fundisa || nikeza ulwazi || nikeza amandla isiqephu 4 · amaqiniso kuqala – imfundo ingamandla,...
TRANSCRIPT
ISIQEPHU 4FUNDISA || NIKEZA ULWAZI || NIKEZA AMANDLA
MAHALA
Ukuthinta, ukuqabula noma ukwanga.
Ukunakekela umuntu one-HIV/AIDS.
Ukushintshana ngezimpahla, amathawula, izinto zombhede noma ukuziwasha ndawonye
noma ukusebenzisa ithoyilethi elilodwa.
INDLELA ENGASAKAZEKI NGAYO I-HIV/AIDSI-HIV ayiphili ngaphandle komzimba womuntu imizuzu embalwa. Ayikwazi ukuziphilela emoyeni noma emanzini. LOKHU KUSHO UKUTHI NGEKE UYIDLULISE NOMA UYITHOLE I-HIV NGALEZI ZINDLELA:
Ukudla ndawonye noma ukudla ngesipuni ebesidla omunye.
Ukulala ndawonye embhedeni.
Ukulunywa yizinambuzane.
Ucansi olungaphephile nomuntu onaleli gciwane, ingcuphe enkulu - sebenzisa ikhondomu!
Ukumpontshelwa igazi, uma igazi lingahlolwanga ukuze kuqinisekwe ukuthi
alinayo i-HIV/AIDS
Igazi elitheleleke ngaleli gciwane elingena endaweni esikekile noma enxebeni elivulekile
lomunye umuntu.
UKUHLOLWA NJALO UMA UKHULELWE NANGEMVA KOKUBELETHA KUNGANCIPHISA INGCUPHE YOKUYIDLULISELA KUMNTWANA
Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba
Izinalithi noma amasirinji angahlanzekile, nanoma yiliphi ithuluzi elisika noma elingena
esikhunjeni.
Umama onaleli gciwane angalidlulisela kumntwana ngesikhathi ekhulelwe, ebeletha noma exuba ibhodlela nokumncelisa ibele.
Kungcono kakhulu ukumncelisa ibele kuphela!
INDLELA ENGASAKAZEKA NGAYO INGCULAZA NEGCIWANE LAYO
I-HIV ihlala oketshezini lomzimba njengegazi, isidoda kanye noketshezi lwasesithweni sangasese sowesifazane kubantu abatheleleke nge-HIV. Leli gciwane lisakazeka uma loku ketshezi lungena emzimbeni womunye umuntu.
Ezempilo | Health Matters - Edition 4 1
ENHLOKWENI YOMNYANGO WEZEMPILO E-KZN, UDKT. SIBONGILE ZUNGUSekuyiphasika, futhi isifundazwe sethu sesiphinde sagcwala abantu abeze emaholidini nezingane
zesikole ezithutheleka emabhishi nakuzo zonke ezinye izindawo esinazo. Yisikhathi sonyaka
lapho izikhungo zethu zezempilo kuhlanganise nama-ambulensi, izibhedlela nabasebenzi
basemtholampilo bebhekana nengcindezi enkulu njengoba izingozi emgwaqweni zanda
ngenxa yokugcwala, abashayeli abakhathele abahamba amabanga amade bengaphumuli,
ukuphuza bese ushayela nophuza ngokweqisa utshwala ekhaya ngesikhathi samaholide, okuholela odlameni lwasekhaya
olwengeziwe. Kuyadabukisa ukuthi yonke le miphumela yinto engagwemeka.
Ingozi ngayinye emgwaqweni iholela ekutheni kulaliswe inqwaba yabantu esibhedlela, bangene eminyangweni yezimo
eziphuthumayo futhi bagqigqe kodokotela – ingasaphathwa eyokulahleka kokuphila, izitho zomzimba nomholo ngenxa
yokungabi khona emsebenzini. Njengoba umnyango Wezempilo e-KZN uchitha u-R800 ngomuntu ngamunye ngosuku
esibhedlela, uchitha okungenani u-R10 000 ngeziguli zezingozi kanye nodlame ezidinga igumbi labagula kakhulu ngenxa
yezingozi nodlame lwasekhaya - konke obekungagwemeka. Ingozi yodlame nokuphuza ushayele ngalesi sikhathi sonyaka
kubeka ingcindezi kulo Mnyango futhi kwenze kube nzima ngawo ukunikezela ngosizo lwezempilo ngokulinganayo ngoba
kunciphisa izinsiza ezikhona - kokubili abasebenzi nemali kwezinye izinsiza njengegumbi labazoteta nokunakekela
kwezempilo. Ngakho-ke, umnyango Wezempilo e-KZN ungathanda ukunxusa wonke umphakathi nezivakashi esifundazweni
sethu ukuba baqaphe kulesikhathi sonyaka ikakhulukazi njengoba kwanda izingozi zokusebenzisa kabi utshwala nokushayela
budedengu. Ngokunakekela impilo yethu, singazuza sonke ngokuba nezinsiza zezempilo ezisebenza kahle. Lapha sifisela
zonke izakhamuzi nezivakashi zethu iPhasika eliphephile nelimnandi!
UDKT. MUSA GUMEDE, IPHINI LOMQONDISI WEDOLOBHA, KWEZEMPILO NAKWEZENHLALO IZINSIZAKALO, KUMASIPALA WASETHEKWININjengoba abantu abeze emaholidini bethutheleka kulesi sifundazwe sethu esinobungane
nesiqhakazile kule nyanga bezogubha amaholide ePhasika, imigwaqo yethu izoba
nesiminyaminya futhi igcwale kakhulu. Amabhishi ethu agcwala phama ngoba bonke
abantu basuke bezozijabulisa, kanti ukuphuza yindlela ethandwayo yokuzojabulisa. Nokho,
njengoMasipala WaseThekwini, siyabanxua abantu ukuba baphuze ngokuzicabangela.
Esikucelayo kubantu phakathi nawo wonke unyaka ukuba banakekele izimpilo zabo njalo,
futhi sibacela nakakhulu ngenkathi yePhasika lapho abantu abaningi belahlekelwa ukuphila kwabo ngenxa yokushayela
budedengu, nokushayela ube kade uzitika ngotshwala. Siyacela, siyacela bakwethu, khumbula futhi ucabangele
labo abaseduze nawe. Kulula ukukhohlwa imiphumela yokuziphatha kwethu kuze kube yilapho sekwephuze kakhulu.
Njengedolobha saziwa ngempatho yethu, imfudumalo nesimo sethu sezulu. Kodwa masibeke isibonelo nangokwaziwa
ngokuphepha emgwaqweni. Niwajabulele amaholide nomoya wokuzijabulisa edolobheni lethu ngesikhathi sePhasika, kodwa
masenze lokho ngokucabangela. UMasipala WaseThekwini ufisela zonke izakhamuzi zethu nezivakashi ezize edolobheni
lethu iPhasika eliphephile nelibusisekile. Khumbula ukuvimbela kuwukwelapha - ungaphuzi bese ushayela, kungasindisa
impilo yakho!
Umlayezo ovela...
Ezempilo | Health Matters - Edition 42
“Iyodwa indlela yokukhuthaza abesilisa ukuba bayohlolela i-HIV, ukubanikeza ulwazi olwengeziwe ngezinzuzo zokuthi umuntu azi isimo sakhe nokuthi bazi ukuthi impilo yabo iyisibopho sabo,” kusho uThabo Gwala, umeluleki we-HIV/Aids ePietermaritzburg. Uthi futhi iningi labantu abeza bazohlolwa nabagcina sebesohlelweni lokwelashwa ngama-Anti-retroviral eMtholampilo wase-City Central ngabesifazane. Ezempilo Health Matters zikhulume noMsizi Mchunu oneminyaka engu-25 ubudala, ngokuthi kungani ayesaba ukuyohlolela i-HIV nokuthi
wakunqoba kanjani lokho.
Ezempilo: Uyasazi yini isimo sakho
mayelana nengculaza negciwane layo?
Msizi: Yebo, ngisanda kuyohlola ngo-
nyaka odlule futhi sengiyasazi isimo
sami nemiphumela ibuye ithi anginayo.
Ezempilo: Wasithola kanjani isibindi
sokuvakashela isikhungo sokuhlola
ngemva kokuba wawungafuni ukuyoh-
lola?
Msizi: Bengilokhu ngifuna ukwazi isimo
sami kodwa ngicabanga ukuthi akubona
ubudoda ukwenza lokho. Kodwa ngiye
ngaqaphela ukuthi isifundazwe sethu
sinezinga eliphezulu le-HIV futhi ngiye
ngakhuthazwa yintombi yami kanye
nabaholi bethu. Ngifuna ukuhlala ngi-
wumqemane.
Ezempilo: Ngokuvamile abesilisa aba-
funi ukuyohlola noma abafuni ukubon-
akala beyohlola. Ucabanga ukuthi ikuphi
inkinga?
Msizi: Yiqiniso, kusenenkolelo yokuthi
abesilisa kukhala esabo isicathulo
ebudlelwaneni futhi banesibindi ngakho
uma bebonakala emtholampilo babhek-
wa njengeziyoyoyo. Uma othile ethelele-
kile, kugxekwa unkosikazi noma intombi
kuqala hhayi owesilisa.
Ezempilo: Uyakukholelwa lokhu ukwazi
ngawe?
Msizi: Cha, kodwa ngeshwa abantu
abaningi bayakukholelwa futhi badinga
ukufundiswa ngempela abesilisa lapha
ngaphandle ukuze bazi ukuthi akunjalo
nokuthi le nkolelo yabo iyiphutha.
Ezempilo: Ungabakhuthaza kanjani
abangane bakho ukuba bayohlolwa?
Msizi: Ngiyazama ukubathatha ngi-
hambe nabo kodwa konke kukumuntu
ngokwakhe nokuthi ukubheka kanjani
ukuphila kwakhe njengomuntu nokunak-
ekela impilo yakhe.
Ezempilo: Abesilisa bangazinqoba
kanjani lezi zithiyo?
Msizi: Kudingeka sikwamukele uku-
thi ingculaza negciwane layo yinto
ekhona. Okwesibili, kudingeka sithola
ulwazi oluqondile ngalesi sifo nem-
bangela yaso. Okokugcina, kudingeka
sikuhloniphe ukuphila kwabanye abantu
ebudlelwaneni futhi siqiniseke ukuthi
izenzo zethu azibathinti bona. Uma
wazi isimo sakho, ungenza izinqumo
ezingcono ngempilo yakho. Imfundo
iyisihluthulelo.
YIBA INDODA EMADODENI
Hamba Uyohlola
Wazi Isimo Sakho Se-HIV
OKUPHAKATHI• YIBA INDODA EMADODENI - HAMBA UYOHLOLA WAZI ISIMO
SAKHO SE-HIV
• INGCULAZA NEGCIWANE LAYO
• UKUHLELA UKUBA NENGANE UNESANDULELA NGCULAZA
• UKUKHISHWA KWESISU KWASEMAKHONENI
• UNGABEKI IMPILO YAKHO ENGOZINI
• QEDA UKUHLUKUNYEZWA KWEZINGANE!
• UMALALEVEVA
• IVIKI LOKUQEDA UVENDLE KUZWELONKE
• KONKE NGESIFO SENKUNGU EMEHLWENI
• USUKU LOKUQWASHISA NGE-AUTISM EMHLABENI
• ISIQONDISO SANYANGA ZONKE: UKUGOMA
• IZINSUKU ZOKUQWASHISA NGO-EPHRELI
• UKUBAMBA IQHAZA EMPHAKATHINI
• AKE SITHI NHLA
Siyababonga laba abalandelayo ababe neqhaza:
EZempilo E-KZNUphiko LweZempilo KuMasipala WaseThekwini
uZohra Mohamed Teke (Umhleli)u-Liz Clarke (Umsizi Womhleli)
AbabhaliuColiwe ZuluuDerick MatsengarwodziuSiphilile Shelembeu-Elmarie KrugeruDudley Viall (umdwebi wekhathuni)
ILUNGELO LOBUNIKAZI & NOKUKHANGISAKonke okushicilelwe kulo magazini kuyilungelo le-Ezempilo, Health Matters futhi kungase kuphinde kukhiqizwe mahhala ngezinjongo zokufundisa kuphela, uma kutholakale imvume. EZempilo E-KZN, uMasipala WaseThekwini nEzempilo Health Matters abahlangene nganoma iyiphi indlela nabakhangisi abakulo magazini.
Sinike uvo lwakho, noma usitshele ukuthi ucabangani ngalo magazini!
P O Box 25439 Gateway4321
I-EMAIL [email protected]
UNGAPHUZI BESE USHAYELA. Ezempilo | Health Matters - Edition 4 3
Ezempilo | Health Matters - Edition 4 5
YIKUPHI ENGIKUKHOKHELAYOImishanguzo ye-HIV inikezwa mahhala
ezibhedlela ezinohlelo lukahulumeni
lokwelapha.
KUFANELE NGIYE KANGAKI UKUYOHLOLWAKutuswa ukuthi iziguli ezine-HIV
kufanele zivakashele udokotela wazo
njalo ngemva kwezinyanga ezintathu
kuya kweziyisithupha ukuze ziyohlolwa
kubhekwe ukuthi i-HIV iqhuba kanjani,
omama abakhulelwe kufanele baye
kaningi ukuze kuhlolwe impilo kamama
nomntwana.
UNGAQALISA NINI UKWELASHWAKuzodingeka uthinte umsebenzi
wezempilo okungunye ozonquma
ngalokhu, kuye nge-CD4 count
yakho. Lapho uqalisa ukwelashwa
kwakho, kuzofuneka uqhubeke nakho
nsuku zonke ukuphila kwakho konke.
Ukwelashwa okuye kwaphazamiseka
kungabangela ukuthi igciwane libe
namandla kakhulu futhi lingalawuleki,
okungasho ukuthi umzimba wakho
ngeke usakwazi ukulwisana nezifo.
UKUNCELISA UMA UNE-AIDSNgesinye isikhathi, i-HIV idluliselwa
kumntwana ngokuncelisa, noma
kungekho muntu owaziyo ukuthi
lokhu kwenzeka kaningi kangakanani
noma ukuthi kungani kwenzeka
kwabanye abantwana kodwa kwabanye
kungenzeki. Abanye omama bathola
umngane noma isihlobo esingenayo
i-HIV nesingase sikwazi ukubancelisa
umntwana, okuyindlela ephephile
ongayikhetha. Kodwa, ngisho noma
utheleleke nge-HIV, ngokuvamile
kungcono ukuncelisa kunokusebenzisa
olunye ubisi noma ibhodlela. Ezimweni
eziningi, ingcuphe yesifo sohudo
nokungondleki ngenxa yezinye izinhlobo
zobisi inkulu kunengcuphe ye-HIV,
ikakhulukazi ezinyangeni zokuqala
eziyi-6 zokuphila komntwana — ngakho
ukuncelisa kungcono! Uma ukhetha
ukuncelisa, ungaxubi ubisi lwebele
nobisi lwebhodlela noma okunye
ukudla okuqinile ngoba ukuxuba
ukudla kungabangela ukudluliseleka
kwegciwane lapho uncelisa.
Isimo esinokumoyizela nokukhathala senza umehluko kwisiguli.
INGCULAZA NEGCIWANE LAYO –
I-HIV igciwane elithusa kakhulu futhi sonke sike sezwa ngalo. Kodwa iningi lethu alifuni ukwazi amaqiniso, ngoba siyayesaba. Kodwa singazivikela kuphela uma siqonda ukuthi yini ingculaza (AIDS). Uma usuhlolile futhi usazi isimo sakho, ungaba nokuthula kwengqondo futhi uqhubekele phambili — kungakhathaliseki
ukuthi ithini imiphumela.
Ulwazi oluqondile wumngane wakho
omkhulu. Ngokwesibonelo, bewazi ukuthi
abantu abane-HIV futhi abangelashwa
bangaphila iminyaka engafika kweyi-10
bengabonisi nophawu olulodwa
lokuthi banayo. Ngakho, make sibheke
amaqiniso ayinhloko okudingeka uwazi ...
ngemva kwalokho kuhlola okubalulekile.
IYINI NGEMPELA I-HIV?Ngamagama alula, igciwane elincane
kakhulu, elibizwa ngokuthi ivayirasi
ongeke ulibone. Ingculaza isifo
esakheka kamuva ngemva kokuba
umuntu esetheleleke nge-HIV, igciwane
lengculaza. Uma umuntu etheleleka
nge-HIV, leli gciwane lihlasela amasosha
omzimba — ingxenye yomzimba wakho
elwisana nezifo. Ngenxa yokuthi i-HIV
ithatha iminyaka eminingi ukuthi igulise
umuntu, abantu abaningi abane-HIV
bazizwa benempilo futhi abazi nakwazi
ukuthi banayo.
OKUBALULEKILEUngayidlulisela i-HIV kwabanye
ngemva kokutheleleka, ngisho noma
ubonakala futhi uzizwa unempilo. Ngeke
ukwazi ukusho ukuthi umuntu une-HIV
noma ingculaza ngokumane umbuke
nje. Iyodwa indlela yokwazi ukuthi
uthelelekile, ukuthi uyohlola!
OKUFANELE UQALE NGOKUKWENZAUma uhlolwa kutholakala ukuthi unalo
leli gciwane, vakashela umsebenzi
wezempilo noma umtholampilo
wangakini futhi bazokweluleka
ngokuthi ungakutholaphi ukwelashwa
nokwelulekwa. Kubalulekile ukuzifundisa
ngengculaza negciwane layo —
ziningi izinto ezishiwoyo ngalesi sifo
ezingamampunge nje, ngakhoke thola
amaqiniso kuqala – imfundo ingamandla,
yisebenzise ukuze uvikele impilo yakho.
IMISHANGUZOIsinqumo sokuthi ungaqala nini ukuthatha
imishanguzo uma une-HIV sixhomeke
kwimiphumela yokuhlolwa kwegazi
okubili okwenziwa udokotela. Okokuqala
ukuhlola izinga legciwane emzimbeni
ukuze kubhekwe ukuthi ingakanani i-HIV
esegazini, okwesibili i-CD4 cell count,
ebheka ukuthi anamandla kangakanani
amasosha omzimba wakho — ikhono
lomzimba wakho lokulwa nezifo.
Kubalulekile ukuba unakekele impilo
yakho ikakhulukazi uma unengculaza
negciwane layo, ngoba iningi labantu
abanengculaza babulawa yizifo imizimba
yabo esuke ingasakwazi ukulwa nazo.
IMFUNDO INGAMANDLA, YISEBENZISELE UKUVIKELA IMPILO YAKHO
Hamba Uyohlola Wazi Isimo Sakho
Se-HIVEzempilo | Health Matters - Edition 44
Ezempilo | Health Matters - Edition 46 Ezempilo | Health Matters - Edition 4 7
UKUHLELA UKUBA NENGANE UNESANDULELA NGCULAZA
Uma wena nophathini wakho nine-HIV futhi nisebenzisa amakhondomu njalo uma
niya ocansini, ningawuqalisa kanjani
umndeni?
Eminyakeni embalwa edlule,
bekungaba yinganekwane leyo.
Kodwa namuhla izinto ziyashintsha.
Uma niwumbhangqwana one-
HIV ozicabangelayo futhi nithanda
ukuba nengane enempilo, kukhona
eningakhetha kukho, futhi likhona
ithemba.
“Isinyathelo sokuqala ukuba lo
mbhangqwana uvakashele umtholampilo
oseduze ukuze uthole ukuthi i-HIV yabo
ikusiphi isiteji. Lokhu kubalulekile ukuze
baqale umsebenzi. Kuyoba ukunganaki
uma umbhangqwana one-HIV uvele
uqale ukwelashwa kokuba uthole
abantwana ngaphandle kokudambisa
i-HIV noma ukucabangela izingcuphe
zokuthelela usana olungakazalwa.
Kufanele bakhulume
ngokwelashwa kwama-ARV,
futhi uma lokhu sekwenziwe,
umsebenzi wezempilo
uyobanikeza izindlela ezihlukene
abangakhetha kuzo ukuze
baqale umndeni,” UJacqueline
Ngozo, Ibamba LoMphathi
KwezeMpilo e-KZN, HIV/AIDS.
UkwelashwaEnye yezindlela zokuba
nosana olunempilo
olungenayo i-HIV
nakuba wena une-
HIV ukuvumela
umtholampilo
osiza ngokuthola
abantwana
ukuba usebenze
ngesidoda sakho
esinikelwe kanye
neqanda ukuze
kuqinisekwe
ukuthi
umntanakho
wondlekile futhi
unempilo.
IthembaNgokokuqala ngqa, lokhu kunikeza
abantu abanesandulela ngculaza
ithuba elilinganayo nelabanye lokuba
nabantwana abanempilo. “I-HIV
ayisabhekwa njengesigwebo sentambo
kodwa njengesifo esingamahlalakhona,
futhi abantu abanezifo
ezingamahlalakhona banelungelo
lokuthola usizo lokuzala. Likhona ithemba
lokuthola ingane engenayo i-HIV, futhi
uma ethole ukwelashwa okufanele,
umzali angaphila isikhathi eside”, kusho
omunye udokotela.
Kwenziwa kanjani lokhu?Lapho bobabili ophathini, noma
kungowesifazane kuphela one-HIV,
odokotela bathatha isidoda basijove
kowesifazane. Lapho esekhulelwe,
intuthuko yalo ozoba umama one-
HIV iqashwa nguchwepheshe we-HIV.
Umama kufanele aqhubeke ethatha ama-
antiretroviral, futhi abelethe ngokusikwa,
hhayi ngendlela evamile, ukuze
kuncishiswe ingcuphe yokudlulisela i-HIV
kumntwana ngesikhathi ebeletha.
Uma owesilisa kunguye kuphela one-
HIV, isidoda sidlula kwenye inqubo lapho
“sihlanzwa” khona ukuze kuhlukaniswe
uketshezi olunamaseli amaningi
athwele igciwane. Lapho sesihlanziwe,
owesifazane angabe esejovwa
ngesidoda.
Ukunakekelwa ngesikhathi ukhulelweBonke abesifazane abaya emitholampilo
enakekela abakhulelwe banikezwa
ukwelulekwa nokuhlolwa ngokuzithandela
(VCT) lapho beqala ukuza emtholampilo.
Abesifazane okutholakala ukuthi abanayo
i-HIV banikezwa ukuhlola kokulandelela
lapho benamaviki angu-34 bekhulelwe.
Labo abatholakala bene-HIV bahlolwa
inani lamasosha emzimbeni lapho nje
betholakala ukuthi bane-HIV ukuze
kutholakale izinga legciwane futhi
kuxoxwe ngalokho abangakhetha kukho.
UZanele wayebukeka ethukile njengoba ibhungu lihamba naye likhuphuka izitebhisi
ezimnyama ebhilidini eliseThekwini. Wayengafuni ukukhipha isisu, kodwa waba nomuzwa wokuthi akukho angakwenza. Wayeneminyaka engu-17, ekhuleliswe yisoka lakhe elalimthembise izulu nomhlaba uma eya nalo ocansini olungavikelekile. Kodwa kwathi angakhulelwa, lashaya lachitha. Esaba ukuthi kuzokwenzakani uma umndeni wakhe uthola lokhu, wanquma ukuza eThekwini ngemva kokubona isikhangiso ephepheni, esasikhangisa ukukhishwa kwesisu
okungambi eqolo nokusheshayo.
“Igumbi elikuleli bhilidi lalingcolile, kugcwele
izinaliti, uhala nendwangu engcolile
phansi lapho kwakufanele ngilale khona.
Wawungafunga ukuthi kukhona umuntu
obulawele khona. Kwakugcwele igazi.
Ngangesaba kakhulu. Ngangibanike
umakhalekhukhwini nomazisi wami
njengesibambiso semali, ngakho
ngangingeke ngibaleke ngisho sengithanda,”
kuchaza uZanele.
Ngemva kokunikezwa isiphuzo okwathiwa
‘itiye’, kwathiwa akasiphuze, indoda ezibiza
ngo “Dkt. Momo” yaqala inqubo yokukhipha
isisu. “Kwakusengathi ngisikwa inhliziyo,
kwakungeve kubuhlungu. Yavele yafuhlela
ithuluzi elithile ngaphakathi kimi yakhipha
umzimba womntanami uyizicucu – isandlana,
unyawana... kwakushaqisa, ngakhala kodwa
kwakungekho lutho engingalwenza ukuze
ngivimbe lokhu, kwase kwephuzile. Ngemva
kokukhishwa isisu, yanginika upulastiki
kadoti ukuze ngilahle umzimba womntwana.”
UZanele washiywa opha, futhi etheleleke
ngegciwane elibi, asazama ukulelapha
namanje, futhi wasala enezibazi
eziyohlala ukuphila kwakhe konke –
ezingokomzwelo nezisemzimbeni.
Watshelwa ukuthi abuye nemali uma efuna
umazisi nomakhalekhukhwini wakhe,
wabe eseyahamba. Kwaphela kanjalo.
Akazange athole kwelulekwa, nokuhlolwa
kokulandelelwa.
Ungalenzi iphutha elifanayo. Khuluma
nothile oqeqeshiwe uma ngempela
usunqume ukukhipha isisu. Vakashela
umtholampilo noma isibhedlela esiseduze
nawe nikhulume ngalokho okusemthethweni
ongakhetha kukho. Ukukhishwa kwesisu
kwasemakhoneni kuyingozi— cabangisisa.
UKUKHISHWA KWEZISU KWASEMAKHONENI – KUNGANI KUFANELE UKUGWEME
• Ukukhipha isisu okwenziwa emakhoneni kuyingozi ngoba lo muntu okwenzayokungenzekaukuthiakaqeqeshiwe.
• Kungase kusetshenziswe amathuluzi angabulewe amagciwane – kukubekeengcupheniyokuthelelekangezifoezimbi
• Izingxenye ezithile zomzimba wakho zingase zidabuke ngaphakathi umakungenziwakahle.
• NgokoMthetho umuntu owenza lo msebenzi wokukhipha isisu KUMELWE kubengudokotela,unesinomaumbelethisi.
• Ukukhishwa kwesisu kufanele kwenziwe kuphela endaweni egunyazwenguNgqongqosheWezempilo
• Ngokomthetho,kufaneleutholeukwelulekwa,ngaphambinangemvakokwenziwa
kwalenqubo.
UKUKHISHWA KWESISU KWASEMAKHONENI UNGABEKI IMPILO YAKHO ENGOZINI
Ezempilo | Health Matters - Edition 48 Ezempilo | Health Matters - Edition 4 9
Ezempilo | Health Matters - Edition 410
Izifo zezingane eziyingozi njengovendle
nesimungumungwane zingavinjelwa
ngokugoma - ikakhulukazi ezinganeni
ezincane. UMnyango Wezempilo utusa
ukuba abantwana bagonyelwe uvendle
lapho bezalwa futhi balandelelwe
lapho benamaviki ayisi-6, amaviki ayi-
10, amaviki ayi-14, izinyanga eziyisi-9,
izinyanga eziyi-18 kanye neminyaka emi-
5. Lokhu kubalulekile ngoba uvendle
luhlasela kakhulu izingane ezingaphansi
kweminyaka emi-5 futhi nakuba uvendle
lungelapheki, lungavinjelwa.
Uvendle isifo esithathelwanayo
esibangelwa igciwane. Sihlasela
isimiso sezinzwa futhi singabangela
ukukhubazeka ngokuphelele ngamahora
ambalwa nje. Abantu ngokuvamile bathola
leli gciwane ekudleni noma emanzini
anamagciwane. Izimpawu zihlanganisa
imfiva, ukukhathala, ukuphathwa ikhanda,
ukuhlanza, ukuqina entanyeni nobuhlungu
ezingalweni nasemilenzeni. Abantu
abaningi abahlaselwa uvendle ababi nazo
izimpawu.
ENingizimu Afrika isifo sovendle
sagcina ukubikwa ngo-1989. Uma nje
esekhona amagciwane ovendle ayingozi
kwezinye izindawo emhlabeni, uvendle
lusangasakazeka, yingakho kubalulekile
ukuluvimbela ngokugoma abantwana
nezingane.
UKUVIMBELA KUWUKWELAPHA, QINISEKA UKUTHI INGANE YAKHO IYAGONYWA NJALO NGEZIKHATHI ZOKUGOMA.
Iviki Lokuqeda Uvendle Kuzwelonke 4-10 Ephreli 2011
Nakekela izingane. Ukuvimbela kuwukwelapha.
Umkhankaso wovendle kazwelonke uholwa uMnyango Wezempilo ukuze
uqwashise abantu ngokugomela nokuvimbela uvendle.
INGABE UYINGOZI UMALALEVEVA?• Umalaleveva isifo esibulalayo, uma
singelashwa ngesikhathi.
• Idluliselwa kubantu ngokulunywa
umiyane wesifazane onaleli gciwane.
NGUBANI OTHINTEKAYO?• Abantu babo bonke ubudala
• Bonke ubulili
• Zonke izinhlanga
Laba bantu abalandelayo yibona abasengcupheni enkulu kamalaleveva nezinkinga zawo.• Izingane ezingaphansi kweminyaka
emi-5
• Abesifazane abakhulelwe
• Abantu abane-HIV
• Iziguli ezinezifo ezingamahlalakhona
• Abantu abangaphezu kweminyaka engu-
65 ubudala
Khumbula!Noma ubani angathola umalaleveva
ngokulunywa umiyane onaleli gciwane
futhi angafa uma engasheshanga
welashwa.
`Izimpawu nezinkomba zikamalaleveva osezingeni eliphansi• Imfiva (ijwayelekile kodwa kungenzeka
ingabi khona)
• Ikhanda elingapheli
• Ukugodola
• Ukujuluka
• Isicanucanu/ ukuhlanza
• Ubuhlungu bamamasela
• Ukukhathala /ukuba buthakathaka
Izimpawu nezinkomba zikamalaleveva oyingozi• Imfiva ephezulu
• Isifo sohudo
• Ijondisi
• I-anemia
• Ukuhlala wozela
• Ukwethuka
• Ukudlikiza
• Ukungaphefumuli kahle
• Ukuquleka/ikhoma
• Umalaleveva wobuchopho
Ofanele ukwenze
• Umuntu onezimpawu zikamalaleveva
kufanele axhumane nomtholampilo
oseduze noma umsebenzi wezempilo
ngokushesha, noma engakapheli
amahora angu-24.
• Imfiva uphawu olujwayelekile futhi
ingabangelwa yizifo eziningi ngaphandle
kukamalaleveva, njengokutheleleka
ngegciwane endlebeni, ukuphathwa isisu,
isimungumungwane kanye nenyumoniya.
Ngakho-ke kudingeka ukuxilongwe ukuze
kutholakale ukuthi umalaleveva yini.
• Funa usizo lwezempilo
ngokushesha uma unezimpawu
“ezinjengezomkhuhlane” kuze kube
izinyanga eziyisithupha ngemva kokuba
hamba endaweni enomaleveva.
INDLELA YOKUVIMBELA UKULUNYWA OMIYANE• Lala ngaphansi kombhede onenethi
• Qiniseka ngokuthi awekho amanzi amile
eduze nalapho uhlala khona enza ukuba
omiyane babekele amaqanda futhi bande.
Bayawathanda namakani angenalutho.
• Gwema ukuba ngaphandle ngaphambi
kokuphuma kwelanga nangemva
kokushona kwalo
• Uma kudingeka ube ngaphandle ngalezi
zikhathi, gqoka impahla enemikhono
emide.
• Sebenzisa into exosha omiyane
• Shisa into exosha omiyane
• Vala izivalo namafasitela ngaphambi
kokushona kwelanga.
LAPHO UVAKASHELA INDAWO ENOMALAVEVA• Thatha amaphilisi kamalaleveva
iviki noma amabili ngaphambi kokuya
endaweni enomalaleveva futhi uqhubeke
uwasebenzisa njengoba uyalelwe
ngumsebenzi wezempilo.
• Abesifazane abakhulelwe kufanele
bagweme indawo enomalaleveva.
Kubalulekile ukuthi uma welashelwa umalaleveva uyiqede imithi yokwelapha ukuze amagciwane asegazini afe wonke nokuthi amaphilisi uwabekele isikhathi esizayo noma uwanike omunye umuntu emndenini!
UMALALEVEVA UKUQONDA OKUYISISEKELO
UDkt. Musa Gumede, Iphini Lomqondisi Wedolobha, Kwezempilo Nakwezenhlalo Izinsizakalo, Kumasipala Wasethekwini
Ezempilo | Health Matters - Edition 4 13Ezempilo | Health Matters - Edition 412
UThembi Mkhize ungumama, ugogo nomnakekeli wezingane eziyisikhombisa ezihlala
endaweni i-Valley of a Thousand Hills, eduze neBothas Hill.
Muva nje uthathe isinyathelo esinqala
sokuya emhlanganweni wezempilo,
kade eqala ngqá, lapho echaze khona
ngezinkinga zengqondo ezihlupha ezinye
zezingane zakhe.
Akakwazanga ukubamba izinyembezi,
uthe iminyaka eminingi, ubenenkinga
yokubhekana nokuziphatha okunzima,
intukuthelo eba khona njalo, nomkhuba
oyinqaba wokuphindaphinda into eyodwa,
kanye nokungakwazi ukukhulumisana
nabanye kwezingane.
“Ngangazi ukuthi kukhona okuthile
okungahambi kahle,” esho. “Kodwa
kwakungekho muntu ongangisiza.
Abasemtholampilo bangitshela ukuthi
ngingakhathazeki, zizokhula futhi
zikuyeke lokhu. Ngangazi ukuthi
banephutha. Ngazizwa ngingedwa,
ngilahliwe. Ngangesaba kakhulu ukuza
kulo mhlangano, kodwa ngangazi ukuthi
kubalulekile kimi nasezinganeni ukuba
ngize.”
Enye yezingane zikaMam’uMkhize,
umfanyana oneminyaka eyisithupha
uyingxenye yocwaningo olubalulekile
lwezempilo, lwezidingo zokukhula
kwezingane nengqondo yazo kanye
nabanakekeli bazo emiphakathini
ekhungethwe yingculaza negciwane layo.
Kusukela aya kulo mhlangano,
uThembi uthi usefundile ukuziqonda
nokuzinakekela kahle lezi zingane. Manje
useyazi ukuthi zinesimo esibizwa ngokuthi
i-Autism, esithinta ukuziphatha kwazo.
Futhi uthola usizo lobuchwepheshe
mayelana nokubhekana nezinkinga
zakhe.
“Manje angisenawo umuzwa wokuthi
ngingedwa kulokhu,” esho. “Manje
sengiyaqonda ukuthi yini engahambi
kahle ngalezi zingane. Ngezinye izikhathi
kunzima ukuba nesineke kuyilapho
kukuningi okuqhubekayo, kodwa ngiyazi
ukuthi kudingeka ngizikhuthaze ukuba
zikhulume. Kufanele zizwe nokuthi
ngiyazithanda.”
YINI I-AUTISM?I-Autism yigama elivamile,
elichaza izinhlobo ezithile zesimo
sokuphazamiseka okuthile ebuchosheni.
Lezi zingane zivame ukuziphilela kowazo
umhlaba.
IBANGWA YINI?Imbangela ye-Autism ayaziwa
ngokugcwele. Kunezimpawu ezithile
zokuyibona, njengokuthi uma
umntwana engakakwazi ukumamatheka
esenezinyanga eziyisithupha,
engenamnyakazo otheni ebusweni,
engakhombi noma afune ukuthatha
izinto ezinjengamathoyizi futhi engakwazi
ukukhuluma negama elilodwa nje
esenezinyanga ezingu-16.
KUFANELE NGENZENJANI UMA NGICABANGA UKUTHI UMNTANAMI UNE-AUTISM?Cela iseluleko emtholampilo wangakini.
Kunokuhlola okuningana okungase
kwenziwe, kodwa kuthatha isikhathi
esithile. Asikho isixazululo esisheshayo
futhi kudingeka ube nesineke ukuze
usebenzelane nengane ene-Autism.
Usuku Lokuqwashisa Nge-Autism Emhlabeni - Ephreli 2
KHUMBULA UKUTHI I-AUTISM AKULONA IPHUTHA LAKHO NJENGOMZALIINGANEENE-AUTISMISEYINGANEEDINGAISINEKENOKUQONDAKWAKHO.
Ekuqaleni, uNtokosa Dube wayecabanga ukuthi unokuthile ehlweni futhi kuzoziphelela. Iso lakhe ubelizwa sengathi linenhlabathi, futhi efifiyela.
“Amehlo ami abenenkungu futhi
ngingaboni kahle. Ngavele ngakuziba,
kwathi ngokuhamba kwesikhathi, isimo
saba sibi kakhulu, futhi ngacabanga
ukuthi kwenziwa ukuguga nokuthi akukho
engingakwenza ngakho. Ngangiphatheke
kabi futhi ngesaba ngoba
ngangingasakwazi ukusebenza kahle
endlini. Ukupheka kwavele kwaba inkinga,
futhi ngangingasakwazi nokubona ubuso
bomzukulu wami. Ekugcineni ngaya
emtholampilo, bangithumela esibhedlela
ukuze ngiyohlinzwa, okwathatha isikhathi
esingaphansi kwengxenye yosuku,
ngadedelwa. Wawungathi ngiyaphupha,
ngikutshele, ungathi ngizalwe kabusha.
Ukuthi sengikwazi ukubona kahle futhi
ngemva kweminyaka engaka ngihlupheka
ngithule! Ngiyambonga uNkulunkulu
ngokuthi sengiyabona manje futhi ngifisa
sengathi ngabe ngasheshe ngasukuma.”
Iyini?UNtokosa ubehlushwa inkinga
evamile abantu abaningi abadala
ababhekana nayo – inkungu emehlweni,
okuwungwengwezi oluvala amehlo
futhi lungasuki uma ucikica amehlo.
Umphumela ukuthi abantu abane nkungu
emehlweni ababoni kahle.
Usizo ngenkungu emehlweniKukhona ukuhlinza okuphumelela
kakhulu futhi okusheshayo nokulula,
okunemiphumela emihle kakhulu. Izigidi
zabantu ziyahlinzwa emhlabeni wonke
futhi esikhathini esiningi kwenziwa
mahhala ezibhedlela zikahulumeni.
Ngingalutholaphi ulwazi olwengeziwe?Yiya emtholampilo wangakini ozohlela
ukukudlulisela esibhedlela esizokunikeza
lolu sizo.
Ngiyohlala isikhathi esingakanani esibhedlela?Nakuba ungeke ukholwe, ngokuvamile
awulali nokulala esibhedlela. Ngemva
kwesikhashana sokululama, uzovunyelwa
ukuba uhambe uye ekhaya futhi ungahle
uzwe ukungaphatheki kahle okuncane
noma ungakuzwa nhlobo.
OkwenziwayoUkuhlinza okulula okwenziwa ubulawe
izinzwa. Kuqale kuthelwe amaconsi
ehlweni ukuze lingabuzwa ubuhlungu.
Bese kusikwa kancane ehlweni.
Udokotela ufaka ithuluzi elithile,
elingangephethelo lepeni. Kube
sekususwa ilensi enenkungu, kalula
kanjalo nje! Kufakwe ilensi yokwenziwa
kodwa esebenza njengelensi yakuqala.
Ngemva kokuhlinzwaUzonikezwa isikhashana uphumule futhi
ungahamba uye ekhaya ngalo lolo suku.
Emahoreni angu-24 alandelayo, cishe
udokotela wakho uzofuna ukukubona
ukuze akuhlole masishane. Uzonikezwa
amaconsi ozowasebenzisa ukuze avikele
amehlo akho ekungenweni amagciwane
futhi aphole. Izinsukwana, ungase udinga
ukufaka into evikela amehlo, ikakhulukazi
ebusuku, ukuze ungawacikici.
AMEHLO AKHO AWUMBONO WAKHO EMHLABENI, WANAKE!
KONKE NGESIFO SENKUNGU EMEHLWENI
Ezempilo | Health Matters - Edition 4 15Ezempilo | Health Matters - Edition 414
ISIQONDISO SANYANGA ZONKE:
Bonke omama bafuna izingane zabo zibe nempilo, zibe namandla futhi zingaphathwa yizifo ezisongela ukuphila. Kodwa indlela okuyiyona
ekuqinisekisa ukuthi umntanakho uzoqala indlela eya empilweni engcono ukuqiniseka ukuthi uthola yonke
imigomo edingekayo kubantwana.
Kungani kufanele ugome?Imigomo ngamathuluzi abalulekile avikela izifo nokufa
kubantwana nasezinganeni. Isiza umzimba wengane yakho
ulwisane nezifo namagciwane amaningi ahlasela izingane
lapho zikhula okungenzeka abe yingozi empilweni yengane
yakho. Kodwa khumbula ukuthi ingane yakho izodinga
imigomo ehlukene emazingeni ahlukene obudala, eminye yayo
okudingeka yenezelwe — ebizwa ngokuthi ‘eyokunika amandla’.
Kubalulekile ukuba wazi ukuthi yimiphi edingekayo, noma uthinte
umtholampilo wakho uthole isiqondiso neseluleko ngemigomo
ehlukene ingane yakho ezoyidinga. Kubalulekile nokuthi
uthathe iKhadi Lendlela Eya Empilweni, elikhishwa uMnyango
Wezempilo nongalithola emtholampilo futhi lizokusiza ukuba
uhlale usendleleni efanele. Qiniseka ukuthi izinsuku onikezwa
zona uyazigcina! Okulandelayo kuzoba isiqondiso esingaba
usizo kuwe ungasisika usigcine njengethuluzi eluwusizo:
UKUGOMA: KONKE ODINGA UKUKWAZI UKUZE UVIKELE INGANE YAKHO EZIFWENI ZEZINGANE
UBUDALA UMGOMO ODINGEKAYO UVIKELA KULOKHU
Birth I-BCG* (Ujovwa engalweni yesokudla) Isifo sofuba (TB) engaholela ekufeni uma ingelashwa.
Uvendle (Amaconsi athelwa emlonyeni) Uvendle isifo esiyingozi esingashiya izingane ezincane
zikhubazekile
Amaviki ayi-6 Uvendle (Amaconsi athelwa emlonyeni ) Uvendle
I-Rotavirus (Uketshezi oluphuzwayo) Uhudo nokuhlanza okungaba yingozi
I-Hib(1) (Ukuxutshwa komjovo) Ukutheleleka ngegciwane egazini okungalimaza umzimba
I-IPV(Ukuxutshwa komjovo) Umgomo woVendle olungakahlaseli
I-DTaP 1 (Ukuxutshwa komjovo) I-Diptheria, i-Tetanus, Ukukhwehlela kabuhlungu—zonke yizifo
eziyingozi zezingane ezingase zivinjelwe
I-PCV 1(Ukujovwa ethangeni lesokudla) Ilwisana namagciwane ayingozi angabangela izifo eziningana
I-Hepatitis 1(Ukujovwa ethangeni
lesokudla)
Ukutheleleka ngegciwane okubi esibindini
Amaviki ayi-10 Uvendle Okunika amandla
I-DTaP/IPV-Hib (2)
I-Hib
I-Hepatitis
Amaviki ayi-14 I-Rotavirus Okunika amandla
Uvendle
I-DTaP/IPV-Hib (3)
I-Hib
I-Hepatitis
I-PCV (2)
Izinyanga eziyi-9 Isimungumungwane (1) Ngesinye sezifo eziyingozi kunazo zonke ezingane futhi
singaholela ezimweni izinzima
I-PCV (3) Okunika mandla
Izinyanga ezinga-18 Uvendle
I-DTaP/IPV-Hib (4)
Isimungumungwane (2)
Okunika amandla
Iminyaka eyisi-6
(kokubili abafana
namantombazane)
Umgomo i-Td I-Tetanus futhi yehlisa amandla omgomo we-Diptheria
Iminyaka eyi-12
(kokubili abafana
namantombazane)
Umjovo i-Td Okunika amandla
Ukugoma izeluleko
* I-BCG AKUFANELE inikezwe usana olune-HIV/AIDS
* Umgomo we-Rotavirus AKUFANELE unikezwe ngemva kwamaviki angu-24
Ezempilo | Health Matters - Edition 4 17Ezempilo | Health Matters - Edition 416
Ephreli 2: Usuku Lokuqwashisa Nge-Autism EmhlabeniLolu usuku olubalulekile eNingizimu Afrika ngoba ziningi izingane emphakathini okungaziwa ukuthi zinalesi simo noma ezingelashiwe. Ngokunakekelwa kahle, labo abane-Autism (inkinga yokukhuluma nokuxhumana nabanye) bangaqhubeka bephila ukuphila okunomvuzo, futhi balulame ngokuphelele. Usuku Lokuqwashisa luhloselwe ukudlulisela umlayezo wokuthi i-Autism akuyona inkinga engenathemba. I-Autism akusona isiqalekiso - iwukwehluka. UMuntu omthandayo USANGABA umuntu ojabule, ozolile futhi okhiqizayo.
Ephreli 4-10: Iviki Lokuqwashisa Ngokuqedwa Kovendle (Polio)Kulezi zinsuku alusekho kangako uvendle, kodwa noma ubani olwake lwamphathwa, uyazi ukuthi luyisifo esibi kangakanani esishiya abaningi bengakwazi ukuhamba futhi singaholela ekufeni. Iviki Lokuqwashisa Ngokuqedwa Kovendle eNingizimu Afrika liwumkhankaso oholwa uMnyango Wezempilo wokuqwashisa abantu ngokugomela nokuvimbela uvendle. Kukubazali nakubanakekeli ukuba baqiniseke ukuthi zonke izingane ezineminyaka engaphansi kwemihlanu zigonyelwa uvendle kanye nezifo eziningi ezivamile ezinganeni. Uma kwenziwa umzamo, izifo eziningi zezingane njengovendle zingavinjelwa.
Ephreli 7: Usuku Lwezempilo EmhlabeniNgamunye wethu unesibopho ngempilo yakhe. Nakuba izibhedlela, imitholampilo, odokotela, nonesi besisiza baselaphe futhi baseluleke, ekugcineni yithi ngabanye okufanele sinakekele imizimba yethu. Uma singawaphuzi amaphilisi nemithi yethu ngendlela efanele, futhi singenandaba nokuthi sidlani, umzimba wethu ngeke ufune ukusinakekela. Imithi eminingi ayisasebenzi kahle njengoba
amasosha omzimba wethu eba buthaka, yingakho kubalulekile ukudla kahle nokunamathela endleleni yokwelashwa lapho ulwisana nezifo.
Ephreli 17: Usuku Lwe-Haemophilia EmhlabeniI-Haemophilia yisimo sokopha ukuphila kwakho konke esihlasela amadoda. Sibangela ukopha okuyingozi ngaphakathi emzimbeni, emajoyintini nakumamasela. Lesi simo sidinga ukwelashwa okubizayo nokunakwa ngabantu ophila nabo futhi aselapheki. Izindaba ezinhle ukuthi ikhambi elisebenzayo seliyatholakala ngenxa yokuthi ososayensi bafunde okuningi ngaso. INingizimu Afrika ibeke i-haemophilia phambili ezintweni okuqwashiswa ngazo futhi umnyango wezempilo ukhuthaza ukunikela ngegazi ukuze kusize ekubhekaneni nokuntuleka kwegazi.
Ephreli 25: Usuku Lukamalaleveva E-AfrikaKunzima ukukholelwa ukuthi isinambuzane esincane njengomiyane singabangela isifo esiyingozi kangaka. Kodwa ngenxa yemizamo eyenziwa eNingizimu Afrika, uMnyango Wezempilo kuzo zonke izifundazwe ukwazile ukusilawula. Kodwa lokhu akusho ukuthi akusafanele siqaphe. Empeleni kufanele siqaphe nakakhulu ukuze siqinisekise ukuthi omiyane abaphinde badale ingozi. U-Ephreli 25 usuku lokukhumbula imizamo yomhlaba wonke yokulawula umalaleveva. Inhloso ukusebenzela ukuthi kube kungasekho muntu obulawa umalaleveva ngo-2015. Usuku Lukamalaleveva Emhlabeni yithuba lethu sonke lokwenza umehluko. Siza uphawule lonyaka ngokugqamisa intuthuko yakho futhi ubale amagxathu esesiwahambile sonke ukuze sigcine siwuqedile umalaleveva. Yenza ukuphila kwawo wonke umuntu, owesilisa, owesifazane nengane kubaluleke.
AMAHOLIDE EPHASIKA– NINGAPHUZI KAKHULU — UKUPHILA KWENU KUNCIKE KULOKHO!
IPhasika yisikhathi sokubungaza.Isifundazwe sethu siyavungama ngomoyawemicimbi, amabhishi ayagcwala, kantiwonke umuntu usemoyeni wenjabulo...notshwalabuyazizela.
Ngeshwa kuba yisikhathi lapho nezingalezingozi zomgwaqo lenyuka, ukulwakwamalungu emikhaya ngenxa yotshwalakubangela ubuhlungu, ukwehlukanakanyenezingoziezimbi.Ukuphuzakakhulukuvame ukuba yimbangela yokufa ngalesisikhathisonyaka.
Ngonyaka ophelile, izingozi zomgwaqongePhasika zidlule nemiphefumuloengu-105, okubalwa kuyo abashayeliabangu-28, abagibeli abangu-48 kanyenabahamba ngezinyawo abangu-29.Iningi labathintekayo abangenacalakwakuyizingane ezincane, omama kanyenabasebenzi abondla imikhaya. Imikhayayashiywa ingenabo abayondlayo, kantilokhu bekungagwemeka. Eziningi zalezizingozi zibangelwa abantu abashayelangejubane eliphezulu, abangathobeliimithetho yomgwaqo, nabathathaamashansiamaningi—ngesinyeisikhathibeshayela bephuzile noma behambaemigwaqweniemikhulubephuzile.
Mhlawumbe lona unyaka wokushintshaizintozibengcono.Khumbula uma uvinjwa emgwaqweni,ngeke wale ukuhlolwa nge-breathalyser.UMTHETHO LOWO. Emgwaqweniwomphakathi akekho umuntu ovunyelweukushayelaimoto;nomaahlaleesihlalwenisomshayeli, injini iduma, uma ephuzeutshwalanomaedleisidakamizwa.
UNGAPHUZI BESE USHAYELA.CABANGA FUTHI WENZA NGENDLELA ENENGQONDO, KHUMBULA ISINQUMOSAKHO SINGASINDISA NOMA SITHATHE UKUPHILA.
uDkt. Musa Gumede no Dkt. Sibongile Zungu beseka ukuze uqwashise abantu ngokugomela nokuvimbela uvendle.
Nazoke! Uncedo obunokukhululeka weMEC.
Bamba isandla sami - uMEC Dhlomo ebambisa umama nengane.
uMEC Dhlomo ejabulisa kwikliniki.
uMEC esiza nokuwelapha.
Sima sihlangene.
IZINSUKU ZOKUQWASHISA NGO-EPHRELI
UKUBAMBA IQHAZA Emphakathini
AKE SITHI NHLA
ISibhedlela Sesifunda saseMseleni, esisegqumeni elinomoya oshanela isihlabathi, phakathi
kweSodwana Bay neKosi Bay, engxenyeni yeZululand ekude esenyakatho-mpumalanga, singase singabi indawo abangayikhetha kuqala odokotela abasanda kuphothula. Imeneja yezokwelapha, uDkt. Victor Fredlund uzokutshela ukuthi ngemva kweminyaka engu-30 akazisoli nakancane ngokushiya iNgilandi yena nomkhaya wakhe bazohlala e-Afrika “bajabulele impilo elula nokuphila okuyisisekelo” kude nokunethezeka kwempilo
yaseYurophu.
Njengomhambisi wevangeli ongumKristu
nosemusha onekhono kwezokwelapha,
Bengilokhu ngazi ukuthi ubizo lwami
ukusebenzela imiphakathi entulayo
ngizame ukuthuthukisa izinga
lokunakekelwa abalitholayo. Lapho
kuqhamuka ithuba lokuba ngiyosebenza
eSibhedlela saseMseleni, ngavele
ngavuma ngaso leso sikhathi.
Uzokutshela ukuthi kube uhambo
olunzima noluyinselele — kodwa akavumi
ukuphonsa ithawula. Indawo yaseMseleni
yiyona yodwa indawo emhlabeni lapho
abantu behlushwa isifo samajoyinti
esiyimpicabadala esibizwa ngokuthi yi-
MJD, kaningi sishiya labo abaphethwe
yiso bekhubazekile futhi behamba
ngesihlalo sabakhubazekile. Le ndawo
futhi inenani eliphezulu labantu abaphila
nengculaza negciwane layo kanye nesifo
sofuba.
Yilapha la u-Fredlund akhetha ukuqala
khona uhlelo lokuthiba i-HIV, esibhedlela
nasemitholampilo yakule ndawo,
esiza abantu abangaba ngu-87 000.
“Namuhla esibhedlela sethu singahlinza
iziguli ezine-MJD esiyimbi kakhulu futhi
kuthuthukiswe izinga lempilo yazo futhi
baphinde bakwazi ukuhamba. Sineziguli
ezingaphezu kuka-7000 ezisthola ama-
ARV futhi manje selapha iziguli ezingaba
ngu-240 000 ngonyaka esibhedlela sethu
nasemitholampilo eyisishiyagalombili.
Imali eyisibonelelo kahulumeni nayo
yenze umehluko omkhulu.”
Noma kunjalo, uFredlund ngeke asho
athi konke kuhamba kahle. “Kuningi
okusafanele kwenziwe mayelana
nezempilo, ukuqwashiswa kwabantu
ngengculaza, ukushintsha indlela
yokuziphatha nokwehlisa izinga
lobumpofu. Yiqiniso ukuthi uzifunela
okungcono kakhulu iziguli zakho. Futhi
ngesinye isikhathi kuyakhungathekisa
uma kuhlale kushoda abasebenzi.
Kwesinye isikhathi ngiba bukhali, kodwa
kufanele ube njalo uma funa izinto
zithuthuke.”
Okumenza ahluke, ukuthi esikhundleni
sokuba akhononde nje kuphela, uye
wazama ukuza nesixazululo — okuyinto
uMnyango Wezempilo e-KZN oyihlonipha
futhi oyazisa kakhulu. Lokhu kuhlanganisa
ukwengezwa kwamapayipi amanzi
asesibhedlela — iprojekthi uFredlund
ayiqala ngemva kokukhungatheka
ngenxa yokwanda kwezifo okwakufanele
azelaphe ezazibangelwa amanzi
angcolile nokuntuleka kokukhucululwa
kwendle okukahle. Amapayipi okuqala
afakwa esikolweni sendawo ayesefakwa
nakwezinye izindawo.
Uyaziqhenya ngokotela abazalelwa futhi
bakhulela kule ndawo, abaye babuya
bazokwabelana nabanye ngamakhono
abo eMseleni.
“Akukuhle yini lokho?” esho emamatheka.
“Yizinto ezinhle njengalezi ezingitshela
ukuthi ngenzé okulungile ngokuhlala
lapha. Uma ngizwa ukuthi kusinde
izimpilo zabantu abangu-3000 nokuthi
kusinde umama ocishe wafa, manje
useyamamatheka futhi wanga indodakazi
yakhe, lokhu kungitshela ukuthi
ngisendaweni efanele.”
UDkt. Victor Fredlund- akuyena uDokotela ovamile
Ezempilo | Health Matters - Edition 418