health matters : ezempilo march 2011 : isizulu version
TRANSCRIPT
ISIQEPHU 3FUNDISA || NIKEZA ULWAZI || NIKEZA AMANDLA
MAHALA
AbeLaphi beNdabuko: Ukuqonda indima yabo
Inombolo yamahhala:
0800 005 133UMnyango Wezempilo:
033 395 2111www.kznhealth.gov.za
IZIFO EZINGOSOMATHUBA- Isifo Sofuba -
Ukukhwehlela okuqhubekayo okuthatha isikhathi esingaphezi
kwamaviki ama-3
Ukuba nenhliziyo emnyama Ukwehla emzimbeni Ukukhwehlela igazi
Ukuzizwa uphelelwa amandla futhi ukhathele
Ukujuluka ebusuku
Amajuba 034 328 7000
eThekwini 031 240 5300
Ilembe 032 437 3500
Sisonke 039 834 8307
Ugu 039 688 3000
Umgungundlovu 033 897 1000
Uthukela 036 631 2202
Umzinyathi 034 299 9100
Uthungulu 035 787 0631
Umkhanyakude 035 572 1327
Zululand 035 874 2302
Uma usukhwehlele isikhathi esingaphezu kwamaviki ama-3, ujuluka ebusuku futhi unenhliziyo emnyama,
kungenzeka unesifo sofuba.
AMAHHOVISI EZEMPILO ESIFUNDA:
Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba
Sicela uye emtholampilo oseduze nawe ukuze uhlolwe MAHHALA futhi welashelwe isifo sofuba MAHHALA.Siza uvimbele ukusakazeka kwesifo sofuba. Khumbula ukuvala umlomo wakho njalo lapho ukhwehlela. I-TB ingelapheka uma uqeda izinyanga zakho eziyisi-6 zokwelashwa, ngisho noma unegciwane lesandulela ngculaza.Ukuze uthole olunye ulwazi, thinta umtholampilo oseduze nawe.
Ezempilo | Health Matters - Edition 3 1
KuSibongile Shezi, iMenenja Yezempilo Esifundeni SaseThekwini eKZN
NjengeThimba Lezempilo Lesifunda SaseThekwini (UMasipala neHhovisi Lesifundazwe)
silwela ukuphuma phambili ekunikezeni izinsizakalo nokuthuthukisa umphakathi.
Ngenxa yalokho sakha ubudlelwano obuqinile nabathile abasisizayo ekufuneni kwethu
ukunakekelwa kwempilo yabantu kuwo wonke amazinga kulesi Sifunda. UHlelo
Olubaluleke Kakhulu LukaNdunankulu Lokulwa Nobubha Ezimbonini Ezihlukene
luyinkundla enhle kithi yokuba sihlele, siqaphe futhi sihlole indlela esinikeza ngayo izinsizakalo kanye nozakwethu
abakweminye iminyango. Lokhu kwenza ukuba sikwazi ukunikeza ukunakekela okuphelele. Kakade ikhona imizi esiye
yazuza kulolu hlelo - ngokugoma, ukuthola omazisi, izingadi zokudla, njll. ngoba lubhekelela izinselele eziyisisekelo
ezibangela indlala kanye nempilo engeyinhle. Yilokhu esikholelwa ukuthi kushiwo Ukunakekelwa Kwempilo Okuyisisekeko
– ukuba imiphakathi nabantu bazimele.
Njengoba sazi ukuthi sinenkinga yesifo sofuba (TB) kulesi Sifunda, siye saqala umkhankaso omkhulu wokuthola
imininingwane yokuxhumana nalabo abane-TB kumawodi. Lolu hlelo lokufinyelela kwabanye luhlanganisa ukwabelana
ngolwazi olumayelana nokusheshe ubhukhe uma ukhulelwe, isifo sofuba, ingculaza negciwane layo, umfutho wegazi
ophezulu nesifo sikashukela kanye nokuhlolelwa izifo. Sibambisene nabantu ngabanye, imindeni, abaholi namalungu
emiphakathi, sesiyaqala ukubona imiphumela emihle – abantu abaningi sebefuna ukwazi isimo sabo se-TB nese-HIV, njll.
Okuhle ukuthi sesakhe ubumbano oluqinile nabantu, imindeni nomphakathi. Sisonke senza lukhulu ekuthuthukiseni isimo
sempilo nezinga lokuphila lomphakathi wethu.
INhloko Yezempilo, kuMasipala WaseThekwini, uDkt. Nomakhosi Gxagxisa
UMasipala waseThekwini ugxile ekuqinisekiseni ukuthuthukiswa kwemiphakathi yawo.
Ezempilo nentuthuko kuxhumene ngoba intuthuko kwezomnotho yanoma iyiphi indawo
ingatholakala kuphela ngemisebenzi yabantu abanempilo.
Isiqubulo sethu njengoPhiko Lwezempilo sithi “UKUVIMBELA KUNGUKUPHILA”
ngoba sikholelwa ukuthi abantu ngeke bakwazi ukuqhubeka bekhokhela ukwenyuka
okungenangqondo kwezinsizakalo zokwelapha. Ngokuvumelana nalesi siqubulo, indlela yethu
yokuthuthukisa ezenhlalo ukugqugquzela ukuphila ngendlela enempilo ukuze uvimbele ukugula kanye nokukhuthaza
inhlanzeko, lokhu kuhlanganisa ukufundisa imiphakathi yethu ngemikhuba yokufuna impilo ukuze ivimbele izifo.
Kulabo abagulayo kakade, senza konke okusemandleni ethu ukuqinisekisa ukuthi iziguli zithola ukunakekelwa okungcono.
Kusele kuzo lezi ziguli ezithola lezi zinsizakalo zokwelapha ukuba zinamathele ekwelashweni ukuze zinciphise ukumelana
nemithi enjengama-ARV nemithi elwa nesifo sofuba.
Siyakhathazeka nangezinga eliphezulu lokufa nokugula okubangelwa ubunzima bezifo ezingamahlalakhona njengomfutho
wegazi ophezulu nesifo sikashukela. Ngakho-ke kubaluleke kakhulu ukunamathela ekwelashweni ngayo yonke imithi
enikezwa iziguli.
Umlayezo ovela...
Ezempilo | Health Matters - Edition 32 Ezempilo | Health Matters - Edition 3 3
Okuphakathi• USUKU LWABESIFAZANE EMHLABENI
• USUKU LWESIFO SOFUBA EMHLABENI
• UKUSOKA...
• AKE SITHI NHLA
• UKUSHA ISIQONDISO SOKUKWELAPHA
• I-PRADER-WILLI SYNDROME
• ABELAPHI BESIZWE
• NGEMVA KOKUBA INGANE ISIFIKILE EKHAYA
• IZINSUKU ZOKUQWASHISA NGENYANGA KAMASHI
• UKUBAMBA IQHAZA EMPHAKATHINI
Siyababonga laba abalandelayo ababe neqhaza:
EZempilo E-KZNUphiko LweZempilo KuMasipala WaseThekwini
uZohra Mohamed Teke (Umhleli)u-Liz Clarke (Umsizi Womhleli)
AbabhaliuColiwe ZuluuDerick MatsengarwodziuSiphilile Shelembeu-Elmarie KrugeruDudley Viall (umdwebi wekhathuni)
ILUNGELO LOBUNIKAZI & NOKUKHANGISAKonke okushicilelwe kulo magazini kuyilungelo le-Ezempilo, Health Matters futhi kungase kuphinde kukhiqizwe mahhala ngezinjongo zokufundisa kuphela, uma kutholakale imvume. EZempilo E-KZN, uMasipala WaseThekwini nEzempilo Health Matters abahlangene nganoma iyiphi indlela nabakhangisi abakulo magazini.
Sinike uvo lwakho, noma usitshele ukuthi ucabangani ngalo magazini!
P O Box 25439 Gateway4321
I-EMAIL [email protected]
Nakuba abesifazane emhlabeni wonke begubha usuku lwabesifazane emhlabeni
wonke kule nyanga, indima edlalwa ngabesifazane basezindaweni zasemakhaya nokuzabalaza kwabo ayikaqashelwa ngokwanele lapha eNingizimu Afrika. Abesifazane basezindaweni zasemakhaya bayaqhubeka besebenza amahora amade ukuze babhekelele izidingo zemikhaya yabo kanye nomphakathi. Ngokuvamile owesifazane akacabangi ngempilo yakhe, ngisho noma angagula, akavamisile ukuthi aye emtholampilo. Ngokuvamile isizathu siba ukuthi, “Akekho umuntu ozopheka noma anakekele umkhaya wami uma ngiya emtholampilo.” Ngokwesibonelo, isifo sofuba (TB) sisakazeke kwabesilisa nabesifazane, noma kunjalo bambalwa abesifazane abathola ukwelashwa – baningi abesifazane ababulawa yisifo sofuba ukudlula abesilisa ngenxa yokungatholi ukwelashwa njalo.
EZempilo e-KZN naseThekwini zenze
indaba yokubhekelelwa kokufa koMama
kwaba yinto ephambili ukuqinisekisa
ukuthi baningi abesifazane abakwazi
ukuthola usizo lwezempilo— kodwa
abesifazane kudingeka bazinikeze
amandla ukuze basebenzise lolu sizo.
Kungani kubalulekile kangaka ukuba abesifazane banikwe amandlaUkuzinikeza amandla njengomuntu
wesifazane kusho ukuthi wonke umuntu
uyazuza – wena, umkhaya wakho,
nomphakathi wangakini! Ingculaza
negciwane layo kwaba nomthelela
ohlukile kwabesifazane, futhi isimo
saba sibi nakakhulu ngenxa yendima
yabo emphakathini kanye nokuthi
indlela abadalwe ngayo ibenza babe
sengcupheni yokutheleleka ngegciwane
lesandulela ngculaza.
Ukukhetha Ucansi OlunempiloUkwethembeka kuphathina wakho
akusona isivikelo kwisandulela
ngculaza uma uphathina wakho
yena engathembekile kuwe. Uma
ukhathazekile, ungathuli. Ungakhuluma
nabasebenzi bezempilo abazokutshela
kabanzi ngendlela ongazivikela ngayo!
Ukulahla imibono emidalaAbesifazane asebekhulile kaningi benza
iphutha bacange ukuthi amagciwane
athathelwana ngocansi, ama-STI
ahlasela abantu abasebasha kuphela,
kanti empeleni bonke abantu abaya
ocansini noma ngabe baneminyaka
emingaki ubudala kudingeka baqaphe
futhi benze ucansi oluphephile.
Yiziphi izingcuphe kwabesifazane uma benganikezwa ithuba lokukhethaLezi zihlanganisa ukukhulelwa,
iNgculaza Negciwane layo, aMagciwane
Athathelwana Ngocansi (ama-STI) kanye
neZifo Ezithathelwana Ngocansi (ama-
STD)
Uma kwenzeka ingoziUma ube nocansi olungaphephile noma
ikhondomu yaqhuma noma yaphuma
ngesikhathi nenza ucansi, ungase
uthathe iphilisi lezimo eziphuthumayo
ukuze unciphise ingcuphe yokukhulelwa.
Uma uya ocansini olungaphephile
kufanele uyohlolwa emtholampilo.
INDLELA AMADODA ABANGASIZA NGAYONoma iyiphi indoda ingasiza ekuthuthukiseni impilo yabesifazane ngaloku:
Ngokukhulisa izingane zayo izifundise ukuba zihloniphe abesifazane futhi iphathe abafana namantombazane ngokulinganayo
Ngokulalela lokho okukhathaza uphathina wayo kanye namadodakazi ayo futhi ibone ukuthi singatholakala yini isixazululo ukuze kuhlangatshezwane nezidingo zabo bonke ekhaya
Ngokuthatha umthwalo wokuhlela umndeni
Ngokukhuthaza uphathina wayo ukuba ayohlolwa njalo futhi imsize nangemali ayidingayo.
Ngokushintshana ngokunakekela izingane nokusiza ngemisebenzi yasendlini
Ngokuthembeka kuphathina wayo uma ingakwazi ukwenza lokho, benze ucansi oluphephile
Ngokungabekezeleli noma YILUPHI uhlobo lodlame olubhekiswe kwabesifazane
Ngokukhuthaza izingane zayo ukuba zinakekele impilo yazo
Ngokusebenzela ukushintsha isithombe sokuthi indoda ngempela yileyo elala nabesifazane abaningi. Indoda ngempela yindoda enguphathina othembekile!
Usuku Lwabesifazane Emhlabeni Wonke: 8 MashiStop
TB
Ezempilo | Health Matters - Edition 34 Ezempilo | Health Matters - Edition 3 5
SONKE KUDINGEKA SIBE MUNYE UKUZE SILWE NE-TB UKUZE SIGWEME UKUSABALALA KWAYO. SINGENZA LOKHU:
• Ngokufundisa imiphakathi nemikhaya yethu nge-TB, izimpawu zayo nendlela esakazeka ngayo.• Ngokuhlolelwa i-TB, nokukhuthaza labo abaseduze nathi ukuba bahlolwe – ikakhulukazi uma sihlala nomuntu one-TB• Ngokuzama ukuba kushaye umoya ezindaweni ezivalekile – ngokugcina amafasitela evuliwe, ngoba lokhu kunciphisa ukusakazeka kwamagciwane• Ngokuba kungene kakhulu ukukhanya kwelanga – ukukhanya kwelanga kuyasiza ekubulaleni amagciwane e-TB• Ngokuqiniseka ukuthi siyazi ukuthi obani abane-TB endaweni yakithi, belashwa kanjani nalapho umuntu esesindile.• Ngokukhuthaza iziguli ze-TB ukuba zisebenzise i-DOTS – Directly observed Treatment, short-course (Uhlelo Lokwelashwa Lapho Umuntu Ebekwe Iso Ngokuqondile Othile). Laba ngabantu (ngokuvamile umsebenzi wezempilo, umakhelwane, umngane noma ivolontiya) abaqinisekayo ukuthi umuntu ogulayo uyayithatha imithi edingekayo ngesikhathi esifanele futhi baqinisekise ukuthi kunerekhodi lalokhu.
Isifo sofuba (TB) yisifo esiyingozi esingasakazeka kalula kubantu abandawonye
endlini – ikakhulukazi uma kuyi-TB yamaphaphu! Abantu abane-HIV bavame ukuthola i-TB ngoba amasosha abo omzimba awanamandla futhi abakwazi ukulwisana kalula naleli gciwane. Ungathola i-TB noma ungaguli. Uma uyiyeka ungayelaphi, ingakubulala – yingakho kubalulekile ukuba uhlolelwe i-TB njalo futhi uqhubeke nokwelashwa. Umnyango wezempilo e-KZN kanye nophiko lwezempilo eThekwini banikeza ukwelashwa kwe-TB emitholampilo Yokunakekelwa Kwempilo Okuyinhloko engaphezu kuka-300 kuyo yonke i-KZN ukuze iziguli kungadingeki ziye ezibhedlela ziyela
i-TB.
Yini i-TB futhi ibangwa yini?I-TB ibangwa yigciwane elincane
emzimbeni futhi isakazeka kakhulu
ngomoya. Noma kunjalo, abantu
abanempilo ngokuvamile bangalwisana
naleli gciwane. Labo abagulayo,
ababuthaka, abangondlekile,
abasebancane kakhulu noma abane-HIV,
igciwane le-TB lihlasela imizimba yabo
bese bengabakwazi ukulwisana nalo
ngoba amasosha omzimba ebuthaka.
Lapho kufanele uhlolelwe khona i-TB Hamba uyohlolwa kunoma yimuphi
umtholampilo noma esibhedlela
sikahulumeni mahhala uma unanoma
yikuphi kulokhu okulandelayo: isifuba
esibuhlungu, ukungazizwa ulambile,
ukukhathala, ukujuluka ebusuku
noma imfiva, ukukhwehlela isikhathi
esingaphezu kwamaviki amabili noma
ukukhwehlela igazi, noma ukwehla
komzimba ngaphandle kwesizathu. Uma
une-HIV kubaluleke nakakhulu ukuba
uyohlolwa.
Ngiyithatha kanjani imithi yami?Thatha imithi yakho ngendlela
umsebenzi wezempilo akutshela ngayo.
Uma unemithi engaphezu kowodwa,
yithathe ngesikhathi esisodwa.
Imithi kaningi ithathwa kusukela
ngoMsombuluko kuze kube uLwesihlanu
iviki ngalinye.
Uma imithi yakho isizophela, ungathatha
ikhadi lakho eliluhlaza uye kunoma
yimuphi umtholampilo. Bazokunika
eminye imithi
Kuzokwenzekani uma ngingayi ukuyolashwa?Uzosakaza lesi sifo kwabanye futhi
baningi abantu abazotheleleka. I-TB
ingaholela ekufeni uma ingelashiwe.
Ingabe kumelwe ngiyiqede imithi yami? Uma uyeka imithi yakho ngaphambi
kokuba isisebenzi sezempilo sikweluleke
kanjalo, ungaphinda uthole i-TB
futhi. Kuthatha okungenani izinyanga
eziyisithupha kuya onyakeni ukwelapha
i-TB.
Kubaluleke kakhulu ukuqeda yonke imithi
Usizo ngokuthatha imithi yakhoYisu elihle ukuthola umuntu ozokusiza
uthathe imithi yakho
Buza emtholampilo mayelana nokuthola
usizo ngokuthatha imithi yakho.
Ungazikhethela umsizi wakho – lomuntu
angaba umakhelwane noma unesi
wasemtholampilo.
Kubalulekile ukuthi lowo muntu abe
seduze futhi kube lula ukumthola nsuku
zonke.
Umsizi wakho uyobeka imithi yakho futhi
akunike yona nsuku zonke.
Umsizi wakho uyokukhuthaza nokuba
uqhubeke nemithi lapho usukhathele.
Kubalulekile ukuthatha imithi yakho
nsuku zonke – ngisho noma uzizwa
ungcono, kuze kube yilapho umsebenzi
wezempilo ekutshela ukuba uyeke.
Ngingayisebenzisa yini imithi yesintu ukuze ngelaphe i-TB?Abantu abaningi baya kubelaphi
bendabuko (izangoma) ukuze babasize
belaphe i-TB. Lokhu kulungile kodwa
kusabalulekile ukuba uthole imithi ye-TB
esibhedlela noma emtholampilo ngisho
noma uya esangomeni. Imithi ye-TB
oyinikezwa ngudokotela iyoqinisekisa
ukuthi uyasinda esifweni sofuba.
UKUBHEKANA NE-TB LAPHO UNE-HIVAbantu abanengculaza noma igciwane
layo banamathuba amaningi okuthola
i-TB ngoba amasosha abo omzimba
aphansi – okungukuthi, imizimba
yabo ibuthaka kakhulu ukuthi ingalwa
namagciwane kanye nokunye
okuhlasela umzimba. Ngenxa yokuthi
i-TB ingasakazeka ngomoya, kusho
ukuthi labo abanengculaza negciwane
layo banamathuba amaningi okuthola
lesi sifo. Izindaba ezinhle ukuthi
i-TB isangelapheka ngisho noma
unengculaza noma igciwane layo – uma
nje uyiqeda imithi yakho.
Ingabe i-TB iyingozi ngempela?
Yebo, ikakhulukazi uma unegciwane
lengculaza. Uma amasosha akho
omzimba ebuthaka, igciwane le-
TB elingelashiwe lingashintsha
ngokushesha libe yisifo se-TB.
Ngaphandle kokwelashwa, isifo se-TB
singakubangela ukuba ugule kakhulu
noma ufe nokufa. Yingakho kubaluleke
kakhulu ukuba uhlolwe futhi welashelwe
i-TB. Ukuqeda imithi yakho kungasindisa
ukuphila kwakho.
Ingabe bonke abantu abane-HIV bathola isifo se-TB? Cha, kodwa kusho ukuthi unamathuba
amaningana okuthola isifo se-TB uma
unako kokubili igciwane le-TB negciwane
le-HIV. Yingakho kufanele uhlolelwe
i-TB ngokushesha uma unanoma yiluphi
lwezimpawu zayo.
INDLELA ENGCONO KAKHULU YOKUVIMBELA UKUSAKAZEKA KWE-TB UKWELAPHA LABO ABANE-TB!
Imali Eyisibonelelo I-South African Social Security Agency
(SASSA) inikeza usizo kubantu abaphila
ne-HIV noma i-TB ngemali eyisibonelelo
sokukhubazeka yesikhashana futhi
ingaqhubeka ize ifike ezinyangeni
ezingu-12. Zonke iziguli ezine-HIV
ziyafaneleka ukuthola uxhaso lwe-
SASSA olungu-R1010.00 ngenyanga
uma zifinyelela izimfuneko ezithile.
Ukuze uthole kabanzi mayelana nendlela yokufaka isicelo, thinta abakwa-SASSA kule nombolo 031 360 5103.
StopTB
USUKU LWESIFO SOFUBA EMHLABENI WONKE: 24 MASHIISIFO SOFUBA SIYELAPHEKA. THATHA ISINYATHELO MANJE UKUZE WELASHWE.
Ezempilo | Health Matters - Edition 36 Ezempilo | Health Matters - Edition 3 7
Ake sithi nhla:
Fikile Khuzwayo- Wenza okungaphezu kokulindelekile ukuze enze umehluko!
“Ngabona isiguli silele enhlabathini
eduze komtholampilo wethu,
sihanjwa yizintuthwane umzimba
wonke. Ngasibuza ukuthi
kwenzenjani, sathi sinesifo sofuba
futhi asinamandla okuya ekhaya.
Sasibukeka sengathi siyafa.
Sasinikeza idriphu, sasinikeza
imithi futhi sona sathembisa ukuthi
sizoqhubeka nokuphuza imithi.
Ngemva kwezinyanga ezithile
sabuya. Sase singcono. Imithandazo
yami yaphendulwa”.
Lawa ngamazwi kaFikile Khuzwayo,
unesi omangalisayo wesifo sofuba
owenza okungale kwalokho
okulindelekile emsebenzini wakhe ukuze
asize umphakathi asebenza kuwo.
Njalo ekuseni lapho esuka ekhaya lakhe
KwaMashu, uyazi ukuthi ngesikhathi
efika eMtholampilo waseSavanda lapho
esebenza khona njengonesi wesifo
sofuba nomeluleki, kuzobe kuneziguli
ezilindele ukukhuluma naye ngemithi
yazo.
“Iziguli zami zibalulekile empilweni yami
futhi ngifuna zazi ukuthi kubaluleke
kangakanani ukuba ziphuze imithi yazo,
ukuze zibe ngcono. Ukuqinisekisa ukuthi
isebenza ngesikhathi kuyingxenye
yokwelashwa okuphumelelayo. Akukhona
nje ukuthi ukhipha amaphilisi bese
uthi abantu abahambe”, esho. “Isiguli
ngasinye singumuntu onezinkinga
ezihlukile. Kudingeka thina sikuqonde
lokho abakwesabayo bese sibanika
ithemba futhi sibakhuthaze”.
UFikile uyachaza ukuthi uma iziguli
ziqala ukuthola imithi yesifo sofuba,
ngesinye isikhathi zingazizwa
zigula. “Kulapho-ke lapho ngithi
kuzo, ungaliphonsi ithawula. Hlala
uzolile. Ungakhathazeki. Kunempi
eqhubekayo emzimbeni wakho,
kodwa uma unamathela emaphilisini,
umzimba wakho uzophumelela, uzizwe
njengomuntu ohlukile. Okubalulekile
ukwakha ukwethembana.”
Uwuthanda kakhulu umsebenzi wakhe
kangangokuthi kwathi lapho esinye
seziguli zakhe simtshela ukuthi ngeke
sisakwazi ukuza emtholampilo sizolanda
imithi yaso yesifo sofuba ngoba
singase silahlekelwe ngumsebenzi,
khona manjalo wathumela incwadi
kumqashi wesiguli ebekela inselele isimo
sengqondo somqashi. “Kusekuningi
ukungazi ngesifo sofuba,” esho.
Kubalulekile ukuba abantu baqonde
ukuthi uma uphuza imithi efanele,
awubatheleli abanye – yingakho
abaqashi kudingeka bakhuthaze
izisebenzi ukuba ziyohlolwa, hhayi ukuthi
bazijezise.”
UFikile ukwazi kahle ukuhlupheka
njengoba akhula eyintandane. Uyazi
nokuthi ububha nokungasebenzi
kungenzani emikhayeni.
Umsebenzi nezibopho zakhe zansuku
zonke akumvimbanga uFikile ukuba
aqhubeke nokuqeqeshwa kwakhe.
Usanda kuqeda izifundo zakhe zonyaka
wokuqala ekolishi lamanesi ukuze
abe ngunesi obhaliswe ngokuphelele.
Okubalulekile ukwenza umehluko!
UMnyango Wezempilo Wase-
KZN ukhuthaza abesilisa
abaneminyaka esukela
kwengu-16 ubudala kuya phezulu
ukuba basokwe, ngoba kunciphisa
ukusakazeka kwamagciwane
athathelwana ngocansi futhi
kunciphisa (akuyelaphi)
ukusakazeka kwengculaza. UScelo
Meyiwa, ibhungu elineminyaka
engu-27 elisanda kusokwa
lakhuluma nEzempilo ngalokhu.
Kungani wasokwa?
SM: Okokuqala, kwakungenxa
yezizathu zempilo. Ngatshelwa
ukuthi kunempilo kangcono
ukuba ijwabu lakho lisuswe ngoba
mancane amathuba okutheleleka
ngamagciwane futhi nginciphisa
ukusakazeka kwengculaza negciwane
layo. Okwesibili, kwakungenxa
yezizathu zesiko. Sikholelwa ukuthi
ungabizwa ngokuthi uyindoda
ngempela kuphela uma usokiwe.
Wawungesabi yini?
SM: Yebo, ngangesaba kancane.
Kodwa ngathola lonke ulwazi
mayelana nale nqubo emtholampilo
futhi baqinisekisa ukuthi ngenziwa
ngumsebenzi wezempilo oqeqeshiwe,
hhayi nje noma ubani othi angakwazi
ukukwenza.
Kwakubuhlungu?
SM: Kancane nje ezinsukwini
ezimbalwa, kodwa nganikezwa
amanye amaphilisi ezinhlungu, lokho
kwangisiza.
Bacabangani abangane bakho?
SM: Bacabanga ukuthi nginesibindi
kakhulu, futhi nakuba babecabanga
ukuthi ngiyisilima ngaphambi kokuba
ngisokwe, lapho sengisokiwe, abanye
babo banquma ukuyosokwa nabo.
Ngiyaziqhenya ngokuthi ngikwenzile.
Ngiyazi ukuthi ngenza isinqumo
esilungile.
NGEMVA KOKUSOKA • Gwema umsebenzi onzima noma
ukuzilolonga uvumele isilonda siphole
• Hlanza induku yakho kabili ngosuku ngamanzi anosawoti bese uyisula kahle
• Gwema ukudonsa noma ukunwaya induku yakho ngesikhathi isaphola.
• Gwema ucansi noma ukuziphulula okungenani amaviki ayisi-6 ngemva kokuhlinzwa.
• Vakashela umtholampilo ukuze uyohlolwa zingakapheli izinsuku eziyisi-5.
FUNA ISELULEKO SEZOKWELASHWA NGOKUSHESHA UMA:
• Uma kuphuma igazi elinganqamuki• Kubuhlungu kakhulu • Kunzima ukuchama• Kuvuvukele kakhulu eduze
nenduku yakho• Kuphuma uketshezi esilondeni
Ukusoka...
Kuyinto efanele ukuyenza...
Ezempilo | Health Matters - Edition 38 Ezempilo | Health Matters - Edition 3 9
Ezempilo | Health Matters - Edition 310 Ezempilo | Health Matters - Edition 3 11
Uma Eshe Kancane Kungekho MabhamuzaFaka ingxenye yomzimba eshile
emanzini abandayo ngokushesha
okungenani imizuzu engu-15. Akudingeki
ugcobise okuthile uma kuyilolu hlobo
lokusha, uma nje engekho amabhamuza.
Phuza iphilisi lokudambisa izinhlungu
elikahle nje elizokusiza ezinhlungwini.
Ukusha Okubangela Amabhamuza Pholisa leyo ndawo ngokushesha
ngamanzi abandayo. Uma kukhona
ibhamuza, UNGALIQHUMBUSI! Uma
liziqhumela lona, yigeze kahle leyo
ndawo ngensipho namanzi abilisiwe
asepholile. Uma kuphuma uketshezi
ongaluqondi lapho ushe khona noma
kunuka kabi, kusho ukuthi leyo ndawo
itheleleke ngegciwane. Xuba ithispuni
elilo-1 likasawoti nelitha eyo-1 yamanzi,
cwilisa indwangu ehlanzekile kulokhu
bese uyikhama bese usula ngayo kahle
leyo ndawo eshile kathathu ngosuku.
Kubalulekile ukugcina indawo eshile
ihlanzekile ngangokunokwenzeka
futhi ivikelekile ezintulini, ekungcoleni
nasezinambuzaneni ukuze ingangenwa
amagciwane!
Uma Ushe KakhuluUma isikhumba sonakele, noma kuvela
amathambo lapho ushe khona, lesi
kusuke kuyisimo esibi futhi kufanele
welashwe ngumsebenzi wezempilo
ngokushesha. Uma ushiswe ngamanzi
abilayo, uwoyela noma amakhemikhali,
sebenzisa indwangu ehlanzekile noma
ithawula ukuvimbela ukuthi ukusha
kunamathele esikhumbeni. Zama
ukususa kahle noma iziphi izinsalela
zezimpahla kodwa hhayi ngendluzula,
lokhu kungabangela umonakalo
omkhulu! Hamba uye emtholampilo
ngokushesha.
Umuntu oshe kakhulu kungaba lula
ngaye ukuba athuke kakhulu, ngenxa
yokuthi ulahlekelwa uketshezi lapho eshe
khona -- mnikeze amanzi amaningi.
UNGAGCOBISI IBHOTELA, AMAFUTHA, UKHILIMU NOMA IKHOFI LAPHO KUSHE KHONA! UNGALUSEBENZISA UJU LAPHO KUSHE KHONA. LOKHU KUZOVIMBELA UKUNGENA KWAMAGCIWANE FUTHI KUSIZE UKUTHI UPHOLE.
Khumbula!Uphalafini uwushevu futhi ungakugulisa
kakhulu, kanti ungakubulala
nokukubulala uma uwuphuzile
Ungashisa isikhumba ngisho noma
ungokhelwanga ngomlilo
Uma uxutshwe nezinye izinto
njengophethiloli, ngisho nomncane,
ungase uqhume - UNGABHEMELI
EDUZE KUKAPHALAFINI!
Ungazivikela kanjani izingozi zikaphalafiniUngayeki isitofu sikaphalafini sisodwa.
Hlala unebhakede elinesihlabathi
eduze. Amanzi ngeke awucishe umlilo
obangwa wuphalafini – ayomane awenze
ungalawuleki ngokubhebhethekisa
amalangabi.
Indlela yokwelapha ukushiswa uphalafini:Umuntu oshayo kufanele awele
phansi aziginqe enhlabathini ukuze
kucishe umlilo. Ukugijima kungenza
umlilo ubhebhetheke. Yiya kudokotela,
emtholampilo noma esibhedlela
ngokushesha
Ake uzicabange uhlale uzizwa ulambile!
Abantu abaphila ne-Prader-Willi syndrome
bahlale belwisana nomuzwa wendlala
nomaphi lapho beya khona ... okungaphumela
ekutheni umuntu akhuluphale ngokweqile,
okuyisimo esisongela ukuphila. Uma lesi
simo singaqashelwa futhi singalawulwa
kahle, bangaqhubeka nokuphila kodwa
bengaqondwa, babizwe ngamagama
ayiziswana futhi bangakwazi ukujabulela
ukuphila ngokuphelele.
Mawubhekana nomuntu oshile, indlela uzobe uziphatha ngayo, kuhamba ngokuthi wakhubazeka kangakanani.
Isiqondiso Sokukwelapha
Ushevu - ukuzivikela
Ungazishiyi zodwa izingane futhi qiniseka ukuthi ziyaqonda ukuthi uphalafini uyingoziUngatheli uphalafini ebhodleleni elisebenzile lobisi noma lesiphuzo esibandayo ngoba ingane ingaphuza ngephutha.Qiniseka ukuthi kunomoya owanele ukuze izingane zingahogeli intuthu eyingoziUma ingane igwinya uphalafini ngengozi, ungayiniki lutho lokudla noma lokuphuza. Yiyise emtholampilo noma esibhedlela ngokusheshaUngazami ukuphalazisa umuntu ophuze uphalafini. Lokhu kungayisa uphalafini emaphashini kubangele umonakalo omkhulu
I-PRADER-WILLI SYNDROME AYIQONDWA KAHLE NGOBA IVAME UKUNGAXILONGWA.
Iyini?I-Prader-Willi syndrome yisimo esinkinga
yofuzo, okusho ukuthi umuntu uzalwa
nayo. Sihlupha okungenani umuntu
oye-1 kwabangu-10 000 kuya koye-1
kwabangu-15 000, kokubili abesilisa
nabesifazane bazo zonke izinhlanga.
Ngisho nomzali akufanele asolwe
ngalokhu, futhi lesi simo singenzeka
kunoma yimuphi umkhaya – nakuba
kaningi kuyoba yingane eyodwa kuphela
ethintekayo.
IzimpawuUkuncipha kokunyakaza noma
ukunganyakazi nhlobo esibelethweni
ngaphambi kokuba umntwana azalwa
Umntwana uzalwa entekenteke, ulwa
kanzima ukuba aphile
Ingane ikhala sengathi ikhathele futhi
kunzima ukuba incele
Izitho zangasese ezingakhulile
ngokwanele
Enganeni endala:Ukukhula ibe mfushane, ibe nezandla
nezinyawo ezincane
Ukwephuza ukukhula isib. ukuhlala,
ukuhamba, nokukhuluma
Ukulangazelela ukudla okwedlulele
nokukhuluphala okweqile kusukela
eminyakeni emi-2 kuya kwemi-3 ubudala
Ukuhalela ukudla nokuthi njalo ithande
noma ifune ukudla
Inkinga ykuziphatha, isheshe ithukuthele
– ikakhulukazi ngokudla
Umehluko ekucabangeni nasekufundeni
Aselapheki lesi simo. Noma kunjalo, kubalulekile ukuba
sisheshe sitholakale futhi silawulwe
kahle. Ukuze uyeke ukukhuluphala
ngokweqile, kubalulekile ukulawula
njalo ukudla, imikhuba yokudla kanye
nokujima. Ngenxa yokuthi lesi simo
silawulwa kahle futhi siyaqondwa, abantu
abane-Prader-Willi syndrome manje
baphila badlule ngale kweminyaka
yobudala emaphakathi futhi banikela
ngamakhono amaningi emiphakathini
yangakubo.
I-Prader-Willi Syndrome Association of South Africa yasungulwa ngo-1990 futhi ihloselwe
ukunikeza ulwazi nokusekela
okungokomzelo ngalesi simo. Noma
ubani wamukelekile ukuba abe ilungu
lale nhlangano.
Uma Usola Ukuthi Ingane Yakho Inalesi SifoKhuluma nomsebenzi wezempilo noma
umtholampilo wangakini ngokuthi ingane
yakho ithole ukuxilongwa okufanele.
Ukuze Uthole Eminye Imininingwane, Sicela Uthinte:
I-Email: [email protected]
www.praderwilli.org.za
I-PWSA (SA) KU-031 767 4439
Nonprofit Organisation no. 035-837- NPO
PBO Exemption no. 930 016 853
Kubalulekile ukulawula njalo ukudla, imikhuba yokudla kanye nokujima.
Ezempilo | Health Matters - Edition 312 Ezempilo | Health Matters - Edition 3 13
Izangoma (Abelaphi Bendabuko) ngokuvamile yibona ababizwa kuqala
yiningi labantu baseNingizimu Afrika, amaphesenti angu-80 abantu baseNingizimu Afrika aya kubo uma efuna usizo kanye nezeluleko ngazo zonke izinhlobo zezinkinga, kuhlanganise nezempilo. Abelaphi bethu bendabuko bakha ubudlelwano obunokwethenjelwa futhi bayaziqonda izinkinga ezibhekana nalabo abasemphakathini, noma kunjalo umkhakha wabo awuhlonishwa ngendlela efanayo nokwelapha kwasentshonalanga. UDkt. Sandile Tshabalala uveza iphuzu lokuthi sekuyisikhathi sokuba sihloniphe iZangoma
zethu ngomsebenzi wazo nangezinsizakalo ezizinikezayo.
Ezempilo Health Matters (EHM): Imithi yendabuko ingaba khona kanjani kanye nemithi yesimanje?
UDkt. S Tshabalala (Dkt. T): Ukuba
khona kwazo zombili lezi zinhlobo
kungenzeka uma nje sikwamukela ukuthi
zombili zizohlala zikhona futhi zidlale
indima enkulu ekuphileni kwethu sonke.
Uma singaqalisa ubudlelwano phakathi
kwayo yomibili le mikhakha (owendabuko
nowesimanje), ukuba khona kwayo
yomibili kuyosizuzisa sonke.
I-EHM: Abelaphi bendabuko bayingxenye ebalulekile kwezempilo, ucabanga ukuthi bathola ukuqashelwa okufanayo nabezokwelapha okuvamile?
UDkt. T: Abelaphi bendabuko abaqondwa
kahle ngabaphathi bezempilo
ngenxa yokungaqondi kahle indaba
yokusebenza kokwelapha kwendabuko
nemfihlo yako. Umnyango usebenzela
ekutheni uqinisekise ukuthi baneqhaza
ekufinyelelweni kokuthi ABANTU
BAKWAZULU-NATAL BAPHILE
ISIKHATHI ESIDE BEYIMIQEMANE
nokuthi baqondwa kahle yibo bonke
abantu.
I-EHM: Uma umuntu egula, angasenza kanjani isinqumo sokuthi uzoya kumelaphi wendabuko okuyinto ebalulekile ngokwesiko, noma uzoya emtholampilo?
UDkt. T: Ukukhetha ukuthi umuntu
uzosebenzisa yiphi indlela yokwelapha
kuya ngolwazi nokuqonda kwakhe
isifo esimphethe kanye nomthombo
wosizo. Izinto ezamukelekayo emndenini
nasemphakathini ahlala kuwo nazo
zizoba nethonya. Ukuthi umhlinzeki
wezinsizakalo ukuphi nendawo kanye
nedumela lakhe nakho kunendima
ethile. Konke lokhu kuyabhekwa lapho
abantu bekhetha ukuthi bazolutholaphi
usizo lwezempilo. Abantu kufanele
baye emtholampilo ukuze bayohlolwa.
UKUVIKELEKA KUSALOKHU
KUNGCONO KUNOKWELAPHA,
ngaphambi kokuba bagule. Bazoxilongwa
mahhala. Lokhu kuhlanganisa
ukuhlolelwa i-HCT, umdlavuza
wesibeletho nezinye izifo.
I-EHM: Iyini indima yabelaphi bendabuko?
UDkt. T: Abelaphi bendabuko bahlukene,
kukhona izangoma nabathandazi,
izinyanga nababelethisi bendabuko.
Bonke benza izinto ezihlukene
ezihlobene nokuphila kwabantu.
Umkhakha ngamunye unendima yawo.
Kodwa-ke thina sinezizathu zokuthi
bangawusiza umnyango ekwehliseni
umthelela wengculaza negciwane
layo, isifo sofuba, banciphise
izinga lokufa kwabantwana
nomama nezinye izifo, ngakho-
ke sisebenzisana eduze nabo.
UMnyango uzoqala ukuqeqesha
aBelaphi Bendabuko mayelana
nokuhlolela igciwane lesandulela
ngculaza nokweluleka okuzosiza
kakhulu kule ndawo.
I-EHM: Baningi abelaphi bendabuko la ngaphandle, abantu bazokwazi kanjani ukuthi yibaphi okuyibo ngempela. Bangabethemba yini labo abathuka bekhangisa emaphepheni njll.?
UDkt. T: Phakathi kwezinye izinto,
thina njengomnyango kufanele
sethule imithetho nezinqubo kulo
mkhakha obalulekile. Ukusuka
lapho sizokwazi ukulawula indaba
yokuqaphela nokwamukela
umuntu njengomelaphi
wendabuko. Lolu hlaka
lokuqondisa lusazonqunywa yikomiti
eyenza izinqubo ngabelaphi bendabuko.
Le komiti inabelaphi bendabuko
abangengaphansi kuka-22 abavela kuso
sonke isifundazwe.
I-EHM: Yini ongathanda abantu bayazi ngabelaphi bendabuko nokuthi bangena kanjani kwezempilo?
UDkt. T: Abelaphi bendabuko bakhona
futhi banendima yabo. Eminye yemithi
yokwelapha yesimanje yasuselwa
emithini yesintu. Abanye abantu
bayayisebenzisa futhi bathole usizo
abaludingayo. Masizame ukubaqonda
njengoba siye sazama ukuqonda
ukwelashwa ngemithi yesimanje futhi
sibahloniphe abelaphi bendabuko
nomkhakha wabo ngendlela efana nale
abantu abaningi abahlonipha ngayo
imithi yasentshonalanga.
I-EHM: Bangayithatha yini indawo yodokotela?
UDkt. T: Abelaphi bendabuko banendima
yabo futhi banalapho begcina khona.
Kungenzeka belapha isiguli esifanayo
kodwa ngeke bathathe indawo
yodokotela noma yanoma yibaphi nje
abanye abasebenzi bezempilo, kodwa
bangasebenzisana nabo.
I-EHM: Yikuphi umelaphi wendabuko ANGEKE akwenze?
UDkt. T: Abelaphi bendabuko abantu
abavamile abangenza noma yini. Uma
beqeqeshwe kahle bangenza zonke
izinto ezingase zenziwe abasebenzi
bezempilo. Ngokwezokwelapha,
ngiyaqiniseka ukuthi abamhlinzi
umuntu. Imithi yesintu nabelaphi
bendabuko bakhona kuyo yonke
imiphakathi; amazwe ase-Afrika,
iNdiya, iChina, namanye amazwe
anabo futhi ayabamukela. Njengezwe,
kudingeka sithole amakhono abo ukuze
siqiniseke ukuthi sifinyelela umgomo
WOKUBA ABANTU BASENINGIZIMU
AFRIKA BAPHILE ISIKHATHI ESIDE
BEYIMIQEMANE.
Izangoma: Abelaphi Besizwe
Ezempilo | Health Matters - Edition 314 Ezempilo | Health Matters - Edition 3 15
Usulinde izinyanga
eziyisishiyagalolunye,
futhi manje, umntwana
usefikile. Usuvele waba ngumama.
Asikho “isikole sokufundela ukuba
ngumama”. Ufunda ukwethemba
nokulalela lelo zwi langaphakathi
elibizwa ngokuthi umzwelo
wemvelo kamama … Noma kunjalo,
kubalulekile ukulandelela intuthuko
yomntanakho ukuze wazi uma
kukhona okuthile okungaqondile.
Bheka isimo somntwana esivamile:
umbala noma isikhumba/izinzipho
zomntwana. Ingabe umntwana
ufudumele? Umbala obomvana usho
ukuthi umntwana uyithola kahle i-oksijini
futhi negazi lijikeleza kahle. Bheka lokhu
okulandelayo kumntwana:
• Ukunyakaza komzimba nemilenze
nezingalo – kubonisa ukuthi amamasela
akhe akahle
• Isimo sakhe lapho ephumule nalapho
elele
• Isimo esivamile sesikhumba sakhe
• Ukunyakaza kwesifuba ngesikhathi
umntwana elele – ukubhodla
nokuphefumulela phezulu.
• Lalela ukukhala komntwana –
uyosheshe uzazi izinhlobo ezihlukene
– lapho edinga ukushintshwa inabukeni,
elambile, ezwa ubuhlungu noma efuna
nje ukuba umgone.
• Bheka indlela ancela ngayo.
Ukugcinwa umntwana efudumele
• Akudingeki ukugeza umntwana
ngokushesha lapho eqeda kuzalwa,
ngaphandle kokuba umntwana eye
wangcola ngesikhathi ekaka.
• Okubaluleke kakhulu ukugcina
umntwana efudumele.
• Uma kungenakwenzeka ukufudumeza
igumbi okulo, phatha umntwana umbeke
kuwe ukuze ezwe isikhumba sakho futhi
ngaleyo ndlela afudumale.
• Le ndlela yokunakekela iyokhuphula
izinga lokushisa lomntwana futhi
iyokuvumela ukuba ukwazi ukulawula
kahle ukunakekelwa komntwana.
• Kuthuthukisa nezinga lokusondelana
nomntwana nokuncela kwakhe.
Ukugeza izandla nokuhlanzeka kwakho siqu:
• Ukugeza izandla kubaluleke kakhulu,
ikakhulu ngemva kokuya endlini
yangasese, kokushintsha umntwana
nangaphambi kokulungisa ukudla.
• Izandla kufanele zigezwe emanzini
ITHEMBA NGABANTWANA ABANE-HIV – UHLELO OLUSHA LUQALA NGENYANGA EZAYO! Abantwana abane-HIV bayoba nethuba elithuthukisiwe lokusinda, ngaphansi kwezinhlelo ezintsha zikahulumeni eziqala ngenyanga ezayo.Bonke abantwana abaphila ne-HIV abanesikhathi esingaphansi konyaka ubudala bayothola ukwelashwa ngokushesha nje lapho kutholakala ukuthi banegciwane, futhi ngeke kudingeke balinde isibalo samaseli size sibe sezingeni elithile. Lokhu kusho ithuba elingcono lokusinda, futhi kuzonciphisa nezinga eliphezulu lokufa kwabantwana e-KZN. Umnyango Wezempilo ukhuthaza abesifazane nomama ukuba bayohlolwa njalo emtholampilo wangakubo kanye nabantwana ukuze baqinisekise ukuthi kokubili umama kanye nomntwana bayahlolwa, belashwe futhi babe nethuba elingcono lokusinda.
UMNTANAKHO UFANELWE UKUTHOLA ITHUBA – YIYA EMTHOLAMPILO WANGAKINI UKUZE UTHOLE ESINYE ISELULEKO
Isiqondiso sanyanga zonke:
Ingane Isifikile Ekhaya Ngemva Kokuba
agelezayo
• Zigcine uhlanzekile wena kanye
nomntwana ukuze uvimbele izifo
nokutheleleka ngamagciwane.
UKUNAKEKELA INKABA
Lapho umntwana ezalwa inkaba isuke
iboshwa ngento yokubamba inkaba bese
iyanqunywa.
• Inkaba nento yokuyibamba kuba
ngaphandle kwenabukeni futhi kugezwa
kabili ngosuku, kusuka phansi ngovolo
onespirithi. Mane nje uyisule kanye bese
ulahla uvolo bese uphinda futhi kolunye
uhlangothi ngomunye uvolo. Lokhu
kuyoqinisekisa ukuthi inkaba iyoma futhi
ayingenwa amagciwane.
• Inkaba iyoziwela yona ngokwayo
okuyinto evamile.
• Thinta abasemtholampilo wakho uma
ubona kuphuma uketshezi oluthile ezansi
nenkaba.
Ukuncelisa Umntwana:
• Ukuncelisa kuhlale kuyinto engcono
kumntwana osanda kuzalwa.
• Umntwana uyohlale elele isikhathi
esiningi sosuku, kodwa lapho evuka
uyofuna ukudla, izikhathi ezingafika ku-8
ngosuku.
• Zama ukuhlala ngendlela efanele
ngesikhathi umncelisa ukuze ancele
kahle, kungenjalo ngeke athole ubisi
olwanele.
• Ncelisa umntwana aze angabe esafuna
okunye.
• Kungase kube buhlungu lapho uqala,
kodwa njengoba umntwana encela njalo,
ubuhlungu buyoncipha futhi uyojwayela
ukumncelisa.
Ukuya emtholampilo ngemva kokuthola umntwana:
• Kubalulekile ukuya emtholampilo
ezinsukwini ezingu-3 kuya ku-6 ngemva
kokuba usudedeliwe, kuyohlolwa kokubili
impilo yakho neyomntwana.
• Ungase unikezwe usizo lokuncelisa:
ukusondelana nokumphatha kahle
kulungiswe futhi amanesi angakusiza
ngeseluleko esimayelana nanoma
yikuphi ukukhathazeka onakho
ekunceliseni nasekunakekeleni
umntanakho.
• Ungase uthande nokuqedela noma
yikuphi ukwelashwa njengokulawulwa
kwe-STI (igciwane elithathelwana
ngocansi).
• Imithi yama-antiretroviral enikezwe
umntwana iyobhekwa ukuthi unikezwa
kahle yini.
• Ningase nixoxe ngokuvimba inzalo
ikakhulukazi njengoba ubuyela ekuphileni
okuvamile kokuya ocansini futhi ungafuni
ukusheshe ube nabanye abantwana.
Ezempilo | Health Matters - Edition 3 17Ezempilo | Health Matters - Edition 316
ukuhlolwa eThekwini TB
uMEC eyovakasha esibhedlela
uMEC wayehlanganyele umcimbi
abalandeli beseka ukuphela weTB eGungundlovuOmasipala behalalisela abantu abasha
uMEC Dhlomo exoxa nabantu abadala
Ukuphuza amanzi angahlanzekile kungaholela ezifweni ezinjengesifo sohudo kanye nekholera okungabhebhethaka uma kungelashwa. Uma ungakwazi ukufinyelela kwamanye amanzi ngaphandle kwamanzi asemfuleni noma emachibini, kubalulekile ukuwahlanza amanzi ngale ndlela elandelayo ngaphambi kokuwaphuza:
Bilisa amanzi imizuzu eyishumi noma faka ithisipuni elilodwa lika-bleach emanzini angamalitha angama-25. Wayeke aphole isikhathi esingamahora amabili noma wabeke elangeni okungenani isikhathi esingamahora ayisithupha ngesitsha esihlanzekile. Uma uguliswa ngukuphuza amanzi angahlanzekile, kubalulekile ukwenza lo mbhubhudlo olandelayo bese uyawuphuza uze uzizwe ungcono noma uze uthole ukufinyelela emtholampilo:
Thaka amathisipuni ashukela ayi-8, uhhafu wethisipuni likasawoti kanye nelitha elilodwa lamanzi ahlanzekile. Khumbula njalo ukugezisisa izandla zakho – kungasiza ukunciphisa ukusabalala kwamagciwane kanye nezinye izifo ngamaphesenti angama-75!.
USuku lwabesiFazane eMhlabeni-jikelele, ngomhlaka 10Eminyakeni eyishumi eyedlule, ngoSuku
lokuqala lwabesiFazane eMhlabeni-
jikelele abesifazane emhlabeni
wonke bagcwala imigwaqo belwela
amalungelo abo, kubandakanya ilungelo
labo lokuvota, ilungelo lokuhola imali
elinganayo neyabalingani babo besilisa,
kanye nelungelo lokuthola imfundo. Le
ntshisekelo yabo ngamalungelo-ngqangi
abo isagqamile namanje eNingizimu
Afrika njengakwezinye izingxenye
zamazwe. Umbuzo osalayo minyaka
yonke ngukuthi: singafinyelela kanjani
kulelo qophelo? Yikuphi ukukhululeka
esifuna abesifazane bakuthokozele
eminyakeni eyikhulu kusuka manje?
USuku lweziNso eMhlabeni, ngomhlaka 10Kamuva nje sisanda kuzwa ngabantu
abadayisa izinso zabo. Lo mkhuba
obonakale udlanga kwizinhlaka ezizimele
zezempilo eNingizimu Afrika, uletha
ukukhathazeka ngokuthi kunabantu
abazama ukukhuthaza abantu ukuba
bahlukane neyodwa yezinso zabo
iyofakelwa komunye umuntu bese
bethola isamba esithile semali. Akusikho
nje kuphela ukuthi akukho emthethweni
ukudayisa izitho zomzimba wakho kodwa
futhi kuyingozi kakhulu .
USuku lokuQwashisa ngokuLimala eKhanda, ngomhlaka 20Noma ngabe ngukushayeka nje kancane
ekhanda noma wukulimala okunzulu
kobuchopho, umphumela ungaba
mkhulu kakhulu. USuku lusikhumbuza
ngokuthi singazinciphisa kanjani izingozi
zansuku zonke kanye nokulimala
kobuchopho inqobo nje uma siqikelela.
Lubuyisela imiqondo yethu komakalabha
namabhande okuphepha ezimotweni.
Sekuphenduke into ebaluleke kakhulu
ukufundisa kanye nokuqwashisa
umhlaba wonke ngokuthi ingozi
encanyana ekhanda lakho ingamosha
impilo yakho yonke.
USuku lwamaLungelo aBantu, ngomhlaka 21Lawa ngamalungelo nenkululeko
efanele bonke abantu, kodwa njengoba
sibona, ziningi kakhulu izikhathi
lapho la malungelo ecekelwa phansi.
Namuhla kugxilwe ezenzweni zobuntu
nozwelo kanye nokuthuthukiswa
komnotho emazweni afufusayo
lapho kunokuhlukumezeka okuningi
okusenzeka.
USuku lokwe-Down Syndrome eMhlabeni, ngomhlaka 21Usuku lwakhethelwa ukuze kugxilwe
kwi-chromosome yama-21 okuyiyo
ehlanganiswa nesifo se-Down Syndrome.
Kulo nyaka akunasihloko esikhona,
imiphakathi izozikhethela ezazo.
Ezintweni ezenziwa ngaphambilini
kubonakale iziphiwo, amathalente,
namakhono abantu abane-Down
Syndrome kanti yabonakalisa ukwazisa
isithunzi, amalungelo kanye nokuphila
kwabantu abane-Down Syndrome.
USuku lwesifo soFuba eMhlabeni, ngomhlaka 24Lokhu kumayelana nokuqwashisa
umphakathi ngokuthi nanamuhla isifo
sofuba sisewubhubhane, kwingxenye
enkulu emhlabeni, oyimbangela yokufa
kwabantu ababalelwa kwizigidi ngezigidi
njalo ngonyaka, ikakhulukazui emazweni
asafufusa. Kwakungalolu suku futhi
ngonyaka ka-1882 lapho uDkt Robert
Koch amemezela ukuthi useyitholile
imbangela yesifo sofuba, imbewu
eletha isifo se-TB. Umphumela walokhu
akutholayo kwavula indlela eholela
ekuxilongweni kanye nokwelashwa
kweSifo soFuba. Umyalezo uthi iSifo
soFuba siyelapheka.
ISonto lokuQwashisa ngoSawoti: ngomhlaka 21kuya ku-27 Isihloko sithi “Usawoti kanye neMpilo
yabesiLisa.” Kungani? Ngoba ucwaningo
luveza ukuthi iningi labesilisa lidlula
emhlabeni ngaphambi kwesikhathi
kunabesifazane. Ucwaningo luveza
ukuthi abesilisa badla kakhulu usawoti
ngaphezu kwabesifazane ngakho-ke
ngokujwayelekile baba nesifo se-high
blood pressure ngaphezu kwabesifazane,
ikakhulukazi besebancane. Ngakho-ke
wuqaphele usawoti!!!
Izinsuku zokuqwashisa ngenyanga kaMashi
UKUBAMBA IQHAZA Emphakathini
Ezempilo | Health Matters - Edition 318
Kuhlangana kanjani?
ISANDULELA-NGCULAZI NESIFO SOFUBA
Uma ukhathazekile, ukuhlolwa kungakhulula umqondo wakho kukusize nangezindlela
ongazikhetha ngempilo yakho.
Uma kutholakale ukuthi unaso ungathatha izinyathelo eziningi zokubhekelela impilo yakho
futhi uvikele nalapho oya nabo ocansini.
Ukuba neSifo soFuba akusho ukuthi sewuneSandulela-Ngculazi noma iNgculazi. Kodwa ukuba neSandulela-Ngculazi
kuchaza ukuthi maningi amathuba okuthi ube neSifo soFuba ngenxa yamasosha omzimba asebuthakathaka. Uma
uneSandulela-Ngculazi i-CD4 count yakho kufanele ihlolwe ukuze kubonakale ukuthi amasosha akho omzimba ana-
mandla kangakanani kanye nokuthi uyayidinga yini imishanguzo yokudambisa igciwane emzimbeni, ARV’s, noma cha.
Emhlabeni wonke jikelele iSifo soFuba siyimbangela enkulu yokufa kwabantu abaneSandulela-Ngculazi – yingakho
kubalulekile ukuhlolela iSifo soFuba – iSifo soFuba siyelapheka noma ngabe uneSandulela-Ngculazi noma iNgculazi.
Uma sisheshe sitholakala, maningi amathuba okusinda inqobo uma uqeda imithi yakhona.
UKUVIKELA KUYIKHAMBI!
HLOLELA IGCIWANE LESANDULELA-NGCULAZI NAMUHLA!QEDELA IMITHI YAKHO YESIFO SOFUBA