ukulwa nezifo, ukulwa nendlala, ukunika ithembaukulwa nezifo, ukulwa nendlala, ukunika ithemba...
Post on 07-May-2020
13 Views
Preview:
TRANSCRIPT
uNhlaNgulaNa • 2013
mahhala
Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika IthembaIsabelo
malI
• IMPUMELELO ENKULU YOKUSOKA E-KZN • IMITHOLAMPILO EMININGI, UKWANDA KWEZIKHUNGO ZEZEMPILO UMA UMNYANGO UKHUPHULA IZINGA LOKUHLINZEKA KWAWO
• IMPILO YABESILISA: ABANTU BESILISA BOQOBO BAYA KOHLOLWA!
Umkhankaso kazwelonke kavendle nesimungumungwane wonyaka wezi – 2013
Qeda uvendle kanye nesimungumungwane!
IZINDaba!EzeMpilo e-KZN zizokwengeza
nokuhlolelwa kwe-TB kanye
ne Mid Upper Arm ngalo
mkhankaso. Lokhu kuzovikela
zonke izingane ezineminyaka
engaphansi kwemihlanu
kulesi sifundazwe ukuba
zingaguliswa yi-TB kanye
nokungondleki.
Uma ingane yakho ineminyaka engaphansi kweyisihlanu kanti ayigonywanga njengoba kade kunomkhankaso wokugomela uvendle nesimungumungwane, yithuba lakho lokuqinisekisa ukuthi iyayithola le migomo.
okwesIbIlI!17 - 28
kuNhlaNgulaNa
Umyalezo ovela kuDkt Sibongiseni Dhlomo,
UNgqongqoshe WezeMpilo e-KZN
Njengoba sigubha Inyanga Yabantu Abasha, sengathi sonke singakhumbula ukuthi intsha ingabaholi bakusasa. Wonke umzali, uthisha, umholi kanye
nanoma yimuphi umuntu omdala uneqhaza okumele alibambe ekulolongeni abantu abasha. Uma abantu abasha besibheka kumele basethembe. Indlela esenza ngayo inomthelela kubantu abasha.
Masingakulibali ukuthi konke esikwenzayo, noma ngabe kuhle noma kubi kepha kuba nomthelela kubantu abasha.
Ziningi izinselelo abantu abasha ababhekene nazo ezinjengokuphatha amakhaya emva kokushona kwabazali, ukungatholi imfundo efanele, ukungasebenzi, ukudla izidakamizwa kanye nokukhulelwa kwamantombazane asemancane. Uhulumeni wethu usemkhankasweni wokubhekana nalezi zinselelo ezibhekene nabantu abasha. Uhulumeni eyedwa ngeke akwazi ukunqoba lezi zinkinga kepha kumele kubanjiswane nohulumeni.
Inhlosongqangi yethu ukuqeqesha abantu abasha ngamakhono ahlukahlukene ukuze benze umehluko emphakathini; uma sekufike isikhathi sokuba bahole bakwenze ngeqholo ngoba benolwazi abaludingayo. Ngohlelo Lokuqeqesha oDokotela eCuba siqeqesha inqwaba yabantu abasha abaphuma ezindaweni ezisemakhaya ukuze benze izifundo zokwelapha bese beba ngodokotela. Uma sebephothulile babuyela ezindaweni zangakubo beyosebenza khona ukuze
bahlinzeke ngezidingo ezidingeka kakhulu. Eminye imizamo esiyenzayo ukuqeqesha
abantu abasha eMkhakheni Wezimo Zezempilo Eziphuthumayo. Laba bantu abasha baba ngama paramedics ngokwamazinga ehlukene. Kukhona nezinhlelo esinazo zokuqeqesha abahlengikazi ukuze bahlinzeke ngokunakekelwa komphakathi kwezempilo. Abantu abasha baqeqeshwa emaKolishi Obuhlengikazi kuso sonke isiFundazwe.
Yonke le mizamo neminye eminingi eyenziwa uHulumeni, eyokwenza ngcono impilo yomuntu omusha esifundazweni kanye nasezweni lonke. Uma kuqhamuka amathuba anjalo, sicela bonke abantu abasha ukuba bawabambe ngezandla zombili baphokophele phambili. Wonke umuntu omdala kumele azibophezele ekubambeni iqhaza ekuqinisekiseni ukuthi abantu abasha abadlali ngesikhathi sabo bedla izidakamizwa, benza ubugebengu, bethandana nabantu abadala kanye nokunye okuningi okungalungile.
Kubantu abasha sithi: PHANSI ngezidakamizwa kanye notshwala, PHANSI ngocansi olungaphephile, PHANSI ngokuthandana nobaba abadala, PHANSI ngokulala nabantu abaningi, PHANSI ngokungazi isimo sakho segciwane lesandulela ngculaza, PHANSI nganoma yiluphi olunye uhlobo lokuziphatha olungakhubaza impilo yakho.
Zibambele wena mathupha impilo yakho; ningabaholi kanye nethemba lekusasa lethu!
Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba
UNhl
aNgU
laNa
201
3 okuqukethwe
Siyababonga laba abalandelayo ababe neqhaza:UMNYANGO WEZEMPILO E-KZN: UPHIKO LWEZOKUXHUMANA
U-ZOHRA MOHAMED TEKE (UMHLELI)
COLIWE ZULU
THANDI ZULU
DERICK MATSENGARWODZI
THEMBA MNGOMEZULU
SARA AULD
DR GUGU MAZIBUKO
Sinike uvo lwakho, noma usitshele ukuthi ucabangani ngalo magazini! P O Box 25439, Gateway, 4321, UCINGO-031 825 6790. I-EMAIL: editor@ezempilohealthmatters.co.za ILUNGELO LOBUNIKAZI
Konke okushicilelwe kulo magazini kuyilungelo le-Ezempilo… Health Matters futhi kungase kuphinde kukhiqizwe futhi kusakazwe mahhala ngezinjongo zokufundisa kuphela.
Zonke izikhangiso ezikulo magazini akukona ukuthi zisekelwa ngokusemthethweni uMnyango Wezempilo Wase-KZN, uMasipala WasEthekwini noma Ezempilo Health Matters
IMpILo yABANTU BESILISA
UBUhLUNgU BoMgogoDLA UKUgoMA
INyANgA yABANTU ABAShA
Iningi lethu alinakekeli indlela esihlala noma esihamba ngayo kuze kube yisikhathi lapho siqala ukuzwa ubuhlungu bomgogodla ogcina sewenza ukuba singabe sisakwazi nokusebenza. Njengoba iningi labantu lisebenzisa amatekisi, amabhasi
noma izimoto uma liya emisebenzini kepha alinaki ukuthi kubaluleke kangakanani ukuhlala ngendlela efanele. Imigogodla yethu iyona ephasa imizimba yethu ngakho sebenzisa le miyalelo elandelayo ukugqugquzela wonke umuntu ekhaya ukuba akwazi ukunakekela umgogodla wakhe. Kuyinto elula kakhulu ukukwenza, ngakho wunakekele ngaphambi kokuthi kuze kwenzeke umonakalo omkhulu!
NgaBE UhlUShWa UBUhlUNgU
BOMgOgODla OBUNgaSaBEKEZElElEKI?
Abantu abaningi abaphila nokukhubazeka yilabo abaneminyaka ephakathi kweyi-19 kuya kwengama-45, isisusa salokho kuba umgogodla. UNgAZIBAMBEZELI NgoBA UKWENZA IZINTo EZIMBALWA FUThI EZILULA KUNgAgWEMA UKUphILA NoKUKhUBAZEKA.
Ukuhlala Ukungahlali kahle isikhathi eside
kudala izinkinga emgogodleni. Ukuze kugwemeke lokhu, thatha imizuzwana
yokuzelula bese uqinisekisa ukuthi isihlalo ohlala kuso siphasa indawo egobile yomgogodla wakho. Gcina
ikhanda lakho liqondile.
Izikhwama EzisindayoUthi bewazi ukuthi ukuthwala
isikhwama esisindayo isikhathi eside kungadala izinkinga zomgogodla?
Gwema ukuthwala izinto ezingadingekile. Gaxa isikhwama esilula
usishintshashintshe ehlombe lakho. Lokhu kuyokwenza isisindo singabi
sendaweni eyodwa.
Indlela yokulala Ukulala kahle uphumule kuyinto esemqoka
ongayenzela umgogodla wakho. Hlala njalo usebenzisa umatilasi ongathambile
kakhulu futhi ongaqinile kakhulu. Umatilasi oqine kakhulu ungakubangela ubuhlungu
bomgogodla. Kungakusiza ukubeka umqamelo ngaphansi kwamadolo uma ulele
ngomgogodla. Uma ulala ngohlangothi kungakusiza ukubeka umqamelo phakathi kwamadolo noma ngaphansi kwesisu uma
ulele ngomgogodla.
Ukuzivocavoca njalo Ukuhlala uzivocavoca kwehlisa
ubuhlungu bomgogodla nakuba abantu abaningi bengazivocavoci uma benezinhlungu zomgogodla. Iziguli eziningi zingasizakala uma zingazijwayeza ukuhamba, zelule izinqulu ukuze zehlise ubuhlungu
bomgogodla.
Qikelela uma uphakamisa okuthile!
Iningi lethu alinaki uma liphakamisa izinto ezithile, kanti lokhu kungenza
umehluko omkhulu emgogodleni wakho. Gobisa amadolo kuphela hhayi
umgogodla uma uphakamisa izinto ezisindayo. Ungawuklunyuli umgogodla
wakho.
IQINISOUbuhlungu bomgogodla
budla amabhiliyoni
ama-2 unyaka nonyaka
lapha eNingizimu
Afrika!
UBUhlUNgU BOMgOgODla Imiyalelo ewusizo yokugwema ubuhlungu bomgogodla kuwo wonke umndeni wakho
ISaBElOMalI imitholampilo eminingi ngenxa yokhuphuka kwezinga lokuhlinzeka komnyango
IMpIlO yaBaNtU BESIlISa Abantu besilisa boqobo baya kohlolwa!
UMfaNEKISO Impilo yakho iyikusasa lakho
IZINDaBa ZaSE-KZN UMnyango WezeMpilo wethula isikhungo sokusokwa kwabesilisa kanye nokunye okuningi!
IZINSUKU ZOKUQWaShISa Izinsuku ezibalulekile okumele zikhunjulwe ngoNhlangulana
NgEMBOBO Kakhiye Viva Sista Blanche, Viva!
Ukudla okunomsoco Ukudla okungenamsoco kuholela
ezinkingeni zokukhuluphala ngokweqile kanye nezinkinga zenhliziyo. Lokhu
kungaholela ezinkingeni zomgogodla. Gwema ukudla okunecaffeine kanye
nokusemathinini, udle ukudla okunokolo, amaphrotheyni, imifino kanye nezithelo.
Ukunikela ngegazi kuphephisa impilo
U-MEC wezeMpilo e-KZN uDkt Sibongiseni Dhlomo usanda kwethula isabelomali somnyango wakhe. Nakuba ziningi izinselelo kepha umehluko uyabonakala ekwenzeni ngcono ezempilo e-KZN. Lesi yisifinyezo senkulumo kangqongqoshe esicacisa ngosekwenziwe kwezempilo esifundazweni, u-MEC athe bekungeke kwenzeke ukuba ithimba lakhe eliholwa yiNhloko yoMnyango uDkt Sibongile Zungu alisebenzanga ngokuzikhandla.
IgCIWANE LESANDULELA NgCULAZA NENgCULAZA Igciwane lesandulela ngculaza komama abakhulelwe lehlile lisuka ku-39.5% ngo- 2009 laya ku-37.4% ngo-2011 kanye nokwehla kokwedlulela kwegciwane lisuka kumama liya enganeni, obekusuka ku-19% ngo-2007 kwaya ku-2.1% ngoNtulikazi wezi-2012. Kumele sihalalise!
UKULWA NE-hIV KANyE NoKWEhLISA IZIFo EZIBANgWA yISIFo SoFUBA UDkt Dhlomo uthe ngaphezu kokwehlisa i-HIV okunye okwenziwe e-KZN:
• Ukwehla kokutheleleka okusha nge-HIV kusuka ku-.3% ngo-2009 (ezweni lonke) kwaya ku-1.1% ngo-2012.
• Ukwehla kwezinga lokubulawa yi-HIV kanye ne-AIDS kusuka ezi-67,429 ngo-2008/9 kuya ku-54,337 ngo-2010/11.
• Ukuhaqwa yigciwane lesandulela ngculaza kubantu besifazane abakhulelwe abaneminyaka ephakathi kweyi-15 kanye neyi-19 kwehle kusuka ku-22% ngo-2009 kwaya ku-16.8% ngo-2012
• Ukuhaqwa yigciwane lesandulela ngculaza kubantu besifazane abakhulelwe abaneminyaka ephakathi kwengama-20 kanye nengama-24 kwehle kusuka ku-37.2% ngo-2009 kwaya ku-33.3% ngo-2012
Ukwelashwa – Imishanguzo yegciwane lesandulela ngculaza (ART)I-KZN yiyona ekhiphe kakhulu imishanguzo yegciwane lengculaza ezweni lonke uma kungekhona emhlabeni jikelele ngoba izikhungo zenyuke zisuka kwezingama-89 ngo-2008 zaya kwezingama-607 ngo-2012. Isibalo seziguli ezisebenzisa imishanguzo senyuke
sisuka ema-225 389 ngo-2008 saya ema-672 413 njengamanje.
Ukunqanda ukwedlulela kwegciwane lisuka kumama liya enganeni (pMTCT)IsiFundazwe sikwazile ukwehlisa izinga lokwedluliseleka kwegciwane lesandulela ngculaza lisuka kumama liya enganeni, lisuka ema-20.9% ngo-2005 liya ema-2.2% ngoNtulikazi wezi-2012. “Siphokophelele ukwehlisa izinga nge-1.4% kanye nangaphansi ngeminyaka yezi-2013/14. Siphumelele ngenxa yezinto eziningi esizithuthukisile eminyakeni emihlanu edlule okubandakanya ukuqalisa imishanguzo kulabo okufanele bayidle, “ kusho u-MEC.
Ukusokwa Kwabantu Besilisa (MMC)Selokhu kwethulwa lo mkhankaso ngonyaka wezi-2010, uMnyango ususoke abesilisa abangama-257 539 ezikhungweni ezingama-67. “UMnyango uqalise isiKhungo Sokusoka Kwabantu Besilisa esiBhedlela iNorthdale, eMgungundlovu esiqeqesha odokotela ngazo zozimbili izindlela zokusoka okuyi Forceps Guided kanye ne Tara Klamp,” kusho u-MEC.
Ukuqinisekisa Umsebenzi oseqophelweni Eliphezulu, Ukwamukeleka okusezingeni kanye Nokusebenza okusezingeni Eliphezulu & Namazinga Amiswe Kuzwelonke Umkhankaso wezeMpilo e-KZN wangonyaka wezi-2009 othi, “Ngenze ngibukeke Njengesibhedlela” usuthele izithelo, izibhedlela ezintathu zase-KZN zizuze imiklomelo yokuba yizibhedlela ezihlanzekile ezweni lonke. Lezi zibhedlela esaseStanger, i-St. Andrews kanye neGreys. “Ngenyanga edlule uMnyango usingathe iNgqungquthela Yabasebenzi Bezempilo ngenhloso yokugxilisa ukubaluleka komsebenzi wokuhlenga kanye nokubuyisa “umfaniswano omhlophe,” kusetshenziswa umgomo othi “Umsebenzi
Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba
ISaBElOMalI
Senze ushintsho – Imisebenzi kahulumeni iyabonakala!
wami, Yiqholo Lami.” Umfaniswano omhlophe usikhumbuza lezo zikhathi lapho umsebenzi wobuhlengikazi wawuhlonishwa kakhulu abantu babebahlonipha futhi bebavikela abahlengikazi, “ kusho uDkt Dhlomo.
Abezimo Eziphuthumayo (EMS)Njengoba kuyisibophezelo soMnyango ukukhuphula izinga lezempilo, abezimo eziphuthumayo bengezelwe ngama-ambulensi amasha angama-310, kuchaza uDkt Dhlomo. UMnyango ubuye wathenga amabhasi amasha ayi-12 ukuze kukhishwe amadala obekuthuthwa ngawo iziguli uma zisiwa ezibhedlela ezidluliselwa kuzo.
UKWENyUKA KWEMINyAKA yoKUphILA Ucwaningo olwenziwe yi-Africa Centre kubantu abangama-101 000 baseMkhanyakude luveze ukuthi iminyaka yokuphila kwabantu isinyuke ngeminyaka eyi-11 kusukela kwaqaliswa ukunikezwa kwemishanguzo yesifo sengculaza emitholampilo kanye nasezibhedlela. Ucwaningo lubuye lwaveza nokuthi ngesikhathi abantu bengakanikwa imishanguzo yengculaza bebefa beneminyaka ephakathi kwama-30 kanye nama-40 kepha manje sebeze bafike eminyakeni yempesheni, bedlule.
Impilo Enhle Ukugqugquzela EzempiloU-MEC uveze ukuthi ukufa okungama-40% lapha eNingizimu Afrika kudalwa yizifo zokungazinakekeli – okwenze ukuba uMnyango wethule umkhankaso wempilo enhle ukuze kuqinisekiswe ukuthi abantu “Baphila Impilo Enhle Nende.” Lo mkhankaso wasiwa ezindaweni zokusebenzela, emiphakathini, kokusetshenziswana nabo kanye nasezikoleni. Zingama-242 izikole esezethuliwe eziGqugquzela Ezempilo.
UKWEhISA IZINgA LoKUFA KoMAMA ABABELEThAyo KANyE NEZINgANE Izinga lokufa komama ababelethayo selisuke ema-357 laya ema-311 kulesi sifundazwe. UDkt Dhlomo uthi lokhu kubangelwe yilokhu okulandelayo okwenziwe kwezempilo:
• Umkhankaso Wokuphuthumisa Ukwehlisa Izinga Lokufa Komama Ababelethayo eNingizimu Afrika
• Ukuqaliswa kwama-ambulensi akhethekile angama-38 omama ababelethayo, okusiza ukubaphuthumisa ezindaweni lapho bezothola khona usizo
• I-Baby Friendly Hospital Initiative (BFHI) egqugquzela ukuncelisa ubisi lwebele njengendlela ephuma phambili
• Umkhankaso iPhila Ma ohlola umdlavuza wesibeletho kubantu besifazane.
Impilo yenganeSehlile isibalo sezingane ezishonayo sisuka ku-40 ngo-2009 saya ku-30 ngo-2011 kwathi ukufa kwezinsana ezineminyaka engaphansi kweyisi-5 kwehla kusuka ku-56 ngo-2009 kwaya ku-42 ngo-2011. “Sibonga labo bazali abezwe inhlabamkhosi yethu yokugonywa kwezingane. Sifisa ukugqugquzela bonke abaholi bomphakathi ngokwamazinga ehlukene ukuba badlulise umyalezo wokubaluleka kokugonywa kwezingane.” Kusho uDhlomo.
UKUThUThUKISWA KWENgQALASIZINDA Lapha ngezansi kubekwe konke ukuthuthukiswa okwenziwayo ezikhungweni zezempilo KwaZulu-Natali
• IsIbhedlela sezINgaNe Usuqalile umsebenzi wokulungisa isibhedlela sokuqala sezingane e-Afrika yonkana (esasungulwa ngonyaka we-1931) esingakhethi hlanga esibizwa ngokuthi yiKwaZulu-Natal Children’s Hospital. Lokhu kuzokwenziwa ngeminyaka emihlanu ngemali elinganiselwa ezigidini zamarandi ezingama-228.
• IsIbhedlela I-edeNdale Kwakhiwa uMtholampilo Wezifo Ezithathelanayo omusha, Uphiko Lwezimo Eziphuthumayo kanye noMnyango we-Out-Patient okuzophothulwa ngoNtulikazi wezi-2014. Amanye amaphrojekthi enziwayo kulesi sibhedlela abandakanya ukulungiswa kweWadi Yabanokugula Ngengqondo, imigwaqo nezindawo zokupaka, ukuguqulwa kwesteam siba ugesi okumele kuphothulwe ngale nyanga.
• IsIbhedlela IRIetvleI Intuthuko kulesi sibhedlela ibandakanya iKhemisi Elisha, amaWorkshops, iLondolo, iHhovisi
Lezokuthutha kanye Nezindawo zokuPaka. Ingxenye yokuqala yendawo yokuhlala abasebenzi isiphothuliwe, le engakapheli kulindeleke ukuba iphele ngonyaka ozayo.
• IsIbhedlela I-KINg dINuzulu Lesi sibhedlela besaziwa ngokuthi yi-King George V Hospital, sesethiwe kabusha sabizwa nge- King Dinuzulu sesengezwe ngesakhiwo esifakwe imibhede engama-400. Sekuphothulwa izikhungo zeMental Health kanye nesifo sofuba njengengxenye yokugcina yezakhiwo. Ngeminyaka yezi-2014 uMnyango uzoqedela ukwakhiwa kwe-TB Complex entsha kanye ne-TB Administration Building, i-Psychiatric Closed Unit kanye ne-TB Surgical OPD. Isakhiwo esisha esinemibhede eyi-130 se-Psychiatric Closed Unit kumele siphele ngoMbasa wezi-2014.
• IsIbhedlela IloweR umfolozI waR memoRIal Lesi sibhedlela esihlinzeka ngezidingo zikamama kanye nengane siyalungiswa kanti kulindeleke ukuba siphothulwe ngoNhlolanja wezi-2015.
• IsIbhedlela INgwelezaNe Sekuphothulwe iTherapy Department entsha kwase kuguqulwa ama-Psychiatric Wards aba yi-Outpatient Psychiatric Clinic. Amanye amaphrojekthi okumele aphothulwe ngalo nyaka wezimali abandakanya iwadi entsha enemibhede engama-72, amakhaza, ama-workshops, ukulungiswa kweKolishi labaHlengikazi, imihubhe yasesibhedlela, ukushintshwa kwesteam sibe ugesi, ukunyuswa kwezinga lokuxhunyaniswa kwamapayipi amanzi kanye nakagesi.
Izinhlelo Zokwakhiwa Kwemitholampilo EmishaNgeminyaka yezi-2012/2013 uMnyango wezeMpilo e-KZN uphothule ukwakhiwa kwale mitholampilo elandelayo:
• umtholampIlo I-elaNdsKRaal KumasIpala wesiFunda saseMzinyathi
• umtholampIlo I-ezImwINI (KwamahleKa) KumasIpala wesiFunda saseMgungundlovu,
• umtholampIlo waKwamaphumulo KumasIpala wesiFunda seLembe,
• umtholampIlo ImbabaNe KumasIpala wesiFunda saseMajuba,
• umtholampIlo Imbotho KumasIpala wesiFunda soGu,
• umtholampIlo INogajuluKa KumasIpala wesiFunda sasoThungulu,
• umtholampIlo IwosIyaNe KumasIpala wesiFunda seLembe,
• umtholampIlo IthalaNeNI KumasIpala wesiFunda saseMkhanyakude.
Kuneminye imitholampilo emisha eyakhiwayo engama-25 bese kuthi angama-20 yayo kulindeleke ukuba iphothulwe ngawo lo nyaka wezimali.
INKohLAKALo KANyE NoBUgEBENgU Ngonyaka wezi-2009 uMnyango ubeke ithimba elizolwa nobugebengu kanye nenkohlakalo ngaphakathi emnyangweni. “Kuyintokozo kimi ukubika ukuthi lokho kuthele izithelo ngoba yonke eminye iminyango esifundazweni isiyakusebenzisa. Kuze kube manje angama-241 amacala obugebengu nenkohlakalo osekubhekwane nawo. Kulawo macala bangama-59 abasebenzi asebexoshiwe kwathi abangama-32 besula emsebenzini amacala abo esacutshungulwa,” kuchaza uDkt Dhlomo, engeza nemizamo yomnyango yokuhlanza yonke inkohlakalo lapho uthole khona abasebenzi “abayizipoki” abangama-68.
ABAphILA NoKUKhUBAZEKA KANyE NoKUVUSELELWA Izibhedlela kanye nezikhungo zezempilo ezingaphezu kwama-90% zihlinzeka ngezinsiza zabaphila nokukhubazeka kanye nezokuvuselela kabusha. Lolu hlelo luya nasemitholampilo ngesonto noma ngenyanga. UMnyango ubeke izigidi ezingama-20 zamarandi ukuze kuthengwe izinsiza ezizosiza lolu hlelo.
Siyathokoza ukuthi ngokuqaliswa kuka-Operation Sukuma Sakhe, lezi zinhlelo sezithuthukile ngenxa yokusebenzisana nezinye izinhlaka zangaphakathi emnyangweni kanye nezinye izinhlangano. Lokhu kwenze kwaba lula kakhulu ukuhlinzeka ngezidingo kube kubanjiswene.
UKUNAKEKELWA KWAMEhLo Ngephrojekthi yoMnyango ebizwa ngokuthi yi-Child Eye Care kuhlolwe amehlo ezingane ezingama-237 556 kwathi ezingama-190 798 zanikezwa izibuko zamehlo.
UKUThUThUKISWA KWENTShA KANyE NoBULILI Ngonyaka wezi-2011, uMnyango uqalise uPhiko olubizwa nge-Youth, Gender and Transformation ukuqinisekisa ukuthi izidingo zabantu abasha ziyatholakala kuzo zonke izikhungo zezempilo ezisesiFundazweni saKwaZulu-Natali. Ngokusebenzisana noMnyango wezeMfundo, lolu phiko luqalise amaThimba Ezempilo Ezikoleni abhekana nokukhulelwa kwentsha, ukudla izidakamizwa, ukufundisa ngezempilo kanye nokuhlola. UMnyango usuziqalele Izinhlelo Zokuqasha Ngokulinganayo kanti lokhu kubhekwa zikhathi zonke.
U-MEC uDkt Sibongiseni Dhlomo eno-HOD uDkt Sibongile Zungu
uNhlaNgulaNa
INYANGA YEMPILO YABANTU BESILISAAbantu besilisa boqobo baya kohlolwa!
Abantu besilisa abavumi ukwamukela ukuthi bayagula. Ngokwesiko lethu lase-Afrika bambalwa kabi abantu besilisa abaya emitholampilo beyohlolwa ngoba babona kuyinto ethunaza isithunzi somuntu wesilisa ukuba ntekenteke. Ngokungabi nalo ulwazi kanye nokungayi njalo ukuyohlola kungabeka impilo yakho engozini – ungabe usakwazi ukondla umndeni wakho. Le yINyANgA yEMpILo yABANTU BESILISA, ngakho-ke lalelisisa ngezinto zempilo ezithinta abantu besilisa lapha eNingizimu Afrika, umyalezo ucace bha: ukusheshe kutholakale kusho ukwanda kwamathuba okuphila.
Izifo Ezithathelana
Ngocansi (STIs)
“Ubizwa ngomadlisa uma unezintombi eziningi”. La mazwi ayezwakala kahle kuqala kepha uSenzo Gwala uyazisola
ngokungaziphathi kahle. Waqale waba nezintwala esithweni sakhe sangasese kwase kulandela i-STI.
Uma abantu besilisa bengaziphatha kahle kwezocansi, izifo eziningi
ezithathelwana ngocansi zinganqandwa. Ngeshwa kunezifo ezingelapheki
ezithathelwana ngocansi okungagcina kubeke impilo engozini. Nakekela impilo yakho. Sebenzisa ijazi lomkhwenyana,
thembeka kumlingani wakho bese usoka – lingehla izinga lokubhebhetheka
kwegciwane lesandulela ngculaza.
ISIFo SIKAShUKELAUkukhuluphala ngokweqile sekubukeka kuwuphawu “lwempumelelo” namuhla. Ngeshwa lokho kukhombisa ukudla ngendlela engalungile okubeka impilo engcupheni yokuhaqwa yisifo sikashukela. ININgI labaNtu lIphaphama emva KweNdaba, INKINga IsIqalIle. IsIfo sIKashuKela sINgagwemeKa. Phephisa impilo yakho ngokudla ngendlela efanele, wehlise ophuzweni oludakayo bese uzivocavoca.
UMDLAVUZA WESIBINDIUkubhema kakhulu kanye
nokuphuza kakhulu utshwala kungaholela emdlavuzeni
wesibindi. Iziguli ezinegciwane lesandulela ngculaza zisengcupheni
ngoba izibindi zazo zintekenteke okungenza kwakheke imidlavuza.
Ukushiswa komdlavuza kanye nokususwa kwesimila noma
ukufakelwa isibindi esisha kungezinye zezisombululo.
Kubalulekile ukugonyelwa i Hepatitis B kanye no-C. Bheka nokudla
okudlayo, uqinisekise ukuthi nsuku zonke udla izithelo kanye nemifino.
NgAle NyANgA zAmA UkUgUqUlA impilo yAkho ibe NgeNgcoNo. kUbAmbA eziNgelAyo.
Ukutholakala kusenesikhathi kungaphephisa impilo yakho, sukuma!
UmdlAvUzA weziNdlAlA zAmAseNdeIzindlala zamasende zibalulekile empilweni yomuntu wesilisa ngoba zikhiqiza uketshezi olulekelela ukuhamba kwembewu yomuntu wesilisa ngesikhathi ekhiqiza imbewu. Umdlavuza oba kule ndlala ukhula kancane uma uqhathaniswa neminye imidlavuza kanti uyaphuza nokutholakala – yingakho kubalulekile ukuba uhlale njalo uyohlolelwa wona ukuze usheshe utholakale kusenesikhathi. Abantu besilisa abaneminyaka eyevile kwengama-50 kumele baye njalo ukuyohlolelwa umdlavuza wezindlala zamasende bese kuthi labo okunomlando walo mdlavuza emindenini yabo kumele baqale ukuyowuhlolela uma sebeneminyaka esukela kwengama-40. Nazi ezinye zezimpawu zalo mdlavuza:
• Ukuphuma kwegazi noma ubuhlungu uma uchama
• Ukuqina kweqolo • Ukwehla kwezinga lokulangazelela ucansi.
Njalo emva kwamahora
amabili lapha eNingizimu Afrika
kutholakala umuntu onomdlavuza
wezindlala zamasende. siyanda
isibalo sabantu besilisa
baseNingizimu Afrika abayohlaselwa
kabi umdlavuza. okuyiyona ndlela
ongehlisa ngayo ubungozi bese
uthola nokwelashwa ukuba
uthole kusenesikhathi.
IQINISO
Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba
I
Evula lesi sikhungo u-MEC wezeMpilo e-KZN uDkt Sibongiseni Dhlomo wathi isikhungo sizoqeqesha odokotela, abahlengikazi kanye nabanye abasebenzi bezempilo ngezindlela eziphephile nezilungile ezisetshenziswa uma kusokwa abantu besilisa kusetshenziswa ezobuchwepheshe obusezingeni eliphezulu.
Lesi sikhungo sibe umphumela wesimemezelo esenziwa yiSilo Samabandla, iNkosi uGoodwill Zwelithini sokuba kubuyiswe isiko lokusoka ukuze kuliwe nokubhebhetheka kwegciwane
lesandulela ngculaza kanye nengculaza uqobo esiFundazweni saKwaZulu-Natali. Emva kwalokho uMnyango wezeMpilo wabe usuqala lolu hlelo okuyimanje sebengama-300 000 abantu asebesokiwe kungekho noyedwa kubona owadlula emhlabeni. Sikhuluma emcimbini wokuvulwa kwesikhungo iSilo Samabandla sabonga u-MEC uDhlomo, uDkt Sibongile Zungu kanye nabasebenzi bezempilo ngempumelelo yokusoka esifundazweni, ikakhulukazi uma kusetshenziswa ithuluzi lokusoka eliphephile elibizwa ngokuthi iTara Klamp.
UMNyaNgO WEthUla ISIKhUNgO SOKUSOKWa KWaBaNtU BESIlISa
Ukusoka kuyingxenye ebalulekile empilweni yomuntu
wesilisa kusukela ebufaneni kuya ebudodeni. Kubambe
iqhaza elikhulu ekuziphatheni kahle kwezocansi. Ngaleso
sizathu uMnyango wezeMpilo e-KZN usanda kwethula isikhungo ebesidingeka
kakhulu Sokusokwa Kwabantu Besilisa esiBhedlela iNorthdale,
eMgungundlovu.
UDirk Van Zyl oneminyaka engama-23 usanda kunikela ngegazi okwama-29 njengoba bekugqugquzelwa ukunikela ngegazi eMlazi, lapho esebenza khona kwezokuvikela. UDirk waziwa kakhulu eMlazi ngokuhlala njalo enikela ngegazi. UDkt Nonhlanhla Makhanya oyiNhloko eHhovisisi likaNgqongqoshe wezeMpilo naye owayenikela ngegazi esikhungweni esisodwa no Van Zyl, wamncoma kakhulu ngokuhlale njalo enikela ngegazi ukuze kuphephe impilo yabantu. Wabe esenxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuba babukele ku Van Zyl.
U-MEC UDhLoMo UgQUgQUZELA IMpILo ENhLE EMALoKIShINI ASEThEKWINI
Ngesikhathi evakashele KwaSanti, Umlazi, KwaMashi, eLamontville kanye naseClermont, uDkt Dhlomo wayephelezelwa yiqembu laseThekwini lokuzivocavoca elibizwa ngokuthi yiBodyFit ukuze agqugquzele abancane nabadala ukuba bazivocavoce ukuze bahlale bephilile. Wonke umuntu wajabula ngalolu hlelo olwaqala KwaSanti lwaze lwaphetha eClermont. Ekhuluma neqembu labesifazane asebekhulile laseClermont, iMuthande Society uDhlomo wabahalalisela ngokulwa nezifo ngendlela yokuzivocavoca. “Kubalulekile ukuba abantu asebekhulile bazivocavoce ngoba iningi labo lidla imithi yezifo ezingelapheki. Uma bengazimisela ngokuzivocavoca, lingehla inani lemithi edliwayo okanye ingabe isaphinde idliwe,” kusho uDhlomo.
U-MEC uDhlomo uhambele amalokishi amakhulu aseThekwini ukugqugquzela impilo enhle – eba yisibonelo ngokuzigcina ephilile!
Ezempilo e-KZN zethula umkhankaso wokugonywa
kwezinganeUMnyango wezeMpilo e-KZN uyaziqhenya ngempumelelo oyizuzile emkhankasweni abasanda kuba nawo wokugoma izingane ezineminyaka engaphansi kwemihlanu. Abantu baphume ngobuningi babo enkundleni yezemidlalo oPhalule KwaNongoma ngesikhathi kwethulwa lo mkhankaso wokugomela uvendle nesimungumungwane.
Njengoba usuzobuya okwesibili lo mgomo, uMnyango ufisa ukugqugquzela bonke omama ukuba bagome izingane zabo ukuze zihlale ziphilile. Izingane eziningi ezifayo kulesi sifundazwe zibulawa yizifo ebezisuke zingavikeleka ngomgomo, ngakho-ke ungabeki ingane yakho engozini. UMnyango uzigoma mahhala izingane okuyinto engaphephisa impilo yengane yakho!
UNkk. Nelisiwe Duma oyisakhamuzi saKwaNongoma wayejabule kakhulu ngokufika komnyango waze wathi, “ukuza kwalo mkhankaso kithina kwenze kwaba lula ngoba ukuba awuzanga lapha besizoma imigqa emide emtholampilo. Ingane yami izovikeleka emkhuhlaneni kanye nakwisimungumungwane. Ngifisa ukugqugquzela bonke omama ukuba bagome izingane zabo.”
Khumbula ukuthi yonke imigomo imahhala ezikhungweni zikahulumeni zezempilo. Vakashela umtholampilo oseduzane ukuze uthole kabanzi ngemigomo okumele itholwe yingane yakho.
Ukugoma kuphephisa
impilo. UNgathathI aMaShaNSI
NgeNhla UDirk Van Zyl enikela ngegazi okwama-29 eMlazi
Ukunikela ngegazi kuphephisa impilo – kungaba ngelakho
uNhlaNgulaNa
Inyanga yabantu abasha Ezweni lonke
UNhlangulana 16 uwusuku olubalulekile
kubantu abasha ngoba uyisikhumbuzo
salabo abashona belwa nombuso
wobandlululo ngonyaka we-1976.
Njengoba sijeqeza emuva sibuka iqhaza abantu
abasha abalibamba, kubalulekile nokuba
sibheke iqhaza okumele balibambe njengabaholi
bakusasa. Ukunakekela impilo yakho njengomuntu
omusha kuchaza ukuthi isizwe sakusasa siyoba
ngesinempilo. Ake ucabangisise ngempilo yakho
uzibheke ukuthi ngabe uyisibonelo esihle yini.
Kumele wenze ushintsho.
Iningi labantu besilisa aliyi kodokotela noma
kudingekile, ikakhulukazi kuleyo mindeni
okusadliwa ngoludala kuyo. Le nyanga
eyokufundisa abantu besilisa ngobungozi
abangabhekana nabo kanye nezindlela
zokugwema izifo ezihlasela bona ngqo.
Ziningi izifo ezingagwemeka kanti nokusoka
kuseyindlela ephuma phambili ekwehliseni
izinga lokusabalala kwegciwane lesandulela
ngculaza kanye nezinye izifo zocansi.
Hlolela umdlavuza wezindlala zamasende,
ushukela, umfutho wegazi kanye nomdlavuza
wamasende – ukuthola kusenesikhathi
kungaphephisa impilo yakho!
Impilo yabantu besilisaInyanga Kazwelonke
yokunikela NgegaziNsuku zonke kunikezwa iziguli ezidinga
igazi amaphayinti ayizi-3 000 egazi ukuze
ziphile, kepha akwanele. Ngale nyanga
abe South African National Blood Service
banxusa abanye abafisa ukunikela ngegazi
ukuba bakwenze lokho. Igazi laseNingizimu Afrika
lingelinye lalawo aphephile emhlabeni jikelele ngoba
uma umuntu enikela ngegazi liyaye lihlolwe lezi zifo
ezilandelayo; igciwane lesandulela ngculaza nengculaza,
iHepatitis B, iHepatitis kanye nogcusula. LIPHEPHILE futhi
LIPHEPHISA impilo – kungaba ngelakho!
- usuku lomhlaba JIkelele leZINgaNe
- usuku lweZIsulu ZokuhlukuNyeZwa
Isikhwama Somhlabuhlangene Sezimo
Eziphuthumayo Zezingane sibeke lolu suku
ukuze kugxilwe emalungelweni, empilweni kanye
nasekunakekelweni kwezingane. Umhla wesi-4
okuwusuku Lwezingane Ezimsulwa luyingxenye
yezinyathelo zokugwema ukuhlukunyezwa
kwezingane. Gqugquzela izingane ukuba zingesabi
ukubika ngokuhlukunyezwa.
usuku lomhlaba JIkelele
lalabo abehlule IsIfo
somDlavuZa Abaningi bathi
ayikho into eyedlula indlela obhekana
nayo nesimo sokuthi usuhaqwe yisifo somdlavuza.
Lolu suku lubekelwe labo abagqugquzela
abanye abanomdlavuza ngokubanika ithemba.
Ukudlondlobala kobuchwepheshe kanye
namakhambi okwelapha kukhombisa ngokusobala
ukuthi umdlavuza unganqotshwa. Kuhle uma
usheshe utholakala, ngakho-ke qikelela ukuthi uya
njalo ukuyohlolelwa wona.
usuku lomhlaba JIkelele lokuqwashIsa
NgokuhlukuNyeZwa
kwabaNtu abaDala
Baningi kakhulu manje abantu abadala kunakuqala.
Ngalolu suku sibheka bonke abantu abadala
abasizungezile bese sizibuza umbuzo wokuthi
ngabe bayaluthola yini uthando nonakekelo
abaludingayo. Labo gogo abanothando futhi
abanakekela izingane zethu ngaphandle kokubalisa
nabo bayaludinga uthando nonakekelo. Zinike
ithuba bese ubatshela ukuthi babaluleke futhi
bathandwa kangakanani.
17–23Isonto likazwelonke
lesifo Sokuwa
Umuntu oyedwa kwabayikhulu unesifo sokuwa. Abantu abaningi abasiqondi lesi sifo baze
bacabange ukuthi umuntu usuke ethakathiwe noma ehlanya, yikho okwenza bamesabe uma sesimvuka. Kuyinto enzima kakhulu kubantu
abanesifo sokuwa ukubhekana nabantu abangasiqondi lesi sifo. Lolu suku olokufundisa
ngesifo sokuwa kanye nokuthi bangasizwa kanjani labo bantu abanaso.
24–28Isonto lakwa-SaNCa
lokuqwashisa Ngezidakamizwa
Liyenyuka izinga lezingane ezidla izidakamizwa okuholela ekunyukeni kwezinga lezingane
ezingafundile kanye nezingasebenzi. Abe-South African National Council on Alcoholism and Drug
Dependence bazisa bonke abazali nemindeni ukuthi bangalwelapha futhi balugweme
uphuzo kanye nezinye izidakamizwa. Lolu suku olokuqwashisa ngalokho. Luningi usizo olukhona, buza emtholampilo umuntu noma
inhlangano engakusiza ukunqoba lokhu.
Qeda uvendle nesimungu
mungw
ane
17–28UMKhaNKaSO KaZWElONKE WOKUgOMEla UvENDlE (Okwesibili) Ngale nyanga uMnyango WezeMpilo uyaqhubeka nomkhankaso wawo wokugoma izingane ezineminyaka engaphansi kweyisihlanu zigomela uvendle nesimungumungwane. UMnyango uzofaka nowe TB kanye ne Mid Upper Arm ngenxa yezingane eziningi kulesi sifundazwe ezineminyaka engaphansi kwemihlanu ezine TB kanye nokungondleki kahle. Mayelana nale migomo, thola imininingwane emtholampilo oseduzane.
usuku lomhlaba JIkelele
lesImo seNDawo: Cabanga, yidla, vikela, yehlisaYiwona mgomo walo nyaka woSuku
Lomhlaba Jikelele Lesimo Sendawo. Lolu suku
lugujwa umhlaba wonke ukusiqwashisa ngokuthi
impilo yethu ilinyazwa kanjani ukudla esikudlayo
kanye nesimo sendawo. Lokhu kuchaza ukuthi
kumele sikhethe lokho kudla okungenawo noma
okunamakhemikhali amancane. Uma kungenzeka,
zama ukuthenga ukudla okukhiqizwa lapha
eNingizimu Afrika. Kunganjani uma ungaziqalela
ingadi yakho yemifino bese ugqugquzela nabanye
ukuba benzenjalo.
16
1 4
2
5
15
Gcina isikhumba sengane yakho sithambile futhi somile njengoba kuyinhloso kamama wemvelo.
Themba ama Huggies mama ukugcina ingane
yakho ithokomele, ijabule futhi yomile.
Uhlelo lokuvikela nokugcina ukoma enganeni luletha ukoma okuyisikhathi
esingamahora ayisi-9 bese kuthi ukwembozeka ngokusakotini
kuvumele isikhumba sengane ukuba sikwazi ukuphefumula, lokho kunikeze
nomama isikhathi sokuphefumula.
BABYCORNER
Ukuncelisa ingane yakho ibele kuyisiqalo esihle ongasinika ingane yakho, uhuggies uyakuqonda ukuthi akuyona into elula kubo bonke omama kanti futhi kuke kube nzima, ikakhulukazi uma uqala ukuba ngumama. sibe sesikuhlelela la masu alandelayo azokusiza ekunceliseni ukuze nithokozele ithuba lokuba ndawonye nomntanakho bese nengane yakho ilala kamnandi nasebusuku. ingane esuthi yaphumula kahle isuke isho nokuphumula kukamama!
Ibele lIhamba PhambIlI!
amasu aphuma Phambili okuncelisa Ibele avela kwa huggies®
ubisi lwebele lungukudla okunomsoco nokuphelele kwengane, qalisa ingane yakho ngendlela efanele.
Ncelisa ingane ngokushesha okumangalisayo – kuhle kakhulu uma iqeda kuzalwa, uma wena kanye nengane yakho niphilile.Buza umsebenzi wezempilo noma umuntu onolwazi ngendlela efanele yokubamba ingane uma uyincelisa – ubuhlungu bukhomba ukuthi kunenkinga. Kujwayelekile ukuthi kuqale ngokuqina kepha uma kuze kube buhlungu kusho ukuthi kukhona okungahambi kahle.Ingane yakho mayisondele kuwe. Ukuthintana ngesikhumba kuyayithokoziza ingane yakho.Yincelise kakhulu ingane ngezinsuku zokuqala – inikeze ubisi lwebele njalo emva kwamahora amabili, nakaningana uma ingane ilufuna. Yincelise womabili amabele noma ngabe ithanda elilodwa.Ungayincelisi ingane ibhodlela lanoma yini uma usaqala ukuyincelisa ibele ngoba lokho kuzokhinyabeza ikhono layo lokuncela.Uma uzwa ubuhlungu emva kwesikhathi kade uncelisa lokho kuyosho ukuthi kunezilonjana engonweni yakho eziyodinga ukuba uthole ukwelashwa kanye nengane yakho. Yekela ingane incele ize isuthe, ungayikaleli isikhathi!Yisuse ngokucophelela ingane ebeleni, faka umunwe ekhoneni lomlomo wengane yakho bese uyisusa kahle ingane engonweni.Putshuza ubisi ebeleni bese uligcoba engonweni. Uma kungenzeka yomisa izingono zakho emoyeni. Lokhu kuvikela ezifweni.
1.
2.
3.
4.
5.6.
7.
8.9.
10.
® Registered trademark/*trademark of Kimberly-Clark Worldwide Inc. © 2011 KCWW
Viva SISTA BLANChE MoILA, viva!
ngembobo kakhiye
Uneminyaka engama-57 kepha eminyakeni engama-30 engumhlengikazi akakaze athathe ngisho olulodwa usuku lwelivu yokugula. Nsuku zonke usuku lwakhe uluqala ngokugijima amakhilomitha ayisi-5 ekuseni. USista Blanche usanda kuqeda umqhudelwane wesishiyagalolunye weComrades Marathon.
Sibonga yonke imizamo yakho Sista Blanche, mpilonhle mpilonde!
Umqondo ophilile ukhula emzimbeni ophilile. Angikaze
nakanye ngiphuthe emsebenzini eminyakeni engamashumi amathathu
nambili ngenxa yokugula. Umsebenzi wami unembuyiselo
ikakhulukazi uma isiguli sibuyela emphakathini
seseluleme.
Uthando lwezwe lakhe UBlanche ungohlukile kwabaningi. Unomoya omuhle kanti futhi ungowesifazane onamandla nokuphokophela phambili. Wazalwa ngonyaka we-1956 ePietersburg. Uthi wagqugquzelwa ngumama wakhe ukuba abe ngumhlengikazi. “Umama waba ngowokuqala webala ukuba abe ngumethiloni lapho kuhlala khona abahlengikazi, yikho lokho okwangifundisa okuningi. Kamuva ngathatha isinqumo sokuyoqeqeshelwa ukugxila kwezengqondo esiBhedlela iTownhill, eMgungundlovu ngoba ngangifisa ukuqeda indlela okubhekwa ngayo iziguli eziphazamisekile emiqondweni. Ngeshwa baningi abantu abangawuqondi kahle lo mkhakha. Abantu kumele bakuqonde ukuthi lezi zinkinga iziguli eziba nazo zifana nse nokunye ukugula okudinga ukwelashwa,” echaza.
gijima, gijima!Ngaphandle kokuba umhlengikazi ozinikele, uBlanche uyakuthanda kakhulu ukugijima – okuyithalente athi lavela esemncane. “Nganakisiswa udokotela owangitshela ukuthi
ngingumgijimi wokuzalwa. Ngabe sengibhalisela umqhudelwano wokugijima eMgungundlovu lapho ngaphuma khona isithathu. Emva kokuphumelela emqhudelwaneni abantu abaningi babengakholwa ukuthi ngiphumelele kepha bethi ngirobhile,” ekhumbula konke okwenzeka.
Emva kweminyaka engamashumi amathathu uBlanche namanje usagijima ngalowo mdlandla wokuba ophumelelayo esebenzisa ithalente lakhe ukuze kuzuze lezo zingane ezihlukumezekile.
Imibala yempumeleloIthalente lihambisana nemiklomelo. Ngonyaka we-1994 uBlanche waba ngowokuqala wesifazane omnyama ukuzuza Imibala yamaSpringboks kanye nokuba yilungu leBhodi le-Athletics South Africa. “Kumnandi ukwenza umehluko empilweni yomunye umuntu,” esho ngokuzithoba.
Ngisho nanamuhla uBlanche usaqhubeka nokunakekela abampofu, abahlukunyezwayo kanye nalabo abagulayo. Ungumhlengikazi osemnkantshubomvu esibhedlela saseThekwini iKing Dinuzulu.
top related