMQONDO WA …download.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0418E Does God... · yini. Ngukukhetha kukaNkulunkulu. Kungebe lutho olunye. Ukukhetha! 11 Ngisho

24 IZWI ELIKHULUNYIWE

futhi babenamaqhawe abo, babenabalwi babo, babenenkosiyabo ababenayo, ababethola iziyalo zabo kuyo, kanjalonjalo.105 Kodwa uMowabi wambona uIsrayeli enento ababengenayo.Babebone amandla amakhulu phakathi kukaIsrayeli, futhikwakungumprofethi. Nalowomprofethi kwakunguMose. Futhibabazi ukuthi uma impi ingahambanga kahle, babevele njebaphakamise izandla zakhe futhi bazibambe ziphakame lapho,nempi yashintsha. Ngakho babengenakho okunjengalokho,ngakho bazama ukukuqhathanisa nepolitiki, nomdonsowepolitiki. Bathumela kwelinye izwe futhi baqasha umprofethiukuba eze, ukuze babe nomprofethi, futhi ezoba namandlaphakathi kwabo njengoba nje uIsrayeli wayenawo phakathikwabo.106 Niyakubona ukuqhathanisa kwenyama na? Ningalibonaibandla lenyama namhlanje na? Lenze into efanayo impela.107 Qaphelani, manje, bobabili bazoba nabaprofethi.Ukwehluka kuphela okwakukhona, uMose, umprofethikaNkulunkulu, iNkosi yakhe kwakunguNkulunkulu.Wayezithola lapho-ke iziyalo zakhe, iZwi leNkosi. NoBalami,naye futhi, wayenenkosi, naleyonkosi kwakunguBalaki,inkosi yakwaMowabi, futhi yilapho ayethola khona iziyalozakhe nezibusiso zakhe. Ngakho uMowabi wathi kuBalaki,“Yehla,” noma uBalami, wathi, “yehla bese ungiqalekiselalababantu, ngokuba bamboza bonke ubuso bomhlaba. Bafikanje futhi bakhothe yonke into njengenkabi ikhotha utshani.”Wathi, “Yehla manje. Futhi ngiyaqonda ukuthi ungaqalekisa,ungabusisa, noma yini oyenzayo iyavunywa.”108 Manje, sifuna ukuqaphela ukuthi lomuntuwayengumprofethi ogcotshwe nguNkulunkulu, kodwawathengisa ngobuzibulo bakhe ngezizathu zepolitiki.Njengoba nje ibandla lenzile namhlanje, njengoLuther,uWesley, iPentekoste, nalolonke iqembu lawo, labuthengisangenxa yemidonso enhlanganweni yawo. UMose, phansikukaNkulunkulu; uBalami, phansi kukaBalaki. Nokho,bobabili abaprofethi babebizwa ngomuntu kaNkulunkulu, futhibobabili bengabakamoya. Qaphelani umehluko. Ngayedwawayenenhloko; ekaMose kwakunguNkulunkulu; ekaBalamikwakunguBalaki.109 Qaphelani lapha ukuthi okamoya usetshenziswakanjani, ukufakazisa ukuthi owemvelo usephutheni.UMose, ethunywe nguNkulunkulu, esemgqeni womsebenzi,uhlangatshezwa futhi uphoselwa inselelo ngomunye umprofethikaNkulunkulu. Ungathini nje ngalokho! UMose, ebizwenguNkulunkulu, wagcotshwa nguNkulunkulu, emi emgqeniwomsebenzi kaNkulunkulu; wenyukela kuleli elibandayo,iqembu ngegama nje, futhi waphoselwa inselelo ngomunyeumprofethi kaNkulunkulu, uNkulunkulu ayembusisile futhi

Page 25: NGABE UNKULUNKULU UKE AWUGUQULE YINI UMQONDO WA …download.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0418E Does God... · yini. Ngukukhetha kukaNkulunkulu. Kungebe lutho olunye. Ukukhetha! 11 Ngisho

NGABE UNKULUNKULU UKE AWUGUQULE YINI UMQONDO WAKHE…25

wamgcoba. Wawungawusho kanjani umehluko na? Bobabilibabenabaprofethi. UNkulunkulu wakhuluma kubo bobabiliabaprofethi.110 Nabanye babo bathi, “UNkulunkulu wathi, ‘Yenza lokhu.’UNkulunkulu wathi, ‘Yenza lokho.’” Manje, angikubuzi lokho,kodwa kuphumile emgqeni weZwi likaNkulunkulu. Umprofethi,akunandaba noma ngabe engumprofethi, uphumile emgqeni.Abantu abaningi kakhulu bathola ukudukiswa kanjalo. “O,lo mfowethu angakwenza lokhu, na lo mfowethu angakwenzalokho,” futhi aphike iZwi na?111 “Noma ngikhuluma ngolimi lwabantu nolwezingelosi,noma ngineziphiwo, ngangokuthi ngingagudluza izintaba,noma nginikela ngazo zonke izimpahla zami ukuba ngondleabampofu, ngisalokhu ngingento yalutho.”

“Abaningi bayakuza kiMi ngalolosuku, futhi bathi, ‘Nkosi,Nkosi, angiprofethanga yini ngeGama laKho na?Angizange yini,ngeGama laKho, ngikhiphe amademoni futhi ngenza imisebenzienamandla na?’ Futhi Ngiyakuthi kubo, ‘Sukani ku, nina…Sukani kiMi, nina benzi bokubi. Angikaze ngisho nginazi.’”Nokho, beza nokuvuma ukuthi bakwenzile, kodwa uJesu wathi,“Babengabenzi bokubi.” Yini okubi na? Yinto owaziyo ukuthiufanele uyenze, efanele ukwenziwa, futhi nokho awuyenzi.Niyabona ukuthi kuzoba njani ngezinsuku zokugcina na?112 Niyawuzwa wonke umugqa! Bekuyileyo inhloso yamikulobubusuku. Ngithe ngizophuma ngelesishiyagalolunye nqo,kodwa ngizothi ukuba ngemuva kancanyana, mhlawumbe.Bukani, bekuyileyo yonke inhloso yami, ukunikhombisalomugqa, ngeZwi likaNkulunkulu, niyabo, ukuthi—ukuthiuNkulunkulu uzofanele aligcine iZwi laKhe ukuze ahlaleenguNkulunkulu.113 Manje, siyaqaphela ukuthi omabili lawa ayengamadodakamoya, omabili ayengabaprofethi, omabili abizwa. FuthiuMose, emgqeni womsebenzi impela, eneNsika yoMliloeseyintsha iphambi kwakhe nsuku zonke, uMoya kaNkulunkuluuphezu kwakhe, emgqeni womsebenzi. Nakhu kufika enyeinceku kaNkulunkulu, ebizwe nguNkulunkulu, yagcotshwanguNkulunkulu, umprofethi eliza kuye iZwi likaNkulunkulu.Nanku umugqa oyingozi. Akukho-muntu ongaphikisalowomuntu engokaNkulunkulu—kaNkulunkulu, ngobaiBhayibheli lathi uMoya kaNkulunkulu wakhuluma kuye, futhiwayengumprofethi. Kodwa, niyabo, ngenkathi ethola impenduloyangempela kuNkulunkulu, akakwazanga ukuYigcina.AkaYiqaphelanga,wase-ke ehamba eyophosela inselelo uMose.114 Manje, uBalami wafuna intando kaNkulunkulu, ngayoyonke inhliziyo yakhe. Manje, ngenkathi lawa indoda enkulueza nganeno ayesethi, “Balami! UBalaki inkosi uthumele,ukuthi uze kuye masinya bese uqalekisa lababantu uIsrayeli,

Page 26: NGABE UNKULUNKULU UKE AWUGUQULE YINI UMQONDO WA …download.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0418E Does God... · yini. Ngukukhetha kukaNkulunkulu. Kungebe lutho olunye. Ukukhetha! 11 Ngisho

26 IZWI ELIKHULUNYIWE

ngoba bahlakazeke ebusweni bonke bomhlaba, futhi manjesebebeka ikamu bamelana nami. Futhi bakhothe yonke imibusoezungezile, ngezansi kwabo. Futhi manje sifuna uze ngapha beseuqalekisa lababantu. Ngoba, ngiyaqonda ukuthi uma uqalekisanoma ubani, uqalekisiwe.” Manje, niyabo, wayengumuntukaNkulunkulu. “Okubusisayo, kubusisiwe.” WayeyincekukaNkulunkulu.115 NoBalami manje wacabanga, engumprofethi, “Yinyekuphela into kimi ukuba ngiyenze, futhi lokho ngukufunaintando kaNkulunkulu.”116 Lowo ngumsebenzi womprofethi, uma ebizelwe ukubaabe ngumprofethi. Kuqala, ufanele enzenjani umprofethina? Ngukufuna intando, iZwi likaNkulunkulu. Ufaneleayenze. Ngoba, engumprofethi, iZwi likaNkulunkululiza kuye. I…Bathi, “Awu, awusiye usiyazi wezenkolo.”Alisho neze iBhayibheli ukuthi iZwi likaNkulunkulu lizakusiyazi wezenkolo. Yibo oLonayo. IZwi liza kumprofethikaNkulunkulu.117 Futhi lapha kwakukhona umuntu owayengumprofethikaNkulunkulu. Futhi ngenkathi eqashwa, ukuba aqashwe,ukuba eze ngapha, futhi aqalekise obanye abantubakaNkulunkulu, qaphela, wahamba wayofuna intandokaNkulunkulu. Futhi wayefuna ukwazi intando yaKhe ephelele,noNkulunkulu wamnika intando yaKhe ephelele odabeni.Intando yaKhe ephelele yethulwa kuye. Kwakuyini intandoyaKhe na? “Ungahambi!” Lelo yiZwi likaNkulunkulu lokuqala.“Ungahambi nabo. Ungazami ukuhlasela abantu baMi,behamba ngezindlela zaMi eziphelele.”118 Kunjani lokho namhlanje, bafuna ukuqophisana,baphikisane, nakho konke okunye, uma bebona uMoyakaNkulunkulu usebenza phakathi kwakho. Futhi bayazamaukukwenza, bakuzamile iminyaka, ukuWugqiba phansi. Kodwalapho bezama kakhulu kakhulu ukuWugqiba, yilapho Ukhulakakhulu. Ungeke wakuqalekisa okubusiswe nguNkulunkulu.Ungeke nje. Ungeke nje wakwenza.119 Ngakho, niyabo, lowo kwakungabantu bakaNkulunkulu.Manje, lowomprofethi, nakuba wayephezulu lapho futhieqashwe yinkosi, wasebenza phakathi kwabantu abadumileyo,kanjalonjalo. NeZwi likaNkulunkulu leza kuye. Wafunaintando kaNkulunkulu, nentando kaNkulunkulu yakhulumayamphendula, yase ithi, “Ungabaqalekisi lababantu.Ngababusisa.”120 Manje akukho-siyazi wezenkolo phansi kwezibhakabhakaongaphika loMlayezo esiwushumayelayo, kodwa Uyiloimpela iZwi likaNkulunkulu ngesikhathi esifaneleyo impela.UNkulunkulu uwuqinisekisile, kukho konke okushiwo nomaokwenziwe. UWufakazisile ukuthi uqinisile. Manje, akukho-

Page 27: NGABE UNKULUNKULU UKE AWUGUQULE YINI UMQONDO WA …download.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0418E Does God... · yini. Ngukukhetha kukaNkulunkulu. Kungebe lutho olunye. Ukukhetha! 11 Ngisho

NGABE UNKULUNKULU UKE AWUGUQULE YINI UMQONDO WAKHE…27

siyazi wezenkolo, akukho-mfundi weBhayibheli, akukho-mprofethi, ongabuka kuleloZwi, uma engumprofethi, uyobonainto efanayo. Kodwa uma engaboni into efanayo, lokhokukhombisa ukuthi ikhona into engalungile. Ngoba…121 Wena uthi, “Awu, o, bengingakuthatha ngikuse ngaphanangapha.” Wayenza kanjalo noBalaki, uBalami. Niyabo?Kodwa uNkulunkulu wamkhomba uMose.

Manjena-ke kwakuyini isifakaziso na? IZwilikaNkulunkulu. Futhi wasizwa esicacile, isinqumoesingunqamla-juqu sikaNkulunkulu, “Ungahambi. Ungazamiuku—ukuqalekisa eNgikubusisileyo. Labo ngabantu baMi.”

Kodwa niyazi ukuthini? UBalami wayengabathandilabobantu, kwasekuqaleni nje. O, enje pho i…BangakiabakaBalami okhona ezweni namhlanje! Wayengalithandileloqembu, ukuqala nje.122 Manje, emva kokuba esethole isinqumo esingunqamla-juqusikaNkulunkulu, “Ungahambi.” Kodwa, niyabo, esikhundlenisokukwenza, kwakuyinto efanayo njengoKayini, njengoKora,wayenomona, futhi wa—wayefuna uku, isizathu sokuhamba,noma ikanjani.123 Qaphelani, ikomkhulu lakhe lehlelo, emva kokubaesethumele emuva, wathi, “Qha, angikholwa ukuthingizokwehla. Angikholwa ukuthi kukhona engizokwenzangabo. Ngeke ngiphikisane nalabobantu, ngoba uNkulunkuluusengitshelile ukuthi bangabantu baKhe, futhi angikholwaukuthi ngizohamba.” Ukubawayehlale nalokho!

Kodwa, phansi enhliziyweni yakhe, wayengabathandi.Niyabo? Babengesibo abeqembu lakhe. Futhi noma yinieyayingesiyo eyeqembu lakhe, “yayingalungile, kwasekuqaleninje.” Niyabo? Futhi wababukela phansi, wathi, “Kubekhonaizinto ezimbi kabi labobantu abazenzile. Impela uNkulunkuluongcwele uzobaqalekisa abantu abanjalo. Bona, abafundile.Abafundisiwe njengathi. Singabantu abahlakaniphe kakhulu.O, bazisho ukuthi bakhonza uNkulunkulu, kodwa, babuke,bayini na? Isigejane se, ngani, isigejane sezigqila, abaphahlekangodaka, abaseGibhithe ababaxoshayo ezansi lapho. Ngani,uNkulunkulu wayengeke neze azihlanganise ngaluthonesigejane esingcolile kanjalo!”124 Wehluleka ukubona leloDwala elishayiwe naleyonyokayethusi; leyoNsika yoMlilo. Wazama ukubehlulela ngesimosokubheka ukuziphatha. Wehluleka ukubona ubizooluphakeme kakhulu lukaNkulunkulu. Ngomusa, ngokhetho,babekulowomugqa, naneZwi likaNkulunkulu. Futhi ngenkathiefuna ukubaqalekisa, uNkulunkulu wathi, “Ungakwenzi.BangabaMi. Bayeke. Ungabathinti.”125 Manje, ngakho indoda yajika, yabuyela emuva. Manjeqaphelani ikomkhulu layo lehlelo, nokho, ngenkathi

Page 28: NGABE UNKULUNKULU UKE AWUGUQULE YINI UMQONDO WA …download.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0418E Does God... · yini. Ngukukhetha kukaNkulunkulu. Kungebe lutho olunye. Ukukhetha! 11 Ngisho

28 IZWI ELIKHULUNYIWE

ibuyela emuva. Bathumela eliningi ngokuthe xaxa iqembuelinokuthonya. Ngalesisikhathi bangahle ukuba babengabanye,esikhundleni somuntu nje ovamileyo, bangahle ukubababengodokotela bezobunkulunkulu abezayo ngalesisikhathi.Bangahle ukuba babengababhishobhi, noma kumbe amagosaombuso, kukho konke…Wathuma i—i—iqembu elingcono,neqembu elithe ukuba noku—kuthonya kakhudlwana, umuntuothize owayenemfundo ethe ukuba ngcono kakhudlwanafuthi owayengakwazi ukwendlala isu kuye kangcono, akwaziukulenza lizindleke.126 Niyabo, yilokho okwenziwa nguKayini; wazindla. Yilokhookwenziwa nguKora; wazindla. Akusuye ozindlayo.

“Silahla izizindlo.” Siyamkholwa uNkulunkulu,akunandaba ukuthi noma yini ithini. SiyamkholwauNkulunkulu. Asikuzindli okushiwo nguNkulunkulu. Ungekewazindla ngaKho. Ufanele uKwemukele ngokukholwa. Futhinoma yini oyaziyo, awudingi ukuba ube usazindla. Angaziukuthi Ukwenza kanjani; ngikholwa nje ukuthi Uyakwenza.Angazi ukuthi Uzosigcina kanjani lesosithembiso; kodwa WathiUyokwenza. Ngiyasikholwa. Ngiyasemukela phezu kwezisekelozokuthi ngiyakholwa ukuthi siyiZwi likaNkulunkulu.

Wena uthi, “Awu, ungeke wedlula nalokho.” Angazi ukuthingizokwedlula kanjani nakho, kodwaWathi, “Kusho.”

Ngiyakhumbula umelusi wami weBaptisti engitshela, wathi,“Ngani, Billy, uyoshumayela ezinsikeni ebandleni. Ngani,ucabanga ukuthi ukhona oyozwa into enjalo na?”

Ngathi, “UNkulunkulu usho kanjalo.”“Uzokwenza kanjani, ngemfundo yebanga lesihlanu,

ukhulekele amakhosi, futhi ushumayele umhlaba-jikelele na?”127 Ngathi, “Angazi ukuthi ngizokwenza kanjani, kodwa,Washonjalo, futhi lokho nje kungenele kahle mina.” Niyabo? “Washonjalo. Angazi ukuthi kuzokwenziwa kanjani.”

Wathi, “Ucabanga ukuthi abantu kuleli elikhulu,izwe elifundisiwe ozosukuma umelane nalo, ngalendabayokuphilisa ngokukaNkulunkulu njalonjalo, ucabanga ukuthibazokukholwa lokho na?”128 Ngathi, “Akusikho okwami ukwazi ukuthi ngabebayaKukholwa noma qha.” Ngathi, “Umsebenzi wamingukuKushumayela. Yilokho Angitshela khona. Wathi Uyobanami, futhi Ungitshelile ukuthi kuyokwenzani.”

Futhi kwenze khona impela nje Athi kuyokwenza. “Kuqala,bamba izandla zabo; khona-ke kuyofezeka ukuthi uyoze wazingisho nemfihlo yenhliziyo yabo.” Futhi ngakutshela ngakho,futhi kwenzeka ngaleyondlela. Kwenza kanjani na? Namanjeangikazi ukuthi kukwenza kanjani. Akumsebenzi wami ukuthikwenziwa kanjani; kuyenziwa nje.

Page 29: NGABE UNKULUNKULU UKE AWUGUQULE YINI UMQONDO WA …download.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0418E Does God... · yini. Ngukukhetha kukaNkulunkulu. Kungebe lutho olunye. Ukukhetha! 11 Ngisho

NGABE UNKULUNKULU UKE AWUGUQULE YINI UMQONDO WAKHE…29

129 Ubani owayengachaza ngenkathi uNkulunkulu etshelauElija, “Yenyukela lapho bese uhlala entabeni, futhiNgiyokondla. Ngimisele a—amagwababa ukuba akondle na?”Lalingaluthola kanjani igwababa ucezu lwesinkwa neqatha—iqatha lenhlanzi, kubhakiwe, futhi likulethe kumprofethi na?Lokho kungaphambili le kwanoma yini ebengingayichaza.Angicabangi ukuthi ningakucabanga nani, noma akukho-muntu ongakucabanga. Kodwa Wakwenza. Yilokho kuphelaokwakudingekile.Wakwenza, futhi lelo yiqiniso lakho.

Ukuthi Wakwenza kanjani, angazi; akumsebenzi wami.Kodwa Wakwenza. Ukuthi Wawenza kanjani umhlaba, angazi;kodwa Wawenza. Ukuthi Wayithuma kanjani iNdodana yaKhe,angazi; kodwa Wakwenza. Ukuthi Wavuka kajani kwabafileyo,angazi; kodwa Wakwenza. Wangisindisa kanjani mina na?Angazi; kodwa Wakwenza. Kunjalo. Wanisindisa kanjani ninana? Ngeke nganitshela; kodwa Wakwenza. Wangiphilisa kanjanimina na? Angazi; kodwa Wakwenza. Wethembisa ukuthiWayezokwenza, futhi Uyaligcina iZwi laKhe.

Manje, uBalami wayefanele akwazi lokho, futhi wayazikangacono.130 Qaphelani, leli elingcono, iqembu elinokuthonya, liyafika,futhi yini engcono na? Babenezipho ezingcono. Futhi akusikholokho kuphela, babengamnika enye imali eningi, futhibabekwazi, ukwethembisa ukumnika isikhundla esingcono.“Manje, ngaphandle nje kokuba ngumfundisi ovamileebandleni, sizokwenza unsumpawesigodi. Niyabo? Lokho, sizo—sizokwenzela into ethize uma nje uzoxosha lesosigejane sabantusiphume lapho, uyabo, futhi ukumise lokho.” O, bethembisaukumnika isikhundla esikhulu. Wathi, “Ngenkathi ubabusisakakhulu…” Wathi, “Uyazi, nginamandla okukukhuphulelaesikhundleni.” Bukani ukuthi uwatholaphi amazwi akhe,inhloko yesizwe.131 Wayewatholaphi uMose amaZwi akhe na? INkosiyaseZulwini. Esisodwa kwakuyisithembiso seZwilikaNkulunkulu, “Ngizokuthatha ngikuyise ezwenilesithembiso, futhi akukho-muntu oyoma phambi kwakho.Ngiyothuma imivi phambi kwakho bese ibaxosha, kusukelakwesokunene kuya kwesokunxele. Futhi uzolithatha izwe. Ngiprom-…Sengivele ngilinike wena. Qhubeka, ulithathe, lidle;elakho.” Futhi manje, niyabo, yiLowo-ke uMose ayemlalele.Nalendoda yayilalele sekuze kufika into ethize enhliziyweniyayo uqobo eyayinomona ngayo, futhi ngakho-ke yayaenhlokweni yayo yabefundisi. Niyabo?132 Qaphelani, isikhundla esingcono. Wathi, “Uyaziukuthi nginamandla okukukhuphulela esikhundleni na?Ngizokukhuphulela endaweni engcono. Ngizokwenzela okunyeokuningi. Ngizokukhuphulela umholo wakho. Ngizokunika

Page 30: NGABE UNKULUNKULU UKE AWUGUQULE YINI UMQONDO WA …download.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0418E Does God... · yini. Ngukukhetha kukaNkulunkulu. Kungebe lutho olunye. Ukukhetha! 11 Ngisho

30 IZWI ELIKHULUNYIWE

iholo elingcono.” Futhi ngenkathi ethembisa ukumnika konkeokwalokhu, kwamphuphuthekisa.133 Bangaki oBalami abakhona ezweni namhlanje, lokho,ngesikhundla esingcono, ibandla elingcono, isithembiso sentoethize! Uma indoda ithola ukuthi amehlo ayo avulekele eZwininokusebenza kukaNkulunkulu…Naleyondoda elungileyo,enokuthonya, iyoqala iphume njengenceku kaNkulunkulu, futhiiphethe ibandla elihle. Emva kwesikhashana, umbhaphathizokaMoya oNgcwele wethulwa kuyo, umbhaphathizo eGamenilikaJesu wethulwa kuyo, okungumBhalo nokuyiyona ndlelakuphela yangokomBhalo yokubhaphathiza. Futhi umawethulwa kuyo, nehlelo lazi ukuthi bazolahlekelwa yiyouma iqala lokho, bethembisa ukumnika isikhundla esingcononoguquko ebandleni. Niyabo, ubuBalami obudala, futhi, khonaimpela nje njengoba kwakunjalo ekuqaleni.134 Manje, leyondoda ifunda leloBhayibheli, ngeke yaLifundangaphandle uma ibona ukuthi lelo yiQiniso. Akukho-muntuowake wabhaphathiza esebenzisa iziqu zika “Yise, iNdodana,uMoya oNgcwele.” Kuyisivumokholo seKatolika futhi akusiyoiMfundiso yeBhayibheli. Akukho-muntu eBhayibheliniowake wabhaphathizwa, noma iminyaka engamakhuluamathathu emva kokufa komphostoli wokugcina, kodwaokwakubhaphathizwa eGameni likaJesu Kristu. IbandlaeliKatolika laqala lokho, nabo bonke abanye beza kukho.Futhi noma yimuphi umfundisi ehlezi lapho etadishela khonafuthi ezokubuka lokho, uyazi ukuthi kuyiQiniso. Kodwa,ngenxa yokuthandwa ngabantu, ukubamba isikhundla sakhe,ecatshangwa kangcono phakathi kwabantu, uyaxegisa.

“Awu,” wena uthi, “UNkulunkulu umbusisile.”135 Impela. Abanye babo baneziphiwo zokuphilisa, abanyebabo banemikhankaso emikhulu. Nalokho kuhlikihla ngqoebusweni babo, futhi bathola impendulo efanayo evelaeZwini likaNkulunkulu wena noma yimuphi omunye umuntuayengayithola. UNkulunkulu akaguquki. Niyabona ukuthingiqonde ukuthini na?136 UBalami, enzela isikhundla esingcono, wacabanga. Manjebukani, ngenkathi leloqembu elingcono selibuya, oqondile…uBalami, lapha, wathatha indikimba-mbumbulu. Niyabo?Wathi…I—iqembu elingcono liyabuya, wa—wayefanelengabe wathi, “Sukani phambi kwami! Nginitshelile iZwilikaNkulunkulu. Hambani! Lona ngu ISHO KANJE INKOSI.”Kodwa, niyabo, iziphiwo, nokuba ngumuntu othandwa kakhulungabantu!137 O, bathanda kanjani ukukwenza! “Sizokuthumelaemhlabeni wonke. Sizokunika ibhanoyi eyisipesheli. Sizoxhasaimihlangano yakho ndawo zonke uma uzovele nje…” O, qhabo.Hhe-e. Niyabo?

Page 31: NGABE UNKULUNKULU UKE AWUGUQULE YINI UMQONDO WA …download.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0418E Does God... · yini. Ngukukhetha kukaNkulunkulu. Kungebe lutho olunye. Ukukhetha! 11 Ngisho

NGABE UNKULUNKULU UKE AWUGUQULE YINI UMQONDO WAKHE…31

Siyazi ukuthi iZwi lithini. Siyazi ukuthi uNkulunkuluwathini. Sizohlala nalokho, ngosizo lukaNkulunkulu. Niyabo?Akunandaba ukuthi nhloboni yesithembiso, nokuthi kuningikangakanani ongakukhokha, nokuthi kungaki lokhu, lokho,noma okunye onga—ongakuveza; sifuna uISHO KANJEINKOSI, nokuthi Wathini Lapha kuqala.

“Awu, ibandla lathi, ‘Lokho kungokwesibili.’”Sifuna okwashiwo nguNkulunkulu ekuqaleni. “Futhi noma

yini enezelwe kuLo noma esusiwe kuLo, ngisho negama lakholiyosuswa eNcwadini yokuPhila; ukwenezela izwi elilodwakuLo, noma ukususa iZwi elilodwa kuLo.” Sifuna lokhoAkushoyo; hhayi okwashiwo yibandla, okwashiwo nguDokotelauJones, okwashiwo ngomuny’umuntu. Sifuna okwashiwo nguISHOKANJE INKOSI, okwashiwo yiZwi.138 Kodwa manje sithola uBalami, inceku kaNkulunkulu.Namaningi alawo indoda iqala ukuphuma, futhi agcotshwenguNkulunkulu, futhi ikhuluma iZwi likaNkulunkulu ngezintoeziningi; kodwa uma sekufika eQinisweni eligcwele, bangekebakwenze.139 Qaphelani lapha, njengomprofethi kaNkulunkulu,wayengafanele abambeke eqenjini elinjengalelo, okokuqalanje. Wayengafanele ahambe nabo. Kodwa, bhekisisani, ngenxayokuthandwa ngabantu, niyabo, ngenxa kanembeza wakhe,wathi, “Awu, hlalani ubusuku bonke, futhi ngizozama futhi.”Niyabo, “Ngizozama futhi”? Ufuna ukuzamelani futhi na?140 UNkulunkulu wayesevele emtshelile ukuthi akathini.UNkulunkulu wathi, “Batshele ukuthi awuhambi.” LeloyiZwi laKhe lasekuqaleni. “Angihambi. ‘Futhi ungahambi.Ungakuqalekisi engikubusisile.’” Manje bhekisisani, lokhokwaqhuma kwabuyela kuye, emva kwesikhashana. Niyabo?Futhi kuyokwenza, ngaso sonke isikhathi. Uma uNkulunkuluesho noma yini, Uqonde yona. Akawuguquli umqondo waKhengayo. Uhlala neZwi laKhe ngqo. Akunandaba ukuthi nomayimuphi omunye uthini, Uhlala naleloZwi ngqo.141 Manje, uBalami wayefanele azi kangcono. Wayefaneleazikhiphe emshungwini onjalo, kodwa zonke lezozipho ezinhlenesi—si—sithembiso senkosi eyathi, “Uyazi ngingakwenza.Ngingumbhishobhi. Ngingenza nje noma yini engifunaukuyenza, futhi ngizokukhuphula umauzoza ungenzele khona.”

Futhi uNkulunkuluwayesevele emtshelile, “Ungakwenzi.”142 Kodwanokho uBalamiwathi, “Nina, hlalani ubusuku bonke,futhi ngizo—ngizama futhi.”

Niyabo, wayeneZwi. Awudingeki ukuba ube usaphikisangaLo. UNkulunkulu usevele usho njalo. Neqembu elinjalo,njalo bakhuluma bakukhiphe entandweni kaNkulunkulu, umauzobavumela.

Page 32: NGABE UNKULUNKULU UKE AWUGUQULE YINI UMQONDO WA …download.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0418E Does God... · yini. Ngukukhetha kukaNkulunkulu. Kungebe lutho olunye. Ukukhetha! 11 Ngisho

32 IZWI ELIKHULUNYIWE

143 Kwakukhona iqembu elilodwa ukuba lize kumprofethi,ngesinye isikhathi, othiwa nguJobe. Babengenakukhulumabamkhiphe. Wabona umbono. Wayazi ukuthi yikuphiokwakulungile.

UBalamiwabona umbono, nomakunjalo akahlalanga naLo.144 Akunandaba ukuthi amaqembu ebandla lakhe ashokangakanani ukuthi, “O, Jobe, ubufanele wenze lokhu,ubufanele wenze lokho.” Ngisho nomkakhe, wathi,“Ukhuluma njengomuntu oyisiwula.” Niyabo? “Ngiyazi ukuthiiNkosi yathini. Ngiyazi ukuthi Yayidingani, futhi yilokhoengikwenzile.” Niyabo, wahlala nalokho uNkulunkulu amtshelakhona.145 Qaphelani, uBalami esebenzisa indikimba-mbumbulu yakhengenxa kanembeza wakhe. Niyabo? Wathi, “Awu, ngizo—ngizothola. Ngizozama futhi.” Manje, nakho lapho oza khona,ngokwesibili. Bangaki abakaBalami esinabo kulobubusuku,othanda ukusebenzisa leyondikimba-mbumbulu kaMathewu28:19. Ngenxa kanembeza wabo nje na? Bangaki ofunaukusebenzisa uMalaki 4 ngenxa kanembeza wabo na? Bangakiofuna ukusebenzisa uLuka 17:30 ngenxa kanembeza wabonje na? Bangaki ofuna ukusebenzisa lezizinto, namanje,“Awu, ngiyakutshela, ngi—ngikholwa ukuthi bonke baxovekilekuLokho”?146 Bese kuthi-ke nangu uBalami wayezama ukuthi, “Mhlampemhlawumbe uNkulunkulu uxovekile. Ngizozama futhi, niyabo,ngibone ukuthi Utheni.” Manje, Uyayazi inhliziyo yakho.Qaphelani, uBalami wasebenzisa lendikimba-mbumbulungenxa kanembeza wakhe uqobo, ngoba, empeleni, wayefunaleyomali. Wayefuna lesosikhulu. Wayefuna lokho. Wayefunalowomsebenzi. Wayefuna lesosikhundla, ukuba abukwekuso, njengoDokotela u S’bani-bani. Ngakho wa—wa—wathi,“Ngizozama futhi.”147 O, kwabakaBalamu ezweni kulobubusuku, izikhundlaezethenjisiwe, ukuthandwa ngabantu! He, o, he! Benzandikindiki unembeza wabo ngabo. Ngenxa yamahleloabo, bathi, “Uma wenza lokho, phum’uhambe. Ngiyaziuyindoda elungileyo, futhi siyakuthanda,” futhi yena uyindodaelungileyo, “siyakuthanda. Kodwa ungeke wakushumayelalokho. Imfundiso yethu—yethu ithi ungeke wakwenza lokho.UDokotela u S’bani-bani wathi kungalendlela. Manje ufaneleukukholwe ngalendlela, uma uhlala nathi. Manje, uma ufuna,ngiyazi ubenesikhathi esil’khuni, awu, ngizobona ukuthi ngekeyini ngakukhuphula, mhlawumbe ushintshe amabandla.” O,wena Balami! Uma uyazi intando kaNkulunkulu, uyayenza!UNkulunkulu akazukuwuguqula umqondowaKhe. Qhabo.148 Into abengayedlula, iQiniso, lomyalo wakhe. Wathi, “Awu,ngizo—ngizozama futhi.” Qaphelani nango uBalami.

Page 33: NGABE UNKULUNKULU UKE AWUGUQULE YINI UMQONDO WA …download.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0418E Does God... · yini. Ngukukhetha kukaNkulunkulu. Kungebe lutho olunye. Ukukhetha! 11 Ngisho

NGABE UNKULUNKULU UKE AWUGUQULE YINI UMQONDO WAKHE…33

149 Ngakho manje khumbulani, ngenkathi efika ebusukwinibesibili, nalomuntu odumileyo omkhulu, wayeseveleenonembeza wakhe usubuthuntu futhi usundikindiki,uNkulunkulu wamdedela wahamba. Manje, uNkulunkuluakawuguquli neze umqondo waKhe, kodwa Umnika intandoyaKhe evumelayo. “Qhubeka-ke.” Kodwa wathola ukuthiakuzukusebenza.150 UNkulunkulu wayazi ukuthi kwakukhonani enhliziywenikaBalami. Nakuba wayengumprofethi, Wayazi ukuthiwayebazonda labobagingqiki abangcwele, futhi u—futhi uvelenje…wa—wayezofuna ukubaqalekisa, noma ikanjani. FuthiuNkulunkulu wayesevele emtshelile ukuba angakwenzi, kodwanokho uyeza, wayefuna ukukwenza, futhi, ngakho uNkulunkuluwamyeka waqhubeka. UNkulunkulu wathi, “Qhubeka.” Manje,khumbulani, Akawuguquli neze umqondowaKhe.151 Qaphelani, kwakuyisifiso sakhe ukubaqalekisa. Abantuayebathatha ngokuthi bayizinhlanya, wayefuna ukubaqalekisa.Wayefuna isikhundla. Wayengafuni ukuzilulaza ngabo,ngakho wacabanga ukuthi uma wayengahle enzele inkosilesisenzo esincane, khona-ke wayezokhushulwa. UNkulunkuluakawuguquli neze umqondowaKhe noma iZwi laKhe.

Kodwa Uyokunika isifiso senhliziyo yakhe, senhliziyoyakho.Wakwethembisa lokho. Niyakwazi lokho na?Wethembisaukukunika isifiso senhliziyo yakho. Futhi isifiso sakho masibeyiZwi likaNkulunkulu. Isifiso sakho masibe yintando yaKhe,kungabi neze yintando okungeyakho. Intando yaKhe! UmaE…UMcele into ethize, Akakuniki, thana, “NgiyaKubonga, Nkosi.Uyakwazi okuhle.”152 Bukani ngisho neNkosi uHezekiya, ngenkathi Ethumelalowomprofethi enhla lapho kuye, kwenziwa nguNkulunkulu,wayesethi, “Yalela indlu yakho. Uzofa.”

UHezekiya waphendulela ubuso bakhe odongeniwayesekhala kamunyu, wayesethi, “Nkosi Nkulunkulu, ngi—ngicela Unginake. Ngihambile phambi kwaKho ngenhliziyoephelele. Ngifuna Ungivumele ngiphile kade ngeminyakaeyishumi nanhlanu.”153 “Kulungile.” UNkulunkulu wakhuluma kumprofethi, wathi,“Buyela emuva bese umtshela ukuthi Ngimzwile.”

Futhi wenzani na? Waletha ihlazo phezu kwaso sonkeisizwe. Wokhela ukuthukuthela kukaNkulunkulu ngangokuthiWayesezombulala. Kunjalo. Niyakwazi lokho. UkuhlubukakuNkulunkulu. Kwakuyobangcono kakhulu, ukusuka, isizwe,inkosi, nabo bonke, ukuba wayeqhubekile futhi wathatha intoyokuqala kuNkulunkulu kuye.

Kodwa kwabonakala kul’khuni kumprofethi, ngenkathiumprofethi edingeka ukuba abuyele emuva futhi akhulumeiZwi likaNkulunkulu kuye, emva kokuba esemtshelile. Kodwa

Page 34: NGABE UNKULUNKULU UKE AWUGUQULE YINI UMQONDO WA …download.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0418E Does God... · yini. Ngukukhetha kukaNkulunkulu. Kungebe lutho olunye. Ukukhetha! 11 Ngisho

34 IZWI ELIKHULUNYIWE

uNkulunkulu wathi, “Qhubeka.” Kodwa, niyabo, kwalethaihlazo.154 Wenzani uBalami na? Emva kokwazi intando kaNkulunkulu,futhi nokho wayephikelele, wayezokwenza, noma kanjani. Futhiwenzani na? Qaphelani. Akazange awuguqule neze umqondowaKhe.Wayekwazi okwakusenhliziyweni yakhe.155 Niyazi, uTomase, ngesinye isikhathi akakukholwanga nje.Qhabo, wa—wathi, “Qha, ngeke ngakukholwa lokho. Ukubabengingathatha isandla sami bese ngisifaka ohlangothinilwaKhe, ngisifake ezipikilini zesandla saKhe, awu, manje-ke,manje-ke ngizo—ngizokukholwa-ke.”

Wathi, “Woza lapha, Tomase. Niyabo? Manje faka izandlazakho lapha.”

Manje, o, uTomase wathi manje, “YiNkosi yaminoNkulunkulu wami.”156 Wathi, “Yebo, usubonile, futhi manje usuyakukholwa.Mkhulu kakhulu kangakanani umvuzo wabo, ongakaze abonefuthi nokho akholwe!”

Abantu ngezinye izikhathi ngeke bamemukeleuMoya oNgcwele ngaphandle uma bekhuluma ngezilimi.Ngiyakholelwa ekukhulumeni ngezilimi, impela.UnguNkulunkulu olungileyo; Uyokunika isifiso senhliziyoyakho. Kodwa akunandaba ukuthi ukhuluma kakhulukangakanani ngezilimi, futhi uphike leliZwi, usephutheninoma kanjani. Niyabo? Niyabo, awungeni ngokukhulumangezilimi. Ungena ngokugcina lonke iZwi. Lobo ngubufakaziobubonakalayo bukaMoya oNgcwele, uma ukholwa iZwilikaNkulunkulu. Niyabo?157 Ngiyakholelwa ekukhulumeni ngezilimi. Ngiyakholwaungaphiliswa, njengoba ngishilo kulokhu ukusa, uyozeukhulume ngolimi olusha. Ngikwenzile, qobo lwami, futhingiyazi ukuthi kuyiQiniso. Ngiyazi ukuthi kuqinisile. Kodwaleso akusiso isibonakaliso leso, wena, ukuthi ungumntwanaokhethiwe kaNkulunkulu. Niyabo? Qhabo, lutho nhlobo.Akazange athi…

“Abaningi bayakuza kiMi futhi bathi, ‘Nkosi,angiprofethanga yini futhi ngenze zonke lezizinto ezinkulungeGama laKho na?’ Iyothi, ‘Sukani kiMi, nina enenza okubi,Angizange nginazi.’”158 Nikhuluma ngezilimi bese-ke nala ukubhaphathizwaeGameni likaJesu Kristu na? Kukhona okungalungilendawondawo. Yebo, impela; noma yiziphi zalezozinto, nomayiziphi zalezo ziyalo uNkulunkulu azinikezayo. Kukhonaokungalungile. Nje hlola unembeza wakho uqobo, bese ubonaukuthi—ubone ukuthi iBhayibheli lathini. Ngikhombise indawoethize lapho khona othize abhaphathizwa egameni lika “Yise,

Page 35: NGABE UNKULUNKULU UKE AWUGUQULE YINI UMQONDO WA …download.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0418E Does God... · yini. Ngukukhetha kukaNkulunkulu. Kungebe lutho olunye. Ukukhetha! 11 Ngisho

NGABE UNKULUNKULU UKE AWUGUQULE YINI UMQONDO WAKHE…35

iNdodana, uMoya oNgcwele.” Niyabo? Akukho lapho. Kodwa,niyabo, ngezinye izikhathi ngenxa kanembeza wakho, wenauthi, “Awu…”

Wena uthi, “UNkulunkulu ukhuluma kwabesifazanemayelana nokuthi bafanele benze kanjani, ukuba bangazigqokiizikhindi nezinto, kodwa, uyazi, umelusi wathi…” Ngakhobathatha indlela elula.159 Bayazi ukuthi uNkulunkulu wathini ngakho Lapha. Niyabo?Impela, uNkulunkulu washo njalo.

Ngakho ba—ba—bafuna ukukwenza, noma kanjani, niyabo.Bazama ukuthola izaba. “Awu, ngicabanga ukuthi kungconokakhulu. Ku—aku…Umoya awuvunguzi…”Ya.

Kodwa uNkulunkulu washo ngowesilisa ukuba agqokeokwehlukile kowesifazane. “Uma owesifazane egqoka inguboefanele owesilisa, kwakuyisinengiso ebusweni baKhe.” Ngakhoakulungile, yebo, futhi awufanele ukwenze. Qhabo. Niyabo?Ngakho, ngakho-ke, akulungile.160 Kodwa, niyabo, bazama ukuthola izaba, ukuthi, “INkosiyangitshela ukuba ngenze lokhu.” Angisho ukuthi Ayishongo,kodwa, buka, akusiyo intando yaYo ephelele. Kufanele kubeyintando yaYhe evumelayo. Niyabona ukuthi Iyokwenzani na?Iyokonakalisa isigejane sonke. Yonakalisa lonke ikamu.161 Qaphelani lapha, uNkulunkulu akawuguqulanga nezeumqondo waKhe, iZwi laKhe. Kodwa UnguNkulunkuluolungileyo, futhi uyokunika isifiso senhliziyo yakho, nakubasiphambene nentando yaKhe. Niyakukholwa lokho na?

Bukani, uNkulunkulu watshela uMose, “Yehlela lapho,”lomprofethi ogcotshiweyo.Wathi, “Yehlela lapho bese ukhulumakulelodwala.” Selivele lishayiwe.162 UMose wehlela lapho ekuthukutheleni kwakhe, wacoshainduku, wayesethi, “Nina bahlubuki, ngabe sifanelesinikhele amanzi kulelidwala na?” wayeselishaya idwala.Amanzi awaphumanga. Walishaya futhi; ayaphuma.Kwakuphambene nentando kaNkulunkulu. Kwabhidliza lonkeicebo eBhayibhelini; uKristu wadingeka ashaywe okwesibili.Niyabo? UKristu washaywa kanye. Kwabhidliza lonke icebo.Kodwa Umnika intando yaKhe evumelayo. Manje-ke, kamuva,wathi, “Niyabo, sesinitholele amanzi. Ya, nginilethele wona,nina sigejane sabahlubuki!”163 UNkulunkulu wathi, “Woza lapha, Mose. Woza lapha.Khuphukela lapha esiqongweni…Ubuyinceku ethembekile.”Njengowesifazane enezicathulo ezingamahayihili. “Ugibelile,uyabo. Buka ngaleya. Uyalibona izwe lesithembiso?”

“O Nkosi!”“Kodwa awuzukuwela. Uthathe intando yaMi evumelayo,

ezansi lapha eDwaleni. Uzikhazimulise wena, uyabo, futhi

Page 36: NGABE UNKULUNKULU UKE AWUGUQULE YINI UMQONDO WA …download.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0418E Does God... · yini. Ngukukhetha kukaNkulunkulu. Kungebe lutho olunye. Ukukhetha! 11 Ngisho

36 IZWI ELIKHULUNYIWE

hhayi Mina. Uzingcwelise wena. Awungingcwelisanga Mina.Awuligcinanga iZwi laMi lasekuqaleni, engikutshele ukubaukwenze.” Nokho, amanzi aphuma.

Ungabeka izandla phezu kwabagulayo futhi basinde.Ungaprofetha, noma ukhulume ngezilimi. Kodwa, into yile,gcina iZwi laKhe lasekuqaleni! UNkulunkulu akawuguquliumqondo waKhe, mngane. Ufanele ugcine ukuthuma kwaKhe,intando yaKhe.

“O, awu, lokho kwakungokwabafundi.”164 Akaguquki. Uma Esalokhu enaye umfundi, lokhongukuthunywa okufanayo. “Hambani niye ezweni lonkefuthi nishumayele iVangeli. Lezizibonakaliso ziyakubalandelaabakholwayo.” Akukaze kuguquke. Angeguquke.

Manje, wena ungathi, “Awu, ngiyakutshela, akusikhookwalolusuku.” O, wena kaBalami! Niyabo? Niyabo,uNkulunkulu akaguquki. Nguyena izolo, namuhla, naphakade.165 Bukani nje abakaBalami namhlanje. “O, ngiyazi,eBhayibhelini babebhaphathiza eGameni likaJesu, kodwa,buka, bonke abantu…”

Angikhathali ukuthi abantu wenzeni. “Alikho elinye iGamaphansi kweZulu elinikiwe ebantwini eningasindiswa ngalo.”“Akukho kuthethelelwa kwesono, kuphela ngeGama likaJesuKristu.” Ini, ukuthi ulunge kangakanani, ukuthi wenzani,lokho akuhlanganise lutho nakho. YiZwi likaNkulunkululasekuqaleni; ufanele uhlale naleLo.Whewu!Kulungile.166 “Ukulalela eZwini laKhe kungcono kunomhlatshelo.”Niyakhumbula ngalesosikhathi ngenkathi uSawulu ebuya.167 UBalami wayenesiphiwo sokukholwa futhiwayengasisebenzisa kweliphelele, lasekuqaleni iZwilikaNkulunkulu.

Amadoda amaningi nensimu namhlanje, neziphiwozokuphilisa, abengenza into efanayo. Amadoda amaningiphandle lapha, abantu bekhuluma ngezilimi, abantu beprofetha,isiphiwo, bangasisebenzisela uMbuso kaNkulunkulu, kodwaabakwenzi. Bathatha…NoNkulunkulu uyababusisa, empeleni,uthola intando evumelayo. Kodwa bakwenzela ukuthandwangabantu, nezinjabulo, ukuzizuzela ngesingabo, bathengisangobuzibulo babo, njengoba kwenza uEsawu, niyabo,bathengisela enhlanganweni. Bathengisa, njengoba kwenzauBalami. Niyabo?

Abaningi kakhulu benza namhlanje into efanayo. Siyaziukuthi lokho kunjalo. Bathengisa ngobuzibulo babo. Hhe!Abesifazane bezisho ukuthi banoMoya oNgcwele, begqokaizikhindi; owesilisa bebavumela kulawomapulpiti, abesifazaneabaphungule izinwele emapulpiti; upende ebusweni babo,

Page 37: NGABE UNKULUNKULU UKE AWUGUQULE YINI UMQONDO WA …download.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0418E Does God... · yini. Ngukukhetha kukaNkulunkulu. Kungebe lutho olunye. Ukukhetha! 11 Ngisho

NGABE UNKULUNKULU UKE AWUGUQULE YINI UMQONDO WAKHE…37

begqoke izevatho zezenkolo. Isikhubekiso esikhulu ukwedlulazonke ebandleni kwesake saba khona.168 Uma nifuna ukwazi, emandleni ezepolitiki, ukuthi sikhathisini onyakeni wombuso, bukanini ukuthi amaJuda akuphi.Bhekisisani ukuthi amaJuda akanjani, ngoba ayisizwe. Umanifuna ukwazi ukuthi izizwe zimi kuphi, bhekisisani amaJuda.

Uma nifuna ukwazi ukuthi ibandla limi kuphi, bhekisisaniabesifazane. Bhekisisani ukuziphatha phakathi kwabesifazane,ngoba ungokumele ibandla. Uma nibona ukonakala phakathikwabesifazane, nithola ukonakala ebandleni. Ukuthi ubayini,uJezibele ozipendile, khona impela nje ibandla elibe yikho.Niyabo? Manje, lelo yiqiniso, futhi niyakwazi lokho. Niyabo?Uma nifuna ukwazi ukuthi ibandla likuphi, bhekisisaniukuziphatha phakathi kwabesifazane. Isizathu, uyilo, ibandlalingowesifazane.

Uma nifuna ukwazi isimo esikhona sobuzwe, bhekisisaniamaJuda.169 Qaphelani, njengoba uNkulunkulu asho kuBalami, emvakokuba esezwe isinqumo esiqinisile-ngqo, iZwi, “Ungahambi.”Yebo, Wayesemtshela-ke, emva kokuba Esebonile enhliziyweniyakhe—yakhe, ukuthi kwakuzokwenzani; Umnika intandoyaKhe evumelayo, ngakhoWathi, “Hamba.”170 Nawe ungenza into efanayo. Uma ungafuni ukuhambaeQinisweni, ungahamba futhi ube—ube nenkonzo enkulu.Impela, ungakwenza. Kodwa uthatha intando yaKhe evumelayo.Uhamba phezu kweZwi laKhe.Uyokuphumelelisa, impela. I…

Njengoba Enza uBalami nje. Wayeyimpumelelo, kodwaakakwazanga ukubaqalekisa labobantu. Akakwazangaukukwenza. Isizathu, ngaso sonke isikhathi uma eqalekisa,wayebusisa. Niyabo, akakwazanga ukukwenza. Kodwa laphoesefika la eba ngophumelelayo khona enzuzweni yakhengempumelelo, wafundisa labobantu, ngoBalaki, ukubabaphinge. Waletha ekamu likaIsrayeli futhi wabaganisela,wathi, “Ngani, sonke simunye. Ngani, nikhonze uNkulunkuluofanayo. Sinomprofethi enhla lapha; nani ninomprofethiezansi lapho. Futhi sinemihlatshelo efanayo, uJehova ofanayonjengobobaba bethu. Manje, yini nonke ningavele nje nize futhinihlangane nathi.”

IBhayibheli lathi, “Ungazihlanganisi phakathikwabangakholwayo. Ungaboshelwa kanye nabo, nhlobo. UmabengaLikholwa, deda kubo.” Niyabo? “Phumani, nahlukane,”isho iNkosi, “futhi Ngiyonamukela.” Niyabo? “Ningathintiizinto ezingcolile.” Kunjalo. Ukungcola kwabo ngokumelananeZwi, nezinto ezinjalo, deda kukho. Ungakulaleli.171 Futhi lapha sithola ukuthi uBalami wehlela lapho futhiuqala ukufundisa abantu, futhi wayenokweduka. Futhiu—ugijima ngendlela kaBalami, ukuthi wenza kanjani,

Page 38: NGABE UNKULUNKULU UKE AWUGUQULE YINI UMQONDO WA …download.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0418E Does God... · yini. Ngukukhetha kukaNkulunkulu. Kungebe lutho olunye. Ukukhetha! 11 Ngisho

38 IZWI ELIKHULUNYIWE

futhi wafundisa uBalaki, nabantwana bakwaIsrayeli ukubabaphinge. Nenhlupheko yashaya isizwe sakwaIsrayeli, abantu,nezinkulungwane zabo zafa ngosuku olulodwa.

Futhi ngenkathi bonke beselapho, phambi kwealtare likaNkulunkulu, bekhuleka, nakhu kufika indodaengumIsrayeli nowesifazane wakwaMidiyani, owesifazanewehlelo, wayesengena ethendeni. Nendodana yompristiyahamba yawelela lapho, yase ithatha ijavelini umkhontowokuphosa yase ibabulala bobabili. Nalokho kwamisa ulakalukaNkulunkulu. Niyawazi lowo ngumBhalo. Kunjalo na?Niyabo?172 Kodwa kwenzekani na? UBalami, waphumelela ekuqedeniuIsrayeli amandla. Wenzani na? Waqeda amandla ikamu labo.UNkulunkulu wamdedela wahamba futhi waqeda amandlaikamu labo, futhi konakalisa ikamu lonke.

Futhi uma kuqala imfundiso ethize, engesilo iQinisoleBhayibheli, yonakalisa ikamu lonke. Omunye usukumanombono owehlukile, njengoKora, futhi athi, “Awu, lokhu,lokho, nokunye, futhi nginemibono eyehlukene,” konakalisaikamu lonke. Futhi yilokho okwenze lonke ikamu lebandlanamhlanje. Kunjalo.173 Efundisa njengoba enza, eqeda amandla lonke ikamulaseKadeshi-barineya, iZwi lamanqamu. Ngenkathi befikaeKadeshi-barineya, ngaleyonkathi, ukuqedwa amandlakwekamu. Bayabuya. Babehambe kahle emva…

Khumbulani, babedle ukudla kwezingelosi. BabeneZwilikaNkulunkulu, njalo ebusuku, libonakaliswa. Futhi badlaukudla. Baphuza edwaleni. Benza konke, bazibona izimangaliso.Bambhekisisa uMose, futhi balibona izwi lakhe, bazibonaiziprofetho zakhe, yonke into.

Kwase kuthi-ke ekugcineni ngenkathi belalela lomfundisiwamanga, wangena phakathi kwabo wayesefundisaokungalungile, waqeda amandla ikamu amandla, futhiwaphumelela ngakho.

Angahle ukuba wakha izakhiwo zamadola ayisigidi.Angahle ukuba wayenamahlelo amakhulu. Angahle ukubawenezela izinkulungwane eziphindwe kazinkulungwane, futhiwenza imisebenzi emikhulu, nemisebenzi enamandla, futhiwayengumprofethi. Kulungile lokho, kodwa, inqobo nje umakungekanye neZwi likaNkulunkulu, kungcono udede kukho.

UNkulunkulu akawuguquli umqondo waKhe. Hlala neZwilaKhe ngqo, ngoba yilokho okuzophuma ekugcineni, iZwi, iZwingeZwi. “Oyosusa iZwi elilodwa kuLo, noma enezele izwielilodwa kuLo!” Lifanele lihlale, leloZwi.174 Manje lalelani ngokusondela manje. Ngenkathi kufikaukuhlola kweZwi, ngenkathi bewela futhi bababona

Page 39: NGABE UNKULUNKULU UKE AWUGUQULE YINI UMQONDO WA …download.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0418E Does God... · yini. Ngukukhetha kukaNkulunkulu. Kungebe lutho olunye. Ukukhetha! 11 Ngisho

NGABE UNKULUNKULU UKE AWUGUQULE YINI UMQONDO WAKHE…39

abaphikisana nabo bebakhulu kakhulu, abaphikisana naboabakhulu ukwedlula bonke abake bababona, ama-Amaleki wa—wayephindwe kashumi ngokosayizi wabo. Bathi, “Sibukekanjengezintethe. Izintango zawo, noma imizi yawo ibiyelwekakhulu angaze adlale umjaho wezinqola ezungeza, izinqolaezimbili, ehamba ngamakhulu amandla, ezungeza izindonga,niyabo, zemizi yawo. Ngani, imikhonto yawo iphumele le, mide.Futhi ayizidlakela. Ngani, sibukeka sifana nezintethe. Ngekesakwenza.

Futhi amadoda amabili ama kuleloZwi, uKalebi noJoshuwa,athi, “Ake nilinde umzuzu! Ninabantu eniyizigidi ezimbilithulani du umzuzu nje. Sinamandla kakhulu ukukwenza.Niyabo, sinamandla kakhulu kunokuqhathaniswa nabo.”

Babesekeleke kukuphi na? UNkulunkulu wathi, “Ngininikeizwe. Ngelenu.” Futhi bama lapho. Kodwa abantu basebeganiselene, phakathi kwezinye izinto, nazo zonke izinhlobozezivumokholo nezinkambiso zezinkonzo phakathi kwabo,futhi nje bebuthakathaka, bentengentenge, bengazi ukuthibazophendukela ngaphi nokuthi benzeni. Kunjalo. Nakhokufika ukuhlola kweZwi.175 Nokho, Ukunika imvume yokuba wenze, uvumela intandoyakho, intando evumelayo, azi ukuthi…Okusenhliziyweniyakho, Uyakwazi.

Wena uthi, “Awu, Mfowethu Branham, ngenza ukuthi-nokuthi. Akungihluphi. UNkulunkulu uyangibusisa nsukuzonke. Ngihlabelela eMoyeni. Ngisina eMoyeni. Ngi…”Uyokuvumela. Qhubeka. Kunjalo. Kodwa uyokwenzenjani na?176 “Ngigqoka izikhindi, futhi ngenza lokhu. Akungihluphi.Ngiyazi ukuthi ukukholwa kwami kukuKristu, hhayi kulokhoengikugqokayo.”

Kodwa, iBhayibheli lathi kukhona into ethize, futhi. Niyabo?Uyokwenzenjani na? Uyokwenza isikhubekiso, njengobakwenza uBalami, phambi kwabo bonke abanye besifazane.Uyokwenzenjani emantombazaneni akho asemancane na?Uyoba nesigejane soRickettas, kunjalo impela, isigejanesoJezibele abancane abazipendile. Niyabo?177 Kodwa uNkulunkulu uyokuphumelelisa. “Ngani,Uyangibusisa.” Angikungabazi lokho. Wabusisa uBalami,futhi. Niyabo? Impela Uyokwenza. Uyohamba entandweniyaKhe evumelayo, hhayi intando yaKhe ephelele. UNkulunkuluakawuguquli umqondowaKhe, ngobaUyakubusisa.

Wabusisa uIsrayeli khona phandle lapho iminyakaengamashumi amane. Benzani na? Baganwa abafazi, bakhulisaimindeni, banga abantwana, bakhokha izishumi zabo, bahlalakhona phandle lapho. NoNkulunkulu wababusisa ehlane,wabondla ngemana, njalo njalo. Futhi bonke babhubha, ngobaabazange bagcine eyaKhe yasekuqaleni, evumelayo…Intando

Page 40: NGABE UNKULUNKULU UKE AWUGUQULE YINI UMQONDO WA …download.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0418E Does God... · yini. Ngukukhetha kukaNkulunkulu. Kungebe lutho olunye. Ukukhetha! 11 Ngisho

40 IZWI ELIKHULUNYIWE

yaKhe yasekuqaleni, iZwi laKhe. Bathatha indlela yaKheevumelayo.178 Qhubeka, kodwa, ukhumbule, ngenkathi besuka eKadesh,ababange besahamba neze baqhubekele phambili. Bavele njebahamba bezungeza bezungeza, ehlane. Lapho, ngabe baphuma,ezinsukwini ezimbili emva kwalokho, ngabe base besezwenilesithembiso. Bahamba iminyaka engamashumi amane, futhibonke bafa ngaphandle kukaJoshuwa noKalebi, labo abahlalaneZwi lasekuqaleni.179 O Nkulunkulu, sisize. uNkulunkulu akayiguquli intandoyaKhe. Akawuguquli umqondowaKhe, kodwaUyokubusisa.

Impela,Wambusisa uBalami. Futhi wenzani ezansi lapho na?Walona lonke ikamu. Niyabo, ufanele uhlale kulokho Akusho.Akaliguqulanga neze icebo laKhe lasekuqaleni.180 Manje bukani abakaBalami namhlanje, ensimini,ubungabuka. Qalaza nje. Bephumelela, bekhuluma ngezilimi,impela, besebenzisa isiphiwo sikaNkulunkulu ukuba bazuze,yonke into, impela. Kodwa kona lonke ibandla likaNkulunkulungokufundisa kwabo okonakele. Kunjalo.

Oyedwa wathi kimi, wathi, “Ukwenzela ini lokhu na?Ukwenzela ini lokho na?”

Ngathi, “Awukukholwa yini ukuthi Lelo yiQiniso na?”181 “O, yebo. Kodwa,” wathi, “uyaz’uk’thini? Lowo akusiwoumsebenzi wakho. Ufanele ukhulekele abagulayo. Bakukholwaukuthi ungumprofethi. Ngani, ubungafundisa labo besifazaneukuthi kanjani, nalabo isilisa, ukuthi bakwenze kanjani lokhu,lokho, nokunye.”

“Ungabafundisa kanjani ongwaqa bengeke babafundangisho noABC babo na? Hhe? Hhe? Ungabafundisa kanjanilezozinto bengeke bayithatha nencwadi yakwa a?” Niyabo?Ufanele ubuye futhi uqale lapho owaqala khona, noma laphoowashiya khona, bese uthatha lonke iZwi likaNkulunkulu.182 Kubukeni nje ensimini namhlanje. Njengoba uBalamiwaganisela ibandla likaNkulunkulu, isifebe, waganiselaisifebe ebandleni likaNkulunkulu, kanjalo nalababafundisibamanga namhlanje bezama ukunitshela. Bazoziganisela zonkelezizinhlangano nalababantu esifebeni esidala saseSambulweni17. Imfundiso yabo kaBalami izungeza namhlanje, futhi ithi,“Siyafana nje. Sonke singamaKristu.” Nabapristi nophapha,nokunye, bonke bexegisa futhi benza lokhu.183 Umshumayeli wathi; ngazi ngisho umshumayeliwePentecostal, bonke, baqale manje benikana isinkwaikosha esiyindingilizi. Okuchaza ukuthi, Ashtoreth, u“nkulunkulu-wenyanga,” isinkwa esilucwecwana esiyindingiliziikosha. Uthi, “Vala amehlo akho bese usithatha, umasilimaza unembeza wakho.” Vala amehlo akho? Isinkwa

Page 41: NGABE UNKULUNKULU UKE AWUGUQULE YINI UMQONDO WA …download.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0418E Does God... · yini. Ngukukhetha kukaNkulunkulu. Kungebe lutho olunye. Ukukhetha! 11 Ngisho

NGABE UNKULUNKULU UKE AWUGUQULE YINI UMQONDO WAKHE…41

esilucwecwana esiyi ndingilizi, sichaza ukuthini na? Sithathaumzimba ohleshuliwe, uJesu Kristu, ohleshuliwe; hhayiunkulunkulu wenyanga oyindingilizi, uAshtoreth, uMariyaathatha indawo yakhe. Nekosha isinkwa samaRoma sisalokhusiyindingilizi, ngonkulunkulu wenyanga, unkulunkulukazi,hhayi unkulunkulu. Thina sinesinkwa ikosha esihleshuliwe,impela. O!184 Ngakho manje isifebe esikhulu saseSambulweni 17,lababafundisi bakaBalami nemfundiso yabo yamanga, iganisaibandla kulolohlobo lwenxovanxova. Bhekisisani uma sekuzakwelamanqamu esikhathini sokugcina, bukani ubuthakathakabakho manje. Izinhlangano ezehlukene ezingamakhuluayisishiyagalolunye nento, enye idonsa ngendlela eyodwa,nenye ngenye. Akukho-bunye phakathi kwazo. Futhi zizamaukuletha ubunye; obungasekeliwe yiZwi likaNkulunkulu,icebo likaNkulunkulu lasekuqaleni. Balifaka ngepolitikinenhlangano.

UNkulunkulu akawuguquli umqondo waKhe. Uhlala neZwilaKhe ngqo. Wathi, “Kodlula amazulu nomhlaba, kepha iZwilaMi ngeke.”Kunjalo. Uhlala neZwi laKhe lasekuqaleni. O, he!185 Nakuba besadlinza ngokumelana naLo, njengoba benzanje, futhi nje…Yinye kuphela into okumele yenziwe. AngekeaLiguqule. Kholwa nje. Ngoba, kokubili amazulu nomhlabakodlula; iZwi laKhe alisoze lehluleka. Niyabo?186 Niyabona ukuthi niya ekuganeni kuphi na?Niyayibona ipolitiki nezinto, ukuthi bazama kanjaniukuhlanganisa amabandla ndawonye ngepolitiki ebandleni na?Asihlanganisiwe kuKristu ngepolitiki.

Sihlanganiswa, iBandla, kuKristu, ngombhaphathizokaMoya oNgcwele. Futhi indlela owazi ngayo umbhaphathizokaMoya oNgcwele, yingoba lowoMoya kuwe ukhomba lonkeiZwi likaNkulunkulu ukuthi liyiQiniso. Kunjalo. “Ngokubayilowo nalowo oyosusa iZwi elilodwa kuLo, noma enezele izwielilodwa kuLo, isabelo sakhe siyosuswa eNcwadini yokuPhila.”187 Nokho, “Uyaphumelela,” wena usho njalo. Ungekewalikholwa Lelo ngempumelelo. Ungeke wamehlulelauNkulunkulu ngempumelelo. Izwe liyaphumelela. UBalamiwaphumelela ngakho.

Kodwa, mfowethu, wehlulela uNkulunkulu ngeZwi laKhe.Uyaligcina iZwi laKhe futhi aLikhombe ukuthi liyiQiniso.Ngakho khumbula, mngane, inqobo nje uma usaphila,ungalokothi ukukhohlwe lokhu. UNkulunkulu akawuguquliumqondo waKhe. Nokho, Uyobusisa. Uyokudedela uhambengentando yaKhe evumelayo, kodwa angeke Awuguquleumqondo waKhe. Angeke aliguqule icebo laKhe. Angekealiguqule iZwi laKhe, ngawe. Qhabo, mnumzane.

Page 42: NGABE UNKULUNKULU UKE AWUGUQULE YINI UMQONDO WA …download.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0418E Does God... · yini. Ngukukhetha kukaNkulunkulu. Kungebe lutho olunye. Ukukhetha! 11 Ngisho

42 IZWI ELIKHULUNYIWE

Ufanele uguquke. Ungeke waba neZwi lkaNkulunkuluukuqhathanisa isehlakalo sakho; ufanele ube nesehlakalo sakhoukuqhathanisa iZwi likaNkululnkulu. Niyabo? Yileyondlelaonakho…

Nithi, “Awu, ngingumuntu olungile. UNkulunkulu wenzalokho, lokhu, noma okunye.” Kodwa uyaligcina iZwi laKhe na?“O, awu, ngizokutshela, lokho hhayi nje…Qha.” Kulungile,kukhona okuthize okungalungile ndawondawo. UNkulunkuluuyahamba…Yebo,Uzokuphumelelisa. Impela, Uzokwenza…188 Amahlelo liyaphumelela kulowo obengeke abe nakho!Asabalalisa amathende awo, amakhulu, amabandla amahle,nakho konke, ezweni lonke. Acebile, nemali ithululeka phakathi,namalunga avela ndawo zonke. Alishongo yini iBhayibheli,“Kwatholakala kuso ngisho nemicebo yezwe, futhi ngishonemiphefumulo yomuntu,” nakho konke, okwatholakalakulesisifebe esidala, esingunina wayo yonke into, ipolitikinenhlangano?189 Kodwa iqembu elincane likaNkulunkulu nguMlobokaziwaKhe, emi maphakathi naleloZwi. Kwangathi uBabawaseZulwini oThandekayo angalokhu enigcine njalo niqinilekhona lapho. Ningalokothi nigudluke kuleloZwi.

Ningahle nibusise, ningahle…UNkulunkulu angaphilisaabagulayo benu. Angaphilisa ingane yakho egulayo. Angaphilisaindoda yakho egulayo, umkakho. Angaphilisa unyoko, omunyeumuntu. Ungagxuma eMoyeni waKhe, futhi usine phansi-phezulu.

Khumbulani, imvula inela abalungile nabangalungile,ngokufanayo nje. Kodwa uma leyombewu ilele lapho,kuphakathi kokuthi imiselwe noma ayimiselwe. Futhi umaimiselwe, ina…Uma ingukolo, izofanele ithele ukolo.Uma kuyiZwi likaNkulunkulu, lizofanele liveze iZwilikaNkulunkulu. Uma kungesilo, awu, khona-ke akusilo.Niyabo? Niyakuthola lokho manje na?190 INkosi inibusise. Lapha nginitshele ukuthi bengizoyekangelesishiyagalolunye nqo, futhi nakhu, imizuzu engamashumiamabili kushaye eleshumi. Abaningi benu bantu, izindlelaezinde enisazozihamba. Ngiyanithanda. Nesizathu sokubanginibambe kanje, akungoba ngifuna ukuba nonya kini, kodwangiyanithanda. Futhi engikwaziyo, angigodli lutho; nginitshelaiQiniso.191 Phandle emihlanganweni lapho engiya khona, aningizwaneze ngishumayela lemiLayezo. Qhabo, nganethembisa, ukuzakulelitabernakele. Khona lapha yilapho engishumayela khonaimiLayezo yami. Nginemithathu noma emine eminye lapha,iNkosi enginike yona, nginemiBhalo kuwo, ebengingeke ngabanesibindi sokuwushumayela noma kuyiphi indawo kodwa khonalapha. Nakhu lapho iZwi likaNkulunkulu laqala ukusukela

Page 43: NGABE UNKULUNKULU UKE AWUGUQULE YINI UMQONDO WA …download.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0418E Does God... · yini. Ngukukhetha kukaNkulunkulu. Kungebe lutho olunye. Ukukhetha! 11 Ngisho

NGABE UNKULUNKULU UKE AWUGUQULE YINI UMQONDO WAKHE…43

khona. Futhi, uNkulunkulu aze akuguqule, ngihlezi khona laphafuthi ngiwethula khona lapha. Kunjalo.

Ngaphandle ngaleya emihlanganweni, ngikhulekelaabagulayo, nakho konke kanjalo; futhi, eceleni, ngisho izintongendlela ezungezayo, ukuthi izimvu ziyaWuzwa. Ziyazi ukuthiukhuluma ngani. Ngokunye, yisicupho nje ehhukwini, niyabo.Ngibonisa izibonakaliso zo—zokuzama ukubonisa ukuthiuNkulunkulu uyazi, ekuboneni okufihlakeleyo, futhi waziizinhliziyo zabantu, futhi wenza lezizinto. Leso yisiphiwosobuvangeli, nje ukushukumisa abantu.

Into yokuqala niyazi, iteyipu iqathakela endlini yabo. Lokhosekutholile, ngaleyonkathi. Uma eyimvu, uza naWo ngqo. Umaeyimbuzi, uyayikhahlela iteyipu ayikhiphe. Ehhe. [UMfowethuBen Bryant uthi, “Nawe, futhi.”—Umhl.] Niyabo, lokho yi…”Nawe, futhi,” kunjalo, Ben. Lokho, kunjalo impela. UBenubenesehlo esithize. Kulungile. Awu, kunjalo.192 Anijabuli yini ukuthi ningabaKhe na? [Ibandla lithi,“Amen.”—Umhl.] Anijabuli na? [“Amen.”] Sasivame ukuculaiculo elincane lepentekoste, kudala, kanje:

Ngijabula kakhulu ukuthi iNkosi yangikhipha;Ngijabula kakhulu ukuthi iNkosi yangikhipha;Ukuba kwakungenganxa kaJesu, ngangiyobakuphi?

Ngijabula kakhulu ukuthi iNkosi yangikhipha.

O, kade ngijabule selokhu iNkosi yangikhipha;Kade ngijabule selokhu iNkosi yangikhipha;Ukuba kwakungenganxa kaJesu, ngangiyobakuphi?

Ngijabula kakhulu selokhu iNkosiyangikhipha.

Kade ngimemeza selokhu iNkosi yangikhipha;Kade ngimemeza selokhu iNkosi yangikhipha;Ukuba kwakungenganxa kaJesu, o,ngangiyoba kuphi?

Ngijabula kakhulu ukuthi iNkosi yangikhipha.

Udumo! Anijabuli na? [Ibandla lithi, “Amen.”—Umhl.]“Anijabuli yini…” Asilicule.

Awujabuli yini ukuthi iNkosi yakukhipha?Awujabuli yini ukuthi iNkosi yakukhipha?Ukuba kwakungenganxa kaJesu, o,ngangiyoba kuphi?

Ngijabula kakhulu ukuthi iNkosi yangikhipha.

Awu, kade ngicula selokhu iNkosiyangikhipha;

Kade ngicula selokhu iNkosi yangikhipha;

Page 44: NGABE UNKULUNKULU UKE AWUGUQULE YINI UMQONDO WA …download.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0418E Does God... · yini. Ngukukhetha kukaNkulunkulu. Kungebe lutho olunye. Ukukhetha! 11 Ngisho

44 IZWI ELIKHULUNYIWE

Ukuba kwakungenganxa kaJesu, o,ngangiyoba kuphi?

Ngijabula kakhulu ukuthi iNkosi yangikhipha.

Anijabuli ngakho na? [Ibandla lithi, “Amen.”—Umhl.]Manje-ke, sizohamba ekuKhanyeni. Niyalazi leloculo na?

Sizohamb’ekuKhanyeni, KungukuKhanyaokuhle,

Kufika lapho amathonsi amazolo omusaekhanya khona;

Kusikhanyisa ndawo zonke emini nasebusuku,O, uJesu, ukuKhanya kwezwe.

Anilithandi lelo na? Asilicule futhi.

Sizohamb’ekuKhanyeni, KungukuKhanyaokuhle,

Kufika lapho amathonsi amazolo omusaekhanya khona;

Kusikhanyisa ndawo zonke emini nasebusuku,O, uJesu, ukuKhanya kwezwe.

Ngukuphuma kwelanga!

Nonke nina bangcwele bokuKhanyamemezelani,

UJesu, ukuKhanya kwezwe;IQiniso nomusa eGameni laKhe,UJesu, ukuKhanya kwe…

Manje asiphakamise izandla zethu uma silicula.

O, sizohamba kulokhu ukuKhanya,Kungukukhanya okuhle, kangaka,

Kufika lapho amathonsi amazolo omusaekhanya khona;

Kusikhanyisa ndawo zonke emini nasebusuku,UJesu, ukuKhanya kwezwe.

Xhawulanani.

O, Kufika lapho amathonsi amazolo omusaekhanya khona.

Anijabuli ukuthi ningabantwana bokuKhanya na? Indodanaisiphumile.

…ndawo zonke emini nasebusuku,

“Nina bantwana abancane, thandanani.”

.…ukuKhanya kwezwe.

Page 45: NGABE UNKULUNKULU UKE AWUGUQULE YINI UMQONDO WA …download.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0418E Does God... · yini. Ngukukhetha kukaNkulunkulu. Kungebe lutho olunye. Ukukhetha! 11 Ngisho

NGABE UNKULUNKULU UKE AWUGUQULE YINI UMQONDO WAKHE…45

O, siyohamba nje ekuKhanyeni, Kungukubeauti-…(ukubonakaliswa kweZwi laKhe)

Kufika lapho amathonsi amazolo omusaekhanya khona.

Nje kusikhanyisa ndawo zonke emininasebusuku,

NguJesu, ukuKhanya kwezwe.

Nonke niyakukholwa na?

Siyamasha siya eZayoni,Enhle, enhle iZayoni;Siyamasha senyukela eZayoni,LowoMuzi omuhle kaNkulunkulu.

O, siyamasha siya eZayoni,Enhle, enhle iZayoni;Siyamasha senyukela eZayoni,LowoMuzi omuhle kaNkulunkulu.

Yekela labo abala ukucula,Abangazange bamazi uNkulunkulu wethu;Kodwa abantwana beNkosi yaseZulwiniKodwa abantwana beNkosi yaseZulwiniBakhulume izinjabulo zabo ngaphesheya,Bakhulume izinjabulo zabo ngaphesheya.

Ngokuba siyamasha…(Udumo!)Enhle, enhle iZayoni;Siyamasha senyukela eZayoni,LowoMuzi omuhle kaNkulunkulu.

O, siyamasha siya eZayoni,O, enhle, enhle iZayoni;Siyamasha senyukela eZayoni,LowoMuzi omuhle kaNkulunkulu.

193 Khipha iduku lakho. Khiphani amaduku enu, umzuzunje. Asinike uNkulunkulu umnikelo wokuzuliswa. Akusisoisithungu, kodwa bathatha emzimbeni kaPawulu amadukunezinto, niyabo.

O, siyamasha siya eZayoni,O, enhle, enhle iZayoni;Siyamasha senyukela eZayoni,LowoMuzi omuhle kaNkulunkulu.

O, siyamasha siya eZayoni,O, enhle, enhle iZayoni;Siyamasha senyukela eZayoni,LowoMuzi omuhle kaNkulunkulu.

194 Amen! O, akunenzi nizizwe nikahle na? Sengathi ngiyabonanje labo abangcwele abadala emuva lapho, ngaphambikokuyongena esekisini yamaRoma lapho, beqala ukwenyuka

Page 46: NGABE UNKULUNKULU UKE AWUGUQULE YINI UMQONDO WA …download.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0418E Does God... · yini. Ngukukhetha kukaNkulunkulu. Kungebe lutho olunye. Ukukhetha! 11 Ngisho

46 IZWI ELIKHULUNYIWE

lelogquma, niyazi, enhla kulowommango omncane, benyukabeyongena emphandwini wezingonyama, bethi;

O, siyamasha siya eZayoni,Lena enhle, enhle iZayoni;Siyamasha senyukela eZayoni,LowoMuzi omuhle kaNkulunkulu.

Amasimu aseZayoni iyathelaInkulungwane yamanandi angcweleNgaphambi kokuba sifike esiHlalwenisobuKhosi saseZulwini,

Ngaphambi kokuba sifike esiHlalwenisobuKhosi saseZulwini,

Noma sihambe emigwaqeni yegolide,Noma sihambe emigwaqeni yegolide.

Siyamasha siya eZayoni,Enhle, enhle iZayoni;Siyamasha senyukela eZayoni,LowoMuzi omuhle kaNkulunkulu.

195 Phindani emva kwami. Nkosi Nkulunkulu, [Ibandlalithi, “Nkosi Nkulunkulu,”—Umhl.] Ngizenzela isifungokabusha kuWe. [“Ngizenzela isifungo kabusha kuWe.”]Ngihlanze kukho konke ukungalungi. [“Ngihlanze kukhokonke ukungalungi.”] Ngihlanze kukho konke ukungabazaeZwini laKho. [“Ngihlanze kukho konke ukungabaza eZwinilaKho.”] Makuthi mina, kusukela kuleliPhasika, [“Makuthimina, kusukela kuleliPhasika,”] ngibe yisidalwa esisha[“ngibe yisidalwa esisha”] kuKristu Jesu. [“kuKristu Jesu.”]Mangithwale, enhliziyweni yami, [“Mangithwale, enhliziyweniyami,”] iZwi laKho. [“iZwi laKho.”] Kwangathi LingabayisiBani ezinyaweni zami [“Kwangathi lingaba yisiBaniezinyaweni zami”] esizoKhanyisa indlela yami. [“esizoKhanyisaindlela yami.] Kusukela emva kwalokhu, [“Kusukela emvakwalokhu,”] ngizoKulandela. [“ngizoKulandela.”] EGamenilikaJesu. [“EGameni likaJesu.”] Amen. [“Amen.”]

Siyamasha siya eZayoni,O, enhle, enhle iZayoni;Siyamasha senyukela eZayoni,Lowomuzi omuhle kaNkulunkulu.

196 Lokho akunenzi nizizwe nikahle na? [Ibandla lithi,“Amen.”—Umhl.] Sizenzele isifungo kabusha, sazi ukuthienhliziyweni yethu siphilisiwe ekufeni, senziwa saphila.Akunenzi nizizwe nikahle na? [“Amen.”] He, o, he!Ngiyanithanda, ngothando olungafiyo.

Lalelani. “Thandanani. Ngokuba ungeke uthi ungamthandiumfowenu, ombonayo, bese uthi uthanda uNkulunkulu,Ongakaze umbone.” Niyabo? Ngakho thandanani.

Page 47: NGABE UNKULUNKULU UKE AWUGUQULE YINI UMQONDO WA …download.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0418E Does God... · yini. Ngukukhetha kukaNkulunkulu. Kungebe lutho olunye. Ukukhetha! 11 Ngisho

NGABE UNKULUNKULU UKE AWUGUQULE YINI UMQONDO WAKHE…47

Manje-ke, khonzanani, nikhonze uNkulunkulu. Kunjalo na?“Njengoba nenza kwabancinyane balaba onaMandla aphilisayokubo, nikwenzile kiMi.”

“SaKubona nini udinga na? SaKuvakashela niniusetilongweni na? Sazenza nini lezizinto na?”

“Enikwenzile kubo, nakwenza kiMi.”197 Akumangalisi lokho na? [Ibandla lithi, “Amen.”—Umhl.]Ngiyamthanda, animthandi nina na? [“Amen.”]198 O, kukhona elinye futhi iculo esizolicula, uma nje ninasoesinye isikhathi esiwumzuzu. O, awu, sizobathatha nje.Kulungile. Kulungile, mnumzane. O! Hamba NeGama LikaJesu.Ningakukhohlwa lokho, bangane. Asilicule sonke manje.Ngamunye, kanyekanye manje, ngenhliziyo eyodwa nje enkulu,kuthatheni nikuyise kuYe. Asithi, ngakho konke esinakhophakathi kithi.

Hamba neGama likaJesu,Mntwana wokudabuka nowosizi;Liyakukunikeza injabulo nentokomalo,Lithathe noma uyaphi.Gama eliligugu, O limnandi kangaka!Themba lomhlaba nokwethaba kweZulu;Gama eliligugu, O limnandi kangaka!Themba lomhlaba nokwethaba kweZulu.

199 Khumbulani manje, ngikhulekeleni lapho imimoya eshisayoyokuhlushwa ivunguza, lapho odeveli macala onke ephosainselelo, ngiyokhumbula ukuthi niyangikhulekela ebusukunoma emini, futhi ngizobe nginikhulekela.

Yimani ngakumelusi wenu olungileyo, uMfowethuNeville, nabambisene naye, uMfowethu Capps. Nibalalele.Bazonifundisa iZwi lokuPhila. Ngiyakukholwa lokho. Ukubabengingakukholwa, impela bengingeke ngibe nabo lapha.Impela bengingeke. Ngikholwa ukuthi bayawukholwauMlayezo, futhi bahlala nawo ngalo lonke ulwazi lwabo, futhinginokukholwa kuwo omabili indoda. Hlalani nawo. Labaabanye abafowethu, ngalapho abanomhlangano wabo khona,abame lapha kulobubusuku, uma ningakomakhelwane babo,yimani ngakubo. Nizwile ukuthi bezela ukuzokwenzani lapha,kulobubusuku.

Hamba neGama likaJesu,Njengesihlangu kubobonke onoxhaka; (lalelalokhu)

Uma izilingo zikuzungeza,Vele uphefumule leloGama ngomkhuleko.Gama eliligugu, Gama eliligugu, Olimnandikangaka! O limnandi kangaka!

Themba lo…

Page 48: NGABE UNKULUNKULU UKE AWUGUQULE YINI UMQONDO WA …download.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0418E Does God... · yini. Ngukukhetha kukaNkulunkulu. Kungebe lutho olunye. Ukukhetha! 11 Ngisho

48 IZWI ELIKHULUNYIWE

Nkulunkulu othandekayo, philisa abantu. Ngikhuleka kuWeBaba, eGameni likaJesu. Siphe khona, Nkosi, ngiyakhuleka.

…O limnandi kangaka!Themba lomhlaba nokwethaba kweZulu.Size sibonane! size sibonane!Size sibonane ezinyaweni zikaJesu;Size sibonane! size sibonane!UNkulunkulu abenani size sibonane futhi.

Asikhothamise amakhanda ethu manje.[UMfowethu Branham uqala ukuhamisha elithi

UNkulunkulu Abe NaNi—Umhl.] O Nkulunkulu, yiba nathi.Sisize, Nkosi.

…sibonane ezinyaweni zikaJesu! (sizesibonane!)

Size sibonane! size sibonane!UNkulunkulu abenani size sibonane futhi.

200 Lowo ngumthandazo wami ngempela. Size sibonane futhi,uNkulunkulu anibusise! Futhi manje ngizocela uMfowethuNeville oligugu uma ezokhipha lenhlangano enhle.

UNkulunkulu uyanithanda, ngamunye. Ngibonga kakhuluukuba nabantu abanjengani nonke. Ubungaba yini uMlayezowami ukuba bengingenamuntu oWukholiwe na? Futhi kukhonaabantu lapha, beningaWufela, ngaloMlayezo. UNkulunkuluakanisize, ngamunye. Imikhuleko yami inani. Izibusiso zamizihamba nalowo nalowo wenu. Kwangathi ningekhohlwe ukuthiniyingxenye kulokho kuvuka. AMandla aphilisayo manjeasekini. Konke sekuxazululiwe.Ungumntwana kaNkulunkulu.

Asikhothamise amakhanda ethu, aze uMfowethu Nevilleasikhiphe. Futhi uNkulunkulu anibusise.

Page 49: NGABE UNKULUNKULU UKE AWUGUQULE YINI UMQONDO WA …download.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0418E Does God... · yini. Ngukukhetha kukaNkulunkulu. Kungebe lutho olunye. Ukukhetha! 11 Ngisho

NGABE UNKULUNKULU UKE AWUGUQULE YINI

UMQONDO WAKHE NGEZWI LAKHE NA? ZUL65-0418E

(Does God Ever Change His Mind About His Word?)

LomMlayezo ngo Mfowethu William Marrion Branham, okokuqala wethulwangesiNgisi ngeSonto kusihlwa, ngoApreli 18, 1965, eTabernakele likaBranham,eJeffersonville, eIndiana, U.S.A., uthathelwe ekuqopheni kweteyipu enozibuthefuthi washicilelwa ungafinqiwe ngesiNgisi. Lokhu ukuhunyushwa ngesiZulukwashicilelwa futhi kwakhishwa yiVoice Of God Recordings.

ZULU

©2008 VGR, ALL RIGHTS RESERVED

VOICE OF GOD RECORDINGS, SOUTH AFRICA OFFICE

58 DISA ROAD, ADMIRAL’S PARK, GORDON’S BAY 7140 WESTERN CAPE

REPUBLIC OF SOUTH AFRICA

VOICE OF GOD RECORDINGS

P.O. BOX 950, JEFFERSONVILLE, INDIANA 47131 U.S.A.www.branham.org

Page 50: NGABE UNKULUNKULU UKE AWUGUQULE YINI UMQONDO WA …download.branham.org/pdf/ZUL/ZUL65-0418E Does God... · yini. Ngukukhetha kukaNkulunkulu. Kungebe lutho olunye. Ukukhetha! 11 Ngisho

Inothisi yelungelo langokomthetho

Onke amalungelo agodliwe. Lencwadi ingaprintwa kwiprinta yasekhaya yenzelwe okuqondene nomuntu noma inikezelwe, ngesihle, njengethuluzi ukusabalalisa iVangeli likaJesu Kristu. Lencwadi ingethengiswe, iphinde ikhiqizwe zibe ningi, iposwe kwiwebsayiti, igcinwe ngohlelo lokuthi iphinde itholakale, ihunyushelwe kwezinye izilwimi, noma isetshenziselwe ukuzicelela izimali ngaphandle kwemvume ebhaliwe eshiwoyo ye Voice Of God Recordings®.

Ngolwazi olwengeziwe noma olwenye impahla ekhona, siza uxhumane ne:

Voice of God RecoRdinGsP.o. Box 950, JeffeRsonVille, indiana 47131 U.s.a.

www.branham.org