ilanga story

1
4 Izindaba ILANGA LETHEKU >> MARCH 18, 2010 Ezifingqiwe KUNGANI IZINGANE ZIJAHA UCANSI? YIZE kusolwa ukuthi ukuqala early ukuzihlanganisa nezindaba zocansi ezinganeni kwenziwa wukukhulela emakhaya angahle- lekile, kuthiwa kuningi okudala lokhu. UShirley Arthur encwadini yakhe esihloko sithi ‘My Teen Pregnancy’ uthi ukushesha kwe- mizimba yezingane kwenza zishe- she nokulangazelela ucansi. Ezinye zisuke zingenalwazi ukuthi ukuqala ucansi zisencane kunamuphi umthelela kodwa zisuke zijabulisa umphefumulo. Iningi lazo lisuke lihlushwa yingcindezi noma lingalutholanga uthando bese lizama ukuziba ngo- cansi. -Parents24 YIZIGIDI ZABESIFAZANE ABASHONAYO UMBIKO we-United Nations waka- mumva uveza ukuthi balinganise- lwa ku-85 million abesifazane abafayo emazweni ngenxa yokushoda kwe-health care. Lo mbiko weGender Equality uveza ukuthi i-Asia inesibalo esikhulu kulokhu. Iningi lalaba besifazane bafa ngenxa ye-abo- rtion. I-India kuthiwa isilahleke- lwe ngabesifazane abawu-42,6 mi- llion. Kuvela nokuthi yize umnotho ukhula e-Asia kodwa abesifazane basancishwa amathuba. -AFP OSOFA BAQEDA INZALO? KUBIKWA ukuthi izimpahla zasendlini okubalwa u-carpet nosofa contain common flame- retardant chemicals. La makhemikhali abizwa ngama-PBDE noma amaPoly- brominated Diphenyl Ethers kuthiwa ayingozi kowesifazane ngoba ahlukumeza ama-hormone. Lokhu kungaba ngomunye umthelela wokuthi kwabanye kube nzima ukukhulelwa. Ocwaningweni olushicilelwe kwi-Environmental Health Perspe- ctive Journal ongoti bathole ukuthi for each 10 fold increase in PBDE blood concentration, abesifazane experience a 30% increase in the odds of getting pregnant. Labo ngoti basacwaninga ukuthi le chemical ingawenza yini umonakalo nakwabesilisa. -Health24 BATHANDA OMAPAKISHA ABESILISA UCWANINGO olwenziwe e-United States of America (USA) luveza ukuthi abesilisa bathi uma bebuka owesifazane o‘pakishile’ some part of their brain is activated. Lolu cwaningo olwenziwe kwabesilisa abawu-14 with an average age of 25, bathi lolu hlobo lwabesifazane is sexually appealing. Bakhonjiswe izithombe zabesi- fazane aba-skinny nabanama- curve. Bonke amehlo abo bawa- gxilise kulaba abapakishile -Ananova.com [email protected] IZINTOKAZI esezidlulile eminyakeni ewu-30 sezishaya umthetho emizini yazo, ezinye sezibheke khona kodwa kwehlu- kile kuDkt Thandeka Mazibuko. Ngesikhathi ontanga bekha- thazeke ngomendo le ntokazi yaKwaNyuswa entshonalanga yeTheku ethe kwli futhi ebuke- kayo, ithi ngeke iyogana umpha- kathi wangakubo usantula ngale ndlela. UDkt Mazibuko usebenza full- time eGrey’s Hospital eMgungu- ndlovu maphakathi neKwaZulu- Natal. Uqale i-Non-profit Organisation ehlose ukusiza umphakathi ontulayo, efundisa nangezifo ezidlangile. ISinomusanothando isungulwa ibigxile ekusizeni izintandane, ukufundisa ngomdlavuza nange- gciwane lengculaza. Enaba ngobi- zo lwakhe, uDkt Mazibuko uthi ukhulele kuwo lo mphakathi naye etabalasa njengazo zonke izin- gane ezintulayo. Uyise ubengakaze ahlale naye, ukhuliswe ngunina naye ongafu- ndanga. Lokhu kwenze kwanzima nokuthola i-support uma efuna ukuqhuba izifundo. Ngokuzimisela esikoleni uphase ngamalengiso kwathinte- ka umndeni wakwaKhoza oLundi ubaba wakhona naye obewu- dokotela. Lo mndeni umxhase ngemali yokubhalisa eNelson R Mandela School of Medicine e- University of KwaZulu-Natal. “Impilo yami ivele yahluka kuneyezinye izingane zendawo. Yimina ngedwa ezinganeni ebengifunda nazo e-high school obe nenhlanhla yokungena enyu- vesi. Lokhu kungenze ngazibona nginenhlanhla ngafisa ukubuyi- sela emphakathini ukuze ngi- bonge umusa kaNkulunkulu,” ku- sho yena. Uthi izinto ziqale ukwenzeka ngo-2005 enza unyaka wokugcina enyuvesi. Uqale ngokuvakashela umphakathi ewunika amaphasela okudla. Ngosizo lukamama mfu- ndisi wasesontweni lakhe naye okhonze izingane, balifezile leli phupho lokusiza izingane. “Ngendlela enginothando ngayo lokusiza umphakathi, I do not celebrate Christmas no- mndeni wami kodwa ngisuke ngikwabantulayo,” usho kanje. Uthi ngale organisation uzama ukwenza ushintsho kulo mpha- kathi athi usilele kukho konke. Yize ethi umehluko usukhona uma eqhathanisa nangesikhathi eqala kodwa : “Izindawo zasema- khaya zisele kukho konke. Uvele ungazi nokuthi i-focus kufanele ibe kuphi ngoba kubheda yonke indawo. “KwaNyuswa kuke kuphele amanzi ngisho ngoKhisimusi, amahholo nama-library kakukho. Kayikho into engiphula umoya njengokubona izingane zinga- fundile. Kule ndawo kasinaye ngisho ummeli kodwa ingane esuke ifundile iba wu-secretary kanti eziningi zidayisa ezitolo zokudla.” Mayelana nokufundisa nge-ca- ncer, uthi uqale engena emakha- ya, ngokwanda komsebenzi wabo- na ukuthi sekungaphezu kwa- mandla. “Bengibizwa ngapha nangapha ngabagulayo emakhaya ngabona kungcono ukuhlanganisa wonke umphakathi ngenze ama-aware- ness. Nakulokhu kakubanga lula ngoba bengiqhubeka nokufunda ngisiza nomphakathi. Isikhathi sokulala kwamanje kanginaso,” kugcizelela yena. UDkt Mazibuko ungowesifaza- ne omnyama wokuqala abagxile kwiRadiation Oncology KwaZulu- Natal. Lokhu kusho ukuthi unolwazi olunzulu ngokwelapha zonke izinhlobo zomdlavuza. Kuyamja- bulisa ukuthi usesize abaningi abebengazi nokuthi sebenawo umdlavuza nokuthi welashwa kanjani. Ebuzwa ukuthi esakhe isikhathi usithola nini, yilapho ekhulume khona eyomshado. “I do not enjoy life and kangi- sitholi ngisho isikhathi sokuyo- phuza ikhofi. Kusho ukuthi kunzi- ma nokuthola umshado uma kunje. Kukhona obungicathamela kodwa ngiyabona nawo uzobheda ngoba ngeke ngishiye umphaka- thi ungasizakele,” usho kanje. UDkt Mazibuko ufunde eSiyaja- bula High School waphazamiseka kwaGrade 10 kushiswa isikole. Uhlale ekhaya izinyanga eziwu-6 waze wangena eChesterville High School ngonyaka olandelayo. INZALABANTU ZANELE MSOMI Uqome ‘ukushada’ nomphakathi ontulayo WAGCINA nini ukubona izingane zingqabashiya egcekeni zidlala ushumpu, ingqathu noma ama- genda? Abakhule kudala le midlalo engenhla bekungenye yezindlela zokuchitha isizungu. Ukufika kwama-TV nokudlo- ndlobala kwe-technology kwenza kuye ngokushabalala ukubona izingane zidlala le midlalo. Ezinye uma ungazibuza ngale midlalo kungaduma upotiyane kwazise zazi, o-MXit, playstation, ama-puzzle nezinhlobo zama-TV game. Ngabe lokhu kusho ukuthi izi- ngane zesimanje kukhona isigaba sempilo eziseqayo? UFred Khumalo ongumbhali odumile eNingizimu Afrika futhi onengosi kwelinye lamaphe- phandaba angeSonto, usanda kusithinta lesi sihloko. Ubekhala ngokuthi kuningi osekuncisha izingane ithuba lokudlala, okuyi-stage esibalule- kile ekukhuleni kwazo. UKhumalo uthe i-education system yesimanje egixabeza izi- ngane ngomsebenzi wesikole nsuku zonke, yenza zibe nesikhathi esiningi sezincwadi kushode esokudlala. Ulinganise ngokuthi ngezi- khathi zabo i-homework ibingazi- wa e-primary kodwa ubu- hlangana nayo e-high school. Ongoti bathi ngaphandle kwalokhu okushiwo nguMzilikazi, kuningi nokunye okwenza sinci- phe isikhathi sokudlala. Cabanga nje ingane ekhulele efulethini ukuthi ingayitholaphi indawo yokugijimisana naba- ngani kujahwa ibhola noma ku- dlalwa ingqathu. Lezi ngezinye zezinto okuthiwa zinciphisa ukudlala kanti i-physi- cal activity is part of a child’s growing stages. Kukhalwa ngokukhuluphala kwezingane ngokweqile nje (obe- sity) kuthiwa kungagwemeka uma zijwayezwa ukunyakazisa umzi- mba ngokudlala. UProf Stuart Brown oyiPsychiatrist eBaylor College of Medicine e-University of America, ophenyweni lwezinga lokuzibulala kwabadala uthole ukuthi iningi labo kalisitholanga isikhathi sokudlala lisakhula. Uthole ukuthi ukungadlali kwengane kwenza noma isikhulile ingajabuli. Uphinde waveza ukuthi uku- dlala may provide humans with skills that help them to survive and be productive. NAKHU OKUNYE OKWENZA ONGOTI BATHI KUBALULEKILE UKUDLALA: Kids can develop their pe- rsonalities and positive sense, potential and experience. Children learn relationship and social skills and develop va- lues and ethics. It is the ‘food’ to help brains develop. It provides foundation for learning and it is an opportunity for parent-child bonding. www.thequeenofpizzazz.com [email protected] KAZISADLALI IZINGANE ZAMANJE AKAZIBONI ephila enye impilo uDkt Thandeka Mazibuko onothando lokusiza imiphakathi yasemakhaya entulayo. ISITHOMBE NGU: ALEX MKHIZE ISITHOMBE NGU: MTHAMIZ LUTHULI YILUNGELO lengane ukudlala yize impilo yesimanje ikunciphisa lo- khu. Esikhundleni sokudlala imidlalo yakudala, izingane sezikhonze ukubhukuda njengalezi ezithathwe eShaka Marine World Wet ‘n Wild, eThekwini.

Upload: dr-thandeka-mazibuko

Post on 22-Jan-2018

422 views

Category:

Documents


1 download

TRANSCRIPT

Page 1: Ilanga Story

4 IzindabaILANGA LETHEKU >> MARCH 18, 2010

EzifingqiweKUNGANIIZINGANEZIJAHA UCANSI?YIZE kusolwa ukuthi ukuqalaearly ukuzihlanganisa nezindabazocansi ezinganeni kwenziwawukukhulela emakhaya angahle-lekile, kuthiwa kuningi okudalalokhu.

UShirley Arthur encwadiniyakhe esihloko sithi ‘My TeenPregnancy’ uthi ukushesha kwe-mizimba yezingane kwenza zishe-she nokulangazelela ucansi.

Ezinye zisuke zingenalwaziukuthi ukuqala ucansi zisencanekunamuphi umthelela kodwazisuke zijabulisa umphefumulo.

Iningi lazo lisuke lihlushwayingcindezi noma lingalutholangauthando bese lizama ukuziba ngo-cansi. -Parents24

YIZIGIDIZABESIFAZANEABASHONAYOUMBIKO we-United Nations waka-mumva uveza ukuthi balinganise-lwa ku-85 million abesifazaneabafayo emazweni ngenxayokushoda kwe-health care.

Lo mbiko weGender Equalityuveza ukuthi i-Asia inesibaloesikhulu kulokhu. Iningi lalababesifazane bafa ngenxa ye-abo-rtion. I-India kuthiwa isilahleke-lwe ngabesifazane abawu-42,6 mi-llion. Kuvela nokuthi yize umnothoukhula e-Asia kodwa abesifazanebasancishwa amathuba. -AFP

OSOFABAQEDA INZALO?KUBIKWA ukuthi izimpahlazasendlini okubalwa u-carpetnosofa contain common flame-retardant chemicals.

La makhemikhali abizwangama-PBDE noma amaPoly-brominated Diphenyl Etherskuthiwa ayingozi kowesifazanengoba ahlukumeza ama-hormone.

Lokhu kungaba ngomunyeumthelela wokuthi kwabanyekube nzima ukukhulelwa.

Ocwaningweni olushicilelwekwi-Environmental Health Perspe-ctive Journal ongoti bathole ukuthifor each 10 fold increase in PBDEblood concentration, abesifazaneexperience a 30% increase in theodds of getting pregnant.

Labo ngoti basacwaningaukuthi le chemical ingawenza yiniumonakalo nakwabesilisa.

-Health24

BATHANDAOMAPAKISHAABESILISAUCWANINGO olwenziwe e-UnitedStates of America (USA) luvezaukuthi abesilisa bathi uma bebukaowesifazane o‘pakishile’ some partof their brain is activated.

Lolu cwaningo olwenziwekwabesilisa abawu-14 with anaverage age of 25, bathi lolu hlobolwabesifazane is sexuallyappealing.

Bakhonjiswe izithombe zabesi-fazane aba-skinny nabanama-curve. Bonke amehlo abo bawa-gxilise kulaba [email protected]

IZINTOKAZI esezidlulileeminyakeni ewu-30 sezishayaumthetho emizini yazo, ezinyesezibheke khona kodwa kwehlu-kile kuDkt Thandeka Mazibuko.

Ngesikhathi ontanga bekha-thazeke ngomendo le ntokaziyaKwaNyuswa entshonalangayeTheku ethe kwli futhi ebuke-kayo, ithi ngeke iyogana umpha-kathi wangakubo usantula ngalendlela.

UDkt Mazibuko usebenza full-time eGrey’s Hospital eMgungu-ndlovu maphakathi neKwaZulu-Natal. Uqale i-Non-profitOrganisation ehlose ukusizaumphakathi ontulayo, efundisanangezifo ezidlangile.

ISinomusanothando isungulwaibigxile ekusizeni izintandane,ukufundisa ngomdlavuza nange-gciwane lengculaza. Enaba ngobi-zo lwakhe, uDkt Mazibuko uthiukhulele kuwo lo mphakathi nayeetabalasa njengazo zonke izin-gane ezintulayo.

Uyise ubengakaze ahlale naye,ukhuliswe ngunina naye ongafu-ndanga. Lokhu kwenze kwanzimanokuthola i-support uma efunaukuqhuba izifundo.

Ngokuzimisela esikoleniuphase ngamalengiso kwathinte-ka umndeni wakwaKhoza oLundiubaba wakhona naye obewu-dokotela. Lo mndeni umxhasengemali yokubhalisa eNelson RMandela School of Medicine e-

University of KwaZulu-Natal.“Impilo yami ivele yahluka

kuneyezinye izingane zendawo.Yimina ngedwa ezinganeniebengifunda nazo e-high schoolobe nenhlanhla yokungena enyu-vesi. Lokhu kungenze ngazibonanginenhlanhla ngafisa ukubuyi-sela emphakathini ukuze ngi-bonge umusa kaNkulunkulu,” ku-sho yena.

Uthi izinto ziqale ukwenzekango-2005 enza unyaka wokugcinaenyuvesi. Uqale ngokuvakashelaumphakathi ewunika amaphaselaokudla. Ngosizo lukamama mfu-ndisi wasesontweni lakhe nayeokhonze izingane, balifezile leliphupho lokusiza izingane.

“Ngendlela enginothandongayo lokusiza umphakathi, I donot celebrate Christmas no-mndeni wami kodwa ngisuke

ngikwabantulayo,” usho kanje. Uthi ngale organisation uzama

ukwenza ushintsho kulo mpha-kathi athi usilele kukho konke.

Yize ethi umehluko usukhonauma eqhathanisa nangesikhathieqala kodwa : “Izindawo zasema-khaya zisele kukho konke. Uveleungazi nokuthi i-focus kufaneleibe kuphi ngoba kubheda yonkeindawo.

“KwaNyuswa kuke kupheleamanzi ngisho ngoKhisimusi,amahholo nama-library kakukho.Kayikho into engiphula umoyanjengokubona izingane zinga-fundile. Kule ndawo kasinayengisho ummeli kodwa inganeesuke ifundile iba wu-secretarykanti eziningi zidayisa ezitolozokudla.”

Mayelana nokufundisa nge-ca-ncer, uthi uqale engena emakha-

ya, ngokwanda komsebenzi wabo-na ukuthi sekungaphezu kwa-mandla.

“Bengibizwa ngapha nangaphangabagulayo emakhaya ngabonakungcono ukuhlanganisa wonkeumphakathi ngenze ama-aware-ness. Nakulokhu kakubanga lulangoba bengiqhubeka nokufundangisiza nomphakathi. Isikhathisokulala kwamanje kanginaso,”kugcizelela yena.

UDkt Mazibuko ungowesifaza-ne omnyama wokuqala abagxilekwiRadiation Oncology KwaZulu-Natal.

Lokhu kusho ukuthi unolwaziolunzulu ngokwelapha zonkeizinhlobo zomdlavuza. Kuyamja-bulisa ukuthi usesize abaningiabebengazi nokuthi sebenawoumdlavuza nokuthi welashwakanjani. Ebuzwa ukuthi esakheisikhathi usithola nini, yilaphoekhulume khona eyomshado.

“I do not enjoy life and kangi-sitholi ngisho isikhathi sokuyo-phuza ikhofi. Kusho ukuthi kunzi-ma nokuthola umshado umakunje. Kukhona obungicathamelakodwa ngiyabona nawo uzobhedangoba ngeke ngishiye umphaka-thi ungasizakele,” usho kanje.UDkt Mazibuko ufunde eSiyaja-bula High School waphazamisekakwaGrade 10 kushiswa isikole.Uhlale ekhaya izinyanga eziwu-6waze wangena eChesterville HighSchool ngonyaka olandelayo.

INZALABANTU ZANELE MSOMI

Uqome ‘ukushada’nomphakathi ontulayo

WAGCINA nini ukubona izinganezingqabashiya egcekeni zidlalaushumpu, ingqathu noma ama-genda?

Abakhule kudala le midlaloengenhla bekungenye yezindlelazokuchitha isizungu.

Ukufika kwama-TV nokudlo-ndlobala kwe-technology kwenzakuye ngokushabalala ukubonaizingane zidlala le midlalo.

Ezinye uma ungazibuza ngalemidlalo kungaduma upotiyanekwazise zazi, o-MXit, playstation,ama-puzzle nezinhlobo zama-TVgame.

Ngabe lokhu kusho ukuthi izi-ngane zesimanje kukhona isigabasempilo eziseqayo?

UFred Khumalo ongumbhaliodumile eNingizimu Afrika futhionengosi kwelinye lamaphe-phandaba angeSonto, usandakusithinta lesi sihloko.

Ubekhala ngokuthi kuningiosekuncisha izingane ithubalokudlala, okuyi-stage esibalule-kile ekukhuleni kwazo.

UKhumalo uthe i-educationsystem yesimanje egixabeza izi-ngane ngomsebenzi wesikolensuku zonke, yenza zibenesikhathi esiningi sezincwadikushode esokudlala.

Ulinganise ngokuthi ngezi-khathi zabo i-homework ibingazi-wa e-primary kodwa ubu-hlangana nayo e-high school.

Ongoti bathi ngaphandlekwalokhu okushiwo nguMzilikazi,kuningi nokunye okwenza sinci-phe isikhathi sokudlala.

Cabanga nje ingane ekhuleleefulethini ukuthi ingayitholaphiindawo yokugijimisana naba-ngani kujahwa ibhola noma ku-dlalwa ingqathu.

Lezi ngezinye zezinto okuthiwazinciphisa ukudlala kanti i-physi-cal activity is part of a child’sgrowing stages.

Kukhalwa ngokukhuluphalakwezingane ngokweqile nje (obe-sity) kuthiwa kungagwemeka umazijwayezwa ukunyakazisa umzi-mba ngokudlala.

UProf Stuart BrownoyiPsychiatrist eBaylor Collegeof Medicine e-University ofAmerica, ophenyweni lwezingalokuzibulala kwabadala utholeukuthi iningi labo kalisitholangaisikhathi sokudlala lisakhula.

Uthole ukuthi ukungadlalikwengane kwenza nomaisikhulile ingajabuli.

Uphinde waveza ukuthi uku-dlala may provide humans withskills that help them to surviveand be productive.

NAKHU OKUNYEOKWENZA ONGOTIBATHIKUBALULEKILEUKUDLALA:

◆Kids can develop their pe-rsonalities and positive sense,potential and experience.

◆Children learn relationshipand social skills and develop va-lues and ethics.

◆It is the ‘food’ to help brainsdevelop.

◆It provides foundation forlearning and it is an opportunityfor parent-child [email protected]

KAZISADLALI IZINGANE ZAMANJE

AKAZIBONIephila enyeimpilo uDktThandekaMazibukoonothandolokusizaimiphakathiyasemakhayaentulayo.

ISITHOMBE NGU:ALEX MKHIZE

ISITHOMBE NGU: MTHAMIZ LUTHULI

YILUNGELO lengane ukudlala yize impilo yesimanje ikunciphisa lo-khu. Esikhundleni sokudlala imidlalo yakudala, izingane sezikhonzeukubhukuda njengalezi ezithathwe eShaka Marine World Wet ‘nWild, eThekwini.